ISIHLOKO ESIFUNDWAYO 11
INGOMA 57 Ukushumayeza Zonke Izinhlobo Zabantu
Lingisa UJesu Ngokushumayela Ngentshiseko
“INkosi . . . yabathuma ngababili ngaphambi kwayo, kuwo wonke amadolobha nezindawo eyayizoya kuzo.”—LUKA 10:1.
AMAPHUZU ABALULEKILE
Sizoxoxa ngezindlela ezine ongalingisa ngazo isibonelo sikaJesu sokushumayela ngentshiseko.
1. Yini eyenza izinceku zikaJehova zihluke kubantu abathi bangamaKristu?
INTO eyenza izinceku zikaJehova zihluke kubantu abathi bangamaKristu ukuthi zona zishumayela ngentshiseko.a (Thithu 2:14) Nokho, ngezinye izikhathi ungase ungabi nawo umdlandla wokushumayela. Mhlawumbe ngezinye izikhathi ungase uzizwe ngendlela omunye umzalwane ongumdala osebenza kanzima azizwa ngayo, owathi, “Ngezinye izikhathi, angibi nawo umdlandla wokushumayela.”
2. Kungani kungase kube nzima ukuqhubeka sishumayela ngentshiseko?
2 Singase sikujabulele kakhulu ukwenza ezinye izinto enkonzweni kaJehova ukwedlula indlela esijabula ngayo lapho sishumayela. Kungani? Kungenxa yokuthi singase sibone imiphumela esheshayo futhi sijabule ngezinto esizifezile lapho sakha futhi sinakekela izakhiwo zenhlangano, lapho sisiza lapho kugadle khona inhlekelele noma lapho sikhuthaza abafowethu. Siyajabula lapho sisebenza nabafowethu ngokuthula futhi sibonisana uthando, siyazi nokuthi bayakwazisa lokho esibenzela kona. Ngakolunye uhlangothi, kungenzeka sesishumayele iminyaka eminingi ensimini efanayo kodwa bambalwa abantu abalalelayo. Noma singase sihlangane nabantu abangafuni ukusilalela. Siyazi nokuthi njengoba ukuphela kwaleli zwe elibi kusondela, singalindela ukuba umyalezo esiwushumayelayo ungathandeki ngisho nakakhulu kubantu. (Math. 10:22) Yini engasisiza ukuba sihlale sishiseka noma sishiseke nakakhulu emsebenzini wokushumayela?
3. Umfanekiso okuLuka 13:6-9 uyichaza kanjani intshiseko kaJesu?
3 Isibonelo sikaJesu singasifundisa ukuthi singaba kanjani abantu abashisekayo lapho sishumayela. Phakathi nenkonzo yakhe yasemhlabeni, uJesu akazange ayeke ukushiseka enkonzweni. Empeleni, njengoba isikhathi sasiqhubeka, wandisa inkonzo yakhe. (Funda uLuka 13:6-9.) Njengomgcini-sivini owayesechithe iminyaka emithathu ezama ukunakekela isihlahla somkhiwane esasingatheli, uJesu wachitha iminyaka engaba mithathu eshumayeza amaJuda, iningi lawo elingazange limlalele. Njengoba nje umgcini-sivini ayelokhu enethemba lokuthi isihlahla somkhiwane sasizothela, noJesu naye wayesalokhu enethemba ngalawo maJuda, akazange ayinciphise intshiseko ayenayo enkonzweni. Kunalokho, wazikhandla ngisho nakakhulu ukuze afinyelele izinhliziyo zawo.
4. Yiziphi izinto ezine esizofunda ngazo esibonelweni sikaJesu?
4 Kulesi sihloko, sizoxoxa ngendlela uJesu abonisa ngayo intshiseko, ikakhulukazi phakathi nezinyanga eziyisithupha zokugcina zenkonzo yakhe. (Luka 10:1.) Ukufunda kulokho akufundisa nokulingisa lokho akwenza kuzosisiza sihlale sishiseka namuhla. Ake sifunde esibonelweni sikaJesu ngokuhlola izinto ezine azenza: (1) Wagxila ekwenzeni intando kaJehova, (2) wazinakisisa iziprofetho zeBhayibheli, (3) wathembela kuJehova ukuze amsize, futhi (4) wayehlale enethemba lokuthi abanye bazomlalela.
WAGXILA EKWENZENI INTANDO KAJEHOVA
5. UJesu wabonisa kanjani ukuthi wayegxile ekwenzeni intando kaNkulunkulu?
5 UJesu washumayela “izindaba ezinhle zoMbuso” ngentshiseko ngoba wayazi ukuthi lowo kwakuwumsebenzi uNkulunkulu ayefuna awenze. (Luka 4:43) UJesu wenza inkonzo yeza kuqala ekuphileni kwakhe. Ngisho nangasekupheleni kwenkonzo yakhe, wahamba “idolobha nedolobha, umuzi nomuzi,” efundisa abanye. (Luka 13:22) Waqeqesha nabafundi abengeziwe ukuba bashumayele njengaye.—Luka 10:1.
6. Ezinye izabelo okungenzeka sinazo ziwusekela kanjani umsebenzi wokushumayela? (Bheka nesithombe.)
6 Nanamuhla, ukushumayela izindaba ezinhle kusewumsebenzi oyinhloko uJehova noJesu abafuna siwenze. (Math. 24:14; 28:19, 20) Noma yisiphi isabelo esisenzayo esivela enhlanganweni sisekela umsebenzi wokushumayela. Ngokwesibonelo, sakha izakhiwo zenhlangano noma sikhonze eBethel ukuze sisekele izidingo zensimu. Lapho kunenhlekelele, siyaqikelela ukuthi abafowethu nodadewethu bathola izinto abazidingayo ezizobasiza bakwazi ukubuyela emihlanganweni yebandla futhi baphinde baqale ukushumayela. Uma sikuqaphela ukubaluleka komsebenzi wokushumayela sikhumbula nokuthi lona umsebenzi oyinhloko uJehova afuna siwenze, siyokhuthazeka ukuba sishumayele njalo. UJános, umdala waseHungary, uthi, “Ngizikhumbuza ukuthi asikho isabelo esivela enhlanganweni esingathatha indawo yomsebenzi wokushumayela; uwumsebenzi wethu oyinhloko.”
Ukushumayela izindaba ezinhle umsebenzi oyinhloko uJehova noJesu abafuna siwenze namuhla (Bheka isigaba 6)
7. Kungani uJehova efuna siqhubeke sishumayela? (1 Thimothewu 2:3, 4)
7 Singakhulisa intshiseko esinayo ngenkonzo ngokubheka abantu ngendlela uJehova ababheka ngayo. Ufuna ukuba abantu abaningi ngangokunokwenzeka bezwe izindaba ezinhle futhi bazamukele. (Funda eyoku-1 Thimothewu 2:3, 4.) Ngenxa yalokho, uyasiqeqesha ukuze sithuthukise indlela esifundisa ngayo lapho sixoxa nabantu ngomyalezo osindisa ukuphila. Ngokwesibonelo, incwajana ethi Thanda Abantu—Wenze Abafundi isinika amacebiso awusizo angasisiza siqalise izingxoxo sinomgomo wokwenza abafundi. Ngisho noma abantu bengawamukeli manje umyalezo esiwushumayelayo, bangase babe nethuba lokuwamukela ngaphambi kokuba kuphele usizi olukhulu. Lokho esibatshela kona manje kungase kubenze bafune ukukhonza uJehova esikhathini esizayo. Kodwa lokho kungenzeka kuphela uma siqhubeka sishumayela.
WAZINAKISISA IZIPROFETHO ZEBHAYIBHELI
8. Ukwazi iziprofetho zeBhayibheli kwayithonya kanjani indlela uJesu asebenzisa ngayo isikhathi sakhe?
8 UJesu wayeyiqonda indlela iziprofetho zeBhayibheli ezaziyogcwaliseka ngayo. Wayazi ukuthi inkonzo yakhe yayiyothatha iminyaka emithathu nohhafu kuphela. (Dan. 9:26, 27) Wayazi nokuthi yini eyayiprofethiwe mayelana nokuthi wayeyofa nini futhi kanjani. (Luka 18:31-34) Lokho uJesu ayekwazi kwathonya indlela asisebenzisa ngayo isikhathi sakhe. Ngenxa yalokho, washumayela ngentshiseko ukuze aqede umsebenzi ayewunikiwe.
9. Ukuqonda iziprofetho zeBhayibheli kusisiza kanjani ukuba sishumayele ngentshiseko?
9 Indlela esiqonda ngayo iziprofetho zeBhayibheli ingasenza sishumayele ngentshiseko. Siyazi ukuthi leli zwe elibi lizophela maduzane. Siyaqaphela ukuthi izinto ezenzeka manje nendlela abantu abacabanga ngayo namuhla iveza lokho iBhayibheli elakubikezela okubonisa ukuthi siphila ezinsukwini zokugcina. Siyaqonda ukuthi ubutha obuphakathi koMbuso Wezwe WamaNgisi NamaMelika neRussia nabayisekelayo bugcwalisa isiprofetho esimayelana nenkosi yaseningizimu nenkosi yasenyakatho “esikhathini sokuphela.” (Dan. 11:40) Siyaqonda nokuthi izinyawo zesithombe esichazwe kuDaniyeli 2:43-45 zimelela uMbuso Wezwe WamaNgisi NamaMelika. Njengoba iziprofetho zibonisa, siyaqiniseka ukuthi maduze uMbuso kaNkulunkulu uzobhubhisa ohulumeni babantu. Zonke lezi ziprofetho zibonisa ukuthi siphila ngasekupheleni kwaleli zwe, ngakho kumele sisisebenzise kahle isikhathi sethu ukuze sishumayele izindaba ezinhle sinomuzwa wokuphuthuma.
10. Yiziphi ezinye izindlela iziprofetho zeBhayibheli ezingakukhuthaza ngayo ukuba uqhubeke ushumayela ngentshiseko?
10 Iziprofetho zeBhayibheli zisinika nomyalezo esikulangazelelayo ukuwushumayela. Udade okuthiwa uCarrie, okhonza eDominican Republic, uthi, “Izithembiso zikaJehova ezithinta inhliziyo ezimayelana nekusasa elingcono, zingikhuthaza ukuba ngixoxele abanye iqiniso.” Uyenezela: “Lapho ngibona izinto abantu ababhekana nazo namuhla, ngiyaqaphela ukuthi lezi zithembiso azithinti mina kuphela, kodwa nabo ziyabathinta.” Iziprofetho zeBhayibheli zisikhuthaza ukuba siqhubeke sishumayela ngoba siyazi ukuthi uJehova uyasisiza senze lo msebenzi. ULeila, ohlala eHungary, uthi: “U-Isaya 11:6-9 ungikhuthaza ukuba ngixoxele abanye izindaba ezinhle, ngisho nalabo ababonakala sengathi ngeke bazamukele. Ngiyazi ukuthi uJehova angasiza noma ubani ukuba aphenduke.” UChristopher, umzalwane waseZambia, uthi: “Njengoba uMarku 13:10 abikezela, izindaba ezinhle zishunyayelwa emhlabeni wonke futhi ngizizwa nginelungelo lokusiza ekugcwalisekeni kwalesi siprofetho.” Yiziphi iziprofetho zeBhayibheli ezikukhuthaza ukuba uqhubeke ushumayela?
WATHEMBELA KUJEHOVA UKUBA AMSEKELE
11. Kungani uJesu kwadingeka athembele kuJehova ukuba amsize ukuze aqhubeke eshumayela ngentshiseko? (Luka 12:49, 53)
11 UJesu wayethembele kuJehova ukuze aqhubeke eshumayela ngentshiseko. Nakuba uJesu ayewakhetha kahle amazwi akhe lapho eshumayela, wayazi ukuthi izindaba ezinhle zoMbuso zaziyokwenza abanye bamthukuthelele futhi bamphikise kanzima. (Funda uLuka 12:49, 53.) Ngenxa yokuthi uJesu wayeshumayela, abaholi benkolo bazama kaningi ukumbulala. (Joh. 8:59; 10:31, 39) Kodwa uJesu waqhubeka eshumayela ngoba wayazi ukuthi uJehova wayenaye. Wathi: “Angingedwa, kodwa uBaba ongithumile unami. . . . Akangishiyanga ngedwa, ngoba ngaso sonke isikhathi ngenza izinto ezimjabulisayo.”—Joh. 8:16, 29.
12. UJesu wabasiza kanjani abalandeli bakhe ukuba baqhubeke beshumayela ngisho noma beshushiswa?
12 UJesu wakhumbuza abafundi bakhe ukuthi bangathembela kuJehova ukuze abasekele. Wabaqinisekisa izikhathi eziningi ukuthi uJehova wayeyobasiza ngisho noma bebhekana noshushiso. (Math. 10:18-20; Luka 12:11, 12) Ngakho, wabanxusa ukuba baqaphe. (Math. 10:16; Luka 10:3) Wabayala ukuba bangabaphoqi labo ababengafuni ukulalela umyalezo wabo. (Luka 10:10, 11) Wabatshela nokuthi babaleke uma beshushiswa. (Math. 10:23) Nakuba uJesu ayeshiseka futhi ethembele kuJehova, akazange azifake engozini ngokungenasidingo.—Joh. 11:53, 54.
13. Kungani ungaqiniseka ukuthi uJehova uzokusekela?
13 Siyaludinga usizo lukaJehova ukuze siqhubeke sishumayela ngentshiseko lapho siphikiswa namuhla. (IsAm. 12:17) Kungani ungaqiniseka ukuthi uJehova uzokusekela? Cabanga ngomthandazo kaJesu okuJohane isahluko 17. UJesu wacela uJehova ukuba ababheke abaphostoli futhi uJehova wawuphendula lowo mthandazo. Incwadi yezEnzo ilandisa ngendlela abasiza ngayo abaphostoli ukuba bashumayele ngentshiseko ngisho noma babeshushiswa. Emthandazweni wakhe, uJesu wacela nokuba uJehova ababheke nalabo ababeyobonisa ukholo lapho abaphostoli beshumayela. Labo bantu bahlanganisa nawe. UJehova usaqhubeka ewuphendula lowo mthandazo kaJesu; nawe uzokusiza njengoba abasiza nabaphostoli.—Joh. 17:11, 15, 20.
14. Yini esenza siqiniseke ukuthi siyokwazi ukuqhubeka sishumayela ngentshiseko? (Bheka nesithombe.)
14 Ngisho noma kungase kube nzima kakhulu ukushumayela izindaba ezinhle ngentshiseko njengoba ukuphela kwaleli zwe kusondela, sizoluthola usizo esiludingayo. (Luka 21:12-15) NjengoJesu nabafundi bakhe, siyabayeka abantu bazinqumele ukuthi bazosilalela yini noma cha futhi siyazigwema izimpikiswano ezingenasidingo. Ngisho nasemazweni umsebenzi wethu ovinjelwe kuwo, abafowethu bakwazile ukuqhubeka bememezela izindaba ezinhle ngoba bathembele kuJehova, hhayi emandleni abo. Njengoba nje ngekhulu lokuqala uJehova anika izinceku zakhe amandla, nathi namuhla usinika amandla ukuze “ukushumayela kufezwe ngokugcwele,” ngendlela uJehova afuna ngayo. (2 Thim. 4:17) Ungaqiniseka ngokuthi uma uthembela kuJehova, uyokwazi ukuqhubeka ushumayela ngentshiseko.
Ngisho nasemazweni umsebenzi wethu ovinjelwe kuwo, abamemezeli abashisekayo bathola izindlela zokushumayela izindaba ezinhle ngobuhlakani (Bheka isigaba 14)b
WAHLALA ENETHEMBA LOKUTHI ABANYE BAZOLALELA
15. Yini ebonisa ukuthi uJesu wayenombono omuhle ngenkonzo?
15 UJesu wayehlale enombono omuhle ngomsebenzi wokushumayela. Lokho kwamsiza wahlale eyijabulela inkonzo yakhe. Ngokwesibonelo, kamuva ngo-30 C.E., uJesu wabona ukuthi abantu abaningi babekulungele ukulalela izindaba ezinhle futhi wabafanisa namasimu alungele ukuvunwa. (Joh. 4:35) Esikhathini esingangonyaka kamuva, wathi kubafundi bakhe: “Umsebenzi wokuvuna mkhulu.” (Math. 9:37, 38) Kamuva waphinde wagcizelela, wathi: “Umsebenzi wokuvuna mkhulu . . . Ncengani iNkosi yokuvuna ukuba ithumele izisebenzi ekuvuneni kwayo.” (Luka 10:2) UJesu wayehlale enethemba lokuthi babekhona abantu ababeyozilalela izindaba ezinhle futhi wayejabula lapho bezilalela.—Luka 10:21.
16. Imifanekiso kaJesu iwuveza kanjani umbono omuhle ngenkonzo? (Luka 13:18-21) (Bheka nesithombe.)
16 UJesu wafundisa abafundi bakhe ukuba bahlale benombono omuhle ngomyalezo abawushumayelayo, okwakuyobakhuthaza ukuba bahlale beshiseka. Ngokwesibonelo, cabanga ngemifanekiso emibili ayisebenzisa. (Funda uLuka 13:18-21.) UJesu wasebenzisa uhlamvu lwesinaphi ukuze afundise ukuthi umyalezo woMbuso wawuyokwanda ngendlela emangalisayo futhi ayikho into eyayingavimba lokho. Wasebenzisa nemvubelo ukuze afanekise indlela umyalezo woMbuso owawuyosabalala ngayo, ubangele ukuba abantu benze izinguquko ezazingase zingasheshi ukubonakala kwabanye. Ngakho uJesu wasiza abafundi bakhe ukuba babone ukuthi umyalezo ababewushumayela wawuyoba nemiphumela emihle ngempela.
NjengoJesu, sihlale sinethemba lokuthi abanye bazozilalela izindaba ezinhle (Bheka isigaba 16)
17. Yiziphi izizathu esinazo zokuqhubeka sinombono omuhle ngenkonzo?
17 Ukucabanga ngalokho okufezwa umsebenzi wokushumayela namuhla kusenza siqhubeke sishumayela ngentshiseko. Unyaka ngamunye, izigidi zabantu abathanda umyalezo esiwushumayelayo ziba khona eSikhumbuzweni futhi zifunda nathi iBhayibheli. Amakhulu ezinkulungwane ayabhapathizwa, ahlanganyele kanye nathi emsebenzini wokushumayela. Asazi ukuthi bangakanani abantu abasazosabela emyalezweni esiwushumayelayo, kodwa siyazi ukuthi uJehova uqoqa isixuku esikhulu esiyosinda osizini olukhulu oluzayo. (IsAm. 7:9, 14) INkosi yokuvuna ilokhu inethemba lokuthi bakhona abazozilalela izindaba ezinhle, ngakho sinesizathu esihle sokuqhubeka sishumayela.
18. Yini esifuna abantu bayibone kithi?
18 Abafundi bakaJesu bebelokhu baziwa ngokushumayela ngentshiseko. Lapho abantu bebona indlela abaphostoli ababeshumayela ngayo ngesibindi, “babona ukuthi babenoJesu.” (IzE. 4:13) Njengoba abantu besibuka sishumayela, kwangathi bangabona ukuthi nathi sishiseka njengoJesu.
INGOMA 58 Ukucinga Abangane Bokuthula
a INCAZELO YEGAMA: Kulesi sihloko, igama elithi “intshiseko” libhekisela endleleni amaKristu akhonza ngayo uJehova ngokuzimisela nangomdlandla.
b INCAZELO YESITHOMBE: Ngobuhlakani, umzalwane ushumayeza indoda ethile egalaji likaphethiloli.