ISIHLOKO ESIFUNDWAYO 16
INGOMA 87 Wozani! Niqabuleke
Ukusondelana Nesikholwa Nabo Kuhle Kithi!
“Bheka! Yeka ukuthi kuhle futhi kumnandi kanjani ukuba abazalwane bahlale ndawonye ngobunye!”—IHU. 133:1.
AMAPHUZU ABALULEKILE
Sizofunda ngamacebiso okuthi singasondelana kanjani nakakhulu nabafowethu nodadewethu esikholwa nabo nangezibusiso eziningi esiyozithola ngokuba abangani nabo.
1-2. Yini ebaluleke kakhulu kuJehova futhi yini afuna siyenze?
ZIMBALWA izinto ezibaluleke ukwedlula indlela esiphatha ngayo abanye abantu kuJehova. UJesu wafundisa ukuthi kumele sithande omakhelwane bethu njengoba sizithanda thina. (Math. 22:37-39) Lokho kuhlanganisa ukuba nomusa, ngisho nakulabo abanezinkolelo ezihlukile kwezethu. Uma sibabonisa umusa ngale ndlela, silingisa uJehova uNkulunkulu, ‘owenza ukuba ilanga lakhe liphumele abantu ababi nabahle nowenza ukuba imvula ine phezu kwabalungile nabangalungile.’—Math. 5:45.
2 Nakuba uJehova ebathanda bonke abantu, ubathanda ngokukhethekile labo abenza okulungile. (Joh. 14:21) Ufuna simlingise. Usinxusa ukuba ‘sibathande kakhulu’ abafowethu nodadewethu futhi sibabonise ‘uthando.’ (1 Pet. 4:8; Roma 12:10) Uma sicabanga ukubonisa othile lolo thando, singase sicabange ngendlela esithanda ngayo isihlobo sethu esisikhonzile noma umngani esisondelene naye.
3. Yini okumele siyikhumbule ngothando?
3 Njengoba nje imbali idinga ukunakekelwa ukuze ikhule, nothando ludinga senze izinto ezithile ukuze lukhule. Umphostoli uPawulu weluleka amaKristu, wathi: “Qhubekani nibonisana uthando lobuzalwane.” (Heb. 13:1) UJehova ufuna siqhubeke sibabonisa uthando abanye. Kulesi sihloko, sizoxoxa ngokuthi kungani kufanele sisondelane nakakhulu nesikholwa nabo nangokuthi singaqhubeka kanjani sikwenza lokho.
KUNGANI KUFANELE SISONDELANE NAKAKHULU?
4. Njengoba kuchazwe kumaHubo 133:1, yini esingayenza ukuze sihlale sibazisa ubunye esinabo nabafowethu nodadewethu? (Bheka nezithombe.)
4 Funda iHubo 133:1. Siyavumelana nomhubi owabhala ukuthi “kuhle” futhi “kumnandi” ukuba nobungani beqiniso nalabo abathanda uJehova. Kodwa, njengoba nje umuntu engase angasinaki isihlahla esihle esikhulu asibona nsuku zonke, nathi singase siyithathe kancane indlela obuhle ngayo ubunye bethu bobuKristu. Sibabona kaningi abafowethu nodadewethu, mhlawumbe izikhathi eziningana ngeviki. Yini esingayenza ukuze sihlale sibazisa? Uthando esinalo ngabo luyokhula uma sizinika isikhathi sokucabanga ngokuthi ngamunye wabo uyigugu kangakanani ebandleni nakithi.
Ungalokothi uyithathe kancane indlela obuhle ngayo ubunye bethu bobuKristu (Bheka isigaba 4)
5. Indlela esithanda ngayo esikholwa nabo, ingabathinta kanjani abanye?
5 Abanye abeza emihlanganweni yethu okokuqala, bathinteka inhliziyo lapho bebona indlela esithandana ngayo. Lokho nje kukodwa, kungabenza baphethe ngokuthi bathole iqiniso. UJesu wathi: “Bonke bayokwazi ngalokhu ukuthi ningabafundi bami—uma nithandana.” (Joh. 13:35) Cabanga ngesibonelo sikaChaithra, umfundi waseyunivesithi owayetadisha iBhayibheli noFakazi BakaJehova. Wasamukela isimemo sokuya emhlanganweni wesifunda. Ngosuku lokuqala ngemva kokuba umhlangano sewuphelile, wathi kumuntu ayefunda naye iBhayibheli: “Abazali bami abakaze bangihage. Kodwa emhlanganweni wenu ngihagwe abantu abangu-52, ngosuku olulodwa nje qha! Ngaluzwa uthando lukaJehova kubantu bakhe. Nami ngifuna ukuba yilungu lalowo mndeni.” UChaithra waqhubeka ethuthuka, wabhapathizwa ngo-2024. Ngempela, lapho abantu abaqalayo ukuzihlanganisa nathi bebona imisebenzi yethu emihle, kuhlanganise nendlela esithandana ngayo, ngokuvamile bakhuthazeka ukuba bakhonze uJehova.—Math. 5:16.
6. Ukusondelana nabafowethu nodadewethu kungasivikela kanjani?
6 Ukusondelana nabafowethu nodadewethu kungasivikela. UPawulu watshela amaKristu akanye nawo: “Qhubekani nikhuthazana usuku ngalunye . . . ukuze kungabi namuntu kini owenziwa lukhuni ngamandla okukhohlisa esono.” (Heb. 3:13) Uma siphambuka kangangokuba izinyawo zethu zize ziqale ukuphambuka endleleni yokulunga, uJehova angase asebenzise esikholwa naye, okuqaphelayo lokho okwenzekayo, ukuba asinike usizo esiludingayo. (IHu. 73:2, 17, 23) Ngempela usizo olunjalo luhle kithi.
7. Yikuphi ukuhlobana okukhona phakathi kothando nobunye? (Kolose 3:13, 14)
7 Siyingxenye yeqembu labantu abenza konke abangakwenza ukuze babonisane uthando, ngakho ziningi izibusiso esizijabulelayo. (1 Joh. 4:11) Ngokwesibonelo, uthando lusenza ‘siqhubeke sibekezelelana’ futhi lokho kusisiza sibe nobunye nabafowethu nodadewethu. (Funda eyabaseKolose 3:13, 14; Efe. 4:2-6) Ngakho, emihlanganweni yethu sijabulela umoya wemfudumalo futhi alikho elinye iqembu emhlabeni elijabulela into efanayo.
BONISANANI UDUMO
8. UJehova udlala yiphi indima ekusisizeni sibe nobunye?
8 Ubunye bomhlaba wonke esibujabulelayo buyisimangaliso. UJehova wenza sikwazi ukujabulela lobo bunye ngisho noma sinamaphutha. (1 Kor. 12:25) IBhayibheli lithi ‘sifundiswa uNkulunkulu ukuba sithandane.’ (1 Thes. 4:9) Ngamanye amazwi, esebenzisa imiBhalo, uJehova usitshela ngokuqondile lokho okudingeka sikwenze ukuze sisondelane. ‘Singafundiswa uNkulunkulu’ ngokuhlola ngokucophelela izimfundiso zakhe bese sizisebenzisa. (Heb. 4:12; Jak. 1:25) Yilokho kanye oFakazi BakaJehova abalwela ukukwenza.
9. Yini esiyifundayo kweyabaseRoma 12:9-13 ngokubonisana udumo?
9 IZwi likaNkulunkulu lisifundisa kanjani ukuba sisondelane? Cabanga ngalokho uPawulu akusho ngale ndaba njengoba kuboniswe kweyabaseRoma 12:9-13. (Yifunde.) Phawula ukuthi wathi “ekubonisaneni udumo nihole.” Kusho ukuthini lokho? Yithi okufanele sisithathe kuqala isinyathelo sokubonisa abanye ‘uthando’ ngezindlela ezihlukahlukene ngokuthi sibathethelele, singenise izihambi, siphane. (Efe. 4:32) Asikho isidingo sokuba ulinde umfowenu noma udadewenu ukuba kube nguye osondela kuwe. Ungakwazi ‘ukuhola’ ekwenzeni lokho. UJesu wawasho kufanele la mazwi: “Kukhona injabulo eyengeziwe ekupheni kunasekwamukeleni.”—IzE. 20:35.
10. Singaba kanjani abakhuthele “ekubonisaneni udumo”? (Bheka nesithombe.)
10 Kuyathakazelisa ukuthi ngemva nje kokusitshela ukuthi ekubonisaneni udumo sihole, uPawulu usinxusa ukuba ‘sikhuthale, singavilaphi.’ Umuntu okhuthele uyashiseka futhi uyazikhandla. Lapho enikwa umsebenzi, uwenza ngokuzimisela. UmBhalo wezAga 3:27, 28 uyasinxusa: “Ungabagodleli okuhle labo okufanele ubanike kona uma kusemandleni akho ukusiza.” Ngakho lapho sibona ukuthi umuntu othile udinga usizo, senza konke esingakwenza ukuze simsize. Asihuduli izinyawo; noma sizitshele ukuthi ukhona omunye ozomsiza.—1 Joh. 3:17, 18.
Kufanele sithathe isinyathelo kuqala sisize abafowethu nodadewethu abadinga usizo (Bheka isigaba 10)
11. Yini engasisiza sisondelane?
11 Enye indlela esingababonisa ngayo abanye udumo ukuba sisheshe ukubathethelela lapho besiphatha kabi. Eyabase-Efesu 4:26 ithi: “Ilanga malingashoni nisacasukile.” Kungani ithi malingashoni sisacasukile? Ivesi 27 lithi uma lishona sisacasukile ‘siyonika uDeveli ithuba.’ EZwini lakhe, uJehova usitshela ngokuphindaphindiwe ukuba sithethelelane. EyabaseKolose 3:13 isinxusa ukuba ‘siqhubeke . . . sithethelelana ngokukhululekile.’ Ukuthethelela amaphutha abanye kungenye yezinto ezimbalwa ezenza sisondelane nabo. Lapho sithethelela abanye, siyasiza ‘ekugcineni ubunye bomoya esibophweni esihlanganisayo sokuthula.’ (Efe. 4:3) Ngamafuphi, ukuthethelela kungasiza ekusenzeni sibe nobunye nokuthula.
12. UJehova usisiza kanjani ukuba sibe abantu abathethelelayo?
12 Kuyiqiniso ukuthi singase sikuthole kunzima ukuthethelela labo abasizwise ubuhlungu. Kodwa singakwazi ukubathethelela ngosizo lomoya kaNkulunkulu. Ngemva kokusinxusa ukuba ‘sithande omunye nomunye’ futhi ‘sikhuthale,’ iBhayibheli lithi: ‘Masivuthe emoyeni.’ Umuntu “ovuthayo”emoyeni uyashiseka kakhulu futhi uyazimisela, esizwa umoya ongcwele. (Roma 12:11) Umoya ongcwele usisiza ukuba sizimisele futhi sikushisekele ukwenza okuhle; lokho kuhlanganisa ukubonisa abanye uthando nokubathethelela ngokukhululekile. Yingakho simncenga ngokusuka enhliziyweni uJehova ukuba asisize.—Luka 11:13.
‘MAKUNGABI NAKUHLUKANA PHAKATHI KWENU’
13. Yini engabangela ukuhlukana phakathi kwethu?
13 Ibandla lakhiwa yizo “zonke izinhlobo zabantu” ezivela ezizindeni ezihlukahlukene. (1 Thim. 2:3, 4) Uma singaqaphile, ukungafani kwethu kungabangela ukuhlukana ezindabeni ezidinga umuntu ngamunye azenzele isinqumo; njengasendabeni yokugqoka nokuzilungisa, indlela esikhetha ukwelashwa ngayo, noma ezokuzijabulisa. (Roma 14:4; 1 Kor. 1:10) Ngenxa yokuthi uNkulunkulu usifundise ukuba sithandane, kumele siqaphe ukuba singacindezeli abanye ukuba bakhethe njengathi ngoba sinombono wokuthi lokho okukhethwe yithi yikho okungcono kunokwabanye.—Fil. 2:3.
14. Yini okufanele silwele ukuyenza ngaso sonke isikhathi, futhi kungani?
14 Enye indlela esingagwema ngayo ukubangela ukuhlukana ukuba ngaso sonke isikhathi silwele ukukhuthaza abanye futhi sibenze baqabuleke. (1 Thes. 5:11) Muva nje, iningi labantu ababepholile noma ababesusiwe ebandleni libuyile. Sibamukela ngemfudumalo labo bantu! (2 Kor. 2:8) Phawula lokho okwenzeka komunye udade owabuyela eHholo LoMbuso ngemva kokuphola iminyaka eyishumi. Wathi, “Abantu babemamatheka futhi bengixhawula lapho bengibingelela.” (IzE. 3:19) Zamthinta kanjani lezo zenzo zomusa ezincane? Uthi, “Zangenza ngabona ukuthi isandla sikaJehova sasingibuyisela lapho engangizothola khona injabulo.” Uma sikhuthaza bonke abantu, singasetshenziswa uKristu ukuba sibalethele ukuqabuleka labo ‘abakhandlekayo nabasindwayo.’—Math. 11:28, 29.
15. Iyiphi enye indlela esingenza ngayo kube nobunye? (Bheka nesithombe.)
15 Singenza kube nobunye nangalokho esikushoyo. UJobe 12:11 uthi: “Indlebe ayiwavivinyi yini amazwi ngendlela ulimi olunambitha ngayo ukudla?” Njengoba nje umuntu opheka kamnandi ehlale ekunambitha ukudla kwakhe ukuze aqiniseke ukuthi kunambitheka kamnandi ngaphambi kokuba akunike abanye, senza kahle ngokucabangisisa ngalokho esizokusho ngaphambi kokuba sikusho. (IHu. 141:3) Ngaso sonke isikhathi, umgomo wethu kufanele kube ukuqikelela ukuthi esizokusho kuzokwakha, kuqabule futhi ‘kuzuzise kwabezwayo.’—Efe. 4:29.
Cabanga ngalokho ozokusho ngaphambi kokuba ukusho (Bheka isigaba 15)
16. Obani ngokukhethekile okufanele baqikelele ukuthi abakushoyo kuyakha?
16 Abayeni nabazali kufanele baqikelele ngisho nakakhulu ukuthi abakushoyo kuyakha. (Kol. 3:19, 21; Thithu 2:4) Abadala nabo kufanele babe umthombo wokuqabuleka nowenduduzo njengoba belusa umhlambi kaJehova. (Isaya 32:1, 2; Gal. 6:1) Isaga seBhayibheli siyasikhumbuza: ‘Izwi elikhulunywe ngesikhathi esifanele—yeka ukuthi lihle kanjani!’—IzAga 15:23.
THANDA “NGESENZO NANGEQINISO”
17. Yini esingayenza ukuze siqiniseke ukuthi sithanda abafowethu nodadewethu ngokusuka enhliziyweni?
17 Umphostoli uJohane usikhuthaza ukuba “sithande, hhayi ngezwi noma ngomlomo, kodwa ngesenzo nangeqiniso.” (1 Joh. 3:18) Sifuna ukuthanda abafowethu nodadewethu ngokusuka enhliziyweni. Singakwenza kanjani lokho? Njengoba silokhu sichitha isikhathi nabafowethu nodadewethu, siyosondelana nakakhulu nabo futhi siyothandana nakakhulu. Ngakho funa amathuba okuchitha isikhathi nabanye emihlanganweni nasenkonzweni yasensimini. Bavakashele. Lapho senza lezi zinto, sibonisa ukuthi ‘sifundiswa uNkulunkulu ukuba sithandane.’ (1 Thes. 4:9) Siyoqhubeka sizizwela mathupha ukuthi “yeka ukuthi kuhle futhi kumnandi kanjani ukuba abazalwane bahlale ndawonye ngobunye!”—IHu. 133:1.
INGOMA 90 Khuthazanani