Imibiko Evelele Yonyaka Odlule
IMIBIKO evela emhlabeni wonke ifakazela ukuthi oFakazi BakaJehova bebematasa kunanini ngaphambili beshumayela izindaba ezinhle zoMbuso “emhlabeni wonke owakhiwe ngenjongo yobufakazi ezizweni zonke.” (Math. 24:14) Ngenxa yemisebenzi yabo yothando abayifeza ngokukhuthazela, ngobunye nangokungenabugovu, ‘izwi likaJehova liye lazwakala, futhi ukholo lwabo kuNkulunkulu luye lwasakazeka kabanzi nasezindaweni zonke.’—1 Thes. 1:8.
UKUKHULEKELA KOMKHAYA OKWAKHAYO NOKUJABULISAYO
Ngo-January 1, 2009, oFakazi BakaJehova benza ushintsho olukhulu esimisweni sabo semihlangano yamasonto onke. ISifundo Sencwadi Sebandla saqanjwa ngokuthi iSifundo SeBhayibheli Sebandla futhi kwahlelwa ukuba siqhutshwe ngosuku olulodwa neSikole Senkonzo Esingokwasezulwini noMhlangano Wenkonzo. Kwakhuthazwa wonk’ umuntu ukuba usuku okwakungolweSifundo Sencwadi Sebandla alusebenzisele ukuKhulekela Komkhaya.
Izinceku zikaJehova zisabele kanjani kulolu shintsho olubonisa uthando? Eziningi zizizwa njengendoda eyabhala: “Siyabonga, siyabonga, siyabonga. Mina nomkami asikwazi ukuchaza indlela esizuze ngayo ekuKhulekeleni Komkhaya. Kujulise uthando lwethu ngoJehova, kwasenza sasondelana kakhudlwana njengomkhaya. Yeka ilungiselelo elihle nelihlakaniphile uBaba wethu osezulwini asenzele lona!”
Imikhaya isisebenzisa kanjani lesi sikhathi esiyigugu esisinikeziwe? Omunye umama wabhala: “Ngezinye izinsuku sifunda ndawonye ikhasi 31 le-Phaphama!, ngezinye sibukele enye yama-video enhlangano. Abantwana bethu bayazicwaningela futhi bayakujabulela ukufunda nesikhathi sokuKhulekela Komkhaya. Sibanika izabelo zokucwaninga ngomuntu okukhulunywa ngaye eBhayibhelini inyanga yonke, bese benikeza inkulumo ngaye ngenyanga elandelayo. Nathi njengabazali siyakwenza lokhu. Indodana yethu eneminyaka eyishumi yayinikeza kahle kakhulu inkulumo yayo yokuqala eyayikhuluma ngoNowa! Yaze yasitshela nokuthi singakusebenzisa kanjani namuhla lokho esikufundayo. Yasitshengisa nomkhumbi kaNowa eyayizenzele wona. Ngesonto elilandelayo, indodakazi yethu yakhuluma ngohambo lukamphostoli uPawulu njengesithunywa sevangeli. Lapho iqeda, sonke sashaya ihlombe, yabe isisiphonsa imibuzo engxenyeni eyayibiza ngokuthi Uyakhumbula? Sabamba ongezansi!” Lo mkhaya ulibheka njengeliyisibusiso ngempela leli lungiselelo elivela kuJehova lokuKhulekela Komkhaya. “Mina nomyeni wami sibhekane nezinkinga eziningi ngonyaka odlule,” kusho umama, “futhi lena yiyona nto ebesiyidinga ngempela ukuze sikhuthazeke.”
Omunye udade wabhala: “Ngifisa ukubonga ngaleli lungiselelo eliye langiphaphamisa ngokomoya! Lapho izingane zethu sezikhulile futhi sezithuthile, mina nomyeni wami asibange sisaba nesifundo somkhaya esiqhutshwa njalo. Manje sesinaso. Esikhathini esiningi sifunda amahora amabili futhi isikhathi sivele sigijime!”
Njengoba usizi olukhulu lusondela, kwangathi isikhathi osisebenzisela ukuKhulekela Komkhaya singakusiza ukuba umbe ujule eZwini likaNkulunkulu futhi uqinise ingokomoya lakho ukuze umelane noDeveli. Sisebenzise ngokugcwele lesi sikhathi esiyigugu ukuze ‘usondele kuNkulunkulu, naye asondele kuwe.’—Jak. 4:7, 8.
UKWENZA OKWENGEZIWE EKUCELENI IZIFUNDO ZEBHAYIBHELI
Kusukela ngo-January 2009, amabandla anxuswa ukuba abekele eceleni uMgqibelo noma iSonto elilodwa nyanga zonke, agxile ekuceleni izifundo zeBhayibheli. Ube yini umphumela? Abamemezeli abaningi baye bamangala futhi bajabula kakhulu—bemangazwa ukuthi ukucela isifundo kulula kunalokho ababekucabanga futhi bejatshuliswa ukuthi baningi abantu abaye bavuma ukufundelwa ngencwadi ethi Lifundisani Ngempela IBhayibheli? Ababonisi abajikelezayo babika ukuthi amabandla alikhuthalele leli lungiselelo elisha futhi imibiko eyatholwa lapho liqala mihle kakhulu. Ngokwesibonelo, e-Italy kwaqalwa izifundo zeBhayibheli ezingaphezu kuka-8 000 ezinyangeni ezinhlanu zokuqala.
Abamemezeli abangakaze baqhube izifundo manje benza izimpindelo futhi baqala izifundo. UCarolina wasePeru uthi: “Ngaphambi kokuba kuqalwe leli lungiselelo ngangingakaze ngiqhube isifundo seBhayibheli, kodwa ukubekela eceleni usuku olukhethekile lokucela izifundo kungenze ngabona isidingo sokuba ngizame ukusiqala. Ngiye ngakwazi ukubonisa abaninikhaya ukuthi isifundo seBhayibheli silula futhi asidli isikhathi esiningi. Ngenxa yokusebenzisa ukusikisela okuvela kuJehova, ngithole imiphumela emihle; manje sengiqhuba izifundo ezimbili.”
USatya, udade oyiphayona eBrithani, wayesaba ukucela isifundo seBhayibheli ekuhambeleni kokuqala. Kodwa ngosuku olubekelwe ukucela izifundo, wazitshela ukuthi ngeke abuyele ekhaya engazange azame. Wajabula kakhulu lapho enye intokazi isamukela ngokushesha isicelo sakhe. Kwakulula kakhulu kunalokho uSatya ayekucabanga!
ULuca, umzalwane osemusha ePalermo, eSicily, wayemshiyela njalo omagazini bethu umfelokazi owayesaba ukungenisa abantu emzini wakhe. Ngomunye uMgqibelo ntambama, ngosuku lokucela izifundo zeBhayibheli, uLuca waya kulo mfelokazi evule incwadi ethi Okufundiswa IBhayibheli, wamfundela ingxenye ethile kuyo. Lo mfelokazi wayithanda le ncwadi futhi baxoxa isikhathi eside. ULuca wamtshela ukuthi le ncwadi inazo izimpendulo zemibuzo yakhe—kuhlanganise neyombuzo othi uyoke aphinde yini ambone umyeni wakhe. Wavula ekhasini 72, elichaza ukuthi obani abayovuswa. Leli themba leBhayibheli lamthinta futhi wavuma ukufundelwa. Manje uqhutshelwa isifundo njalo, angenise oFakazi emzini wakhe ngaphandle kokwesaba.
“Selokhu laqala leli lungiselelo,” kubika umbonisi wesifunda ePeru, “lisize iningi lamabandla ukuba landise inani lawo lezifundo zeBhayibheli. Elinye ibandla eChiclayo labika ezingu-25 ezintsha ngenyanga eyodwa, eChepén kwaqalwa ezingu-24.”
Abamemezeli abasha nabo baye baphumelela ekuqaleni izifundo zeBhayibheli. UGiovanna oneminyaka engu-11 waseSão Paulo, eBrazil, uyalandisa: “Ngomunye uMgqibelo ntambama sasishumayela endlini ngendlu nomama, sicela izifundo zeBhayibheli ngencwadi ethi Okufundiswa IBhayibheli. Emzini wokuqala ngabuza umninikhaya, usomabhizinisi odumile, ukuthi uyakholelwa yini ukuthi iBhayibheli liphefumulelwe uNkulunkulu. Wathi uyakholelwa. Ngabe sengimbonisa eyesi-2 Thimothewu 3:16. Wathi kuyamjabulisa ukubona intombazanyana imtshela izinto ezinhle kanje, wayithatha nencwadi.
“Lapho ngiphindela kulo baba, ngahamba nomkhulu ngoba bajwayelene naye. Wathi asingene, ngamcela ukuba azikhethele isihloko asithanda kunazo zonke encwadini ethi Okufundiswa IBhayibheli. Wakhetha isahluko 11 esithi ‘Kungani UNkulunkulu Evumela Ukuhlupheka?’ Ngemva kokufunda izigaba ezimbili zokuqala, yena nomkakhe babuza imibuzo eminingi. Kwabajabulisa ukuthola zonke izimpendulo zemibuzo yabo eBhayibhelini futhi bavuma ukuqhutshelwa isifundo njalo. Angive ngajabula ngokuqala isifundo emzini wokuqala esangena kuwo!”
Yiqiniso, akubona bonke abayosamukela isifundo, futhi akubona bonke abasamukelayo abayoqhubeka befunda. Kodwa njengezisebenzi ezikanye noNkulunkulu, siyaqhubeka sicela izifundo zeBhayibheli kwabaningi ngangokunokwenzeka, sazi ukuthi uJehova udonsela abanjengezimvu enhlanganweni yakhe ngaphambi kokuba kubhujiswe isimiso sezinto sikaSathane.—Joh. 6:44; 1 Kor. 3:9.
EZOBUCHWEPHESHE ‘ZIYAKUSHESHISA’
Abantu bakaJehova bayakujabulela ukugcwaliseka kwalesi siprofetho esivusa amadlingozi: “Omncane uyoba yinkulungwane, umuntukazana abe yisizwe esinamandla. Mina, Jehova, ngiyokusheshisa ngesikhathi sako.” (Isaya 60:22) Akungabazeki ukuthi uJehova uyaqhubeka esebenzisa ezobuchwepheshe ukuze asheshise ukwanda okungokomoya kulesi sikhathi esijabulisayo. Ngakho iNdikimba Ebusayo yagunyaza ukuba kusungulwe isimiso sama-computer sokwenza lula umsebenzi kuwo wonke amagatsha emhlabeni.
Iqembu elisungule lesi simiso egatsheni laseNingizimu Afrika lithuthele eNdlunkulu Yomhlaba Wonke, eBrooklyn, eNew York, laqhubeka nomsebenzi walo wokusungula nokulondoloza lesi simiso. Kunamagatsha angaba ngu-20 asiza amanye amagatsha angomakhelwane ngaleli thuluzi le-computer eliwusizo.
Ziyini izinzuzo zaso? Ngenxa yokuthi wonke amagatsha asebenzisa sona lesi simiso, anokwaziswa okufanayo. Ngokwesibonelo, wonke amagatsha anyathelisayo emhlabeni ayazi ukuthi amanye amagatsha anaziphi izincwadi esitokweni. Uma elinye linezincwadi ezithile esitokweni ngobuningi, elinye lingazicela kunokuba linyathelise ezinye. Lesi sici, namanye amathuluzi okunakekela izidingo zezincwadi ezifuneka ensimini, siye sanciphisa inani elikhulu lezincwadi ezinqwabelanayo kuwo wonke amagatsha.
Lesi simiso sisiza izisebenzi zaseBethel ukuba ziyenze kalula imisebenzi enjengokuthumela ama-oda ezincwadi nomagazini, ukuhlanganisa imibiko yonyaka yenkonzo yasensimini, ukuhlela imihlangano emincane nemikhulu nokwabela ababonisi abajikelezayo namaphayona akhethekile. Sisiza nasekuthengeni izinto, ukubala izimali nokugcinwa kwamanani ezimpahla ezikhona, okwenza singadingeki isimiso sama-computer esibizayo.
UKWENZA UKUKHANYA OKUNGOKOMOYA KUKHANYE NGE-INTERNET
Njengoba nje ukukhanya okungokoqobo kufinyelela nasemahontshi amnyama, nabantu bakaNkulunkulu ‘bakhanyisa ukukhanya kwabo’ kuzo zonke izingxenye zomhlaba. (Math. 5:16) Ithuluzi elibe usizo ngokukhethekile ekufinyeleleni izindawo eziqhele kakhulu ingosi yethu engokomthetho ethi www.watchtower.org. Inezihloko zomagazini, amapheshana nezincwajana ngezilimi ezingaba ngu-383 ne-Nguqulo Yezwe Elisha YemiBhalo Engcwele ngezilimi ezingu-11. Izihloko ezikule ngosi zingaphezu kuka-700. Ekhasini elivela uma uyivula kufakwa ukwaziswa okusha masonto onke, kufakwe izihloko zamuva ezithandwayo. Ube yini umphumela wokuba izincwadi ezinyathelisiwe zezilimi eziningi kangaka zitholakale kuyi-Internet?
UPat, ohlala eFlorida, e-U.S.A., uthole ukuthi le ngosi iyindlela eshesha kunazo zonke yokuthola izincwadi zezinye izilimi. Uyabhala: “Lapho siqeda ukuhambisa ipheshana elithi Ungathanda Yini Ukwazi Iqiniso? ngenza amakhophi ezilimi zabathile ababethathe elesiNgisi kodwa bekhuluma olunye ulimi.” Waba yini umphumela?
UPat wenzela enye intokazi enesitolo amakhophi esiThai. Yajabula futhi ayizange ikholwe ukuthi uPat wayethole ipheshana lesiThai ngokushesha okungaka. Yona nabanye abathengi bafuna ukwazi igama lengosi yethu ukuze bazingenele kuyo. Omunye wabesifazane wacela uPat ukuba amvakashele emzini wakhe ukuze baqhubeke nengxoxo. NjengoPat, abaningi babona kuwusizo ukwenza amakhophi ambalwa ngezinye izilimi engosini yethu ukuze banikeze abantu abathakazelayo bezinye izizwe.
Ngonyaka odlule, bangaphezu kwezigidi ezingu-24 abantu abangena engosini yethu kuwo wonke amazwekazi. Kusukela ngo-2007 inani labo liye landa ngamaphesenti angu-33. Emhlabeni wonke, kuhlanganise naseziqhingini eziqhelile, kunabantu abafaka izicelo zokuvakashelwa noma zokuqhutshelwa isifundo seBhayibheli sasekhaya. Inani lezicelo ezithunyelwe kusukela ngo-2007 lande ngamaphesenti angaba ngu-55. Yebo, ukukhanya okungokomoya kuyakhanya ezindaweni ezikude kakhulu zomhlaba, futhi udumo nenkazimulo kuya kuBaba wethu osemazulwini.—Math. 5:16.
Ngaphezu kwengosi ethi www.watchtower.org, kuye kwasungulwa enye ethi www.pr2711.com ukuze izincwadi ezithile eziyinhloko zitholakale kuyi-Internet. Ibaluleke ngani le ngosi?
UTrisha waseMissouri, e-U.S.A., waveza indlela abaningi abazizwa ngayo lapho ethi, “Ngiyalulangazelela uLwesine.” Ngani? Ngoba ngokuvamile yilona suku athola ngalo INqabayokulinda ne-Phaphama! entsha elalelwayo engosini ethi www.pr2711.com. UTrisha ungomunye wezinkulungwane zabafowethu nodade emhlabeni wonke abangena njalo kule ngosi ecebile ngokomoya. Bathola umagazini, iBhayibheli, amadrama, izincwadi, izincwajana namapheshana alalelwayo ngezilimi ezingu-27. Izincwadi zoLimi Lwezandla LwaseMelika okwazi ukuzibukela kuyi-computer noma kolunye uhlobo lomshini ziyatholakala nazo.
Obani abasebenzisa le ngosi ukuze bathole izincwadi zethu? Ngokuyinhloko abafowethu nodadewethu abangokomoya, kodwa nabanye abantu emazweni angaphezu kuka-200 bayangena kuyo, kuhlanganise nasemazweni ambalwa lapho umsebenzi wethu uvinjelwe khona. Kukhona abangena kuyo njalo ePapua New Guinea, eSt. Helena, ngisho nase-Antarctica. Izincwadi ezilalelwayo zibasiza kanjani abafowethu nodadewethu? Ngokwesibonelo, eFrench Polynesia abathutha izimpahla bayephuza ukuthumela omagazini bethu abanyathelisiwe. Njengoba ngisho nabamemezeli baseziqhingini ezikude kakhulu benayo i-Internet, bayakwazi ukulalela izihloko zamuva ngosuku ezifakwa ngalo engosini yethu.
UDeborah wase-Illinois, e-U.S.A., unezinkinga ezimbi kakhulu zempilo ezimenza angakwazi ukuba seduze nebandla futhi kube nzima ngaye ukukhumbula akufundayo. Manje ulalela izincwadi azithola kuyi-Internet, futhi uthi, “Inkumbulo yami ithuthukile, futhi ngiyakwazi ukuxoxa ngokuzethemba ngalokho engikuzwile.”
Umbhangqwana wasedolobhaneni laseTexas, e-U.S.A., ufundela umuntu ovela eSiberia, futhi uyakujabulela ukumtholela omagazini besiRashiya abalalelwayo. Umzalwane waseCalifornia, e-U.S.A., ujabulela ukulalela omagazini ngomshini ophathwayo wokudlala umculo lapho egijima ekuseni.
Masonto onke, umbhangqwana wasedolobhaneni lasenyakatho yeNew Zealand uzitholela ukwaziswa okulalelwayo okusuke kuzofundwa emihlanganweni—isihloko esifundwayo se-Nqabayokulinda, izahluko zencwadi ethi “Zigcineni Othandweni LukaNkulunkulu” nethi Funda KuMfundisi Omkhulu nezahluko zeBhayibheli zesonto ngalinye. Ulalela lokhu kwaziswa isonto lonke. Umyeni uthi, “Manje sesikhuluma kakhulu ngezinto ezingokomoya kunangezinkinga zasemsebenzini.” Imikhaya eminingi emhlabeni yenza okufanayo.
Isonto ngalinye kunezinkulungwane ezingena engosini yethu zithole izahluko zeBhayibheli zangalelo sonto—ikakhulu ngoLwesibili. Njalo ngoMgqibelo nangeSonto iningi lisuke lithatha isihloko se-Nqabayokulinda esifundwayo. Ngaphezu kwalokho, abadala bebandla bangenza amakhophi amafomu enhlangano nezinhlaka zezinkulumo zeningi kule ngosi. La malungiselelo onga isikhathi nemali yenhlangano, anciphise nomsebenzi.
‘KUYONIKEZA UBUFAKAZI’
Nakuba oFakazi BakaJehova befuna ukuphila “ukuphila okuzolile nokunokuthula ngokuzinikela kokuhlonipha uNkulunkulu okuphelele,” abamangali lapho beshushiswa. (1 Thim. 2:1, 2) UJesu Kristu waxwayisa abafundi bakhe ngokuthi babeyoba izinto zokuzondwa lapho ethi: “Abantu bayonibeka isandla banishushise, baninikele emasinagogeni nasematilongweni, nihudulelwe phambi kwamakhosi nababusi ngenxa yegama lami.” Nokho, waveza ukuthi izitha zokukhulekela okuhlanzekile zaziyobe zizigwaza ngowazo. Wabikezela: “Kuyophumela ethubeni lokuba ninikeze ubufakazi.”—Luka 21:12, 13, 17.
Ekugcwalisekeni kwesiprofetho sikaJesu, oFakazi BakaJehova balwa nokuphathwa ngokungenabulungisa ezindaweni eziningi. Emazweni amaningi ukunqoba kwabo ezinkantolo kubasizile kwavikela inkululeko yabo engokomthetho nelungelo labo lokushumayela endlini ngendlu nelokuba nemihlangano ngokukhululekile. Nakuba zisekhona izinselele, kulo nyaka siye sanqoba amacala abalulekile ezinkantolo, okufakazela ukuthi umsebenzi wethu ngowenkolo.
E-Austria
Umzamo wabafowethu weminyaka engu-30 wafinyelela umvuthwandaba ngo-May 2009 lapho uMnyango KaHulumeni Wezemfundo, Ezobuciko Nezamasiko Wase-Austria unikeza oFakazi BakaJehova inkululeko ephelele njengomphakathi wenkolo. OFakazi bayinhlangano yenkolo ye-14 kwezithole inkululeko e-Austria. Ngemva kwesahlulelo esibavunayo seNkantolo YaseYurophu Yamalungelo Abantu ngo-July 2008, le Nkantolo yaphinde yakhipha izahlulelo zamacala amathathu avuna abafowethu e-Austria, yakhipha isinqumo esingenakuphikiswa sokuthi oFakazi BakaJehova baqashelwa ngokugcwele njengenhlangano yenkolo .
ENingizimu Afrika
Ngo-2005 i-Watch Tower Bible and Tract Society of South Africa namalungu oHlelo Lomhlaba Wonke Lwezinceku ZoFakazi BakaJehova Ezisenkonzweni Ekhethekile Yesikhathi Esigcwele akhonza eBethel yaseNingizimu Afrika bamangalela uMnyango Wabasebenzi WaseNingizimu Afrika eNkantolo Yabasebenzi YaseNingizimu Afrika. Leli cala laliyisicelo sokuba amalungu aseBethel angaboshwa imithetho yezisebenzi yakuleli. Ngo-March 2009 iNkantolo Yabasebenzi yakhipha isinqumo esibavunayo nesiqinisekisa ukuthi imisebenzi eyenziwa eBethel eyenkolo.
E-Uganda
Ngo-2007 i-Uganda Revenue Authority (URA) yakhipha isahlulelo esithi wonke amalungu oHlelo Lomhlaba Wonke Lwezinceku ZoFakazi BakaJehova Ezisenkonzweni Ekhethekile Yesikhathi Esigcwele akhonza eBethel yase-Uganda ayizisebenzi ngokwalokho okushiwo uMthetho Wentela Wase-Uganda. I-International Bible Students Association (IBSA) yamangalela i-URA eNkantolo Ephakeme Yase-Uganda eKampala. Ngo-June 2009 iNkantolo Ephakeme yathola ukuthi amalungu aseBethel yase-Uganda awazona izisebenzi, i-IBSA yalinqoba icala. Inkantolo yakuphawula ngokukhethekile ukuthi amalungu aseBethel “anakekelwa ngendlela efanayo kungakhathaliseki ukuthi enza msebenzi muni.” Yaphetha ngokuthi amalungu aseBethel angamalungu ohlelo lwenkolo futhi anikezwa ukudla, indawo yokuhlala nemadlana ukuze nje anakekele izidingo zawo njengoba efeza imisebenzi yokuzithandela neyenkolo e-Uganda.
E-Armenia
Iziphathimandla ziyaqhubeka zibopha abafowethu asebekhule ngokwanele ukuba babe amasosha futhi zibagqume emajele ngoba benqaba ukubuthelwa impi ngenxa kanembeza. Ngo-August 2009, babengu-74 ababeboshiwe. Njengoba belahlwe amacala kuzo zonke izinkantolo zakuleli, baye badlulisela amanye amane eNkantolo YaseYurophu Yamalungelo Abantu ukuze bakhululwe. Uhulumeni usaqhubeka ubakhiphisa intela emba eqolo yezincwadi abazithola kwamanye amazwe. Kungakhathaliseki ukuthi bazoyekiswa yini ukukhipha le ntela engafanele noma cha, siyaqiniseka ukuthi abafowethu bazoqhubeka bondliwa kahle ngokomoya.—Isaya 65:13.
E-Azerbaijan
Inkululeko yokukhulekela yabafowethu kuleli zwe iyancipha kancane kancane. Kuya kuba nzima ngabo ukuthola izincwadi nokuba nemihlangano. Nakuba bebhaliswe ngokomthetho eBaku, eyinhloko-dolobha, ukungabhaliswa kwabo kwamanye amadolobha kwenza amaphoyisa angene ngendlov’ iyangena emizini yabafowethu aphazamise imihlangano ngokungemthetho, bese behlaliswa eziteshini zamaphoyisa isikhathi eside. Amaphoyisa ayakwenza lokhu nakuba kungadingeki abantu babhalise ngokomthetho ukuze bakhulekele emizini yabo. Ngo-April 9, 2009, abafowethu bacela ukuba uhulumeni wase-Azerbaijan ubabhalise ngokomthetho. Siyethemba ukuthi lokhu kuzonciphisa ubunzima abafowethu ababhekana nabo.
E-Egypt
Eminyakeni emithathu edlule, abafowethu base-Egypt, eBelgium, e-Italy nase-United States bahlangana neziphathimandla zase-Egypt ukuze babhalise umsebenzi wethu ngokomthetho. Ngenxa yalokho, iziphathimandla zinikeze abafowethu e-Egypt imvume yokukhulekela ngokuthula emizini yabo ngamaqembu abantu abangu-30. Noma kunjalo, ezinye izisebenzi zikahulumeni ziyaqhubeka zibahlupha. Izisebenzi zoMnyango KaHulumeni Wezokuphepha ziyabagada, zibapheke ngemibuzo bengalindele futhi zisongele amalungu ebandla. Ngaphezu kokukhuluma ngokuqondile neziphathimandla, abafowethu benza imizamo yokubhalisa umsebenzi wethu ngokomthetho ezinkantolo.
E-Eritrea
Ngo-June 28, 2009 iziphathimandla zadelela amalungelo abafowethu ayisisekelo, zabopha amalungu ebandla angu-23 kuhlanganise nodade asebekhulile nabantwana abathathu abaneminyaka esukela kwemibili kuya kwemine. Nakuba lab’ odade asebekhulile sebekhululiwe, abantwana nonina basaboshiwe; oyise kade baboshwa. Manje yonke le mikhaya isejele. Sebengu-64 abazalwane nodade abasejele, okuhlanganisa nabafowethu abathathu ababoshwa ngo-1994 ngenxa yokungathathi hlangothi kwabo kwezempi bengatshelwanga nokuthi baphule miphi imithetho.
ENdiya
Eminyakeni embalwa edlule, oFakazi BakaJehova eNdiya babe izisulu zokuhlaselwa amaviyo lapho besensimini. Baye bakhuthazelela ukuthukwa, ukushaywa nokusongelwa ngokuboshwa futhi izincwadi zabo zashiswa. Ngokuvamile, ngemva kokushaywa bayaboshwa, bafakwe ejele bese bemangalelwa ngamacala obugebengu. Izixhwanguxhwangu ezisuke zivutha zenza iziphathimandla zilwe nabafowethu ngokubaqambela amanga zithi baphula imithetho.
Ngokwesibonelo, ngo-December 2008 oFakazi BakaJehova abathathu (umama, indodakazi nomzukulu wakhe oneminyaka eyishumi) eKundapura, eKarnataka, baphindela kowesifazane owayebonise isithakazelo eKoni. Kamuva, amadoda amahlanu noma ayisithupha abathatha ngodlí abayisa esiteshini samaphoyisa. Kwaba nesixuku sabantu, amaphoyisa abeka lab’ odade icala lokungena emzini womuntu ngaphandle kwemvume, ukukhuthaza ubutha phakathi kwezigaba zabantu nokuhlambalaza enye inkolo. Ekugcineni lab’ oFakazi badedelwa. Abafowethu nodadewethu abasezimweni ezinje banikezwa usizo olungokomthetho.
EMoldova
Abafowethu eTransnistria, indawo yaseMoldova engakaqashelwa njengezwe elizimele, bayaqhubeka beshisekela izithakazelo zoMbuso nakuba sekuyiminyaka engaba ngu-12 besongelwa ngokuthi inkolo yabo izoqedwa nya. Naphezu kwezinselele eziningi, uJehova ubabusisile futhi baye baphumelela ekuvikeleni umsebenzi woMbuso ezinkantolo. Nazi izibonelo ezintathu: Umfundisi ongumOrthodox owathuka futhi washaya odadewethu ababili ngesikhathi beshumayela e-Ordăşei wabekwa icala futhi wahlawuliswa, inkantolo yasedolobheni laseTiraspol yavuma ukuba abafowethu babhaliswe, kanti iRîbniţa City Tax Inspectorate yona yalahlwa icala lokukhiphisa abafowethu intela yokudla kwezisebenzi zokuzithandela ngesikhathi zakha iHholo LoMbuso.
EKazakhstan
IHhovisi Lomshushisi LaseRepublic of Kazakhstan laqala imibhikisho eyaholela ekutheni abafowethu balinqobe icala. Ngaphambili, izinkantolo zaseKyzylorda, eShymkent naseSaryagash zazimise umsebenzi wethu izinyanga eziyisithupha. Nokho, ngenxa yezahlulelo ezakhishwa ngo-November 2008, saphinde sanikwa inkululeko eKyzylorda Region, eShymkent, nakuyo yonke indawo eseningizimu yeKazakhstan. Ngaphezu kwalokho, ngo-December 2008, ngemva kweminyaka engu-7 uhulumeni enqaba ukuba sibhaliswe, inkantolo yasedolobheni lase-Atyraū yathi oFakazi BakaJehova banelungelo lokubhaliswa ngokomthetho kuleyo ndawo.
ERussia
Phakathi nonyaka wenkonzo odlule, umshushisi nezinye iziphathimandla baye basiphenya kaninginingi iSikhungo sethu Sokuqondisa kuleli, ngoba nje befuna ukuqeda umsebenzi wethu ngokungemthetho. Abafowethu nodadewethu ngabanye bahlukunyezwa futhi baphenywa izikhathi eziningi ngaphandle kwesizathu. Ngesinye isikhathi, udade okhulelwe waphuphunyelwa isisu ngemva kokuba amaphoyisa engene aphazamisa umhlangano ngokungemthetho. Athatha umfana ongenacala oneminyaka engu-15. Iziphathimandla eziqula amacala abafowethu zisebenzisa uMthetho Wokuqeda Umsebenzi Wontamo-lukhuni ukuze zichithe amabandla amaningana futhi zivimbele nezincwadi zethu. La manga okuthi bangontamo-lukhuni enza ukuba abafowethu bancishwe inkululeko engokwenkolo, baboshwe ngaphandle kwesizathu, badingiswe nokuba abameleli abane boFakazi BakaJehova abavela kwamanye amazwe ababesiza ekulweni nala macala angamanga benqatshelwe ukuba bangene kuleli zwe. Omunye wabo wavalelwa esitokisini eMoscow amahora angu-23.
Amalungu eNhlangano KaHulumeni Yezokuphepha asula izivumelwano zokuqashwa kwezindawo zemihlangano yebandla nemikhulu. Iziphathimandla ziye zaphazamisa nokwakhiwa kwamaHholo OMbuso. OFakazi baye bahlukunyezwa lapho besejele ngenxa yamacala angekho abamangalelwa ngawo.
ENingizimu Korea
Ngo-June 16, 2008, uhulumeni waseNingizimu Korea wahoxisa isaziso owasenza ngo-May 7, 2008 sokuvumela labo abangathathi hlangothi empini ngenxa kanembeza ukuba benze omunye umsebenzi womphakathi. Wathi “indaba yokwenqaba umsebenzi wezempi ngenxa kanembeza idinga ukuhlolisiswa bese kwenziwa isinqumo sikazwelonke ngayo.” Kuze kube manje, iSishaya-mthetho Sikazwelonke SaseKorea asikasho lutho ngalena eminye imisebenzi eyenziwayo. Abafowethu balinde ukuba iKomiti Yamalungelo Abantu Yezizwe Ezihlangene, eye yabavuna emacaleni amabili, ikhiphe isahlulelo. Ngo-January 2009, iKhomishane KaMongameli WaseKorea Yezinsolo Zokubulawa Kwabantu Ebusosheni yavuma ukuthi uhulumeni waseKorea unecala lokubulala kabuhlungu oFakazi BakaJehova abahlanu ababuthelwa empini ngenkani kusukela ngawo-1970 kuze kube ngawo-1985. Kuyaqala ukuba kuvunywe ukuthi uMbuso unecala ngabantu abafa ngenxa yobudlova basebusosheni.
ETajikistan
Ngo-2007 iNhlangano Yenkolo YoFakazi BakaJehova eTajikistan yavalwa, izincwadi zenhlangano ezivela eJalimane zathathwa abaqaphi bemingcele. Leli cala ladluliselwa enkantolo yezempi, ngo-September 2008 lachithwa. Laphinde ladluliselwa eKomitini Yezempi Yenkantolo Ephakeme, nayo yalichitha. Lokhu kwasho ukuthi ukuvinjelwa nokushaqwa kwezincwadi zethu kungokomthetho. Kusenziwa imizamo eyengeziwe ukuze kusizwe abafowethu.
ETurkey
Abafowethu kuleli zwe babhekene nezinselele maqondana nomsebenzi wezempi. Omunye ubelokhu esejele iminyaka emibili ngenxa yokungathathi hlangothi. Abanye abafowethu abaningi asebebadala ngokwanele ukuba bangaba amasosha bayaqhubeka besongelwa ngokuthi bazohlawuliswa, baboshwe, baphelelwe imisebenzi. Ngo-March 2009, abafowethu batshelwa ukuthi iKomiti Yamalungelo Abantu Yezizwe Ezihlangene isiqalile ukuphenya ngezikhalazo ezimbili zoFakazi.
Ngaphezu kwalokho, ngo-May 2009, iNkantolo YaseYurophu Yamalungelo Abantu yaqala ukuphenya amacala amathathu ukuze ithole ukuthi amalungelo abafowethu abayisithupha aye ahlonishwa yini—abane babo sebehlale isikhathi eside ejele. Izinceku zikaJehova ziyajabula ngokuthi la makomiti ezobulungisa ayazama ukuzisiza futhi zinethemba lokuthi zingase zinikezwe inkululeko ethile.
E-Uzbekistan
Abakhulekeli bakaJehova e-Uzbekistan bancishwa inkululeko kancane kancane, futhi uMbuso uyaqhubeka ugqugquzela ukuba bashushiswe. Ubaba onamadodana ababili wakhishwa ejele ngo-May 14, 2009, ngemva kwesigwebo seminyaka emibili ngenxa yokufundisa ngenkolo. Ngosuku olulandelayo, wadingiselwa ezweni lakubo eTajikistan. Abanye abafowethu abathathu balokhu besejele ngenxa yokuhlela “imisebenzi yenkolo engekho emthethweni.” Abameli babo balungiselela ukufaka amanye amacala eNkantolo Ephakeme Yase-Uzbekistan. Abafowethu bakuleli nabanye bakwamanye amazwe baye bahlangana kaningana neKomiti KaHulumeni Yezindaba Zenkolo Yase-Uzbekistan nabameleli bayo bezama ukulungisa lezi zindaba.
INKANTOLO YASEYUROPHU YAMALUNGELO ABANTU
OFakazi BakaJehova e-Armenia, e-Austria, e-Azerbaijan, eCyprus, eFrance, eGeorgia, eRussia, eSerbia naseTurkey basalinde ukuqulwa kwamacala angu-22 abawadlulisela eNkantolo YaseYurophu Yamalungelo Abantu (ECHR) eStrasbourg, eFrance. La macala awokungahlonishwa kwamalungelo abo bonke abantu abangaphansi kweNhlangano YaseYurophu Yamalungelo Abantu. Angu-9 aqondene nelungelo lokwenqaba ukuya empini, angu-7 akhuluma ngokushushiswa nokubandlululwa ngenxa yenkolo, amane awokwesulwa noma ukuvinjelwa kwenhlangano engokomthetho yoFakazi BakaJehova ukuba ihlele umsebenzi, kanti amabili ayisikhalazo sokungahloniphi kukahulumeni ilungelo labo lokuhlangana ngokuthula ukuze bakhulekele.
Ngo-June 17, 2008, i-ECHR yaqula icala le-Association Les Témoins de Jéhovah (ATJ) nohulumeni waseFrance. Laligxile enteleni engemthetho engamaphesenti angu-60 eye yakhishiswa i-ATJ kuyo yonke iminikelo yayo kusukela ngo-1993 kuya ku-1996. INkantolo yabuza neminye imibuzo ngokuthi kungenzeka yini ukuthi kwephulwe umthetho oseSiphakamisweni 9 seNhlangano YaseYurophu omayelana nenkululeko engokwenkolo. Manje oFakazi BakaJehova eFrance nakwamanye amazwe angaphansi koMkhandlu WaseYurophu balinde ukubona ukuthi iNkantolo izobasiza yini.
Nakuba uSathane ezama ukuphazamisa ukukhulekela kweqiniso ‘ngokubiyela inkathazo ngesinqumo somthetho,’ izinceku zikaJehova zimi ‘ziqinile okholweni, zazi ukuthi izinto ezifanayo eziyizinhlupheko zehlela yonke inhlangano yabazalwane bazo ezweni.’ Kwangathi bonke abakhulekeli beqiniso bangaqhubeka begxilile ekumelaneni noSathane futhi baphonse zonke izinkathazo zabo kuNkulunkulu wawo wonke umusa ongafanelwe, bazi ukuthi uyabakhathalela futhi uzobaqinisa abanike namandla.—IHu. 94:20; 1 Pet. 5:7-11.
‘UKUFANELEKELA UKUFUNDISA ABANYE’
Ukuqeqeshwa bekulokhu kuyisici sebandla lobuKristu selokhu lasungulwa. Umphostoli uPawulu watshela uThimothewu: “Lezi zinto ziphathise amadoda athembekile, ayokufanelekela ngokwanele ukuba nawo afundise abanye.” (2 Thim. 2:2) Nanamuhla, inhlangano kaJehova inezikole eziningana zokuqeqesha. Ngokwesibonelo, kusukela ngo-2008, abadala abangu-6 528 basemasimini angaphansi kwegatsha lase-United States—ahlanganisa i-Alaska, iBermuda neziqhingi zaseTurks nezaseCaicos—baba namakilasi angu-70 eSikole Sabadala Bamabandla e-Watchtower Educational Center ePatterson, eNew York.
Imfundo ejulile ethatha isonto abayithola ihlanganisa izici zokuphila kwabadala, ukubasiza bahole ekushumayeleni nokuba babe abafundisi abaphumelelayo emabandleni. (2 Thim. 4:5; 1 Pet. 5:2, 3) Lesi sikole sibakhuthaza ukuba balondoloze ingokomoya labo nelemikhaya yabo, sibaqeqeshele ‘nokuphatha izwi leqiniso ngokufanele’ lapho besiza abanye. (2 Thim. 2:15) Nawa amanye amazwi okubonga ambalwa kwamaningi abadala ababeye kulesi sikole.
“Ukuthobeka kothisha kube isibonelo sendlela yokuphatha abanye ebandleni. Inhliziyo yami igcwele ukwazisa ngeNdikimba Ebusayo. Kube ilungelo elikhulu kunawo wonke ukuthola le mfundo esikhathini eside ngiseqinisweni.”
“UJehova uNkulunkulu wethu uyazi ukuthi sidingani futhi nini. Ukholo lwami luye lwavuselelwa futhi ngiye ngathola amandla amasha angokomoya. Lesi sikole singisize ukuba ngiqonde lokho uJehova akwenzile ngengxenye yenhlangano yakhe ebonakalayo futhi ngibone indlela abanakekela ngayo bonke abantu bakhe.”
“Lokhu okuhlangenwe nakho okumangalisayo. Njengoba bengifunda okwengeziwe, bengibona ukuthi kuningi kangakanani ebengingakwazi. Sengisazisa nakakhulu isifundo somuntu siqu futhi sengiyabona ukuthi kungani kumelwe ngikusebenzise engikufundayo.”
“Ukuqeqeshwa engikutholile kungihlomisele ukuba ngiphathe umkhaya wami nebandla ngomqondo kaKristu. (1 Kor. 2:16) Kuye kwangisiza ngazihlola ukuthi ngiyinhloboni yomuntu.”
“Leli sonto elilodwa sinothisha ngeke ngilenane ngemfundo yaseyunivesithi.”
“Yeka okuhlangenwe nakho okukhuthazayo nokuzuzisayo! Kunginikeze amandla okuqhubeka enkonzweni kaJehova, ngizidele futhi ngibe umthombo wokuqabuleka kubafowethu nodadewethu. (Isaya 32:2) Ngiyabonga, Jehova!”
“Lesi sikole sisenze salubona uthando lukaJehova. Bekunjengokungathi wenza ukuhambela kokwalusa.”
“Ngiyambonga uJehova ngaleli lungelo lokufunda indlela engcono yokufeza isabelo sami ukuze ngimkhazimulise futhi ngimdumise.”
Ngokuhamba kwesikhathi, iNdikimba Ebusayo izomemezela amalungiselelo okuba abadala bakwezinye izindawo bakuthole lokhu kuqeqeshwa okufike ngesikhathi.
UKUNIKEZELWA KWAMAGATSHA KULETHA INJABULO
Ngo-January 24, 2009, uSamuel Herd weNdikimba Ebusayo wavakashela eTanzania, eMpumalanga Afrika, eyonikeza inkulumo yokunikezelwa kwegatsha elisha. Eminyakeni engu-25 edlule, leli gatsha lalingamagumbi amathathu, lakhiwe ngezitini ezenziwe ngamalahle, oFakazi baseTanzania ababelibiza ngokuthi i-House Number 46, Magomeni Quarters. Iningi lezihambeli ezingu-779 zasemazweni angu-22 lagcwala izinyembezi zenjabulo lapho licabanga ngentuthuko ebe khona kusukela ngo-1987 lapho leli zwe lithola inkululeko. “UJehova kuphela obengenza ukuba kwenzeke into enje lapha,” kusho elinye ikhehla. Manje umsebenzi wokushumayela uye wanda, futhi abamemezeli abangaphezu kuka-14- 000 bayathokoza, babonga uJehova futhi bahubela igama lakhe.—IHu. 92:1, 4.
NgoMgqibelo ngo-May 2, 2009, abafowethu nodade abangaba ngu-600 basemazweni angu-31 balalela inkulumo yokunikezela eyanikezwa nguTheodore Jaracz weNdikimba Ebusayo ehhovisi legatsha laseNetherlands. Kwakwenezelwe isakhiwo sokuhlala kuleli gatsha elakhiwa ngo-1983, futhi izakhiwo ebezisetshenziselwa ukunyathelisa umagazini zenziwe amahhovisi nendawo yokuqopha ama-video ye-Regional Audio Video Center (RAVC). I-RAVC isiza ekuqopheni ama-CD nama-DVD ngezilimi ezingu-24, eziningi zazo ezikhulunywa eYurophu. Isiza nasekuqopheni ama-video ngezilimi zezandla ezihlukahlukene ezingaba ngu-20. Lo msebenzi uhilela ukuqondisa umsebenzi wokuqopha ama-CD eYurophu, e-Afrika nase-Oceania nama-DVD emhlabeni wonke. Igatsha laseNetherlands liphinde lithenge futhi lithumele izinto ezidingwa amagatsha kwezinye izingxenye zomhlaba futhi lezi zakhiwo ezintsha zenza kube lula ukwenza le misebenzi.
“ZIGCINENI OTHANDWENI LUKANKULUNKULU”
Ngempela, sinezizathu eziningi zokujabula. Yeka ukuthi kuyisibusiso kanjani ukuphila kulezi zikhathi ezijabulisa kangaka! Yiqiniso, njengoba kwaprofethwa, ‘izinsuku zokugcina ziyizikhathi ezibucayi okunzima ukubhekana nazo.’ (2 Thim. 3:1) Kodwa njengoba ukukhululwa sekuseduze kangaka, kubaluleke kakhulu ngathi ngabanye ukuba sizimisele ukulalela umyalo kaJude: “Nina, bathandekayo, ngokuzakha okholweni lwenu olungcwelengcwele, nangokuthandaza ngomoya ongcwele, zigcineni othandweni lukaNkulunkulu, nibe nilindele isihe seNkosi yethu uJesu Kristu ninombono wokuphila okuphakade.”—Jude 20, 21.
[Igrafu ekhasini 13]
(Ukuze ubone ukuthi indaba ihlelwe kanjani, bheka encwadini)
ABANGENA ENGOSINI ETHI: www.watchtower.org nsuku zonke
70 000
50 000
30 000
10 000
1999 2001 2003 2005 2007 2009
[Ibalazwe ekhasini 21]
(Ukuze ubone ukuthi indaba ihlelwe kanjani, bheka encwadini)
Izindawo Ezisanda Kuthola Impumelelo Ephawulekayo Kwezomthetho
AUSTRIA
EGYPT
ERITREA
UGANDA
SOUTH AFRICA
MOLDOVA
ARMENIA
TURKEY
AZERBAIJAN
RUSSIA
KAZAKHSTAN
UZBEKISTAN
TAJIKISTAN
INDIA
SOUTH KOREA
[Isithombe ekhasini 11]
Ngisho nabamemezeli abasha bayakujabulela ukucela izifundo zeBhayibheli
[Izithombe ekhasini 27]
ISikole Sabadala Bebandla sibahlomisela ukufeza imithwalo yabo yemfanelo engokomoya
[Izithombe ekhasini 28]
Umfoweth’ uJaracz unikeza inkulumo yokunikezela igatsha laseNetherlands
[Izithombe ekhasini 29]
UMfoweth’ uHerd unikeza inkulumo yokunikezela igatsha laseTanzania