ISIHLOKO ESIFUNDWAYO 23
INGOMA 2 NguJehova Igama Lakho
Igama LikaJehova—Lokho Okufanele Likusho Kithi
“‘Ningofakazi bami,’ kusho uJehova.”—ISAYA 43:10.
AMAPHUZU ABALULEKILE
Lesi sihloko sizosibonisa indima esiyidlalayo ekungcweliseni nasekulweleni igama likaJehova.
1-2. Sazi kanjani ukuthi igama likaJehova libalulekile kuJesu?
IGAMA likaJehova libaluleke kakhulu kuJesu. Akekho olwela igama likaBaba wakhe njengaye. Njengoba isihloko esidlule sibonisile, uJesu wayezimisele ukufa ngenxa yegama likaJehova nakho konke elikumelelayo. (Marku 14:36; Heb. 10:7-9) Nangemva kweMinyaka Eyinkulungwane Yokubusa kwakhe, uJesu uyobe ezimisele ukubuyisela lonke igunya kuBaba wakhe ukuze kungcweliswe igama likaJehova. (1 Kor. 15:26-28) Indlela uJesu athanda ngayo igama likaNkulunkulu yembula nezinto eziningi ngobuhlobo anabo noBaba wakhe. Ikuveza ngokucacile ukuthi uJesu uyamthanda uMuntu omelelwa yilelo gama.
2 UJesu weza emhlabeni ngegama likaBaba wakhe. (Joh. 5:43; 12:13) Wenza abalandeli bakhe balazi igama likaBaba wakhe. (Joh. 17:6, 26) Wafundisa abantu futhi wenza izimangaliso ngegama likaJehova. (Joh. 10:25) Empeleni, uJesu wacela uJehova ukuba abheke abafundi bakhe “ngenxa yegama [laKhe].” (Joh. 17:11) Ngakho, uma igama likaJehova lalibaluleke ngaleyo ndlela kuJesu, umuntu angasho kanjani ukuthi ungumlandeli kaKristu weqiniso kodwa ebe engalazi noma engalisebenzisi igama likaBaba wakhe?
3. Sizoxoxa ngani kulesi sihloko?
3 NjengamaKristu azama ukulingisa uJesu, liyigugu kithi igama likaBaba wakhe. (1 Pet. 2:21) Kulesi sihloko, sizobona ukuthi kungani uJehova ebanike igama lakhe labo abamemezela ‘izindaba ezinhle zoMbuso.’ (Math. 24:14) Sizoxoxa nangokuthi kufanele lisho ukuthini igama likaJehova kithi ngabanye.
“ISIZWE SEGAMA LAKHE”
4. (a) Yimuphi umyalo uJesu awunika abafundi bakhe ngaphambi kokuba abuyele ezulwini? (b) Lowo myalo uphakamisa muphi umbuzo?
4 Ngaphambi nje kokuba abuyele ezulwini, uJesu wathi kubafundi bakhe: “Nina nizokwamukela amandla lapho umoya ongcwele ufika phezu kwenu, nizoba ofakazi bami eJerusalema, kulo lonke elaseJudiya naseSamariya, nasezingxenyeni ezikude kakhulu zomhlaba.” (IzE. 1:8) Ngakho izindaba ezinhle zaziyoshunyayelwa yonke indawo, hhayi kwa-Israyeli kuphela. Ekugcineni, abantu bazo zonke izizwe bayoba nethuba lokuba abalandeli bakaJesu. (Math. 28:19, 20) Kodwa uJesu wathi: “Nizoba ofakazi bami.” Ingabe laba bafundi abasha kwakuyodingeka bazi igama likaJehova, noma babeyoba ofakazi bakaJesu kuphela? Izenzakalo ezichazwe encwadini yezEnzo isahluko 15 zisisiza ukuba siphendule lowo mbuzo.
5. Abaphostoli namadoda amadala eJerusalema babonisa kanjani ukuthi bonke abantu kudingeka balazi igama likaJehova? (Bheka nesithombe.)
5 Ngo-49 C.E., abaphostoli namadoda amadala eJerusalema bahlangana ukuze baxoxe ngalokho abeZizwe abangasokile okwakudingeka bakwenze ukuze bamukelwe njengamaKristu. Ngasekuphetheni kwaleyo ngxoxo, uJakobe umfowabo kaJesu wathi: “[UPetru] useyilandise ngokuphelele indlela manje uNkulunkulu asenaka ngayo izizwe ukuze athathe kuzo isizwe segama lakhe.” Elikabani igama uJakobe ayekhuluma ngalo? Ecaphuna umprofethi u-Amose, wenezela: “Ukuze abantu abasele bamfune ngobuqotho uJehova, kanye nabantu bazo zonke izizwe, abantu ababizwa ngegama lami, kusho uJehova.” (IzE. 15:14-18) Laba bafundi abasha babengeke bagcine ngokufunda ngoJehova, kodwa ‘babeyobizwa nangegama lakhe.’ Lokho kwakusho ukuthi babeyobizwa ngegama likaNkulunkulu futhi babeyokwaziwa njengabameleli balo.
Emhlanganweni wendikimba ebusayo yangekhulu lokuqala, lawo madoda athembekile ayekuqonda ngokucacile ukuthi amaKristu kumele abe yisizwe segama likaNkulunkulu (Bheka isigaba 5)
6-7. (a) Kungani uJesu eza emhlabeni? (b) Yisiphi esinye isizathu esibaluleke nakakhulu esamenza weza emhlabeni?
6 Igama likaJesu lisho ukuthi “UJehova Uyinsindiso,” futhi uJehova wamsebenzisa ukuba asindise labo ababonisa ukholo. UJesu weza emhlabeni ukuze anikele ngokuphila kwakhe ngenxa yabantu. (Math. 20:28) Ngokukhokha isihlengo, wenza abantu bakwazi ukusindiswa nokuthola ukuphila okuphakade.—Joh. 3:16.
7 Kodwa kungani abantu kwakudingeka basindiswe kwasekuqaleni? Kungenxa yalokho okwenzeka ensimini yase-Edene. Njengoba kushiwo esihlokweni esidlule, abazali bethu bokuqala u-Adamu no-Eva, bavukela uJehova futhi ngenxa yalokho balahlekelwa yithuba lokuphila okuphakade. (Gen. 3:6, 24) Nokho, kunokuthile okwakuhilelekile okubaluleke ukwedlula ukusindisa abantu abanesono. Igama likaJehova lanyundelwa. (Gen. 3:4, 5) Ngakho ukusindiswa kwenzalo ka-Adamu no-Eva kwakuhlobene nempikiswano enkulu—ukungcweliswa kwegama likaJehova. Ngenxa yokuthi uJesu wayemelela uJehova futhi ebizwa ngegama laKhe, wadlala indima ebalulekile ekungcweliseni igama likaJehova.
Umuntu angasho kanjani ukuthi ungumlandeli kaKristu weqiniso kodwa ebe engalazi noma engalisebenzisi igama likaBaba wakhe?
8. Yini okwakuyodingeka yamukelwe yibo bonke labo abakholelwa kuJesu?
8 Bonke labo ababeyobonisa ukholo kuJesu, kokubili amaJuda nabeZizwe, kwakuyodingeka bamukele uMthombo wensindiso yabo, okuwukuthi uBaba kaJesu, uJehova uNkulunkulu. (Joh. 17:3) Ngaphezu kwalokho, njengoJesu, babeyobizwa ngegama likaJehova. Kwakuyodingeka baqonde nokubaluleka kokungcweliswa kwalelo gama. Ukusindiswa kwabo kwakuncike kulokho. (IzE. 2:21, 22) Ngakho bonke abalandeli bakaJesu abathembekile kwakudingeka bafunde ngoJehova nangoJesu. Yingakho uJesu aphetha umthandazo wakhe ngala mazwi akuJohane 17, athi: “Ngibazisile igama lakho futhi ngizolenza laziwe, ukuze uthando ongithande ngalo lube kubo nami ngibe munye nabo.”—Joh. 17:26.
“NINGOFAKAZI BAMI”
9. Singabonisa kanjani ukuthi igama likaJehova libalulekile kithi?
9 Ngakho, bonke abalandeli bakaJesu beqiniso kudingeka bakuthande ukungcwelisa igama likaJehova. (Math. 6:9, 10) Kumele babheke igama likaJehova njengelibaluleke kunawo wonke. Lokho kuhilela ukuba babonise ngezenzo ukuthi bazizwa ngaleyo ndlela ngalelo gama. Kodwa singaba kanjani nesandla ekungcweliseni igama likaJehova, noma ekufakazeleni ukuthi izinto uSathane ayezisho ngoJehova zingamanga?
10. Yini esifunda ngayo ezahlukweni 42 kuya ku-44 zencwadi ka-Isaya? (Isaya 43:9; 44:7-9) (Bheka nesithombe.)
10 Ukubaluleka kwendima yethu ekungcweliseni igama likaJehova kucaciswe kahle ezahlukweni 42 kuya ku-44 zencwadi ka-Isaya. Kulezo zahluko, uJehova ucela abantu abangamkhonzi ukuba banikeze ubufakazi bokuthi onkulunkulu babo bakhona ngempela yini. Ucela nokuba ofakazi baphumele obala ukuze bafakazele lokho abakushoyo ngonkulunkulu babo. Kodwa akekho ongafakazela lokho!—Funda u-Isaya 43:9; 44:7-9.
Sinikeza ubufakazi bokuthi akekho omunye uNkulunkulu ngaphandle kukaJehova ngakho konke esikushoyo nesikwenzayo (Bheka izigaba 10-11)
11. Ngokuka-Isaya 43:10-12, yini uJehova ayishoyo kubantu bakhe?
11 Funda u-Isaya 43:10-12. UJehova uthi kubantu bakhe: “Ningofakazi bami, . . . mina nginguNkulunkulu.” UJehova ubacela ukuba baphendule lo mbuzo: “Ukhona yini omunye uNkulunkulu ngaphandle kwami?” (Isaya 44:8) Ngakho, sinelungelo lokuphendula lowo mbuzo. Ngalokho esikushoyo nangezenzo zethu, sifakazela ukuthi uJehova uwukuphela kukaNkulunkulu weqiniso. Igama lakhe liphakeme kunawo wonke amagama. Indlela esiphila ngayo ifakazela ukuthi simthanda ngempela uJehova futhi siqotho kuye—kungakhathaliseki ukuthi iyiphi indlela uSathane ayisebenzisayo ukuze asicindezele. Ngaleyo ndlela, sinethuba lokusiza ekungcweliseni igama laKhe.
12. Sagcwaliseka kanjani isiprofetho esiku-Isaya 40:3, 5?
12 Lapho sisekela igama likaJehova noma idumela lakhe, silingisa uJesu Kristu. U-Isaya wabikezela nokuthi othile ‘wayeyolungisa indlela kaJehova.’ (Isaya 40:3) Kwagcwaliseka kanjani lokho? UJohane uMbhapathizi walungisa indlela kaJesu, oweza egameni likaJehova nowakhuluma egameni likaJehova. (Math. 3:3; Marku 1:2-4; Luka 3: 3-6) Isiprofetho esifanayo sathi: “Inkazimulo kaJehova iyokwambulwa.” (Isaya 40:5) Kwenzeka kanjani lokho? Lapho uJesu efika emhlabeni, wammelela kahle kakhulu uJehova kangangokuba kwakunjengokungathi uJehova wayeze emhlabeni ngokwakhe.—Joh. 12:45.
13. Singamlingisa kanjani uJesu?
13 NjengoJesu, singofakazi bakaJehova. Sibizwa ngegama likaJehova futhi sitshela wonke umuntu esihlangana naye ngemisebenzi yakhe emangalisayo. Nokho, ukuze sikwenze ngempumelelo lokho, kumele sitshele abantu nangendima ebalulekile uJesu anayo ekungcweliseni igama likaJehova. (IzE. 1:8) UJesu unguFakazi KaJehova oyinhloko, thina silingisa isibonelo sakhe. (IsAm. 1:5) Kodwa igama likaJehova kufanele lisho ukuthini kithi ngabanye?
LOKHO IGAMA LIKAJEHOVA ELIKUSHOYO KITHI
14. Njengoba kuchazwe encwadini yamaHubo 105:3, sizizwa kanjani ngegama likaJehova?
14 Siyaziqhenya ngegama likaJehova. (Funda iHubo 105:3.) UJehova ujabula kakhulu lapho siziqhayisa ngegama lakhe. (Jer. 9:23, 24; 1 Kor. 1:31; 2 Kor. 10:17) ‘Ukuziqhayisa ngoJehova’ kusho ukuziqhenya ngokuthi uJehova unguNkulunkulu wethu. Sikubheka njengelungelo ukutshela abanye ngegama lakhe nokulwela idumela lakhe. Akumele nanini sibe namahloni okutshela esisebenza nabo, esifunda nabo, omakhelwane bethu kanye nabanye ukuthi singoFakazi BakaJehova! UDeveli ufuna siyeke ukutshela abanye ngegama likaJehova. (Jer. 11:21; IsAm. 12:17) Empeleni, uSathane nabaprofethi bamanga bafuna ukwenza abantu bakhohlwe yigama likaJehova. (Jer. 23:26, 27) Kodwa uthando esinalo ngegama likaJehova lusenza sihlale sijabula “usuku lonke.”—IHu. 5:11; 89:16.
15. Kusho ukuthini ukubiza igama likaJehova?
15 Siyaqhubeka sibiza igama likaJehova. (Joweli 2:32; Roma 10:13, 14) Ukubiza igama likaJehova kusho okungaphezu kokwazi igama likaNkulunkulu nokulisebenzisa. Ukubiza igama likaJehova kusho ukwazi ukuthi uNkulunkulu uwuhlobo olunjani loMuntu, ukuthembela kuye, ukucela usizo nesiqondiso kuye. (IHu. 20:7; 99:6; 116:4; 145:18) Sitshela nabanye ngegama lakhe nangezimfanelo zakhe, sibanxuse ukuba baphenduke futhi bashintshe ukuphila kwabo ukuze uJehova abamukele.—Isaya 12:4; IzE. 2:21, 38.
16. Singakufakazela kanjani ukuthi uSathane ungumqambimanga?
16 Sizimisele ukukhuthazela ngenxa yegama likaJehova. (Jak. 5:10, 11) Lapho sihlale siqotho kuJehova ngisho nalapho sikhuthazelela okuthile, sifakazela ukuthi uSathane ungumqambimanga. Ngesikhathi sikaJobe, uSathane wamangalela labo abakhonza uJehova ngala mazwi: “Umuntu uyokhipha konke anakho ngenxa yokuphila kwakhe.” (Jobe 2:4) USathane wayethi abantu babeyokhonza uJehova kuphela uma izinto zibahambela kahle futhi babeyomlahla uJehova lapho bebhekene nobunzima. UJobe othembekile wafakazela ukuthi lokho kumangalelwa kwakungamanga. Nathi sinelungelo lokufakazela ukuthi asisoze sayeka ukukhonza uJehova, kungakhathaliseki ukuthi yini uSathane ayenzayo kithi. Singaqiniseka ngokuphelele ukuthi uJehova uyoqhubeka esibheka ngenxa yegama lakhe.—Joh. 17:11.
17. Njengoba kuboniswe kweyoku-1 Petru 2:12, iyiphi enye indlela esingakhazimulisa ngayo igama likaJehova?
17 Siyalihlonipha igama likaJehova. (IzAga 30:9; Jer. 7:8-11) Ngenxa yokuthi simelela uJehova futhi sibizwa ngegama lakhe, singalidumisa noma silihlambalaze igama lakhe. (Funda eyoku-1 Petru 2:12.) Ngakho, sifuna ukwenza konke esingakwenza ukuze sidumise uJehova ngalokho esikushoyo nangendlela esiziphatha ngayo. Ngaleyo ndlela, siyobe senza konke esingakwenza ukuze sikhazimulise igama lakhe ngisho noma sinesono.
18. Iyiphi enye indlela esingafakazela ngayo ukuthi igama likaJehova libalulekile kithi? (Bheka nombhalo waphansi.)
18 Sikhathazeka kakhulu ngegama likaJehova kunalokho abantu abakucabangayo ngathi. (IHu. 138:2) Kungani lokho kubalulekile? Kungenxa yokuthi ukuthanda kwethu igama likaJehova kungasenzela igama elibi kwabanye.a UJesu wayezimisele ukufa ngendlela ehlazisayo, ebhekwa njengesigebengu ukuze akhazimulise igama likaJehova. ‘Wayengenandaba nehlazo’ ngokuthi wayengakhathazekile ngokweqile ngokuthi abantu babecabangani ngaye. (Heb. 12:2-4) Wayegxile ekwenzeni intando kaNkulunkulu.—Math. 26:39.
19. Uzizwa kanjani ngegama likaJehova, futhi kungani uzizwa ngaleyo ndlela?
19 Siyaziqhenya ngegama likaJehova futhi sikubheka njengelungelo elikhethekile ukubizwa ngoFakazi BakaJehova. Ngenxa yalokho, sizimisele ukukhuthazelela noma yikuphi ukuhlanjalazwa esingase sibhekane nakho. Igama likaJehova libaluleke kakhulu kithi ukwedlula ngisho idumela lethu. Ngakho masizimisele ukuqhubeka sidumisa igama likaJehova, kungakhathaliseki ukuthi yini uSathane ayenzayo kithi ukuze asidikibalise. Ngokwenza kanjalo, siyofakazela ukuthi igama likaJehova libaluleke kakhulu kithi, njengoba kunjalo nakuJesu Kristu.
INGOMA 10 Dumisani UJehova, UNkulunkulu Wethu!
a Ngisho nendoda ethembekile uJobe yaphazamiseka lapho abangani bayo abathathu bethi kumele ukuba kukhona okungalungile ekwenzile. Ekuqaleni, ngesikhathi eshonelwa yizingane zakhe futhi elahlekelwa yiyo yonke impahla yakhe, “uJobe akazange one noma asole uNkulunkulu ngokuthi kukhona okungalungile akwenzile.” (Jobe 1:22; 2:10) Nokho, lapho uJobe emangalelwa ngokwenza okungalungile, waqala ukukhuluma amazwi ‘angasho lutho.’ Wagxila kakhulu ekulweleni idumela lakhe kunokuba angcwelise igama likaNkulunkulu noma idumela lakhe.—Jobe 6:3; 13:4, 5; 32:2; 34:5.