Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • yb07 kk. 6-30
  • Imibiko Evelele Yonyaka Odlule

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Imibiko Evelele Yonyaka Odlule
  • INcwadi Yonyaka YoFakazi BakaJehova Ka-2007
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • “LE NCWADI . . . IFUNDISA NJENGOJESU”
  • UKUZAMA UKUFAKAZA NGOLUNYE ULIMI
  • UKUHUMUSHELA IZITHULU
  • IZINDABA EZIPHATHELENE NOMTHETHO
  • Imibiko Evelele Yonyaka Odlule
    INcwadi Yonyaka YoFakazi BakaJehova Ka-2008
  • Imibiko Evelele Yonyaka Odlule
    INcwadi Yonyaka YoFakazi BakaJehova Ka-2009
  • Imibiko Evelele Yonyaka Odlule
    INcwadi Yonyaka YoFakazi BakaJehova Ka-2006
  • Imibiko Evelele Yonyaka Odlule
    INcwadi Yonyaka YoFakazi BakaJehova Ka-2012
Bheka Okunye
INcwadi Yonyaka YoFakazi BakaJehova Ka-2007
yb07 kk. 6-30

Imibiko Evelele Yonyaka Odlule

“NGIZOMDUMISA uJehova ngesikhathi sokuphila kwami. Ngizomhubela uNkulunkulu wami uma nje ngisekhona.” (IHu. 146:2) Ukube umhubi ubephila namuhla, yeka indlela abengajabula ngayo uma ebona uJehova edunyiswa ngendlela angakaze adunyiswe ngayo! Okunesandla kulokhu yincwadi ethi Lifundisani Ngempela IBhayibheli? efinyelela izinhliziyo zabaningi abafuna iqiniso ngoNkulunkulu.—IzE. 17:27.

Ukuze amagatsha amaningi andise udumo oluya kuJehova, aye ahlela ukuba kube namakilasi okufunda izilimi ukuze abamemezeli namaphayona bafinyelele abantu abengeziwe ngezindaba ezinhle. Mhlawumbe ungase ukhuthazeke nawe ukuba ucabangele ukwandisa inkonzo yakho ngokufunda olunye ulimi.

Esinye isibonelo sokudumisa uJehova kwakuwumkhankaso womhlaba wonke wamasonto amathathu wokusakaza ipheshana elikhethekile elimemezela iMihlangano Yesigodi ethi “Ukukhululwa Kuseduze!” eyayisemazweni angaba ngu-155. Izigidi zabamemezeli boMbuso emabandleni angaphezu kuka-99 000 zahlanganyela kulo mkhankaso okwakungowokuqala ngqá. “Washukumisa abasanda kuhlanganyela ukuba baqale ukushumayela nabanye abase bepholile ukuba baphinde bakhuthale,” kubhala iKomiti Yomhlangano. Omunye umzalwane owayeseneminyaka engu-35 epholile wathola leli pheshana emnyango wakhe, futhi kusukela lapho akakaze aphuthe ezifundweni! Naku okunye kokuhlangenwe nakho okuvela emagatsheni ahlukahlukene.

EFrance

Ngesikhathi intokazi engumKatolika nomyeni wayo bevakashele isihlobo, babona leli pheshana endlini, umbuzo walo wavusa ilukuluku. Baya emhlanganweni nezingane zabo ezintathu. Uma befika, umlindi wababingelela ngomusa, wabanika amaBhayibheli, wayesebahlalisa eduze komkhaya ongoFakazi owawuhlala endaweni engamakhilomitha amathathu ukusuka emzini wabo! Yomibili le mikhaya yaba ndawonye usuku lonke yabe seyenza amalungiselelo esifundo seBhayibheli. Ngemva kwesonto uphelile umhlangano, lo mkhaya othakazelayo waba khona esifundweni ngesikhathi kuhambele umbonisi wesifunda.

ENdiya

Umculi odumile uSunita waya eCanada eyokwenza ikhonsathi. OFakazi abamthola lapho bammemela emhlanganweni wesiPunjabi. Wavuma futhi wasijabulela kakhulu isifundo ikakhulukazi ngoba kwakugcizelelwa iBhayibheli. Lapho ethola ipheshana lomhlangano, walihoxisa ngokushesha ikhonsathi lakhe langempelasonto ukuze akwazi ukuba khona zontathu izinsuku. Akazange azisole. “Yiqiniso leli,” esho ekupheleni kosuku lokuqala. Uma ebuyela eNdiya, waya eHholo LoMbuso kanye nonina, indodana yakhe, ingane yomfowabo nomngane wakhe. Lapho abefundisi bakhe bangaphambili bembuza ngalokhu, wabatshela ukuthi uzimisele ukuba omunye woFakazi BakaJehova. Empeleni, wathi nabo mabeze eHholo LoMbuso!

ESerbia

Intokazi engumShayina esizoyibiza ngokuthi uMei Li ihlala eBelgrade. Ngo-2006 yaqala ukufunda INqabayokulinda ngolimi lwayo. Lapho inikezwa ipheshana eliyimemela emhlanganweni wesiShayina eLeipzig, eJalimane, yazimisela ukuya yize iLeipzig neBelgrade kuqhelelene ngamakhilomitha ayinkulungwane. Yathola i-visa yezinsuku ezintathu, yaya eMunich ngendiza, yadlulela eLeipzig ngesitimela, uhambo olwabiza imali engangomholo wezinyanga ezimbili. Izinto eyazifunda esimisweni nasekuxoxeni nabanye ababekhona zayithinta ngokujulile. Lapho isibuyele eBelgrade, yona nonina bamukela isifundo seBhayibheli sasekhaya futhi baqala ukuya esifundweni sencwadi sesiShayina.

E-United States

“Izivakashi zazibonakala ngazo zontathu izinsuku,” kubika iKomiti Yomhlangano. “Esinye sasingumame owathola isimemo ngemva kosuku ethandaze kuNkulunkulu ecela isiqondiso ekuphileni kwakhe. Wayehambe amahora amabili eya emhlanganweni ngoMgqibelo nangeSonto futhi wasamukela isifundo seBhayibheli.” Umbiko uyaqhubeka: “Omunye umlisa wajaha umzalwane owayeshiye isimemo endodaneni yakhe. Umzalwane wayengazi ukuthi kwenzenjani kodwa wajabula lapho lo mlisa emcela ngomusa ukuba abuyele kwakhe bayoxoxa. Ephethe iBhayibheli, wabuza imibuzo eminingi, kwaqalwa isifundo.”

Umzalwane wanikeza indoda eyayisesakhiweni esithile ipheshana. “Ngingabatshela abanye ngalo?” kubuza le ndoda.

“Impela!” kusho umzalwane, engazi ukuthi le ndoda iphatha uhlelo lomsakazo ngeMigqibelo ekuseni. Nangempela yabatshela abanye ngesimemo ngokusifunda ohlelweni lwayo! Abantu abaningi bafuna ukwazi ngaleli pheshana.

UMorgan oneminyaka engu-12 uyiphayona elisizayo. Kusasele isonto kuqale lo mkhankaso okhethekile, wahlangana nendoda eyambuza imibuzo eminingi yeBhayibheli futhi wayimemela enkulumweni yeningi eHholo LoMbuso. Yafika yize kwadingeka ihambe uma kuphela inkulumo ukuze iye emngcwabeni wesihlobo. Lapho kuqala umkhankaso okhethekile, uMorgan wanikeza le ndoda ethakazelayo ipheshana. Yathi: “Ngizoba khona nakanjani ngoMgqibelo nangeSonto, kodwa ngizobe ngisebenza ngoLwesihlanu.” Yabe isibuza ukuthi oFakazi bona benzenjani ezimweni ezinjalo. “Baye bathathe usuku ezinsukwini zabo, kodwa ngezinye izikhathi kuye kudingeke bawuyeke umsebenzi,” kusho uMorgan.

Lapho uMorgan ephindela kuyo, le ndoda yathi icelile kubasi wayo ukungasebenzi ngoLwesihlanu, yamtshela ukuthi uma engavumi izowuyeka umsebenzi. Ubasi wayo wathi ngeke kulunge balahlekelwe yiyo ngoba iyisisebenzi esikahle kakhulu, wathi ingathatha uLwesihlanu kanye noLwesine ukuze ilungiselele.

Le ndoda yaba khona zontathu izinsuku zomhlangano kodwa ingahambi yodwa. Kwakukhona namalungu angu-8 omkhaya wayo nabangane bayo abangu-12 nemikhaya yabo—bengu-35 sebebonke! Ekuqaleni, lapho itshela uMorgan ukuthi iyobe ihamba nabantu abangaba ngu-30, waphendula, “Ngeke ngikwazi ukubeka izihlalo eziningi kangako.”

Yathi: “Ungakhathazeki. Siyocupha nomaphi uma kudingeka.” Bonke bayithola indawo ekahle yokuhlala.

“LE NCWADI . . . IFUNDISA NJENGOJESU”

Imibiko ibonisa ukuthi insiza-kutadisha iBhayibheli ethi Lifundisani Ngempela IBhayibheli? iwusizo olukhulu emsebenzini wokushumayela. “Ivula amehlo yondle inhliziyo nengqondo,” kusho ofundelwayo. Umbonisi wesigodi uyabika: “Le ncwadi ibamba isithakazelo ngoba ifundisa njengoJesu. Ayigudl ’iguma, ishaya emhloleni, icacile kanti ithinta inhliziyo kakhulu.” Awuzwe lokhu okuhlangenwe nakho.

E-Australia

Ngesikhathi umzalwane elungisa indlu yowesifazane othile owayegula, wamxoxela ngethemba loMbuso. Ngemva kwezinsukwana lapho efika kwakhe esehamba nodade oyiphayona, lo mame wafuna ukwazi ngezinsuku zokugcina. OFakazi bavula isahluko 9 sencwadi ethi Okufundiswa IBhayibheli, esihlokweni esithi “Ingabe Siphila ‘Ezinsukwini Zokugcina’?” baxoxa naye ngaso. Zammangalisa kakhulu izinto eziseBhayibhelini. Wathi: “Isonto lami lingigcine ngisebumnyameni.”

Lo mzalwane uyabhala: “Uma sibuyela safunda isahluko 1, esithi ‘Liyini Iqiniso NgoNkulunkulu?’ namaphuzu esithasiselo ahlobene nalesi sihloko achaza isizathu sokususwa kwegama likaNkulunkulu kwamanye amaBhayibheli. Lapho lona wesifazane efunda esanduleleni seBhayibheli lakhe ukuthi abahumushi babefake igama elithi ‘Nkosi’ esikhundleni selithi ‘Jehova,’ wathukuthela ngoba wayetshelwe ukuthi iBhayibheli lakhe liyinguqulo enhle. Usesivezile isifiso sokuya emihlanganweni yobuKristu.

EBelgium

Udade ogama lakhe ngu-Ingrid wahlangana nowesifazane oNsundu owayengabafuni oFakazi BakaJehova. Lapho u-Ingrid embonisa ngomusa incwadi ethi Okufundiswa IBhayibheli, wathamba ngoba wayezimisele ukuqonda iZwi likaNkulunkulu. Waze wamukela ngisho nesifundo kodwa wathi imiBhalo kumelwe ifundwe yonke. Le ntokazi isiba khona ezifundweni, iphendule, futhi ifuna ukuba ummemezeli woMbuso.

EBrazil

OFakazi bafundela uPaulo iBhayibheli lapho esanda kweva eminyakeni engu-12. Ngeshwa, kwathi eseneminyaka engu-16 umkhaya wakubo wahlukana. Ukuze ondle unina, uPaulo wajoyina iqembu le-samba, kodwa ngesikhashana nje wayeseziphatha kabi futhi ephuza kakhulu. Noma kunjalo, akhona amaqiniso ayesenhliziyweni yakhe. Ngokwesibonelo, wacasuka lapho kudingeka adlale ehholo le-voodoo ngoba azi ukuthi ihlobene nobudemoni. Waqala nokubona indlela ukuphila kwakhe okwakungenanjongo ngayo. Lapho umzalwane osemusha embonisa incwadi ethi Okufundiswa IBhayibheli ngo-2005, isithakazelo sikaPaulo savuseleleka khona lapho, waqala ukufundelwa. Akuphelanga sikhathi, wayeselishiyile iqembu lakhe futhi sikhuluma nje uba khona emihlanganweni yobuKristu.

EBrithani

Ngesikhathi uMarilyn esenkonzweni yendlu ngendlu wathola uMelanie, umama osemusha owabonisa ukuthi uyalithanda iBhayibheli. UMarilyn wamshiyela ipheshana wamthembisa ukuthi uzobuya. Ngemva kokuba esezame wazama, uMarilyn wamthola uMelanie ekhaya. “Nganquma ukuvele ngisebenzise incwadi ethi Okufundiswa IBhayibheli,” kusho uMarilyn, “futhi umphumela walokhu waba isifundo seBhayibheli esithuthukayo. Kwathi sekuzoba uKhisimusi, uMelanie wangimangaza lapho ethi kwase kuzoba okokugcina enesihlahla sikaKhisimusi. Wayeqhubekile nokuzifundela incwadi wafunda iqiniso ngoKhisimusi.”

EColombia

UConsuelo wathola imvume kumphathi wakhe yokuba aphuthe emsebenzini ukuze aye emhlanganweni wesigodi. Lapho ebuyela emsebenzini, umphathi wakhe wambuza ukuthi uhambe kanjani umhlangano, kwase kulandela ingxoxo emnandi. Uma emtshengisa incwadi ethi Okufundiswa IBhayibheli, wacela ukuyiboleka. Wayibuyisa ngemva kwezinsuku ezimbili wathi bekumnandi ukuyifunda. “Akuyona eyokufundwa kuphela, iyatadishwa,” kusho uConsuelo, owabe esembonisa indlela okuqhutshwa ngayo isifundo. “Ush ’ukuthi ngingayitadisha le ncwadi?” kubuza umphathi wakhe. Kwenziwa amalungiselelo esifundo, ngokushesha ngemva kwalokho lona wesifazane waqala ukushumayeza abakwakhe nabangane. Waqala nokuba khona emihlanganweni yobuKristu, ngezinye izikhathi ehamba nendodana yakhe nogogo wakhe.

EGuyana

UJoseph, iphayona elivamile, waqala isifundo ngencwadi ethi Okufundiswa IBhayibheli nendoda eyayike yahlangana noFakazi eminyakeni engaphambili enhloko-dolobha iGeorgetown. Ngenkathi uJoseph efika ezoqhuba isifundo okokuqala, wayelindwe yile ndoda namadodana ayo amabili asekhulile nawomkawo. Nabo bazamukela lezi zincwadi. Ngesonto elilandelayo, le ndoda yathi incwadi yayo yayitshelekwe uthisha wendawo futhi wayifunda. “Ineqiniso,” kusho uthisha. Uthisha naye waba khona esifundweni. Umakhelwane wezwa ngalesi sifundo naye wacela ukuba khona. Ngaleso sikhathi uJoseph wabamemela eSikhumbuzweni bonke. Nakuba indoda okuyiyona uJoseph ayeqale nayo isifundo ingakwazanga ukuba khona ngenxa yokugula, umkhaya wayo waya eSikhumbuzweni kanye nothisha nomkhaya wakhe. Bonke bayathuthuka.

EPoland

Ngenkathi uLucjan efakaza emgwaqweni, wahlangana noJan oneminyaka engu-50, umngane wakhe wasesikoleni okwase kuphele iminyaka engamboni. Njengoba bexoxa, kungena namaphuzu encwadi ethi Okufundiswa IBhayibheli, uJan wathi wayeshonelwe umkakhe futhi eseqale ukubhema waba nawumlutha wotshwala. “Lapho mina nomngane wami siya kuye ngemva kwezinsukwana,” kusho uLucjan, “uJan wayesilindele. Wacela isifundo, sangabe sisachitha sikhathi safunda incwadi ethi Okufundiswa IBhayibheli.” Iqiniso liyayithinta inhliziyo yakhe futhi uzama ukunqoba ukuba umlutha nokulawula indlela akhuluma ngayo ngoba unolimi oluqosheme.

ESpain

Kungani isazi segazi singacebisa isiguli esicindezelekile ukuba sitadishe iBhayibheli? Amalungu amabili eKomiti Yokubonisana Nezibhedlela avakashela lo dokotela amshiyela incwadi ethi Okufundiswa IBhayibheli. Yena nesiguli babecindezelekile ngenxa yokugula okungathí sina. Wayithanda impela le ncwadi wayeseyitshengisa isiguli sakhe, wasiqinisekisa ngokuthi uma befunda noFakazi, babeyoba nethemba ngesikhathi esizayo. Akuphelanga zinsuku ezingaki udade oyiphayona owayeshumayela emgwaqweni wahlangana nale ntokazi futhi yasamukela isifundo. Udokotela naye waqala ukufundelwa futhi useyaya emihlanganweni yobuKristu.

EZambia

UGoliath, induna yesigodi eyayinesithembu neshumi lezingane, akawona umdondoshiya futhi yena nomkhaya wakhe baye bathuthuka kakhulu ngokomoya. Waqala ukwenza izinguquko ngemva nje kokufunda incwadi ethi Okufundiswa IBhayibheli. Ngo-January 2006 yena nomkhaya wakhe baqala ukuya emihlanganweni yobuKristu, kwathi ngo-February wacela umkakhe wesibili ukuba ahambe, wayeseshada ngokomthetho nomkakhe wokuqala. (Math. 19:4-6; 1 Thim. 3:2) Ngo-March wayeka ukuba induna, ngo-April yena nomkakhe, u-Esther, baba abamemezeli abangabhapathiziwe. Kuyacaca ukuthi isinqumo sabo sokukhonza uJehova asiwathokozisanga amademoni ngoba aqala ukuhlukumeza u-Esther. Kodwa wamelana nawo njengoba kusho uJakobe 4:7. Waba yini umphumela? Wathi: “Mina kanye nomyeni wami sikhululekile.”

UKUZAMA UKUFAKAZA NGOLUNYE ULIMI

Emazweni amaningana kuye kwatheleka izifiki ezikhuluma ezinye izilimi, futhi eziningi ziqhamuka emazweni umsebenzi wokushumayela ongenziwa neze ngenkululeko kuwo. Ngenxa yalokho, ‘kuvuleke umnyango omkhulu oholela emsebenzini,’ futhi abazalwane nodade abaningi bangena kulo mnyango ngokufunda olunye ulimi. (1 Kor. 16:9) Ngaphezu kwalokho, amanye amazwe anabantu bendabuko abaningi abalulimi lwabo alukhulunywa kangako. Abamemezeli boMbuso bayazifunda lezi zilimi futhi bathola imivuzo ecebile.

Ukuze athuthukise umsebenzi emasimini anjalo, amagatsha amaningi aye ahlela ukuba kube namakilasi okufunda izilimi. Njengoba eklanyelwe ukuba kufundwe ngokushesha, la makilasi agxila ikakhulu ezimweni ezingokoqobo zasensimini. “Lezi zifundo zikusiza ukuba ugxile olimini,” kusho u-Elisa, ofunda isi-Albania.

EBelgium

Igatsha libika ukuthi abamemezeli abangaphezu kuka-300, abasukela eminyakeni engu-9 ubudala kuya kwengu-71, babe khona emakilasini angu-17 ezilimi ezingu-10. “Sengilufundile ulimi lwaseTurkey futhi sengibathanda ngokwengeziwe abantu abalukhulumayo,” kusho u-Enora. U-Annelies ufunda isiShayina futhi intatheli yethelevishini yake yaxoxa naye. Yayifuna ukusakaza indaba yomuntu owenza into entsha ekuphileni kwakhe. U-Annelies wayichazela ukuthi kungani efunda isiShayina. Lapho intatheli ibuya ngemva konyaka, u-Annelies wachaza imiphumela emihle ayibonile enkonzweni yakhe. Kusobala ukuthi le ntatheli yahlabeka umxhwele ngoba uhlelo lwayo lwasakazwa ngesikhathi abantu abaningi ababukela ngaso ithelevishini, futhi yavezwa ixoxa no-Annelies, wavezwa naye eshumayela ngesiShayina esitobhini sebhasi.

ENetherlands

“Ngaphandle kokuthi insimu yezinye izilimi ithola izisebenzi ezengeziwe, amakilasi okufunda ulimi aye asiza abazalwane bakwazi ukuhola emabandleni,” kubhala igatsha. ENetherlands kwakunesidingo esiphuthumayo ensimini entsha yesiRomania. Igatsha laliye lahlela ukuba kube nemihlangano ngezikhathi ezithile kodwa uyedwa umzalwane owayehola, egula nokugula. Manje ngenxa yamakilasi okufunda ulimi, abazalwane abengeziwe abafanelekayo sebeyahola. Omunye uqhuba isifundo sencwadi samasonto onke, omunye uqhuba iSifundo Se-Nqabayokulinda, owesithathu uyatolika lapho izinkulumo zibekwa ngesiDashi.

ESpain

Kusukela ngo-2003 igatsha liye lahlela ukuba kube namakilasi angu-48 okufunda izilimi ezingu-10, umphumela waba ukwanda okumangalisayo kwezifundo zeBhayibheli zacela ku-50 000. UJuan noMari Paz, umbhangqwana ongamaphayona akhethekile, bangeniswa endlini yomkhaya waseRomania. Ngokushesha kwaqoqana abantu abangu-16 bezolalela, kukhona noMario oneminyaka engu-19, owayelalele ngaphezu kwabo bonke. Nakuba ayengasazi iSpanishi namaphayona engasazi isiRomania, wayithatha incwajana ethi Yini UNkulunkulu Ayifunayo? ngolimi lwakhe. Ngesonto elilandelayo, uMario wacela isifundo seBhayibheli futhi waba khona emhlanganweni okhethekile wosuku olulodwa, nakuba kungekungakanani akuzwa. Kungakapheli masonto atheni, wayeseba khona kuyo yonke imihlangano yebandla waqala nokunikeza izimpendulo ezilula ngeSpanishi. Walungisa indlela ayebukeka ngayo, waqala ukuxoxela abanye ngokholo lwakhe olusha. Manje ufundela umbhangqwana waseRomania othuthukayo.

Phakathi naleso sikhathi uJuan noMari baqala ukufunda isiRomania, kungakapheli sikhathi babe sebeqhuba izifundo zeBhayibheli ezingu-30 ngesiRomania! UJuan uqhuba nesifundo sencwadi ngesiRomania. Ngemva kwesifundo, abamemezeli abayishumi bafunda isiRomania befundiswa nguye uMario lo, owafundelwa kuqala.

E-United States

Abantu abangaphezu kwezigidi ezingu-50 bakhuluma ulimi olungesona isiNgisi emakhaya. OFakazi BakaJehova abangaba ngu-254 000 bakhonza emabandleni eSpanishi angu-3 052 nasemaqenjini angu-53. Abanye abamemezeli abangu-26 000 bakhonza emabandleni nasemaqenjini angu-690 ezinye izilimi ezingesona iSpanishi. Ukuze umsebenzi usheshe kule nsimu enkulukazi enezilimi eziningi, igatsha liye lahlela ukuba kube namakilasi angaphezu kuka-450 ezilimi ezingu-29. “Eminyakeni emibili edlule kuye kwamiswa amabandla amane amasha esifundeni sethu,” kubika umbonisi wesifunda. “Amathathu awo awumphumela wamakilasi esiFulentshi.”

“Ungathi siyaphupha,” kusho umzalwane owafunda iSpanishi. “Sekuyiminyaka mina nomkami sifuna ukuba yizithunywa zevangeli, kodwa sinezingane ezimbili okwakumelwe sizikhulise. Manje sezikhulile kanti nami sengithathe umhlalaphansi. Ngakho mina nomkami sithuthele ebandleni leSpanishi ezinyangeni ezintathu ezidlule futhi sesiye sabelwa izinkulumo eSikoleni Senkonzo Esingokwasezulwini. Sinanezimpindelo eziningi futhi singase sibe nezifundo zeBhayibheli ezinhlanu. Njengoba sineminyaka engu-67 nengu-64, sifunde ukuthi umuntu angalufunda ulimi olusha noma esemdala kangakanani.”

Uma insimu yakini ingavezi abafundi abaningi abasha futhi nezimo zakho zivuma, kungani ungakucabangeli ngomthandazo ukufunda ulimi olusha ngenjongo yokuthuthela ensimini yalolo limi? Kungathela izithelo eziningi futhi kungenza nenkonzo yakho ithakazelise.

EJalimane

Amakilasi okufunda izilimi aqala eminyakeni engaphezu kwengu-30 edlule lapha, futhi abafundi abangaphezu kuka-1 000 sebefunde izilimi ezingu-9, kusukela kolwase-Albania kuya kolwaseVietnam. “Zingcono kakhulu lezi zifundo kunengazifunda eyunivesithi,” kusho udade. Ngenxa yokuthi abafundi bafunda nendlela abacabanga ngayo abantu bakwamanye amazwe, bayakwazi ukubafinyelela izinhliziyo lapho beshumayela.

UPaula oneminyaka engu-82 waqala ukufunda isiVietnam futhi uhamba amakhilomitha angaba ngu-150 eya emihlanganweni. Uthi: “Anginaso isiphiwo sokufunda izilimi kodwa ngimbonga kakhulu uJehova ngokungipha injabulo enkulu kangaka.” UPaula wafundela umkhaya waseVietnam. Indoda iyona eyaba nesithakazelo kuqala eqinisweni, kwalandela umkayo. Bobabili sebebhapathiziwe.

Kusukela babhapathizwa, kuye kwafezeka iphupho lale ndoda nomkayo nendodakazi lokukhonza uJehova ezweni lenkaba yabo. Bákha umuzi omkhulu ukuze babe nendawo yemihlangano yebandla, indoda ingumdala nephayona elisizayo. Umkayo uyiphayona elivamile. UPaula wachichima injabulo lapho ethola incwadi evela kulo mkhaya imazisa ukuthi le ndoda yayibhapathize indodakazi yayo. Le ntombazane yabhalela uPaula: “Sawubona ‘Gogo.’ Ngiyakukhumbula. Ngicabanga ngawe njalo. Uyohlale ungugogo Paula kimi. Ngiyakuthanda.” Yeka ukuthi kwaba okuhlangenwe nakho okumthinta inhliziyo kanjani lokhu udadewethu othandekayo, owafunda ulimi olunzima esekhulile!

ECanada

Kusukela ngo-2002 abafundi abangu-554 baye baba khona emakilasini angu-31 okufunda ulimi emadolobheni angu-10. UPaul, ongumdala okhubazekile, wayefunda isiMandarin. ULinda, umhlengikazi omgada ngezikhathi ezithile, ungumShayina. Ngenxa yokuthi isonto lakhe lalinyundele oFakazi, uLinda wayengafuni ukulalela isigijimi soMbuso. Ngelinye ilanga uPaul wamcela ukuba amyise eHholo LoMbuso ukuze ethamele inkulumo yeningi ngesiMandarin. Wavuma kodwa wafike wazihlalela laphaya wangabonisa sithakazelo. Kungakapheli sikhathi eside wayisa uPaul esifundweni sencwadi. Kodwa manje uLinda, ongumzali ongayedwa, walalelisisa ngoba kwakufundwa ngokuphila komkhaya. Kamuva, udade oyiphayona wacela ukumfundela, wavuma uLinda. Wathuthuka masinyane futhi manje ungomunye wodadewethu.

ECanada kunabantu abaningi bendabuko abakhuluma ulimi lwabo. Eminyakeni embalwa edlule, udade oyiphayona uCarma washumayeza umlisa wesizwe samaBlackfoot Indian. “Lapho ngizama ukumshumayeza ngesiNgisi, wenqaba ukulalela,” kusho uCarma, ohlala nabazali bakhe ezabelweni zamaBlackfoot. “Wathi ngisonta esontweni labeLungu futhi iBhayibheli yincwadi yabeLungu. Ngacabanga, ‘Ukube nje bengilwazi ulimi namasiko amaBlackfoot, ubengase angilalele.’” UCarma wanquma ukulufunda lolu limi futhi kamuva wasiza abamemezeli abangu-23 ababeba khona ekilasini lamasonto onke lokufunda ulimi lwamaBlackfoot.

Omunye wabafundi washumayeza umbhangqwana wamaBlackfoot owawuvakashele indodana yawo egulayo esibhedlela. Uhlatshwe umxhwele ukuthi udade wayezihluphile ngolimi lwabo, bamnikeza ikheli labo. UCarma wathola ukuthi indoda kwakuyiyo leyaya ayehlangane nayo esikhathini esingangonyaka ngaphambili! Ngakho waphelezela lo dade bayokwenza impindelo. “Abagcinanga ngokulalela nje kuphela kodwa bavumelana nokushiwo iBhayibheli,” kulandisa uCarma. “Udade wabanikeza iBhayibheli nencwadi. Le nkosikazi yahlengezela izinyembezi yazinkonkoshela izincwadi zayo, umyeni enanela ngokunqekuzisa ikhanda. Manje inkosikazi iyafundelwa futhi umyeni uba khona alalele.”

Liveza impumelelo yekilasi lokufunda ulimi, igatsha libika ukuthi amaBlackfoot angu-34 aba khona eSikhumbuzweni sango-2006 esasiqhutshwa ngolimi lwawo!

E-Italy

Abamemezeli abangaba ngu-7 200 bafunda izilimi ezingu-18. Omunye wabo wahlangana noSamson wasezweni umsebenzi woMbuso ovinjelwe kulo. Eneminyaka engu-24, uSamson waqala uhambo alubiza ngokuthi uhambo lwethemba, waqale wanqamula ihlane wayeselibhekisa e-Italy ngomkhumbi. Elapho, watholana nomzalwane owayefunde ulimi lwakhe. USamson walalela ngesithakazelo waze waya nasemhlanganweni wobuKristu. Ngemva kwezinyanga eziyishumi belahlekelene, baphinde babonana, umzalwane waqala ukufundela uSamson iBhayibheli. Lesi sifundo sasiqhutshelwa ezitolo zokudlela, eziteshini, nasezindaweni zokupaka. Ngemva kokuya eSikhumbuzweni, uSamson waqala ukulungisa ukuphila kwakhe, waze wahlukana nentombi ayesehlale nayo isikhathi esicishe sibe ngangonyaka. Manje ungomunye wabafowethu.

ENicaragua

Ngo-2006 abafowethu bakwazi ukushumayeza amaMayangnan endabuko ngokokuqala ngqá. Iningi lawo lisenkolweni yaseMoravia, iqembu lobuProthestani, futhi umphathi-dolobha elizibekela yena edolobheni ngalinye uye abe umfundisi. Omunye walaba befundisi wénza okuhlukile, wavumela uHamilton no-Abner—amaphayona akhethekile—ukuba bahlale edolobheni. Waze wabatholela nendawo yokuhlala wabanikeza neBhayibheli lesiMayangna. Abafowethu bafunda lolu limi, ngokushesha base benezifundo zeBhayibheli eziningana. Empeleni, la maphayona atolika esifundweni mhla kufike abantu abangu-13 ngesikhathi umbonisi wesifunda eqala ngqá ukuhambela lapha, futhi kwaba khona abangu-90 eSikhumbuzweni. NgeSikhumbuzo, abafowethu bahumusha izingoma ezimbili ngesiMayangna, bonke bacula ngomdlandla.

Ngenxa yalesi sithakazelo esihle kakhulu, igatsha lavuma ukuba amaphayona ahlale unomphela kulesi sabelo. Kodwa zazizovuma yini iziphathimandla zendawo? Emhlanganweni wedolobha, abanye bagxeka oFakazi BakaJehova ngokuthi bangabaphik’ uKristu. Enye indoda yayike yafunda noFakazi futhi yayisemkhandlwini wedolobha. Yathi: “Selokhu zifikile lapha lezi zinsizwa ezimbili, angikaze ngibone muntu eziphekela noma eziwashela. Ziyazibambela. Sezize zafunda ngisho nolimi lwethu! Ngaphezu kwalokho, zisifundise izinto ebesingazazi eBhayibhelini. Ukube bebengebona abantu bakaNkulunkulu, ngiqinisile ngabe sebayeka.” Abafowethu bavunyelwa ukuba bahlale.

UKUHUMUSHELA IZITHULU

E-United States

 Ngo-2006, kwakhululwa iBhayibheli elithi The Good News According to Matthew ngoLimi Lwezandla LwaseMelika likuma-DVD. Kuyaqala ngqá ukuba abamemezeli abayizithulu bakwazi ukufunda izahluko eziphelele ze-Nguqulo Yezwe Elisha ngolimi lwabo. “Yincwadi enhle kakhulu engake ngayithola ivela kuJehova,” kusho umdala oyisithulu. Omunye wathi, “Manje sengiyabona ukuthi ivesi ngalinye lihlangana kanjani nendaba.” Udade onomgomo wokufunda isahluko esisodwa ngosuku uyabhala: “Ngiye ngethuke sekudleke isikhathi ngoba ngisuke sengifunde izahluko ezine noma ezinhlanu nginganakile!”

EBrazil

Wanda ngezinga elimangalisayo umsebenzi ensimini yezithulu. Kumanje nje kunamabandla olimi lwezandla angu-232 akha izifunda eziyishumi nesigodi esisodwa. Abadala nezinceku ezikhonzayo ezingaphezu kuka-1 000 kanye namaphayona akhethekile angu-146, angu-8 kuwo ayizithulu, bonke bakhonza emabandleni nasensimini yezithulu. Kulaba badala nezinceku ezikhonzayo, abangaphezu kwekhulu bathi intuthuko yabo ngokomoya yabangelwa amalungiselelo awusizo inhlangano kaJehova ewenzela izithulu. Phakathi kwazo kunethi Ulwazi Oluholela Ekuphileni Okumi Phakade, Lifundisani Ngempela IBhayibheli?, Hlalani Nilindile!, Yini UNkulunkulu Ayifunayo Kithi?, ne-Nqabayokulinda. Kusukela ngo-2006, kuhlelwe iSikole Senkonzo Esingokwasezulwini kusetshenziswa izincwadi ezitholakala ngolimi lwezandla.

“Njengoba ngiye ngaya ezinkonzweni zamasonto ahlukahlukene,” kusho uthisha oneminyaka engu-30, “sengiyabona ukuthi oFakazi BakaJehova kuphela abakwazi ngempela ukufundisa izithulu iBhayibheli.” Wathi okwakufundiswa yisonto lakhe kwakungenangqondo futhi kungafezi lutho. Naphezu kokucindezelwa abangane bakhe, uzimisele ukuqhubeka eba khona emihlanganweni yobuKristu. Sengathi uJehova angaqhubeka ebadonsela eNdodaneni yakhe abantu abanjalo abanhliziyo ziqotho!—Joh. 6:44; IsAm. 14:6.

IZINDABA EZIPHATHELENE NOMTHETHO

E-Eritrea

Ngenxa yokuthi abafowethu abavotanga okhethweni lukazwelonke, umthetho owashaywa umongameli ngo-1994 wenza ukuba oFakazi BakaJehova baphucwe ilungelo lokuba izakhamuzi. Lesi sinqumo sadalela abafowethu ubunzima obukhulu bezomnotho, abaningi babaleka bayokhosela kwenye indawo. Bakhona abasala, kuhlanganise nabanye abanezingane ezifundayo. Lapho bonke abafundi sebesebangeni lesikhombisa—abafana namantombazane—babhaliselwa ukuqeqeshelwa impi. Ngenxa yalokho, intsha eningi iye yanquma ukugcina ebangeni lesithupha.

Ukuba semihlanganweni yebandla nokuhlanganyela emsebenzini wokushumayela kuyingozi; kuye kwaboshwa wonke amabandla! Noma kunjalo, abafowethu nodade abanesibindi bayaqhubeka ‘belalela uNkulunkulu njengombusi kunabantu.’ (IzE. 5:29) Sikhuluma nje abafowethu nodade abangu-31 baboshiwe, kuhlanganise nomfowethu oneminyaka engu-73 oyisakhamuzi saseNetherlands. Abanye baboshelwe ukwenqaba ukuya empini. Abafowethu abathathu—uPaulos Eyassu, Isaac Mogos noNegede Teklemariam—selokhu baboshwa ngo-1994.

EFrance

Ngo-February 25, 2005 kwafakwa isikhalo kuyi-European Court of Human Rights (ECHR) mayelana nokutheliswa okungafanele kweNhlangano YoFakazi BakaJehova. Abantu abevile ku-874 000 ezweni lonke basayina isikhalazo sokungaphathwa ngobulungisa, sase siyiswa eNkantolo. Naphezu kwalokho, ngo-January 2006 iziphathimandla zentela zathi abafowethu abakhokhe intela ababengakayikhokhi.

OFakazi BakaJehova bathintana ne-ECHR masinyane ukuze bayazise ngalokhu. INkantolo yaqala khona manjalo ukuhlola lesi sikhalo. Ngo-May 4, 2006, iNkantolo yathi uhulumeni waseFrance awulethe uhlangothi lwawo lwendaba ulubhale phansi. Injongo iwukuthola ukuthi ayephulwanga yini inkululeko engokwenkolo yoFakazi BakaJehova nokuthi kukhona yini ukubandlululwa okuhilelekile.

EJalimane

Ngo-February 10, 2006, iFederal Administrative Court yaseLeipzig yanquma ukuthi uMbuso WaseBerlin kumelwe uqaphele iNhlangano Yenkolo YoFakazi BakaJehova eJalimane njengenhlangano yomphakathi. Lokhu kwaqeda umshuduliswano wezomthetho weminyaka engu-15. Le Nhlangano Yenkolo ngeke isayikhokha intela futhi izothola amalungelo atholwa izinkolo ezinkulu. Ngo-July 5, 2006, uMbuso WaseBerlin wathi usuyiqaphela ngokomthetho, wanikeza amalungu amabili eKomiti Yegatsha isitifiketi esifakazela lokho.

EGreece

Kwaphela iminyaka izimvume zokwakha nokusebenzisa amaHholo OMbuso zibanjezelwa noma zingakhishwa ngoba umthetho wawuthi aziqale zivunywe ababhishobhi beGreek Orthodox. Ngo-May 30, 2006, iphalamende lanquma ukuthi nguMnyango Kazwelonke Wezemfundo Nezenkolo wodwa ozokhipha izimvume zezinkolo ezingezona ezobu-Orthodox.

Ngo-July 15, 2005, abaphathi benkundla yomphakathi enompheme eLoutraki, eKorinte, bashaya ingwijikhwebu base benqaba ukuba abafowethu bayiqashele umhlangano wesigodi. Abaphathi bayo babuza ukuthi oFakazi BakaJehova “bayinkolo eyaziwayo” yini. Kwangenela umuntu ophenya izikhalazo ngohulumeni, kwathi ngo-February 2006, izikhulu zenkundla zathembisa ukuthi zizozicabangela izicelo ezintsha ngoba seziyazi ukuthi oFakazi BakaJehova bayinkolo eyaziwayo.

ENepal

OFakazi BakaJehova babhaliswa ngempumelelo njengenhlangano yenkolo ngo-October 2005. Enye yezinjongo zale nhlangano “ukugqugquzela imfundo engokomoya.” Loku kubhaliswa kufanele kusize ekuqhubekeleni phambili kwezindaba ezinhle kuleli zwe eligcwele amaHindu.

ERomania

Yize oFakazi BakaJehova babebhaliswe ngokomthetho njengenkolo ngo-1990, abazange bafakwe ohlwini loMbuso lwezinkolo eziqashelwa ngokomthetho olwakhishwa ngo-1997. Ngenxa yalokho, abafowethu abavunyelwanga ukwakha amaHholo OMbuso futhi benqatshelwa ukuba bangayi empini—amalungelo ayenikezwa izinkolo eziqashelwayo. INkantolo Ephakeme YaseRomania yayala uhulumeni ukuba uqaphele oFakazi BakaJehova njengenkolo, kodwa uhulumeni awuzange uyingene leyo. Ngo-March 2006 uhulumeni, ulekelelwa i-ECHR, wabonisana noFakazi BakaJehova bafinyelela esivumelwaneni esikahle, okwaqeda umshuduliswano wasezinkantolo owawusudonse iminyaka engu-9. Uhulumeni wavuma ukuthi inhlangano yethu kufanele ithole “wonke amalungelo nezibopho umthetho” ozinika izinkolo eziqashelwayo.

ETurkey

Ngemva kokuba igatsha lifake isicelo sokubhaliswa njengenkolo, uhulumeni wathi ngeke libhaliswe, nakuba umthetho usuchibiyelwe wavumelana nezindinganiso ze-European Union. Lolu daba lusezithebeni zezinkantolo zakhona, kodwa lungase lugcine seluye kuyi-ECHR.

Enye inselele iphathelene nenkonzo yezempi. Abafowethu babizelwa inkonzo yezempi kathathu noma kane ngonyaka baze badlule ebudaleni obuthile. Isikhathi ngasinye bayagwetshwa. Abanye baye bahlawuliswa kaningi, abanye baboshwa. Ngo-2004, uYunus Erçep wafaka isikhalo kuyi-ECHR. Nakuba ayesehlawuliswe kaningi, uMfoweth’ u-Erçep waboshwa ngo-October 2005 wayesededelwa ngemva kokudonsa izinyanga ezinhlanu zesigwebo sakhe sezinyanga eziyishumi nambili. Mhla ededelwa, wabuye wabizwa enkantolo wahlawuliselwa ukuthi ngaphambili wayenqabile ukuya empini.

E-Uzbekistan

Kule minyaka emine edlule kube namacala angaphezu kuka-1 100 okuboshwa kwabafowethu, ukugqunywa ejele, ukuhlawuliswa, noma ukushaywa. Kulezi zigigaba, ezingaphezu kuka-800 zenzeka ngenkathi yeSikhumbuzo sika-2005 no-2006. Ezindaweni eziningi, kwafika abakwasidlodlo ngamabhasi bephethe izagila, babopha bonke abakhona. Abaningi bahlawuliswa; abanye bashaywa kabuhlungu.

Naphezu kwalokho, abafowethu baye banikeza ubufakazi obuhle. Cabanga ngesibonelo somfowethu nodade ababebhekene namacala okuya emihlanganweni yebandla nasensimini. Ummeli wabo wacela ukuba inkantolo icubungule izincwadi ababephucwe zona ngenkathi beboshwa. Kwafundwa ngokuzwakalayo incwadi Ulwazi nethi Yini UNkulunkulu Ayifunayo?, ijaji nalo layifunda. Ngenxa yokuthi lalisithanda ngokukhethekile isahluko 5 sencwadi Ulwazi, esithi “Ukukhulekela Kobani UNkulunkulu Akwamukelayo?” lathi akuqhutshekwe kufundwa ngisho nangesikhathi sekhefu lasemini.

Lapho kucashunwa uMathewu 28:19, 20, ijaji lababaza, “Oho, yingakho nishumayela!” Uma libuza ukuthi kungani umbuso kaHitler wamaNazi washushisa oFakazi BakaJehova, lanikezwa ama-video amathathu athi: Purple Triangles, Jehovah’s Witnesses Stand Firm Against Nazi Assault, nethi The Bible—Accurate History, Reliable Prophecy. Nakuba abafowethu nodade bahlawuliswa, bakwazi ukufakaza ezikhulwini zenkantolo nasemaphoyiseni ngezindlela ababengazilindele.—Luka 21:12, 13.

ESudan

Ngo-June 2006 oFakazi BakaJehova babhaliswa njengenkolo ezifundazweni ezingu-8. Abafowethu baye bakha amaHholo OMbuso kulezi zindawo baqhuba nemihlangano emikhulu obala. Izincwadi zethu zingena ngaphandle kwezinkinga futhi abafowethu banehhovisi eKhartoum.

ERussia

Ngo-April 12, 2006 ibandla labamemezeli abangu-200 eMoscow laligubha iSikhumbuzo ehholo eliqashiwe ngenkathi kufika amaphoyisa ahlomile angaphezu kuka-50. Umphathi Womnyango Wamaphoyisa WaseLyublino wawuhlakaza lo mhlangano, ethi ngenxa yokuvinjelwa koFakazi BakaJehova eMoscow, abavunyelwe ukuba nemihlangano enjalo. Amaphoyisa abheka omazisi babazalwane, ashaqa izincwadi, athatha abazalwane abangu-14 abayisa esiteshini samaphoyisa eLyublino, bafike bavalelwa amahora angaphezu kwamane. Lapho umzalwane othile eya emaphoyiseni eyonikeza usizo lwezomthetho, amgingqa phansi ash’ ukumgwaza. Kwathiwa angalifaki icala. Kodwa ngo-April 17 abazalwane abane kulaba abangu-14 bawumangalela uMnyango Wamaphoyisa WaseLyublino.

Icala laqala ukuqulwa ngo-May 16 eLyublino District Court eMoscow, liphethwe iJaji uZ. V. Zubkova. Akufikanga nelilodwa iphoyisa kulawa ayehlakaze umhlangano—kwafika ummeli wawo kuphela. Ngaphandle kwencazelo, ijaji lachitha izikhalo ezingu-50 ezazivezwe abameli babafowethu lazenqaba neziningi zeziphakamiso zabo. Ngakolunye uhlangothi, lasivuma isicelo sommeli womnyango wamaphoyisa sokuba kwamukelwe ikhophi yesinqumo seGolovinsky Intermunicipal District Court esasivala oFakazi BakaJehova eMoscow lamukela nombono wesazi sokusebenza kwengqondo uL. V. Kulikov, owafakaza ngokumelene noFakazi BakaJehova kulelo cala langaphambili.

Ngo-June 15, 2006 leli jaji lanquma ukuthi ukuboshwa kwabamangali kwakungekho emthethweni kodwa lehluleka ukukhipha isinqumo esigxeka ukuphazanyiswa kweSikhumbuzo. Isinqumo sathi futhi ihholo elaliqashiwe alihlangabezani nezimfuneko zendawo yokuqhubela izinkonzo zenkolo. OFakazi BakaJehova badlulisela icala eMoscow City Court ngo-June 30, 2006, phakathi kokunye, babala nezinto eziningi ezingenziwanga kahle yiLyublino District Court ngenkathi iqula icala. ISikhumbuzo saqhutshwa ngaphandle kweziphazamiso kwezinye izindawo ezingu-22 eMoscow.

Isigaba sokuqala kule Mibiko Evelele sikhulume ngesifiso somhubi: “Ngizomhubela uNkulunkulu wami uma nje ngisekhona.” (IHu. 146:2) Namuhla, izigidi zezinceku zikaJehova ziye zanikeza ubufakazi obuningi bokuthi zinesifiso esivuthayo esifanayo. Yebo, uma nje lesi simiso sezinto sisekhona, kwangathi singezivumele izindonga zamajele, imithetho yeziphathimandla, noma izithiyo eziwulimi zisivimbe ekuhubeleni uBaba wethu wasezulwini!

[Ibhokisi/Isithombe ekhasini 9]

Lingaphezu Kwesimemo

Kuleli pheshana kwakunesigqebhezana abantu ababengacela ngaso isifundo seBhayibheli, incwadi ethi Okufundiswa IBhayibheli, noma kokubili. Izigqebhezana ezigcwalisiwe zaqala ukufika emahhovisi egatsha emhlabeni wonke. Igatsha lase-United States libika ukuthi lathola izigqebhezana ezingaphansana nje kuka-2 000 kanye nezicelo zezifundo zeBhayibheli ezingu-300. Ngokusobala, ukuzikhandla kwabafowethu nodade besakaza la mapheshana kuzoqhubeka kuthela izithelo.

[Ibhokisi/Izithombe ekhasini 12, 13]

Incwadi Ethi Okufundiswa IBhayibheli Ifunwa Ubuthaphuthaphu!

Ekupheleni kuka-July 2006 kwase kunyatheliswe amakhophi encwadi ethi Okufundiswa IBhayibheli angaphezu kwezigidi ezingu-47 ngezilimi ezingu-155, ngaphandle kwezilimi ezingu-10 zeBraille. Ngenyanga eyodwa nje amabandla ase-United States acela isilinganiso sezincwadi ezingu-42 000 ngosuku. Ingxenye eyodwa kwezintathu kulezi kwakungama-oda athunyelwa ngokuphuthumayo. Umkhaya waseBethel emhlabeni wonke ukubheka njengelungelo ukusebenza kanzima ukuze abafowethu nodadewethu bathole izincwadi ezinjalo.

[Ibhokisi/Izithombe ekhasini 28, 29]

Ukunikezelwa Kwamagatsha

E-Albania

Ukuvinjelwa komsebenzi wethu okwase kudonse iminyaka engu-50 kwaphela ngo-1992. Kubafowethu nodade abangu-325 ababekhona ekunikezelweni kwegatsha elisha elisemaphethelweni eTiranë, kwakukhona noFakazi abane asebekhulile abakhonza uNkulunkulu ngeminyaka yokuvinjelwa. Kwakukhona nabavela kwamanye amazwe angu-32. Ngesikhathi kufika izithunywa zevangeli ngo-1992, kwakunabamemezeli ababhapathiziwe abangu-9 kuphela kuleli zwe. Manje sebengu-3 617. Amalungu eNdikimba Ebusayo uTheodore Jaracz noGerrit Lösch babenezinkulumo esimisweni esasingo-June 3, 2006. Ngakusasa, bethula izinkulumo enkundleni evulekile ezilalelini ezingu-5 153, ezazilalelisisile yize laliyidliva imvula.

ECroatia

Ngonyaka ofile kwaba nesibusiso esikabili: ukukhululwa kwe-Nguqulo Yezwe Elisha YemiBhalo Engcwele ephelele ngesiCroatia emhlanganweni wesigodi nokunikezelwa kwezakhiwo zegatsha ezenezelwe eZagreb. NgoLwesihlanu ngomhla ka-11 ku-August, izilaleli ezingu-142 zalalela uMfoweth’ uJaracz ethula inkulumo yokunikezela. Ukunikezelwa kokuqala kwakube seminyakeni engu-7 ngaphambili, ngo-1999.

ESlovenia

NgoMgqibelo, ngo-August 12, uMfoweth’ uJaracz wabeka inkulumo yokunikezela igatsha elisha eKamnik, idolobha eliqhele ngamakhilomitha angaba ngu-20 enyakatho yenhloko-dolobha iLjubljana futhi eliqhele ngamakhilomitha angaba ngu-130 entshonalanga yeZagreb, eCroatia. Ngaphambili, umkhaya waseBethel wawuhlala ezindaweni ezihlukahlukene enhloko-dolobha, ngakho wakujabulela kakhulu ukuba ekugcineni uhlale ndawonye njengomkhaya! Izilaleli ezingu-144 zazivela emazweni angu-20.

[Izithombe]

Ihhovisi legatsha lase-Albania

Umhlangano okhethekile wawuhanjelwe abangu-5 153

Izakhiwo zegatsha ezinwetshiwe eCroatia

Igatsha laseSlovenia

[Isithombe ekhasini 6]

Ufakaza kowesifazane oyisithulu eBrazil

[Isithombe ekhasini 17]

Ikilasi lokuqala lesiHindi eJalimane

[Isithombe ekhasini 19]

ULinda noPaul

[Isithombe ekhasini 19]

UCarma ushumayela ngolimi lwamaBlackfoot

[Isithombe ekhasini 20]

Ikilasi leSpanishi eRome, e-Italy

[Isithombe ekhasini 20]

Ushumayeza uSamson

[Isithombe ekhasini 21]

UHamilton no-Abner bafundisa iBhayibheli ngesiMayangna

[Isithombe ekhasini 27]

IHholo LoMbuso eningizimu yeSudan

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela