Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • yb06 kk. 6-30
  • Imibiko Evelele Yonyaka Odlule

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Imibiko Evelele Yonyaka Odlule
  • INcwadi Yonyaka YoFakazi BakaJehova Ka-2006
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Umkhankaso Wencwajana Ethi Hlalani Nilindile!
  • Ukuhumusha IBhayibheli
  • Izindaba Eziphathelene Nomthetho
  • Unyaka Wezinhlekelele Zemvelo
  • Ama-tsunami Abulala Ngendlela Engakaze Ibonwe
  • Ukunikezelwa Kwamagatsha
  • Imibiko Evelele Yonyaka Odlule
    INcwadi Yonyaka YoFakazi BakaJehova Ka-2005
  • Imibiko Evelele Yonyaka Odlule
    INcwadi Yonyaka YoFakazi BakaJehova Ka-2004
  • Imibiko Evelele Yonyaka Odlule
    INcwadi Yonyaka YoFakazi BakaJehova Ka-2002
  • Imibiko Evelele Yonyaka Odlule
    INcwadi Yonyaka YoFakazi BakaJehova Ka-2008
Bheka Okunye
INcwadi Yonyaka YoFakazi BakaJehova Ka-2006
yb06 kk. 6-30

Imibiko Evelele Yonyaka Odlule

EMINYAKENI yamuva izinhlekelele zemvelo ziye zanda futhi kube njalo nakulo nyaka wenkonzo ka-2005 emazweni amaningi. Izinhlekelele ezinjalo ziyabathinta nabafowethu. Kodwa njengoba sizobona, uvivinyo luluveza obala uthando lobuKristu, oluqinisa ubuzalwane futhi ludonsele abanhliziyo ziqotho eqinisweni.—Mal. 3:18; Joh. 13:35.

Ukwanda kwezinhlekelele kuye kwenza nabantu abaningi bacabangisisa ngekusasa nangalokho okubaluleke ngempela ekuphileni. Ngakho, yeka ilungelo esaba nalo lokusiza abanjalo ukuba baqonde ukubaluleka kwezikhathi zethu ngomkhankaso okhethekile wokuhambisa incwajana ethi Hlalani Nilindile! Emazweni amaningi, waqala ngo-October 18, 2004 futhi waba nemiphumela emihle.

Umkhankaso Wencwajana Ethi Hlalani Nilindile!

E-Argentina: “Uma kungenzeka inhlekelele, ubani ongasinda—umuntu omubi, olungile, noma olalele isixwayiso?” Wayeyethula kanje omunye udade incwajana ethi Hlalani Nilindile! ensimini enabantu abaningi abanganaki.

Umzalwane ogama lakhe uJuan wahambisela osemusha oneminyaka engu-16 le ncwajana, wayifunda wabe esexoxela uyise ngenjabulo ngayekufundile. Efuna ukwazi okwengeziwe, uyise wayifunda wabheka nemibhalo. Wahlabeka umxhwele kakhulu kangangokuba waze waqala ukuyifunda nomkhaya wakhe. Lapho uJuan ebuya, wacela ukumqhubela isifundo seBhayibheli sasekhaya samahhala. “Yilokho kanye esikudingayo—isifundo somkhaya seBhayibheli,” kuphendula le ndoda. Saqala nangempela.

EFrance: UJocelyne wanika u-Alicia, intombi eyayike yafundelwa, incwajana ethi Hlalani Nilindile! Wayamukela ngenjabulo wavuma nokuyifunda noJocelyne. U-Alicia wanquma nokufunda iBhayibheli njalo. “Emasontweni amabili nje kamuva,” kusho uJocelyne, “wathi ukulandisa kweBhayibheli ngokuphila kukaJesu kumhlengezelisa izinyembezi.”

U-Alicia watshela isoka lakhe ukuthi ufuna ukushada ngokomthetho ukuze ajabulise uNkulunkulu nokuthi ufuna ukuba uFakazi kaJehova. Wamangala lapho lithi: “Kulungile. Angifuni ukukuvimba ekwenzeni lokho okufunwa uNkulunkulu.” U-Alicia useke waya emhlanganweni wesifunda.

EMadagascar: UNana unamantombazane amancane amabili. Esesemusha wayeya emihlanganweni yobuKristu nabazali bakhe kodwa wayeka ukuya lapho beyeka ukhonza uJehova. Phakathi nomkhankaso okhethekile, uNana wathola incwajana kudade oyisithunywa sevangeli futhi wavuma ukufundelwa. Manje uza namantombazane akhe amabili kuyo yonke imihlangano futhi usebenzela ekubeni ummemezeli ongabhapathiziwe. Ngaphezu kwalokho, abazali bakhe nabo bavuma ukufundelwa ngale ncwajana. Indodana yabo eneminyaka engu-14, uJosia, ifundela ngisho nomngane wayo, naye oza njalo emihlanganweni yobuKristu.

ENigeria: “Ukushona kukamama ngesikhathi somkhankaso kwangivulela ithuba lokufakaza esigodini sakithi,” kusho umzalwane oyiphayona. “Ngaphambi komngcwabo, izihlobo zazikhala zize zizidaklaze phansi. Ngazibuza: ‘Nikhalelani ngale ndlela? Ukushona kukamama kubuhlungu kithi sonke, kodwa ulele ekufeni. Uyovuka ngovuko.’ Nakuba kwamina ngangikhala, ngavula incwajana ethi Hlalani Nilindile! ekhasini 8 ngachaza umfanekiso wovuko. Ngenxa yalokho, ngahambisa izincwajana ezingu-195, ezihlanganisa nezingu-45 zethi Hlalani Nilindile! Emngcwabeni, mina nabanye abazalwane sahambisa amakhophi ayikhulu e-Nqabayokulinda ka-May 1, 2005, eyayinesihloko esithi ‘Ingabe Abafile Bayobuye Baphile?’”

ERussia: U-Irina oyiphayona elikhethekile eZelenogradsk, uyaloba: “Mina nomunye udade sahambisela owesifazane ogama lakhe ngu-Alla incwajana ethi Hlalani Nilindile! Wasingenisa endlini. Wayethi uma ebona ubulukhuni babantu, angayiboni injongo yokuphila. Sahlela ukuba sibuye sibuye. Ngemva kwezinsuku ezimbalwa, mina nodade ofanayo sasihambisana ngenkathi sizwa owesifazane esibiza. Kwakungu-Alla. Wasibonga ngokumnika incwajana, wayikhipha esikhwameni, wasitshengisa amaphuzu ayewadwebele. Manje uqhutshelwa njalo isifundo ngencwajana ethi Yini UNkulunkulu Ayifunayo?”

Kwenye indawo eRussia, uVera nomyeni wakhe, uVitaliy, bama esitodlwaneni esingasemgwaqweni okwakusebenza kuso umngane kaVera, uLyuda. ULyuda wayeke wathi akathandi ukuxoxa ngeBhayibheli noFakazi, ngakho uVera wayemathintanyawo ukumnika incwajana. Ekhuthazwa uVitaliy, wamnika futhi wamangala uma eyithatha. Ngemva kwezinsuku ezimbili uLyuda washaya ucingo. Wathi: “Uma kukuningi kangaka engikufunde encwajaneni eyodwa, kuningi kangakanani-ke engingakufunda esifundweni seBhayibheli esiqhutshwa njalo!” Naphezu kokuphikiswa izihlobo zakhe, uLyuda waqala khona manjalo ukufundelwa nokuya ezifundweni. Indodana yakhe nendodakazi nabo bayafundelwa. UVera uthi: “Kuyamangaza ukuthi eminyakeni embalwa edlule, uLyuda wanikezwa incwadi Ulwazi kodwa wangabonisa sithakazelo. Kodwa incwajana ethi Hlalani Nilindile! yamthinta ngaphakathi.”

EVenezuela: Umkambonisi wesifunda waxoxa nomlisa mumbe nomkakhe nezingane zabo ezine bemi emnyango. Ekhomba umfanekiso wePharadesi emakhasini 16 no-17 encwajana ethi Hlalani Nilindile!, wagcizelela isidingo sokuba bonke emkhayeni bafunde ngoNkulunkulu. Wabe esebamemela bonke emhlanganweni wangoLwesine kusihlwa, wathi bazohlangana esitobhini sebhasi esiseduze. Lo dade nomyeni wakhe baya esitobhini sebhasi ngesikhathi ababesibekile, kodwa bafika itshe lome inhlama. Babengazi ukuthi lo mkhaya wawusheshe wagibela futhi wawususeHholo LoMbuso kakade! Amalungu amahlanu alo mkhaya manje aqhutshelwa isifundo seBhayibheli futhi aba khona emihlanganweni nakuba kudingeka ahambe ibanga elide ngebhasi elibizayo.

Udade oyiphayona wangqongqoza komunye umuzi kodwa kwangavula muntu. Wabuye wabuya wayesehlangana nekhehla emnyango. Lachaza ukuthi alisezwa kahle ezindlebeni futhi alibezwa abantu abangqongqozayo noma liye lithi livula umnyango bebe sebeshaye utshani ngoba lihamba kancane. Udade walinika incwajana ethi Hlalani Nilindile! wabe eselimemela esifundweni.

Esifundweni, udade waxoxa ngalokhu okuhlangenwe nakho, engazi ukuthi leli khehla likhona! Manje lifundelwa njalo umzalwane, liba khona kuyo yonke imihlangano futhi liye laveza isifiso salo sokushumayela izindaba ezinhle. Lapho belibuza ukuthi kungani laba khona kulowo mhlangano wokuqala, laphakamisa incwajana yalo ethi Hlalani Nilindile! lathi, “Kungenxa yale ncwajana!”

Ukuhumusha IBhayibheli

Kusukela ngasekupheleni kwawo-1800, inhlangano kaJehova yayithenga amaBhayibheli ngobuningi bese iwasakaza kwabathakazelayo ngamanani aphansi kakhulu. Kusukela ngo-1926, abazalwane baqala ukuzinyathelisela nokuzihlanganisela amanye amaBhayibheli anjenge-Emphatic Diaglott, i-King James ne-American Standard. Kwabe sekuthi ngo-1961 kwakhululwa INguqulo Yezwe Elisha YemiBhalo Engcwele ngesiNgisi iwumqulu owodwa.

Kuthiwani ngezinye izilimi? Ekuqaleni kwekhulu lama-20, amagatsha aqala ukuthenga izinguqulo zamaBhayibheli ezinkampanini ezinyathelisayo futhi azisakaza ngemali azithenge ngayo. Amanye ala maBhayibheli ayehunyushwa abahumushi abathembekile abaze basebenzisa igama likaNkulunkulu—elithi Jehova—olimini abahumushela kulo. Nokho, ngokuhamba kwesikhathi, iningi labahumushi lalisusa igama laphezulu ezinguqulweni zabo. Abanye basampulile bafaka igama likankulunkulu wabo esikhundleni selikaNkulunkulu! Ngokwesibonelo, iBhayibheli lesiChewa i-Buku Loyera, elisetshenziswa eMalawi, eMozambique, naseZambia, lihumusha iTetragrammaton ngokuthi “Chauta,” igama likankulunkulu wesizwe elisho ukuthi “UMcibisheli Omkhulu.”

IBhayibheli ladungwa nangezinye izindlela. Ngokwesibonelo, enye inguqulo yase-Afrika ithi uLuka wayeyisangoma. IBhayibheli lesiTuvalu liphendukezela uJude 23, ngokuthi: “Bathandeni ngokujulile ongqingili; kodwa niqaphele ningathonywa ubungqingili babo.” Kodwa umbhalo wokuqala awusho lutho ngongqingili nangobungqingili!

Ngaphambili, izinhlangano zamaBhayibheli zazihola ekukhiqizeni nasekusakazeni amaBhayibheli. Nokho, muva nje, ezinye izinhlangano zamaBhayibheli ziye zanikeza amasonto eLobukholwa amalungelo azo okunyathelisa nokusakaza amaBhayibheli. Ngaphandle kokuthi awabizisa kakhulu, amasonto kwamanye amazwe awafuni oFakazi BakaJehova bathenge amaBhayibheli awo. Ngokwesibonelo, eKyrgyzstan, isonto lamaProthestani linamalungelo enguqulo yamuva yemiBhalo YamaKristu YesiGreki yesiKirghiz. Lapho abafowethu bezama ukuyithenga, baye babuzwe, “NingoFakazi BakaJehova?” noma “Niyalazi igama likaNkulunkulu?” Uma bethi yebo, bayenqatshelwa ukuyithenga.

Ngenxa yalokho nokunye, iNdikimba Ebusayo iye yanquma ukuba ukuhunyushwa kweBhayibheli kuze kuqala. Sikhuluma nje INguqulo Yezwe Elisha ephelele itholakala ngezilimi ezingu-35, futhi INguqulo Yezwe Elisha YemiBhalo YamaKristu YesiGreki ngezilimi ezengeziwe ezingu-20. Njengamanje emaqenjini angu-33 abahumushi beBhayibheli emhlabeni wonke, angu-19 ahumusha imiBhalo yesiHebheru, angu-11 ahumusha imiBhalo yamaKristu yesiGreki, kuthi angu-3 ahumushe i-Reference Bible. Ngokuvamile, iqembu labahumushi beBhayibheli liba nabantu abangaba bathathu kuya kwabayisithupha. Esizwa amathuluzi e-computer okuhumusha nezinqubo ezithuthukisiwe, amanye amaqembu aqede imiBhalo YamaKristu YesiGreki eminyakeni engaphansi kwemibili.

Bazizwa kanjani abafowethu lapho bethola INguqulo Yezwe Elisha ngolimi lwabo? Iphayona lase-Albania lifingqa imizwa yabaningi. “Ngakhala. Ngangingakaze ngizizwe ngale ndlela lapho ngifunda iZwi likaNkulunkulu. Kwakungavumi ngilibeke phansi!”

Izindaba Eziphathelene Nomthetho

E-Armenia: Ngemva kokufaka izicelo ezingu-15, oFakazi BakaJehova bagcina bebhalisiwe ngo-October 8, 2004. Noma kunjalo, abazalwane abasebasha basalokhu beboshwa ngenxa kanembeza wabo obenqabela ukuya empini. (Isaya 2:4) Sethemba ukuthi lokhu kubhaliswa kuzonika abafowethu inkululeko yenkolo, bakwazi ukuthola izincwadi ezivela kwamanye amazwe futhi baqhube nemihlangano emikhulu. Empeleni, ngo-June 2005, izincwadi zokuqala ezathunyelwa ngokomthetho e-Armenia zavunyelwa ukungena futhi zanikwa abazalwane.

E-Austria: OFakazi BakaJehova balapha bebegqigqa ezinkantolo iminyaka engaphezu kuka-30 befuna ukuqashelwa ngokugcwele njengenkolo. Njengamanje kunezicelo ezinhlanu eziphathelene nale nkinga kuyi-European Court of Human Rights. Ngo-February 1, 2005, le Nkantolo yanquma ukuqula amacala amabili abazalwane abenqatshelwa lapho becela ukungayi empini ngenxa yenkolo yabo, ngoba oFakazi BakaJehova ababhekwa njengenkolo. Ngo-July 5, iNkantolo yavuma ukulalela isicelo secala elilodwa nakuba ingakanqumi ukuthi liqulwe yini.

E-Eritrea: Ngo-January 24, 2004, amaphoyisa abopha amadoda, abesifazane, nezingane baseBandleni LaseSaba e-Asmara, baba ngu-38 sebebonke. Babeneminyaka engu-6 kuya kwengu-94. Abanye babengabhapathiziwe. Sekudlule ubusuku obuthathu beboshiwe, izingane zadedelwa. Abangu-28 abasala bathunyelwa ejele elingaphandle kwase-Asmara bafika bagqunywa emabhokisini ensimbi amakhulu ayeshisa emini ebanda ebusuku. Ngo-September 2, 2004—sekudlule izinyanga ezingaphezu kwezingu-7—abazalwane ababili abakhulile, abaneminyaka engu-94 nengu-87, bakhululwa. Nabanye balandela. Nokho, abangu-6 basavalelwe kanye nabanye abazalwane abangu-16, abangu-3 kubo asebedonse iminyaka engu-11. Sininxusa ukuba nibakhumbule laba bazalwane abathandekayo emithandazweni yenu.—IzE. 12:5.

EFrance: Njengoba kwabikwa eNcwadini Yonyaka Ka-2001, uhulumeni wamisa umthetho omusha wokukhokhisa abazalwane intela eminikelweni yabo, okwakuhlanganisa nokukhokha intela yeminyaka emine eyayisiyadlula (1993-96)—eyimali eshisiwe engamaphesenti angu-60, nenhlawulo ngaphezulu! Abafowethu bafaka icala kodwa labalahla enkantolo encane nakwephakeme. Ngo-February 25, 2005, bafaka isikhalo kuyi-European Court of Human Rights, bekhalaza ngokuthi bayabandlululwa.

ERepublic of Georgia: Ukushushiswa ngobudlova sekukhawukile. Izincwadi zethu seziyakwazi ukungena, nemibuthano yobuKristu ayisaphazanyiswa. Noma kunjalo amacala amaningi awakaqulwa. Abazalwane bamangalele iGeorgia ngamacala amane asalindele ukuqulwa yi-European Court of Human Rights. La macala aphathelene nokushushiswa ngobudlova kwabafowethu, ukuhlakazwa kwezinhlangano zethu ezingokomthetho kanye nokunganaki kwezinkantolo. Ngo-July 6, 2004, iNkantolo yavuma ukuqula icala elaliphakathi kweBandla LaseGldani LoFakazi BakaJehova neGeorgia.

EJalimane: Lapho leli zwe lihlanganiswa, abafowethu bafuna isiqinisekiso sokuthi uhulumeni uyayiqaphela iNhlangano Yenkolo YoFakazi BakaJehova. Yaqala kanjalo impi engokomthetho eyadonsa iminyaka engu-12. Ngo-2000, iNkantolo Yomthetho-sisekelo yakhipha isinqumo esisivunayo, yawukhahlela umqondo wokuthi uMbuso ungafuna ukuba oFakazi BakaJehova bawuthobele ngezinga elilimaza unembeza wabo wobuKristu. Izinyathelo ezathathwa ngemva kwalokho zayixazulula le ndaba. Ngo-March 24, 2005, i-Higher Administrative Court yaseBerlin yathi iSifundazwe SaseBerlin asinike oFakazi BakaJehova amalungelo okuba inhlangano. ISifundazwe sizama ukusidlulisa lesi sinqumo.

ERussia: Njengoba kwabikwa eNcwadini Yonyaka Ka-2005 i-Intermunicipal District Court yaseGolovinsky yakhipha isinqumo ngo-March 26, 2004 sokuvala yonke imisebenzi yethu eMoscow. Kusukela lapho, bekulokhu kunezinkinga zokuqasha izindawo zemihlangano yebandla nemikhulu. Nokho, banalo iHholo LoMbuso elilodwa elinamahholo ayisihlanu, asetshenziswa amabandla angu-44 namaqembu amabili. Amabandla angu-17 aseMoscow ahlanganyela ngaphandle kwedolobha okuyinto engelula neyizindleko, kuyilapho angu-31 eqhubela eminye yemihlangano yayo noma yonke emizini yabazalwane ngamaqembu amancane. Amaphoyisa ayabahlupha kodwa abengakabophi muntu. Isinqumo sango-March 26 sidlulisiwe.

Ngo-September 9, 2004, i-European Court of Human Rights yalalela icala elaliphakathi kukaKuznetsov Nabanye neRussian Federation. Ngo-October 4, iNkantolo yavumelana ngazwilinye ukuba liqulwe. Liphathelene nesikhulu esathuma amaphoyisa ukuba ayohlakaza umhlangano webandla labakhuluma ngezandla eChelyabinsk ngo-April 2000. Okulenza libe inzukazikeyi leli cala, yimikhonyovu eyenzeka ekuqaleni kwalo. Sisalinde isinqumo.

ETurkmenistan: Abafowethu abathathu—uMansur Masharipov, u-Atamurat Suvkhanov, noVepa Tuvakov—bagwetshwa izinyanga ezingu-18 ngamunye ngoba benqaba ukuya empini ngenxa kanembeza. Owesine—uBegench Shakhmuradov—wagwetshwa unyaka. Ngo-February 16, 2005, ihhovisi labameli loFakazi BakaJehova labhalela inxusa laseTurkmenistan eliseWashington, D.C., licela ukuba laba bafowethu abane badedelwe ngaphandle kwemibandela. Ngo-April 16, umongameli waseTurkmenistan wabanikeza ushwele okhethekile, badedelwa. Phakathi nonyaka amaphoyisa abopha abafowethu nodade abapheka ngemibuzo ezama ukubacindezela ukuba balahle ukholo lwabo, kodwa ehluleka.

Unyaka Wezinhlekelele Zemvelo

Kwamanye amazwe unyaka ka-2004 waqopha umlando ngezinhlekelele zemvelo. Zabathinta kanjani abafowethu?

ECarriacou, eGrenada, ePetite Martinique: Ngo-September 7, 2004, iSiphepho u-Ivan salalisa uyaca kulezi ziqhingi, senza umonakalo, sabhidliza nezindlu eziningi. Kuyethusa ukuthi ukuphanga nakho kwenza umonakalo omkhulu! Abafowethu balahlekelwa impahla yabo eningi kule nhlekelele, amaHholo OMbuso amabili kwayisithupha eGrenada onakala kakhulu. Abekho abazalwane abalimala kakhulu.

Igatsha laseBarbados elinakekela lezi ziqhingi, lalikade likhuthaze amabandla ukuba ahlele ukuba kube nenkulumo ekhuluma ngokuhlomela isiphepho eMhlanganweni Wenkonzo, yize isiphepho sasigcine ngo-1955 kule ndawo. “Sisichithelani isikhathi sikhuluma ngeziphepho kube kunezinto ezibaluleke kakhulu?” kubuza udade waseGrenada. Akungatshazwa ukuthi ngemva kwesiphepho, wanquma ukuthi ngeke aphinde azingabaze iziqondiso zenhlangano! Igatsha lashesha lamisa amakomiti okunikeza usizo, negatsha laseGuyana nelaseTrinidad nawo asiza. Abazalwane abaningi baseCaribbean nase-United States balekelela ekwakheni.

EJamaica NaseziQhingini ZaseCayman: ISiphepho u-Ivan asibulalanga muntu kubazalwane, kodwa abaningi balahlekelwa izimpahla. Lathi lingaphenya nje, abadala bamabandla angu-199 kulezi ziqhingi baxhumana nabamemezeli. “Nina ninakekelana ngempela,” kusho izibukeli.

EHaiti: Maphakathi no-September, iSiphepho uJeanne sangcwaba inyakatho yeHaiti ngamanzi, kwakhukhuleka idolobha laseGonaïves elisogwini nezindawo ezizungezile. Amanzi agcina eseshaya emadolweni ngisho nakubantu ababephephele ophahleni lwezindlu! “Sasizwa izindlu zidilika nabantu beklabalasa ubusuku bonke,” kusho omunye umzalwane. Izikhukhula zadlula nemiphefumulo engu-2 900, kuhlanganise nodade oneminyaka engu-83.

Omunye umzalwane uthi, “Ngiyambonga uJehova ngokuthi umkhaya wethu washiya izimpahla zawo futhi wasinda.” Ngemva kwezinsuku ezimbalwa, oFakazi abavela emadolobheni angomakhelwane baletha ukudla namanzi okuphuza, futhi igatsha lathumela iloli eligcwele izimpahla. Naphezu komsebenzi owawuhilelekile ekucoceni, kwathi kuqambe kuphela isonto, bonke base beba khona emihlanganweni yobuKristu futhi beshumayela. “Izisebenzi zokuzithandela ezingamashumi amane zalungisa umuzi wami izinsuku ezine,” kusho udade. “Zaze zawupenda nokuwupenda! Konke lokhu kwawahlaba umxhwele amalungu omkhaya wami angewona oFakazi. Elinye seliqalile ukufundelwa.”

E-United States: Phakathi no-August no-September 2004, isifundazwe saseFlorida sahlaselwa iziphepho ezine ziphindelela: UCharley, uFrances, u-Ivan, noJeanne.a Kwabhidlika imizi yabazalwane engaphezu kuka-4 300 namaHholo OMbuso okungenani ayishumi. Ngemva kwalezi ziphepho, usihlalo we-Emergency Operations Committee (EOC) yaseFlorida wahamba wayobheka ukuthi izimpahla zabo zisetshenziswa kahle yini. Wathi alikho elinye iqembu elihleleke kahle njengoFakazi BakaJehova. Watshela ikomiti yokunikeza usizo ukuthi ingathola noma yiziphi izimpahla ezidingayo.

Elinye ibandla lalihlanganyela esakhiweni elalisiqashe isikhashana, likhokha amaRandi angu-340 ngomhlangano. Kodwa naso sabhidlizwa yisiphepho sokuqala. Kwaqashwa abantu ukuba basilungise, kodwa abawuqedanga umsebenzi. Lapho abazalwane becela ukuwuqedela umsebenzi, abanikazi babavumela futhi bawuqeda ngokushesha. Abanikazi bababonga ngokungabakhokhisi izinyanga ezintathu.

EJapane: “Inani lezishingishane ezibe khona eJapane [ngo-2004] likhulu kunawo wonke selokhu iJapane yaqala ukugcina amarekhodi ngo-1551,” kusho umbiko wezindaba. Ezifundeni zaseNiigata naseFukui, izishingishane zango-July zacekela phansi izindlu ezingaphezu kuka-34 000 kanye nezinye izakhiwo, kuhlanganise namaHholo OMbuso nemizi engu-60 yabafowethu. OFakazi abaningi basemabandleni aseduze baphuthuma bayosiza. IHholo LoMbuso lakhiwa kabusha ngamasonto amabili.

Abafowethu basiza nasekuhlanzeni nasekucheleni ngezibulala-magciwane imizi yabantu abangebona oFakazi abahlala ngasehholo. Umlisa owayekade emelene nesigijimi soMbuso wakhala izinyembezi zokubonga. Uhulumeni walapha waze wathumelela ikomiti yosizo incwadi yokubonga imizamo yabazalwane.

Lapho izishingishane ezimbili zihlasela iJapane ngo-September nango-October, izikhukhula nokudilika kwenhlabathi kwabulala umzalwane oyedwa nodade oyedwa futhi kwabadalela ubunzima oFakazi abangaba yikhulu. IDolobha LaseToyooka eSifundeni SaseHyogo lalimbozwe amanzi. Umbonisi wesifunda wasiza ekuhleleni umsebenzi wokunikeza usizo yize indawo ayehlala kuyo yayigcwele amanzi.

Ngemva kokuba amanzi anodaka ayephakeme ngangemitha esebohlile efulethini likadade oyiphayona, abamemezeli bendawo balikhuculula. Umnini-fulethi, ongeyena uFakazi, wathinteka kakhulu. Udade wathi: “Ngiye ngezwa ngomsebenzi wenhlangano kaJehova wokunikeza usizo, kodwa manje sengizibonele ngawami. Ngiyazigqaja ngoNkulunkulu wethu, uJehova, nangenhlangano yakhe.”

Ngawo futhi u-October, ukuzamazama komhlaba okukhulu kwazamazamisa inyakatho yeJapane, kwadlula nabantu abangu-40 futhi kwabangela abangaphezu kuka-100 000 ukuba babaleke emizini yabo. Abekho abafowethu abalimala noma abafa, nakuba imikhaya engaphezu kuka-200 yathinteka neHholo LoMbuso yaphela indaba yalo. Ukundindizela kwaqala ngenkathi abadala besifunda behlangene belungiselela umhlangano wesifunda. Base benzani? Beqondiswa ihhovisi legatsha neKomiti Yokwakha Yesifunda, basukumela phezulu bahlela ukunikeza usizo. “Sakhunjuzwa ukuba sibheke lezi zinhlekelele ngeso lomuntu ongokomoya,” kusho omunye umdala. Waqhutshwa umhlangano wesifunda, baba khona nalabo ababehlukunyezwe ukuzamazama.

“Ukuzamazamaza komhlaba kwanyakazisa inhliziyo yomyeni wami,” kulandisa udade omyeni wakhe akayena uFakazi nowadilikelwa indlu. Esebone uthando lobuKristu ngesikhathi besizwa, umyeni wakhe waya esifundweni okokuqala ngqá ekuphileni kwakhe. Wathi: “Inhlangano yenu ngiyethemba ngokuphelele. Ayisoze yasenzela phansi.”

EPhilippines: Ngenkathi izishingishane zihlasela esifundazweni saseQuezon nesase-Aurora ngasekupheleni kuka-2004, umkhaya woFakazi, onabantwana abane, wafa ngesikhathi umuzi wawo ukhukhulwa amanzi nodaka. Umbonisi wesifunda uFelimon Maristela wayeseQuezon ngenkathi kufika isikhukhula. Waloba: “IHholo LoMbuso lagcwala amanzi ngokuphazima kweso neveni yami yahamba namanzi. Mina nomkami nabazalwane ababili salala ophahleni lwehholo, amanzi ethi awafike kulo uphahla. Ngakusasa ngo-3:00 ntambama ngehla. Amanzi ayesafika esifubeni.”

UMfoweth’ uMaristela waya kocinga abamemezeli ukuze abone ukuthi baphephile yini nakuba kwakuyingozi lokho. EDingalan, e-Aurora, umdala wayesethubeni lokutakulwa ngendiza enophephela emhlane, kodwa wancamela ukusala ukuze asize abafowabo nodadewabo abangamaKristu.

Ama-tsunami Abulala Ngendlela Engakaze Ibonwe

Ngo-December 26, 2004, ukuzamazama komhlaba okunesilinganiso esingu-9,0 olwandle olusentshonalanga yenyakatho yeSumatra, e-Indonesia, kwabangela ama-tsunami adala isibhicongo esingakaze sibonwe. Kulinganiselwa ukuthi abantu abafa nabangaziwa ukuthi bakuphi babalelwa ngale kuka-280 000! Ngisho naseSomalia, e-Afrika, ehlukaniswe ulwandle ne-Indonesia, amagagasi abulala abantu abangaba ngu-290.

E-Indonesia: Nakuba kwafa inqwaba yabantu kuleli zwe, abekho abafowethu noma abathakazelayo abafa. Ngenxa yothuthuva olwalube khona, oFakazi abaningi babekade bebalekile e-Aceh—okuyiyona ndawo eyaba nomonakalo omkhulu—baya maphakathi nezwe. Esiqhingini saseNias nakhona kwaba nomonakalo omkhulu, kodwa abazalwane bakwazi ukubaleka.

ENdiya: Abekho abafowethu abafa nakuba abaningi balahlekelwa izindlu nempahla yabo. Edolobheni lasePondicherry, uLakshmi wayesenkonzweni yasensimini lapho ezwa nge-tsunami. Wabuyela ekhaya, endlini yodaka eqhele ngamakhilomitha amathathu ogwini, wayithola ibhidlikile. Abafowethu bamsiza ekuyihlanzeni nasekuyilungiseni.

EMadras, uNaveen oneminyaka engu-13 wayedlala ikhilikithi lapho ebona amagagasi amakhulu. Watshela unina nodadewabo, base bebalekela endaweni ephephile. Kodwa kwabona kwadingeka bagxambuze emanzini afuqwa ulwandle ayethwele zonke izinhlobo zezimpahla zasendlini nezidumbu eziningi.

ULini oneminyaka engu-7 wayenobab’ omncane wakhe nengane yakhe ebhishi eduze kwaseKanniyākumāri ngesikhathi amagagasi emdudulela kude nolwandle waze wayogaxela ocingweni lamapulangwe. Amanzi ayelokhu emboza. Ubab’ omncane wakhe nengane yakhe basinda, kodwa ubab’ omncane walahlekelwa izibuko wangabe esabona kahle. Nokho akayekanga ukucinga uLini. Kungakabi sikhathi, wamuzwa ememeza uJehova emanzini agubhayo, wakwazi ukumtakula. Manje uLini utshela wonke umuntu ukuthi uJehova wayizwa imithandazo yakhe.

EziQhingini Zase-Andaman NaseNicobar: UMary nomfana wakhe oneminyaka engu-8, u-Alwyn, babevakashele izihlobo ngesikhathi ukuzamazama kundindizelisa indlu. Bonke baphuma. UMary wabona udonga lwamanzi luphikelele ogwini. Khona manjalo kwaqhamuka ibhasi. Yena nendodana yakhe bagulukudela kulo bahamba. Abanye babuyela ezindlini beyothatha izimpahla zabo, kodwa amanzi abathatha. Dukuduku, wonke umuntu ebhasini wezwa okunye ukuzamazama. Baphuma ebhasini babalekela endaweni ephakeme okwase kuqoqene kuyo abantu abangaba ngu-500. Bebhekile, ibhasi lakhukhulwa amanzi aze afika eduze kwalapho babemi khona.

Ngemva kokubohla kwamanzi, uMary wathi qu ekhaya. Wakwazi ukuthola iBhayibheli lakhe nencwajana ethi Ukuhlola ImiBhalo Nsuku Zonke, okwabanika amandla ezinsukwini ezalandela. Lapho kuzwakala ukuthi kwakuzofika imikhumbi ilande abantu esiqhingini, inqwaba yabantu yagijimela ogwini yafike yagxambuza olwandle ilindele ukugibela izikebhe. Kwakuze kushone ilanga uMary nomfana wakhe belinde emanzini afika okhalweni, bezungezwe izidumbu ezintantayo. Sekudlule izinsuku eziyisithupha ngemva kwe-tsunami, isikebhe sagcina sifikile sabathatha. Ngenxa yokuthi abaningi babesola uNkulunkulu ngalesi sibhicongo, uMary wakwazi ukunika ubufakazi obuhle. Empeleni, kumanje nje umakoti wakubo uyafundelwa futhi uyaya nasesifundweni.

UPrasanthi nomfana wakhe oneminyaka emihlanu, uJehoash, babevakashele uyise osekhulile, uMfoweth’ uPrasad Rao, eHut Bay. Beselapho, bezwa kuzamazama umhlaba, babona amagagasi base bebalekela endaweni ephakeme. Amanzi akhuphuka ngamamitha amahlanu, amboza indlu kaPrasad. Imibhede, isiqandisi, ithelevishini kanye nezincwadi zebandla ezithi Umuntu Omkhulu, konke kwahamba namanzi. Kamuva, abasinda bazithola ezinye zalezi zincwadi bazifunda. Kwaphela izinsuku ezinhlanu uPrasad, uPrasanthi, noJehoash bedla ukudla ababebaleke nako, bebhokelwe omiyane nezimpukane. Lapho izikebhe zifika, uPrasanthi noJehoash kanye nabanye abaningi, bagxambuza emanzini afika esifubeni beya ezikebheni, ngisho noma kwakunezingwenya eduze! Kwenzeka konke lokhu nje, uPrasanthi unezinyanga eziyisithupha ezithwele. Uyise wahlangana nabo kamuva.

Zonke izindlu esiQhingini SaseTeressa zakhukhuleka. Abafowethu nodade abangu-13 balapha bachitha izinsuku ezingu-6 ehlathini, belambile bentinyelwa nayizinambuzane ngaphambi kokutakulwa bayiswe esiQhingini SaseCamorta. Bafika lapho bahlala kwaMark Paul, umzalwane ohlala endaweni ephakeme nomuzi wakhe osetshenziswa njengeHholo LoMbuso. Ngemva kwe-tsunami, esikhundleni sabantu abangu-10 kuya ku-12 abavame ukuba khona emhlanganweni webandla, kwaba nabangu-300! Kusukela lapho, izifundo zeBhayibheli ezintsha ezingu-18 ziba khona njalo emihlanganweni ngenxa yokubona ukusekelana ngothando kwabantu bakaJehova.

ESri Lanka: Amagagasi ahlasela indawo enkulu yogu lwalesi siqhingi, enza umonakalo omkhulu. I-tsunami yahlasela ngeSonto ekuseni ngesikhathi abazalwane abaningi besesifundweni endaweni ephephile. Ayishumi amabandla athinteka, futhi udade oyedwa washona lapho indlu yakhe ikhukhulwa ulwandle. Kwabadabukisa kakhulu abazalwane ukushona kwalo dade okahle. Kwashona nabantu abathakazelayo abaningana, futhi abazalwane abaningi balahlekelwa izihlobo. Omunye umdala washonelwa amalungu omndeni angu-27! Noma kunjalo, “abazalwane badlule kule nhlekelele ngaphandle ‘komyocu’ ongokomoya,” kubhala igatsha.

EBethel zazigcwele nswi izinto zokunikeza usizo futhi amalungu amaningi omkhaya waseBethel ahlanganyela emsebenzini wokunikeza usizo. Abafowethu bendawo abanezimoto bathutha izimpahla baziyisa ezindaweni ezihlukumezekile. Zingakapheli izinsuku ezine, bonke abafowethu base bethintiwe banikezwa nokudla nezingubo. Uma bebuzwa ukuthi yini enye abayidingayo, bathi: “AmaBhayibheli nezincwadi! Ezethu zimukile.” Banikwa zona ngokushesha.

Umbonisi wesifunda uGerrad Cooke wayeseColombo ngaleso sikhathi. Wahamba amahora angu-7 emgwaqweni oyingozi ebusuku ngenxa yezindlovu. Kwathi efika nje ngo-10:30 ebusuku, yena nomunye umzalwane—ondlu yakhe yayigcwele amanzi—bahambela imikhaya kwaze kwaba sentathakusa beyinika izimpahla.

EThailand: Abekho abazalwane balapha abalimala noma abafa futhi abekho abalahlekelwa abaziphilisa ngako. Nokho, kusenezivakashi ezingakatholwa okusolakala ukuthi zafa. Kuzona kunomfowethu oyedwa waseFinland, umbhangqwana waseSweden, umzalwane wase-Austria, nomyeni kadade ongakholwa. Imibhangqwana emibili yaseSweden yayikade iye ensimini neqembu lendawo kude nasolwandle. Lapho ibuyela ehhotela, yazithela kulesi sibhicongo.

NgoMsombuluko ekuseni ngemva kokuzamazama, umbonisi owengamele weBandla LasePhuket wathola ucingo luvela egatsheni laseThailand limbikela ukuthi kunodade waseFinland, uKristina, osesibhedlela esiqhele ngemizuzu engu-90. Yena nomunye umzalwane baphuthuma esibhedlela. Umbonisi owengamele uyaloba: “Angikaze ngilubone usizi olunje ekuphileni kwami—abafelwa nabafelokazi, abazali abafelwe izingane, nezintandane. Abanye babekhalela usizo; abanye bendwazile nje. Lesi simo sasibanga umunyu kangangokuthi kwakudingeka sidamane siyoshaywa umoya ngaphandle futhi sithandazele namandla.”

Abafowethu bathola uKristina ngesikhathi esalungiselelwa ukuyohlinzwa emlenzeni ophukile. Wayelahlekelwe yiwo wonke amaphepha akhe anezinto ezibalulekile. Ngemva kokuhlinzwa, abafowethu ababili bendawo bathandaza naye futhi bahlala naye kwaze kwaba phakathi kwamabili. Ngemva kwezinsuku ezimbalwa, wabuyela eFinland. Naphezu kobunzima ayebhekene nabo, “uKristina wayenesibindi futhi eqinile,” kubika abafowethu. Ngeshwa, umyeni wakhe wabulawa i-tsunami.

Ukunikezelwa Kwamagatsha

E-Angola, ngo-January 8, 2005: Lolu suku olukhethekile lwaba ingqophamlando emsebenzini wokushumayela e-Angola, izwe eyayikade ibambene kulo ngezihluthu impi yombango iminyaka ecela kwengu-40. UStephen Lett waba nelungelo elikabili lokunikezela izakhiwo zegatsha e-Angola nokuba ilungu lokuqala leNdikimba Ebusayo ukuya kuleli zwe. Kwakunezihambeli ezingaba ngu-730 zivela emazweni angu-11. Kungani kwakudingeka isakhiwo segatsha esisha? Ngo-1975 igatsha labika inani eliphakeme labamemezeli abangu-3 055. Kwathi kuyophela u-2004, lelo nani labe seliphindeke izikhathi ezingu-18 layosho ngale kuka-54 000!

EBulgaria, ngo-October 9, 2004: Kwaphela iminyaka emithathu izisebenzi zokuzithandela ezingu-150 nabazalwane bakhona abathi ababe ngu-300 besiza ekwakheni izakhiwo ezintsha zegatsha eSofia. UGerrit Lösch weNdikimba Ebusayo wanikeza inkulumo eyayethanyelwe izilaleli ezingu-364 ezazivela emazweni angu-24.

ETopiya, ngo-November 20, 2004: Ngasekuqaleni kuka-2004, amalungu angu-60 omkhaya waseBethel ayehlala ezindaweni ezingu-9 ezigqagqene—okuyinto engathandeki neze! IBethel yabo entsha isemthambekeni osempumalanga emaphethelweni enhloko-dolobha, i-Addis Ababa, esendaweni ephakeme ngamamitha angu-2 400 ukusuka olwandle. Ngezinye izikhathi ukuthula kwasebusuku kuphazanyiswa ukuklewula kwezimpisi. UGerrit Lösch wakhuluma nezilaleli ezingu-2 230, kuhlanganise nezihambeli ezingu-200 ezazivela emazweni angu-29. Phakathi kokwaxoxwa nabo kwakunabaningana ababekade beboshiwe futhi baze bahlukunyezwa ngenxa yokholo lwabo. Indodakazi yomzalwane owabulawa yathi, “Lapho ubaba evuswa kuyomjabulisa ukuzwa ukuthi ngalandela isibonelo sakhe sokuzinikela kuNkulunkulu futhi ngakhonza eBethel.”

EGhana, ngo-March 5, 2005: UMalcolm J. Vigo wasegatsheni laseNigeria wabeka inkulumo yokunikezela phambi kwezethameli ezingu-3 243. Izakhiwo ezenezelwe ezisanda kunikezelwa zihlanganisa izakhiwo ezintathu zokuhlala, amahhovisi angu-50, ishabhu, iHholo LoMbuso, indawo yokudlela, ikhishi, nelondolo.

EGuam, ngo-June 25, 2005: Kwase kungokwesithathu kunikezelwa igatsha kusukela ngo-1980, ngesikhathi kusenebandla elilodwa eGuam. Manje aseyishumi. Ngaphandle kokulungiswa kwegatsha, kwakhiwa iHholo LoMbuso elisha nesakhiwo sokuhlala esinezitezi ezimbili. Kwafika izisebenzi zokuzithandela eziyikhulu zivela e-Australia nase-United States—zihamba ngezindleko zazo. Lapho umhloli wezakhiwo ezwa ngalokhu futhi ebona ubunyoninco bomsebenzi, “wanikina ikhanda engakholwa,” kubhala igatsha. ULorence Shepp wegatsha lasePeru wabeka inkulumo yokulinikezela.

EMauritius, ngo-November 6, 2004: UGerrit Lösch waba nelungelo lokunikeza inkulumo lapho kunikezelwa isakhiwo esinwetshiwe segatsha elikhona. Isakhiwo esenezelwe sinamahhovisi amasha angu-12 oMnyango Wabahumushi neshabhu elisha. Izivakashi zazivela eMadagascar, eMayotte, eNingizimu Afrika, eRéunion, eSeychelles, naseYurophu.

ENicaragua, ngo-December 4, 2004: Izisebenzi zokuzithandela zakwamanye amazwe ezingaphezu kuka-330 nabazalwane bakhona babakhe amahhovisi amasha nezakhiwo zokuhlala ezintsha egatsheni neHholo Lomhlangano elivulekile emaceleni elingahlalisa abantu abangu-2 400. Ilungu leNdikimba Ebusayo uSamuel Herd lanikeza inkulumo yokuzinikezela. Izihambeli zazihlanganisa izithunywa zevangeli ezazikhonze eNicaragua. Cabanga nje ukuthi zakujabulela kanjani ukubonana nabantu ezazibafundele nezingane zabo abanye kungabazukulu!

EPanama, ngo-March 19, 2005: USamuel Herd wakhuluma nezilaleli ezingu-2 967, iningi lazo elase likhonze uJehova iminyaka engaphezu kuka-20. Lapho umsebenzi wokwakha uqala, abafowethu baqasha umshini ophakamisa izinto ezisindayo nomshayeli wawo ukuba asuse izinqola zokugcina izinto. Lapho umshayeli efika esakhiweni, wenqaba ukuzisusa, ethi isiza asilungisiwe kahle. Abazalwane bazama ukubonisana naye kodwa kwanhlanga zimuka nomoya. Kwathi lapho esezohamba, wabuza, “Konje niyinkolo yini nina?”

“SingoFakazi BakaJehova,” kuphendula abazalwane.

Wathi ukucabanga wayesethi, “Kulungile, ngizozisusa.” Kwase kwenzenjani manje? Odade ababili babefundela izingane zakhe iBhayibheli, futhi wayekwazisa lokho.

ESlovakia, ngo-April 16, 2005: UTheodore Jaracz weNdikimba Ebusayo wethula inkulumo yokunikezela eyayithanyelwe izihambeli ezingu-448 zivela emazweni angu-21. Ngakusasa kwaba nomhlangano okhethekile enkundleni yemidlalo, futhi izihambeli eziningi zafika ngamabhasi. “Ningabantu abakahle nabajabulayo,” kusho omunye umshayeli, “wonke umuntu uyangibingelela! Ngiyazi ukuthi kungani. Kungenxa yenkolo yenu. Ngijwayele ukuthutha izingane zesikole nothisha. Izingane kufanele zize zibingelelwe yimina kuqala; angisayiphathi eyothisha—abazihluphi nangokuthi sawubona!”

EWallkill, eNew York, e-U.S.A., ngo-May 16, 2005: “Sonke sivumelana ngazwilinye ngokunikezela le ndawo yokunyathelisa entsha nenhle nezakhiwo zokuhlala u-A, u-C, no-D kuJehova, ongukuphela kukaNkulunkulu weqiniso,” kusho ilungu leNdikimba Ebusayo uJohn Barr enkulumweni yakhe yokunikezela. Isiza sendawo entsha yokunyathelisa saqalwa ngo-May 1, 2003, kwathi ngemva kwezinyanga ezingu-8, umshini wokuqala kweyayikhona wayiswa endaweni yawo entsha.

AmaKomiti Okwakha Ezifunda akulo lonke elase-United States, kodwa ikakhulukazi ezifundazweni eziseduze, athumela izisebenzi. Omunye umsebenzi wenziwa izinkontileka zangaphandle. “Noma ngingabakhokhela malini abantu bami, ngeke basebenze njengani,” kusho omunye. “Nisebenza ngenhliziyo yonke.” Enye imenenja yaphawula, “Kuningi engiye ngakuqonda futhi ngakufunda ngomsebenzi wami kulezi zinyanga ezimbalwa ngilapha eWatchtower kunengakufunda ngisesikoleni iminyaka emihlanu!” Isithunywa senkampane edayisa imishini yokuthutha izinto sathi: “Ngenxa yenu, siyaqala ukuwufaka ngokushesha kangaka lo mshini. Wonk’ umuntu lapha ujabulile, okungenza nami ngijabule! Kumnandi kule ndawo.”

Eminyakeni embalwa ngaphambili, igatsha lase-United States lalikade linemishini yokunyathelisa engu-15—engu-11 iseBrooklyn engu-4 iseWallkill. Manje, ngenxa yezobuchwepheshe ezithuthuke kakhulu nokucazwa komsebenzi uyiswe kwamanye amagatsha ngaphansi kwelungiselelo lokuba amazwekazi azinyathelisele, isimihlanu nje kuphela. Kule ndawo entsha yokunyathelisa kunanesimiso esiqoqa izicucu zamaphepha sizisusa emshinini wokunyathelisa nowokuhlanganisa izincwadi sizihambise ngamapayipi ahamba phezulu siziyise emshinini ozihlanganisayo. Amabhele amaphepha adayiselwa izinkampane zangaphandle, okongela igatsha imali engangamaRandi ayizigidi ezingu-1,3 ngonyaka!

EZambia, ngo-December 25, 2004: Kubantu abacishe babe ngu-700 enkulumweni yokunikezela izakhiwo ezenezelwe, abangu-374 base beneminyaka engaphezu kwengu-40 bekhonza uJehova! Enkulumweni yakhe, uStephen Lett watshela ababehlanganyele ekwakheni lesi sakhiwo ukuthi njengezinceku zomfanekiso kaJesu, bafanelwe ukunconywa ngokuthi ‘Nenze kahle’!—Math. 25:23.

Abazalwane banikeza nobufakazi obuhle ngesikhathi kwakhiwa. “Nina niziphilela epharadesi,” kusho isikhulu senkontilaki.

“Usho liphi, elingokwenyama noma elingokomoya?” kubuza abazalwane.

“Womabili!” siphendula.

[Umbhalo waphansi]

a Imininingwane ngeSiphepho uKatrina izovela embikweni ozayo.

[Ibhokisi/Izithombe ekhasini 29]

IMihlangano Yesigodi ‘Yokulalela UNkulunkulu’

Njengoba kwachazwa eMihlanganweni Yesigodi ‘Yokulalela UNkulunkulu,’ yilabo ‘abazi uNkulunkulu’ ‘nabalalela izindaba ezinhle’ kuphela abayosinda osukwini lukaJehova lwempindiselo. (2 Thes. 1:6-9) Ngakho, sifuna ukwenza konke esingakwenza ukuze sisize abantu abangasamqondi kahle uNkulunkulu noma asebemzonda nokumzonda ngenxa yokuhlupheka okusemhlabeni. Amathuluzi amasha amahle okusisiza yipheshana elithi Konke Ukuhlupheka Kuzophela Maduzane! nencwadi ethi Lifundisani Ngempela IBhayibheli?

Akungabazeki ukuthi ipheshana elisha lizoduduza izisulu eziningi zempi, ububha, izinhlekelele, ukungalungi nezifo, lizisize zibone ukuthi uNkulunkulu akayona imbangela yalezi zinto. Ngokufanayo, le ncwadi entsha iyobakhanga abalangazelela iqiniso elingokomoya. Ibhalwe ngendlela emnandi, elula necacile kanti namaphuzu ayinhloko achazwe kahle futhi aboniswa nangezithombe. Ngaphambi kokuqhuba ngayo izifundo, qiniseka ukuthi uyazifunda izihloko ezingu-14 zesithasiselo.

[Ishadi/Izithombe ekhasini 12, 13]

EZINYE ZEZENZAKALO ZONYAKA WENKONZO KA-2005

Ngo-September 1, 2004

Ngo-October 8: OFakazi BakaJehova babhaliswa ngokusemthethweni e-Armenia.

Ngo-October 9: Kunikezelwa igatsha laseBulgaria.

Ngo-October 18: Kuqala umkhankaso wencwajana ethi Hlalani Nilindile!

Ngo-November 6: Kunikezelwa igatsha laseMauritius.

Ngo-November 20: Kuni-kezelwa igatsha laseTopiya.

Ngo-December 4: Kunikezelwa igatsha laseNicaragua.

Ngo-December 25: Kunikezelwa igatsha laseZambia.

Ngo-December 26: Ukuzamazama okuyisilinganiso sika-9,0 ngaseSumatra, e-Indonesia, kudala ama-tsunami abulala abantu abaningi emlandweni.

Ngo-January 1, 2005

Ngo-January 8: Kunikezelwa igatsha lase-Angola.

Ngo-March 5: Kunikezelwa igatsha laseGhana.

Ngo-March 19: Kunikezelwa igatsha lasePanama.

Ngo-March 24: I-Higher Administrative Court yaseBerlin inquma ukuba oFakazi BakaJehova eBerlin banikwe amalungelo okuba yinhlangano engokomthetho.

Ngo-April 16: Kunikezelwa igatsha laseSlovakia.

Ngo-May 1, 2005

Ngo-May 16: Kunikezelwa indawo yokunyathelisa neyokuhlala eWallkill, eNew York.

Ngo-June 25: Kunikezelwa igatsha laseGuam.

Ngo-August 31, 2005

[Isithombe ekhasini 20]

Bakhuculula iHholo LoMbuso elonakaliswe izikhukhula eSifundazweni SaseNiigata, eJapane

[Isithombe ekhasini 24]

Kuthululwa izimpahla zokunikeza usizo eSri Lanka

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela