AMACEBISO OKUTADISHA
Sisebenzise Kahle Isibuko
Umfundi uJakobe wafanisa iBhayibheli nesibuko esenza sibone uhlobo lomuntu esinguye ngaphakathi. (Jak. 1:22-25) Singabonisa kanjani ukuthi silisebenzisa kahle iBhayibheli njengesibuko?
Lifunde ngokucophelela. Uma singazibukisisi esibukweni, singase singayiboni into okufanele siyilungise. Ngendlela efanayo, ukuze sikwazi ukubona into okudingeka siyilungise, senza kahle ngokulifunda ngokucophelela iZwi likaNkulunkulu.
Gxila kuwe kakhulu kunokugxila kwabanye. Uma isibuko singasibhekisile kithi, singase sisibonise amaphutha abanye. Ngendlela efanayo, singase sisebenzise iBhayibheli ukuze sibone amaphutha abanye. Kodwa lokho ngeke kusenze silungise izinto okudingeka sizilungise.
Ungazahluleli ngokweqile. Uma sigxile kakhulu emaphutheni ethu esiwaboniswa isibuko, singase sidikibale. Lapho sifunda iZwi likaNkulunkulu akudingeki sizahlulele ngokweqile ngokulindela okungaphezu kwalokho uJehova akulindele kithi.—Jak. 3:17.