ISIHLOKO ESIFUNDWAYO 9
INGOMA 51 Sizinikezele KuNkulunkulu!
Ungalokhu Ubamba Uyeka, Bhapathizwa
“Kungani ulokhu ubamba uyeka? Vuka, ubhapathizwe.”—IZE. 22:16
AMAPHUZU ABALULEKILE
Thola amandla owadingayo ukuze uthuthuke uze ubhapathizwe ngokuhlola izibonelo zabaseSamariya, uSawulu waseTarsu, uKorneliyu nabaseKorinte.
1. Yiziphi ezinye izinzuzo zokubhapathizwa?
UYAMTHANDA yini uJehova uNkulunkulu okuphe zonke izipho ezinhle, ngisho nokuphila imbala? Uyafuna yini ukumbonisa ukuthi uyamthanda? Indlela engcono kakhulu yokukwenza lokho ukuba uzinikezele kuye bese uyabhapathizwa. Uma wenza kanjalo uba yingxenye yomndeni kaJehova. Ngenxa yalokho, uBaba wakho noMngani wakho uyokuqondisa futhi akunakekele ngenxa yokuthi uyobe ungowakhe. (IHu. 73:24; Isaya 43:1, 2) Ukuzinikezela nokubhapathizwa kukunika nethuba lokujabulela ukuphila okuphakade.—1 Pet. 3:21.
2. Sizoxoxa ngani kulesi sihloko?
2 Kukhona yini okukuvimbayo ukuba ubhapathizwe? Uma kukhona awuwedwa. Izigidi zabantu kuye kwadingeka zenze izinguquko endleleni eziziphatha ngayo nasendleleni ezicabanga ngayo ukuze zifanelekele ukubhapathizwa. Manje sezikhonza uJehova ngenjabulo nangentshiseko. Yini ongayifunda kwabanye ababhapathizwa ngekhulu lokuqala? Ake sixoxe ngezingqinamba ababhekana nazo, sibone ukuthi yini esingayifunda esibonelweni sabo.
AMASAMARIYA ABHAPATHIZWA
3. Yiziphi ezinye izinselele okungenzeka amanye amaSamariya kwakudingeka azinqobe ngaphambi kokuba abhapathizwe?
3 AmaSamariya angosuku lukaJesu ayengamalungu ehlelo lenkolo elaliseduze neShekemi yasendulo neSamariya, enyakatho yeJudiya. Ngaphambi kokuba amaSamariya abhapathizwe kwakudingeka alamukele lonke iZwi likaNkulunkulu futhi afunde okwengeziwe kulo. AmaSamariya ayekholelwa ukuthi yizincwadi zeBhayibheli zokuqala ezinhlanu kuphela ezivela kuNkulunkulu—uGenesise kuya kuDuteronomi, mhlawumbe nencwadi kaJoshuwa. Nokho, ayelindele ukufika kukaMesiya, ngokwalokho uNkulunkulu ayekuthembisile okulotshwe kuDuteronomi 18:18, 19. (Joh. 4:25) Ukuze abhapathizwe, kwakumele amukele uJesu njengoMesiya othenjisiwe. “Abaningi kumaSamariya” benza lokho kanye. (Joh. 4:39) Kungenzeka abanye kwakudingeka banqobe ubandlululo olujulile olwaluphakathi kwamaSamariya namaJuda.—Luka 9:52-54.
4. NgokwezEnzo 8:5, 6, 14, asabela kanjani amanye amaSamariya lapho uFiliphu eshumayela?
4 Yini eyasiza amaSamariya ukuba abhapathizwe? Lapho uFiliphu umvangeli eshumayela ‘ngoKristu kuwo,’ amanye amaSamariya ‘amukela izwi likaNkulunkulu.’ (Funda izEnzo 8:5, 6, 14.) Amlalela uFiliphu nakuba ayengumJuda. Kungenzeka akhumbula amavesi asezincwadini zeBhayibheli ezinhlanu zokuqala ezibonisa ukuthi uNkulunkulu akakhethi. (Dut. 10:17-19) ‘Azinakisisa izinto ezazishiwo uFiliphu’ ngoKristu, abubona nobufakazi obucacile bokuthi wayethunywe uNkulunkulu. Wayenza nezimangaliso eziningi, ezihlanganisa ukwelapha abagulayo nokuxosha amademoni.—IzE. 8:7.
5. Yiziphi izifundo ongazifunda kumaSamariya?
5 Lawo maSamariya ayengase avumele ubandlululo noma ukuntula ulwazi kuwavimbele ukuba athuthuke. Kodwa awakwenzanga lokho. Lapho amaSamariya eseqiniseka ukuthi lokho uFiliphu ayewafundise kona kwakuyiqiniso, awazange elokhu ebamba eyeka, abhapathizwa. Ukulandisa okuseBhayibhelini kuyachaza: “Lapho bekholwa uFiliphu, owayememezela izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu nezegama likaJesu Kristu, amadoda nabesifazane babebhapathizwa.” (IzE. 8:12) Uyaqiniseka yini ukuthi iZwi likaNkulunkulu liyiqiniso nokuthi oFakazi BakaJehova abanalo ubandlululo futhi benza konke abangakwenza ukuze babonisane uthando—okuwuphawu lwamaKristu eqiniso? (Joh. 13:35) Ngakho, ungakwesabi ukubhapathizwa. Ungaqiniseka ngokuthi uJehova uzokubusisa.
6. Singakusiza kanjani isibonelo sikaRuben?
6 URuben waseGermany, wakhulela emndenini woFakazi. Nokho, ngesikhathi esemusha wayekungabaza ukuthi uJehova ukhona. Yini eyamsiza wanqoba lokho kungabaza? Eqaphela ukuthi wayengenalo ulwazi olwanele ngale ndaba wanquma ukufunda okwengeziwe ngayo. Wathi: “Esifundweni sami somuntu siqu, kwadingeka ngithole ukuthi yini eyiqiniso nokuthi yini engamanga. Kwadingeka ngifunde ngokuziphendukela kwemvelo izikhathi eziningana.” Wafunda incwadi ethi Is There a Creator Who Cares About You? Leyo ncwadi yamsiza kakhulu uRuben. Wathi: ‘Hawu! UJehova ungokoqobo.’ Ngesikhathi evakashele endlukulu yomhlaba wonke, uRuben wabazisa ngisho nakakhulu ubuzalwane bomhlaba wonke obuyisimangaliso. Lapho ephindela eGermany, uRuben wabhapathizwa eneminyaka engu-17. Uma ukungabaza lokho okufundile, cwaninga ngakho usebenzisa izincwadi zethu. ‘Ulwazi olunembile’ lungakusiza unqobe ukungabaza. (Efe. 4:13, 14) Lapho uzwa ngemibiko yobunye nothando abantu bakaJehova ababonisana lona kwezinye izingxenye zomhlaba futhi ubona nabantu abasebandleni okulo benza okufanayo, uyobazisa nakakhulu ubuzalwane bomhlaba wonke.
USAWULU WASETARSU WABHAPATHIZWA
7. Iyiphi indlela yokucabanga uSawulu okwakudingeka ayilungise?
7 Cabanga ngesibonelo sikaSawulu waseTarsu. Wayethuthuka kahle enkolweni yobuJuda futhi wayeseqala ukuvelela kumaJuda. (Gal. 1:13, 14; Fil. 3:5) Ngesikhathi amaJuda amaningi ebheka amaKristu njengezihlubuki, uSawulu wayewashushisa ngonya amaKristu. Wayezitshela ukuthi wenza intando kaNkulunkulu kanti akunjalo. (IzE. 8:3; 9:1, 2; 26:9-11) Ukuze amukele uJesu futhi abhapathizwe njengomKristu, uSawulu kwakudingeka akulungele ukushushiswa.
8. (a) Yini eyasiza uSawulu ukuba abhapathizwe? (b) NgokwezEnzo 22:12-16, u-Ananiya wamsiza kanjani uSawulu? (Bheka nesithombe.)
8 Yini eyasiza uSawulu ukuba abhapathizwe? Lapho iNkosi uJesu ekhazinyulisiwe ibonakala kuye, uSawulu waba yimpumputhe. (IzE. 9:3-9) Kwaphela izinsuku ezintathu engadli futhi akungabazeki ukuthi wayezindla ngalokho okwakusanda kwenzeka kuye. Ngempela, uSawulu wakholiseka ukuthi uJesu wayenguMesiya nokuthi abalandeli bakhe babesenkolweni yeqiniso. Kumele ukuba uSawulu wayezisola ngokuba nesandla ekubulaweni kukaStefanu! (IzE. 22:20) Lapho kuphela izinsuku ezintathu, umfundi okuthiwa u-Ananiya waya kuSawulu wamenza waphinde wabona wamkhuthaza nokuba abhapathizwe, angalokhu ebamba eyeka. (Funda izEnzo 22:12-16.) Ngokuzithoba uSawulu wamlalela u-Ananiya, wabhapathizwa.—IzE. 9:17, 18.
Uzosamukela yini isikhuthazo sokuba ubhapathizwe njengoba kwenza uSawulu? (Bheka isigaba 8)
9. Yiziphi izifundo ongazifunda kuSawulu?
9 Kunezifundo esingazifunda kuSawulu. Wayengase avumele ukuqhosha noma ukwesaba abantu kumvimbele ukuba abhapathizwe. Kodwa akakuvumelanga lokho ukuba kwenzeke. Ngokuzithoba, uSawulu wenza izinguquko ekuphileni kwakhe lapho amukela iqiniso ngoKristu. (IzE. 26:14, 19) USawulu wayezimisele ukuba umKristu, ngisho noma ayazi ukuthi wayezoshushiswa. (IzE. 9:15, 16; 20:22, 23) Ngemva kokuba esebhapathiziwe, waqhubeka ethembele kuJehova ukuba amsize akhuthazelele uvivinyo oluhlukahlukene. (2 Kor. 4:7-10) Ukubhapathizwa njengomunye woFakazi BakaJehova kungakwenza uphikiswe noma ubhekane novivinyo, kodwa uzoluthola usizo. Nokho ungaqiniseka ngokuthi uNkulunkulu noKristu bayohlale bekunika usizo oludingayo ukuze ukhuthazele futhi uhlale uthembekile.—Fil. 4:13.
10. Singakusiza kanjani isibonelo sika-Anna?
10 U-Anna wakhulela emndenini wamaKurd, eMpumalanga Yurophu. Ngemva kokuba umama wakhe esebhapathiziwe, u-Anna waqala ukutadisha iBhayibheli eneminyaka engu-9, ngemvume kababa wakhe. Nokho izihlobo zakhe ezazihlala nomndeni wakubo ka-Anna zaqala ukumphikisa. Izihlobo zakhe zazikubheka njengehlazo ukuba umuntu ashiye inkolo yokhokho bakhe. Lapho u-Anna eseneminyaka engu-12, wacela imvume yokuba abhapathizwe kubaba wakhe. Ubaba wakhe wayefuna ukwazi ukuthi kwakuyisinqumo sakhe yini leso noma kwakunomuntu owayemcindezela ukuba enze kanjalo. U-Anna waphendula wathi, “Ngiyamthanda uJehova.” Ubaba wakhe wavuma ukuba abhapathizwe. Ngemva kokuba esebhapathiziwe izihlobo zakhe zaqhubeka zimhleka futhi zimphatha kabi. Esinye sezihlobo zakhe sathi, “Ngabe kungcono ukube uziphatha kabi noma uyabhema kunokuba ube omunye woFakazi BakaJehova.” U-Anna wabhekana kanjani naleso simo? Wathi, “UJehova wanginika amandla futhi umama nobaba babengisekela kakhulu.” U-Anna uzibhala phansi izinto uJehova asemsize kuzo ekuphileni kwakhe. Ngezikhathi ezithile uyazibheka lezo zinto azibhalile ukuze angayikhohlwa indlela uJehova asemsize ngayo. Uma wesaba ukuthi uzoshushiswa, khumbula ukuthi nawe uJehova uzokusiza.—Heb. 13:6.
UKORNELIYU WABHAPATHIZWA
11. Yini eyayingenza uKorneliyu anqikaze ukubhapathizwa?
11 IBhayibheli lisitshela nangesibonelo sikaKorneliyu. ‘Wayeyisikhulu sebutho,’ esiphethe amasosha angu-100 ebuthweni lamaRoma. (IzE. 10:1, mbhw.) Ngenxa yalokho, kungenzeka wayewumuntu obalulekile emphakathini nasebuthweni. “Wayenzela abantu izipho eziningi zesihe.” (IzE. 10:2) UJehova wathumela umphostoli uPetru ukuba ayomshumayeza. Ingabe isikhundla sikaKorneliyu samenza wanqikaza ukubhapathizwa?
12. Yini eyasiza uKorneliyu ukuba abhapathizwe?
12 Yini eyasiza uKorneliyu ukuba abhapathizwe? Sifunda ukuthi ‘wayemesaba uNkulunkulu, yena nayo yonke indlu yakhe.’ UKorneliyu wayenxusa njalo kuNkulunkulu. (IzE. 10:2) Lapho uPetru exoxela uKorneliyu izindaba ezinhle, yena nomndeni wakhe baba nokholo kuKristu, babhapathizwa ngokushesha. (IzE. 10:47, 48) Akungabazeki ukuthi uKorneliyu wayezimisele ukwenza noma yiziphi izinguquko okwakudingeka azenze ukuze yena nomndeni wakhe bakwazi ukukhonza uJehova.—Josh. 24:15; IzE. 10:24, 33.
13. Yiziphi izifundo esizifunda kuKorneliyu?
13 NjengoSawulu, uKorneliyu wayengavumela isikhundla sakhe simvimbele ukuba abe umKristu. Kodwa akakuvumelanga lokho ukuba kwenzeke. Ingabe ukwamukela iqiniso kusho ukuthi kuzodingeka wenze izinguquko ezinkulu ekuphileni kwakho? Uma kunjalo, uJehova uzokusiza. Uzokubusisa uma uzimisela ukumkhonza ngokuvumelana nezimiso zeBhayibheli.
14. Singakusiza kanjani isibonelo sikaTsuyoshi?
14 UTsuyoshi, waseJapan, kwakudingeka enze ushintsho oluthile emsebenzini ukuze afanelekele ukubhapathizwa. Wayeyisekela lomphathi wesikole esibizwa ngokuthi i-Ikenobo, esifundisa abantu ukuhlela izimbali. Lapho umphathi wakhe engeke akwazi ukuya emingcwabeni ayehlele izimbali zayo, uTsuyoshi wayevame ukummelela kuyo, enze amasiko obuBuddha. Nokho, lapho uTsuyoshi ethola iqiniso mayelana nokufa, waqonda ukuthi wayengeke akwazi ukubhapathizwa uma eqhubeka ehlanganyela kulawo masiko. Wanquma ukuba angahlanganyeli emasikweni obuBuddha. (2 Kor. 6:15, 16) UTsuyoshi wakhuluma nomphathi ngale ndaba. Waba yini umphumela? Awuzange umlahlekele umsebenzi futhi kwakungadingeki ahlanganyele kulawo masiko. Wabhapathizwa ngemva kwesikhathi esingangonyaka eqale ukutadisha iBhayibheli.a Uma kudingeka wenze izinguquko ezithile emsebenzini ukuze ujabulise uNkulunkulu, qiniseka ukuthi wena nomndeni wakho uzoninika lokho enikudingayo.—IHu. 127:2; Math. 6:33.
ABASEKORINTE BABHAPATHIZWA
15. Yini eyayingavimba abaseKorinte ukuba babhapathizwe?
15 IKorinte lasendulo lalaziwa ngokuthanda izinto nangokuziphatha okubi. Abaningi ababehlala khona babenza izinto uNkulunkulu angazifuni. Kusobala ukuthi indawo enjalo yayikwenza kube nzima nganoma ubani ukuba amukele izindaba ezinhle. Nokho, lapho umphostoli uPawulu efika kulelo dolobha, eshumayela izindaba ezinhle ngoKristu, “abaningi kwabaseKorinte abezwa izindaba ezinhle, bakholwa futhi babhapathizwa.” (IzE. 18:7-11) INkosi uJesu Kristu yabe isibonakala kuPawulu ngombono, yathi: “Nginabantu abaningi kuleli dolobha.” Ngakho uPawulu waqhubeka eshumayela kuleyo ndawo isikhathi esingangonyaka nohhafu.
16. Yini eyasiza abanye baseKorinte ukuba banqobe izinto ezazibavimba ukuba babhapathizwe? (2 Korinte 10:4, 5)
16 Yini eyasiza abaseKorinte ukuba babhapathizwe? (Funda eyesi-2 Korinte 10:4, 5.) IZwi likaNkulunkulu nomoya wakhe ongcwele onamandla kwabasiza ukuba benze izinguquko ezinkulu ekuphileni kwabo. (Heb. 4:12) Labo abaseKorinte abazamukela izindaba ezinhle ngoKristu, bakwazi ukuyeka imikhuba enjengokudakwa, ukweba nobutabane.—1 Kor. 6:9-11.b
17. Yini ongayifunda kwabaseKorinte?
17 Phawula ukuthi nakuba abanye eKorinte kwakudingeka banqobe imikhuba eyayigxilile, abazange baphethe ngokuthi kwakuyoba nzima kakhulu ngabo ukuba babe amaKristu. Basebenza kanzima ukuze bahambe endleleni enyinyekile eholela ekuphileni okuphakade. (Math. 7:13, 14) Ingabe ukhona umkhuba othile omubi noma ukuziphatha okubi olwisana nakho ukuze ukwazi ukubhapathizwa? Qhubeka ulwisana nakho! Ncenga uJehova ukuba akunike umoya ongcwele ozokusiza ulwisane nesifiso sokwenza okubi.
18. Singakusiza kanjani isibonelo sikaMonika?
18 UMonika, wasezweni laseGeorgia, wasebenza kanzima ukuze ayeke inkulumo engahlanzekile nokuzijabulisa ngezinto ezingafanele ukuze afanelekele ukubhapathizwa. Wathi: “Ngesikhathi ngisemusha, amandla ngangiwathola ngokuthi ngithandaze. UJehova wayazi ukuthi ngangifuna ukwenza okulungile futhi wayehlale engisiza futhi engiqondisa.” UMonika wabhapathizwa eneminyaka engu-16. Ikhona yini imikhuba okudingeka uyiyeke ukuze ukwazi ukukhonza uJehova ngendlela ayamukelayo? Qhubeka umcela ukuba akunike amandla okwenza izinguquko. UJehova usipha umoya wakhe ongcwele ngesandla esivulekile.—Joh. 3:34.
UKHOLO LWAKHO LUNGAGUDLUZA IZINTABA
19. Yini engakusiza unqobe izinkinga ezinjengentaba? (Bheka nesithombe.)
19 Qiniseka ukuthi uJehova uyakuthanda futhi ufuna ube yilungu lomndeni wakhe. Kuyiqiniso lokho, kungakhathaliseki ukuthi yiziphi izimo obhekene nazo ekuphileni ezenza kube nzima ukuba ubhapathizwe. UJesu wathi kubafundi bakhe bangekhulu lokuqala: “Uma ninokholo olulingana nohlamvu lwesinaphi, niyothi kule ntaba, ‘Suka lapha uye laphaya,’ isuke, futhi akukho lutho eningeke nikwazi ukulwenza.” (Math. 17:20) Labo ababekhona lapho kushiwo la mazwi babebe noJesu iminyaka embalwa nje, ngakho ukholo lwabo lwalusakhula. Kodwa uJesu wabaqinisekisa ngokuthi uma beba nokholo olwanele, uJehova wayeyobasiza basuse izinkinga ezinjengentaba. Nawe uJehova uzokusiza wenze okufanayo!
Qiniseka ngokuthi uJehova uyakuthanda futhi ufuna ube yilungu lomndeni wakhe (Bheka isigaba 19)c
20. Zikukhuthaze kanjani izibonelo zamaKristu angekhulu lokuqala nawosuku lwethu okukhulunywe ngazo kulesi sihloko?
20 Uma kunokuthile okukuvimba ukuba ubhapathizwe, thatha izinyathelo zokunqoba leyo nkinga ngokushesha. Mazikududuze futhi zikunike amandla izibonelo zamaKristu angekhulu lokuqala nawosuku lwethu. Kwangathi izibonelo zawo zingakukhuthaza zikwenze nokuba uzinikezele kuJehova futhi ubhapathizwe. Leso yisinqumo esingcono kunazo zonke oyoke usenze!
INGOMA 38 Uyonenza Nibe Namandla
a Indaba yokuphila kaMfoweth’ uTsuyoshi Fujii, itholakala kuyi-Phaphama! ka-Agasti 8, 2005, kk. 28-31.
b Bheka ividiyo ethi ‘Kungani Uhlehlisa Ukubhapathizwa?’ ku-jw.org/zu
c INCAZELO YESITHOMBE: Iqembu labazalwane nodade lijabulela abasanda kubhapathizwa.