Ukushumayela Nokufundisa Emhlabeni Kabanzi—Izingqikithi Zika-2007
Lo mbiko olandelayo wonyaka wenkonzo odlule awukona nje ukulandisa kwamaqiniso angathi shú. Kunalokho, ubonisa uthando nokuzinikela kwamadoda, abesifazane nezingane abahlonipha uNkulunkulu emhlabeni wonke. Yebo, lo mbiko usenza sibone ukuzinikela okwenziwa abafowethu nodadewethu, ubonise amandla nempahla eye yasetshenziswa ekushumayeleni izindaba ezinhle “nasezingxenyeni ezikude kakhulu zomhlaba.” (IzE. 1:8) Ukuzidela okunjalo, kungakhathaliseki ukuthi kukhulu noma kuncane, kuyigugu kuJehova uNkulunkulu naseNdodaneni yakhe, uJesu Kristu. (IHu. 50:14; Luka 21:1-4) Umbiko wonyaka usikhumbuza nokuthi lo msebenzi osindisa ukuphila ungenziwa kuphela ‘ngamandla anikezwa nguNkulunkulu.’ (1 Pet. 4:11) Ngakho, njengoba uzindla ngalo mbiko nangokuhlangenwe nakho okulandelayo, kwangathi ‘ungaqhubeka uzuza amandla eNkosini nasebukhulwini bamandla ayo.’—Efe. 6:10.
Izingqikithi Zika—2007
Amagatsha OFakazi BakaJehova: 113
Inani Lamazwe Abikayo: 236
Ingqikithi Yamabandla: 101 376
Ababekhona Esikhumbuzweni Emhlabeni Wonke: 17 672 443
Inani Labadla Izifanekiselo Emhlabeni Wonke: 9 105
Inani Eliphakeme Labamemezeli Enkonzweni YoMbuso: 6 957 854
Isilinganiso Sabamemezeli Abashumayela Inyanga Ngayinye: 6 691 790
Ukwanda Kwabamemezeli Kunango-2006: 3,1
Inani Lababhapathiziwe: 298 304
Isilinganiso Sabamemezeli Abangamaphayona Asizayo Inyanga Ngayinye: 312 741
Isilinganiso Sabamemezeli Abangamaphayona Inyanga Ngayinye 678 638
Ingqikithi Yamahora Achithwa Ensimini: 1 431 761 554
Isilinganiso Sezifundo ZeBhayibheli Zasekhaya Inyanga Ngayinye: 6 561 426
Ngonyaka wenkonzo ka-2007 oFakazi BakaJehova basebenzisa izigidi zamaRandi ezingaphezu kuka-792 ekunakekeleni amaphayona akhethekile, izithunywa zevangeli, nababonisi abajikelezayo ezabelweni zabo zenkonzo yasensimini.
◼ Emhlabeni jikelele, zingu-19 581 sezizonke izikhonzi ezimisiwe ezisebenza ezakhiweni zamagatsha. Zonke zingamalungu oHlelo Lomhlaba Wonke Lwezinceku ZoFakazi BakaJehova Ezisenkonzweni Ekhethekile Yesikhathi Esigcwele.
[Ishadi ekhasini 32-39]
UMBIKO WONYAKA KA-2007 WOFAKAZI BAKAJEHOVA EMHLABENI WONKE
(Bheka encwadini)
[Amabalazwe ekhasini 40-42]
(Bheka encwadini)