Imibiko Evelele Yonyaka Odlule
KUYAJABULISA ukubona lokho uJehova akufezayo ngabantu bakhe emhlabeni wonke. Le Ncwadi Yonyaka ibika intuthuko ensimini yolimi lwezandla, ichaze nokuthi uMnyango Wokubhala ulwenza kanjani ucwaningo. Funda nangemihlangano yethu yezizwe, uthole nemininingwane ethakazelisayo ngeculo lethu elisha. Funda ngentuthuko engokomthetho emhlabeni wonke, izindaba ezivela eHaiti nokunikezelwa kwamagatsha kwamuva. Sithemba ukuthi uzokujabulela lokho ozokufunda nokuthi kuzokukhuthaza.
‘UNKULUNKULU UFUNA IZITHULU ZIMAZI’
Cabanga ngalokho okwenzeka ensimini yolimi lwezandla. USalvatore wase-United States uyisithulu futhi umkakhe unguFakazi KaJehova. Naphezu kokuthola iqiniso leBhayibheli eminyakeni eminingi ngaphambili, wayengenzi ntuthuko engokomoya. Umkakhe wasikisela ukuba afunde iBhayibheli nsuku zonke ngonyaka. Lapho ehluleka ukuqonda lokho ayekufunda, waphela amandla. Wabalisa, “Angisoze ngafunda ukuthanda uJehova.”
Ukuphila kukaSalvatore kwashintsha lapho ezwa ukuthi ingxenye ethile ye-Nguqulo Yezwe Elisha YemiBhalo Engcwele isikhona kuyi-DVD ngoLimi Lwezandla LwaseMelika. Ngemva kokuyifunda ngolimi lwezandla, wathi: “Ngiyaqiniseka ukuthi uNkulunkulu ufuna ngimazi!” Wafundelwa futhi manje ukhonza uJehova ngenjabulo njengoFakazi obhapathiziwe.
NjengoSalvatore, ezinye izithulu emhlabeni ziye zaluzwa uthando nokukhathalela okujulile kukaJehova ngokulungiselela amaBhayibheli olimi lwezandla nezinye izincwadi ezitholakala kuyi-DVD nakuyi-Internet. Kunezincwadi ezitholakala ngezilimi zezandla ezingu-46, futhi kuseza ezinye ngezilimi ezingu-13. INqabayokulinda itholakala ngezilimi ezingu-9 kulezi, futhi sekukhululwe izingxenye ze-Nguqulo Yezwe Elisha ngolimi lwezandla lwaseMelika, lwaseBrazil, lwaseColombia, lwaseNtaliyane, lwaseMexico nolwaseRussia.
Kuthinta inhliziyo ukubona indlela izincwadi zolimi lwezandla ezithinta ngayo izinhliziyo zabathakazelayo. UNatsue, owesifazane oyisithulu waseJapane, uthi: “Ngaqala ukufundelwa ngo-1981 ngisebenzisa izincwadi zesiJapane. Ngayeka ukufunda ngoba ngangingezwa lutho kanti nabasekhaya babengiphikisa.”
“Ngo-April 2007, ummemezeli othile wangitshengisa incwadi yoLimi Lwezandla LwaseJapane ethi Ungaba Umngane KaNkulunkulu!—Kuyi-DVD. Kwakungemva kweminyaka engu-26 ngiqale ukufundelwa. Ngaphinde ngaqala ngaleso sikhathi ukufundelwa futhi ngezwa ukuthi izidingo zami ezingokomoya ziyaneliswa. Ngabhapathizwa ngo-November 2008.”
Namuhla kunabamemezeli abangaphezu kuka-16 000 abayizithulu emhlabeni wonke. Ngezandla zabo nangesimo sobuso, badumisa uJehova ngolimi lwezandla. Ukusekelwa abakuthola ezincwadini ezingu-30, izincwajana ezingangomagazini, ama-video kanye namadrama eBhayibheli ahunyushelwe ezilimini zezandla ezihlukahlukene kubaqinisekisa ngothando nokwazisa kukaJehova inkonzo yabo yokwethembeka.
Amagatsha angu-54 ahumusha izincwadi ngezilimi zezandla athola izincwadi eziningi zokubonga zivela kubafowethu nakodade nakubantu abathakazelayo ensimini. Lezi zincwadi ziveza indlela ezijabula ngayo izithulu ngokuqonda amaqiniso ajulile angokomoya ngolimi lwezandla. Isibonelo salokho esika-Emi waseJapane, obazali bakhe bayizithulu.
Uthi: “Abazali bami babhapathizwa kusasele iminyaka eminingi ngaphambi kokuba ngibhapathizwe, kodwa kwakunzima ngabo ukuqonda izincwadi ezibhaliwe zesiJapane. Lapho bengaqondi, babengicela ukuba ngibachazele. Manje sebeyakwazi ukukhuluma ngeqiniso ngokuqiniseka. Umama wathi: ‘Ngaqala ukuqonda imininingwane yeBhayibheli lapho sekutholakala izincwadi zolimi lwezandla.’ Ngenxa yalokho, baye basondelana kakhudlwana noJehova futhi ubudlelwane emkhayeni wakithi sebungcono kakhulu.”
‘UKULANDELA NGOKUNEMBILE ZONKE IZINTO’
UJesu wathi inceku ethembekile yayiyoba eqondayo lapho inikeza abendlu “ukudla kwabo ngesikhathi esifanele.” Ngakho uKristu wayebonisa ukuthi labo ababeyophakela abendlu yokholo lokhu “kudla” okungokomoya babeyothembeka, bahlakaniphe futhi babe abaqondayo.—Math. 24:45-47.
Esikhathini sethu, abafowabo kaKristu abagcotshiwe basebenzisa uMnyango Wokubhala eBrooklyn, eNew York ukuze bakhiphe ukwaziswa okungokomoya ngomagazini, izincwajana ezingangomagazini, izincwadi kanye nezinye izinto ezifana nama-DVD. Lokhu kudla okungokomoya kumelwe kulungiselelwe kahle, njengokudla okungokwenyama. Ngisho nabalobi beBhayibheli, ababeqondiswa umoya ongcwele, babeqiniseka ukuthi babhala ukwaziswa okucwaningwe kahle nokunembile. Ngokwesibonelo, uLuka wakhuluma nofakazi bokuzibonela abaningi futhi ‘walandela ngokunembile zonke izinto kusukela ekuqaleni.’—Luka 1:1-4.
UMnyango Wokubhala ulandela isibonelo ‘sokulandela ngokunembile zonke izinto.’ Kodwa kungatholakalaphi ukwaziswa okunokwethenjelwa? Nakuba i-Internet iyithuluzi eliwusizo nelisheshayo lokwaziswa okuningi, abacwaningi bethu abancikile ezingosini ze-Internet noma ezibhalwe abantu abangaziwa noma abangakufanelekele ukuzibhala. Ngokwesibonelo, i-Wikipedia, i-encyclopedia etholakala kuyi-Internet, ixwayisa ngokuthi ezinye izihloko ezisengosini yayo “zinokwaziswa okungelona iqiniso, okunganembile noma okushintshwe ngamabomu,” yenezela ukuthi “abayisebenzisayo kudingeka baqaphe.” Ngakho, uMnyango Wokubhala ufuna ukwaziswa ezincwadini zezikhombo ezisezingeni eliphezulu, ezihlokweni ezilotshwe ochwepheshe abaziwayo nasezincwadini ezinyatheliswe abashicileli abahlonishwayo.
UMnyango Wokubhala nawo unomtapo ogcwele izincwadi eziningi. Ngaphezu kwalokho, abacwaningi bethu basebenzisa imitapo yomphakathi neyamayunivesithi. Bangathola nokwaziswa kwemikhakha ethile kweminye imithombo besebenzisa uhlelo lokuboleka izincwadi kweminye imitapo. Omunye wemitapo emikhulu yaseyunivesithi osetshenziswa abacwaningi bethu unezincwadi ezingaba izigidi ezinhlanu, omagazini abangu-58 000, izigidi ezingu-5,4 zamafilimu amancane okugcinwa kuwo ukwaziswa kanye nezinkulungwane zemininingwane egcinwe kuma-computer. UMnyango Wokubhala unendawo enkulu yokugcina izindaba ezisikwe emaphepheni, okuhlangenwe nakho kanye nomlando othuthukiswa njalo ngokwaziswa okuvela emithonjeni yendawo nasemahhovisi egatsha emhlabeni wonke.
Kunjengoba nje umShumayeli 12:12 esikhumbuza: “Ukwenza izincwadi eziningi akupheli.” Ngisho nemithombo enedumela elihle ingaba nokwaziswa okunganembile. Pho silihlola kanjani izinga lomsebenzi, ukunemba kwawo nokuthi unezinto esingazethemba yini?
Ngokwesibonelo, cabanga ngenkulumo elandelayo esencwadini engangomagazini ethi Ingabe Izinto Eziphilayo Zadalwa? ethi ulwembu lungenye yezinto eziqine kakhulu emhlabeni: “Uma belunganwetshwa lulingane nenkundla yebhola likanobhutshuzwayo, ulwembu oluyisentimitha elilodwa ubukhulu olunemicu eqhelelene ngamasentimitha amane belungavimba indiza enkulu emoyeni!” Nakuba le nkulumo yathathwa kumagazini wesayensi onedumela elihle, nawo lo magazini wawuyithathe komunye umthombo le ngcaphuno, futhi kulowo mthombo wokuqala yayingacacile kahle. Ngakho-ke kwadingeka ukuba kuthintwe umcwaningi owasungula le nkulumo futhi kuhlolwe indlela yena afinyelela ngayo kulesi siphetho. Kwadingeka abacwaningi bethu bathole nendlela yokubala ukuze bazibalele ukuthi indiza enkulu ingenzenjani uma ihlangana nolwembu olungangenkundla yebhola likanobhutshuzwayo. Ngemva kwamahora amaningi kucwaningwa futhi kubalisiswa, kwagcina kutholakele ukuthi lokhu kwaziswa kunembile.
Nokho, ngezinye izikhathi ngisho nomthombo onedumela elihle ungase ungakwazi ukuvumelanisa imininingwane ngendlela egculisayo. Ngokwesibonelo: Kuye kwacashunwa uGandhi esendaweni yakhe yokuphumula ethi kuLord Irwin: “Uma izwe lakho nelami engahlangana ezimfundisweni ezabekwa uKristu kule Ntshumayelo YaseNtabeni, siyobe singaxazululanga nje kuphela izinkinga zamazwe ethu kodwa nezomhlaba wonke.” Kepha uma kuphenyisiswa ngala mazwi kwatholakala ukuthi abukho ubufakazi bokuthi uLord Irwin wake wavakashela uGandhi endaweni yakhe yokuphumula, okuphakamisa imibuzo engaphenduleki enjengokuthi uGandhi wawasho nini la mazwi, ekuphi nokuthi wawasho ngempela yini. Ngenxa yalokho, izincwadi zethu azisawacaphuni la mazwi.
Noma kungenzeka wafunda ngoSir Isaac Newton nomfanekiso wesimiso sikanozungezilanga ayezenzele sona. Kubikwa ukuthi umuntu othile ophika ukuthi uNkulunkulu ukhona owayemvakashele wambuza: “Senziwe ubani?” Lapho uNewton ethi, “Asenziwanga muntu!” lo muntu ophika ukuthi uNkulunkulu ukhona wathi, “Ucabanga ukuthi ngiyisilima!” Kuthiwa uNewton wabe esemtshela ukuthi umfanekiso wakhe owubala wesimiso sikanozungezilanga esisezingeni eliphakeme nakakhulu ufakazela ukuthi kumelwe ukuba kukhona umklami noma umenzi. Nakuba le ndaba ingase izwakale imnandi, izincwadi zomlando, abantu abafunda kuye nabalobi bomlando wokuphila kwakhe, abanabo ubufakazi bokuthi le ngxoxo yaba khona ngempela. Okuthakazelisayo ukuthi le ndaba yaqala ukuvela ekuqaleni kwawo-1800 isebenzisa igama lesazi esingumJalimane u-Athanasius Kircher, hhayi igama likaNewton. Ngenxa yalokhu, uMnyango Wokubhala awusayisebenzisi le ndaba ezincwadini zethu.
Ngezinye izikhathi ngisho nezinto ezincane zidinga ukuba kwenziwe ucwaningo olunzulu ukuze kuqinisekwe ukuthi zinembile. Ngokwesibonelo, umzalwane angase athi wazalelwa eCzechoslovakia ngo-1915. Kodwa iCzechoslovakia yaze yaba khona ngo-1918. Pho wazalelwaphi? Ukuthola impendulo kungase kudinge ukuba kuhlolwe amabalazwe akudala noma izincwadi zomlando.
Kanti futhi umzalwane angase athi wabhapathizwa eSan Francisco ngosuku oluthile. Kodwa uma sekuhlolisiswa, kutholakale ukuthi wawungekho umhlangano omkhulu noma omncane ngalolo suku kulelo dolobha. Ingaxazululwa kanjani-ke leyo nto? Abantu bayakhohlwa ngezinye izikhathi. Nakuba umzalwane engase angadidwa yindawo abhapathizelwa kuyo, angase angalukhumbuli kahle usuku abhapathizwa ngalo. Ngokuvamile siyakwazi ukuhlola ukunemba kwemininingwane ngokuqhathanisa imithombo ehlukahlukene yokwaziswa.
Ngamafuphi, uMnyango Wokubhala usebenzisa kuphela ukwaziswa okunembile nokuyiqiniso, ngisho nangokuphathelene nemininingwane engabonakala iwubala. Ngenxa yalokho, “inceku ethembekile neqondayo” ingaqhubeka iphaka ukudla okungokomoya okudumisa ‘uNkulunkulu weqiniso,’ uJehova.—IHu. 31:5.
SASIZWA UKUBA ‘SIHLALE SILINDILE’
Izigidi zoFakazi BakaJehova emhlabeni zajabulela isimiso esiwusizo nesasifike ngesikhathi esethulwa eMihlanganweni Yesigodi ethi “Hlalani Nilindile!” ngo-2009. Kwababekhona kwakunabangaphezu kuka-200 000 ababemenywe emazweni angu-136 ukuze babe semihlanganweni yezizwe engu-37. Le mihlangano yayise-Austria, eChile, eCôte d’Ivoire, eFrance, eGhana, eJalimane, eKenya, eKorea, eMexico, eMyanmar, eNingizimu Afrika, eNtaliyane, ePeru, ePoland, eTrinidad naseTobago nase-United States. Sebebonke ababesemihlanganweni yezizwe babengu-1 495 045, kwabhapathizwa abangu-15 730.
Iyini injongo yemihlangano yezizwe? INdikimba Ebusayo ihlela le mibuthano emadolobheni afanelekayo—ngezinye izikhathi kube semazweni lapho oFakazi BakaJehova babevinjelwe khona. Imihlangano enjalo iqinisa abafowethu futhi igqugquzele ukushunyayelwa kwezindaba ezinhle kulawo mazwe.
Le mihlangano ibuye inikeze abafowethu ithuba elihle lokuzizwela ‘isibopho sobunye’ esikhethekile sabazalwane bomhlaba wonke. (Kol. 3:14) Yeka injabulo okwakuyiyo ukubona uthando, ukuthula nobunye kuleyo mihlangano—izimfanelo ezedlula izithiyo zobuzwe, amasiko nolimi! Uthando lwangempela luboniswa izizwe ezihlukahlukene lapho zibungazana ngamakhefu—zidla ndawonye, zinikezana izipho namakheli, zithatha izithombe eziningi futhi zangana ngothando. Izihambeli zomhlangano eziningi noFakazi bendawo bayavunula.
Ingxenye ekhethekile yesimiso semihlangano yezizwe yinkulumo ethi “Imibiko Evela Kwamanye Amazwe,” eba khona zozine izinsuku. Omunye umjikelezi waseNtaliyane wathi le mibiko yasiza bonke ababekhona ukuba “bazizwe beyingxenye yobuzalwane bomhlaba wonke bangempela bephishekela umgomo ofanayo—ukwenza umsebenzi wokushumayela ngoMbuso.” Yeka indlela okwakujabulisa ngayo ukulalela okuhlangenwe nakho okukhuthazayo kwezithunywa zevangeli nezinye izinceku zesikhathi esigcwele ezazivakashele emazweni akubo zivela ezabelweni zakwamanye amazwe! Isibonelo sazo esihle siyaqhubeka siyisikhuthazo esikhulu kwabasha nabadala!
Futhi kwakungeve kumnandi ukuba namalungu eNdikimba Ebusayo kule mihlangano ezonikeza imfundo engokomoya efike ngesikhathi nesikhuthazo sothando! Izinkulumo ezanikezwa amalungu eNdikimba Ebusayo kanye ‘neMibiko Evela Kwamanye Amazwe’ zahunyushwa ukuze bonke abakhona bazuze esimisweni. Ngokwesibonelo, emhlanganweni wezizwe wesibili owawuseHonolulu, eHawaii, uStephen Lett weNdikimba Ebusayo wanikeza izinkulumo ezine ngesiNgisi, zahunyushelwa olimini lwesiChuukese, isi-Iloko, isiJapane, isiMandarin, isiMarshall nesiSamoa kanye kanye.
Lapho ihlela ukuba kube nemihlangano yezizwe, iNdikimba Ebusayo icabangela ubukhulu bezakhiwo zemihlangano ezitholakalayo, inani loFakazi bakuleyo ndawo neloFakazi bakwamanye amazwe abasuke bezofika kanye nezindawo zokulala zezihambeli. Ngemva kwalokho, abafowethu abanemithwalo yemfanelo edolobheni ngalinye okusuke kuzoqhutshelwa kulo umhlangano bathola imvume eziphathimandleni futhi benze izivumelwano nabaphathi balezo zindawo.
Ngenxa yokuthi kuvamise ukuba kusetshenziswe izinkundla ezinkulu, kwenziwa umsebenzi omkhulu wokuhlela futhi kuqinisekwe ukuthi lezo zindawo ziyizindawo ezihloniphekile zokukhulekela uJehova. Ngokwesibonelo, ngenxa yokuthi ePeru kwakuzoba nomdlalo webhola ngaphambi komhlangano, abafowethu abakwazanga ukuya enkundleni bayoyihlanza futhi bayilungise kwaze kwaba ngayizolo. Nakuba kwakucelwe amavolontiya angu-3 000 ukuba asize, kwafika abafowethu nodade abangaphezu kuka-7 000 ngo-6:00 ntambama futhi basebenza ubusuku bonke.
Ekuphetheni komhlangano wezizwe owawuseLong Beach, eCalifornia, e-U.S.A., amadoda amathathu asebenza enkundleni yomhlangano athi: “Maningi amasonto asebenzisa le ndawo, kodwa awekho enza izinto enizenzayo. Yisimanga lesi!” Enye yawo yavuma ukuthi lapho oFakazi BakaJehova bengqongqoza kwayo, yayithi enhliziyweni: “Qhubekani nje ningqongqoza, kodwa ngeke ningibone ngivula.” Manje ithi lapho abafowethu bengqongqoza kwayo, isizobavulela ibalalele. Enye yawo yaze yathi, “Angikaze ngisonte, kodwa nali isonto engifuna ukusonta kulo.”
Yeka ubufakazi obanikezwa kuwo wonke amadolobha ayenomhlangano, kwaba inkazimulo kuJehova! Futhi yeka indlela esibonga ngayo kuJehova ngokusilungiselela leyo mihlangano eqinisa ukholo ukuze siqhubeke ‘sihleli silindile’!—Math. 24:42.
HUBELANI UJEHOVA
Ukuhubela uJehova izingoma zokudumisa kuyingxenye ebalulekile yokukhulekela kwethu. Ngakho emihlanganweni ka-2009 izinceku zikaNkulunkulu zajabula zafa lapho kukhululwa iculo elisha elithi Hubelani UJehova. Kungani kwakudingeka iculo elisha?
Ezikhathini ezedlule siwashintshile amaculo ethu ukuze ahlale evumelana nokukhanya okungokomoya okuqhubeka kukhanya. (IzAga 4:18) Ukulungiselela iculo elisha kuvula ithuba lokwenza izinguquko ezidingekayo emagameni ezingoma. Kukhethwe amagama azokwenza kube lula ukuqonda okushiwo iculo lapho liculwa futhi kube lula ukuwakhumbula. Ukuze kube lula futhi ukuwakhumbula, izingoma eziningi zifushanisiwe. Kuye kwenezelwa amakhorasi lapho kufaneleka khona ukuze imiqondo eyinhloko iphindaphindwe ngendlela enenjongo. Ngaphezu kwalokho, kwenziwe umzamo wokuba izinhlamvu zamagama ezihamba ndawonye zibe nenothi elilodwa, kunokuba zihlanganise amanothi amabili.
Lapho sihlaziya iculo elidala elithi Hubani Izindumiso ZikaJehova, sathola ukuthi ezinye izingoma zidinga ukushintshwa ukuze ziculeke kalula. Ngenxa yalokho, ezinye izingoma ebeziphakeme zehlisiwe ukuze amanothi aphezulu aculeke kalula. Futhi akuzona zonke izingoma ezaziculwa ngendlela ezibhalwe ngayo phansi. Ngakho kwezinye izingoma kushintshwe amanothi ukuze ingoma iculeke ngendlela engokwemvelo ebiculwa ngayo abafowethu emhlabeni wonke.
Kuye kwabhekisiswa neminye imininingwane, njengendlela izingoma ezibhalwe ngayo ekhasini. Nakuba izingoma ezinde zithatha amakhasi amabili, izingoma zihlelwe ngendlela yokuba kungadingeki uphenye ikhasi lapho ucula. Azikho izingoma ezinamavesi angaphezu kwamathathu.
Wafezwa kanjani umsebenzi omkhulukazi wokulungiselela iculo elisha? Ngo-August 2007, iqembu labaqambi bomculo abanokuhlangenwe nakho lacelwa ukuba lisize iNdikimba Ebusayo ngalo msebenzi. Kwahlolisiswa ngokucophelela zonke izingoma eziseculweni elidala ukuze kutholakale izinkinga eziphathelene nezimfundiso, ukugcizelelwa kwamagama namanothi. Kwabonakala ukuthi amanye amanothi ezingoma ezindala ayekahle kodwa edinga amagama amasha. Ezinye izingoma ezazingadingi ukushintshwa amagama zazidinga amanothi amasha. IKomiti Yokufundisa yeNdikimba Ebusayo yabe isikhipha uhlu lwezihloko okuzoculwa ngazo ezifundweni, emihlanganweni emikhulu nemincane nalapho kunikezelwa izakhiwo.
Ngaphezu kwalokho, abaqambi bomculo bazinika isikhathi sokuhlola indlela abafowethu abacula ngayo emihlanganweni. Ukuze baqambe izingoma ezinenhlonipho kodwa ezimtoti, bawagwema amanothi afana nawezingoma zamasonto eLobukholwa. Ngesikhathi esifanayo, babengafuni ukuba izingoma zokudumisa uJehova zifane nezingoma esezidumile emasontweni amaningi abantu abavukwa umoya.
Phakathi nawo wonke lo msebenzi, iNdikimba Ebusayo yayikubhekisisa ukuqanjwa kwengoma ngayinye. Izingoma ezintsha iNdikimba Ebusayo eyayingazazi zaqoshwa abahlabeleli ukuze izilalele futhi izihlole. Lapho kuthiwa zilungile, zathunyelwa emagatsheni anyathelisayo ukuze kuhunyushwe amagama ukuze amaculo ezilimi zakuleyo ndawo akhululwe sikhathi sinye nelesiNgisi.
Ngaphezu kwalokho, ngo-2007 iNdikimba Ebusayo yahlela ukuba ikwaya iqophe umculo ozosiza amabandla afunde izingoma. Sekuyiminyaka eminingi ikwaya yezinsimbi zomculo eyakhiwa izisebenzi zokuzithandela ezivela emagatsheni angu-14 ihlangana kabili ngonyaka ePatterson, eNew York, ukuze iqophe umculo woFakazi BakaJehova abazowusebenzisa ezimisweni zokufundisa, ezihlanganisa amadrama, ama-video nezingoma ezizodlalwa emihlanganweni emikhulu nemincane. Laba bazalwane nodade abazinikele, abaningi babo abasenkonzweni yesikhathi esigcwele, basebenzisa isikhathi sabo nemali yabo ukuze beze baqophe umculo ozosiza abazalwane emhlabeni wonke. Bonke bawongoti kwezomculo. Lo mculo oqoshiwe wezinsimbi ube usuthunyelwa emagatsheni emhlabeni wonke ukuze awusebenzise emihlanganweni nasekuculeni amaculo ezilimi zendawo. Izingoma eziningi ezinamagama eziqoshwe emagatsheni seziyatholakala engosini yethu ethi www.pr2711.com.
Lamukelwe kanjani leli culo elisha elithi Hubelani UJehova? Nasi isibonelo sencwadi yokwazisa evela kudade: “Ngicela ukuqala le ncwadi ngokunibonga ngezingoma ezimnandi ezintsha eziseculweni lethu elisha. Ziyashukumisa, ziqinisa ukholo futhi ziyaduduza—isipho esihle esivela kuJehova.”
Sifisa sengathi iculo elisha elithi Hubelani UJehova lingaba induduzo nesikhuthazo kubazalwane emhlabeni wonke. Kungakhathaliseki ukuthi sisodwa noma sinabanye abakhulekeli, sengathi singalisebenzisela ukuveza uthando lwethu ngoBaba wethu osezulwini, uJehova!
‘BAHUDULELWA PHAMBI KWABABUSI NAMAKHOSI NGENJONGO YOBUFAKAZI’
UJesu watshela abafundi bakhe ukuthi babeyonikelwa “ezinkantolo zendawo,” ‘nakubabusi namakhosi.’ Wathi injongo kwakuyoba ‘ubufakazi kubo nasezizweni.’ (Math. 10:17, 18) Ngonyaka ofile, kwenzeka ngempela lokhu okwabikezelwa uJesu koFakazi BakaJehova. Futhi, njengoba iNkosi yabo yasho, ukuphathwa kabi kwabo kuye kwavula amathuba okufakaza.
E-Armenia
UVahan Bayatyan, onguFakazi KaJehova, wagwetshwa iminyaka emibili nengxenye ejele ngoba enqaba ukuya empini ngenxa kanembeza. Ngemva kokuba elahlwe icala ezinkantolo zase-Armenia, walidlulisela eNkantolo YaseYurophu Yamalungelo Abantu [European Court of Human Rights (ECHR)] ngo-2003. Ekugcineni, ngo-October 27, 2009, i-ECHR yakhipha isahlulelo esivuna i-Armenia ilandela isinqumo ebisikhipha emacaleni afuze leli eminyakeni engaphezu kuka-50 edlule. Nokho, ijaji eliphikisa lesi sinqumo lathi “asivumelani nemithetho yamanje yaseYurophu endabeni yokwenqaba ngenxa kanembeza.”
Ngenxa yokubaluleka kwalolu daba, iNkantolo YaseYurophu yavuma ukuludlulisela eMkhandlwini wayo Omkhulu. Icala lalizoqulelwa eStrasbourg, eFrance, ngo-November 24, 2010. Njengoba bekubhalwa lo mbiko, besingakaziwa isinqumo salo Mkhandlu.
E-Azerbaijan
OFakazi BakaJehova basenenkinga yokuthola izincwadi zenkolo ezivela kwamanye amazwe. Iziphathimandla zavuma ukuba ezinye zingene kodwa yazenqabela ezinye ngoba zithi “ezikuqukethe kuqhakambisa ukwehluka kokholo loFakazi BakaJehova futhi kuzizwisa ubuhlungu ezinye izinkolo zobuKristu.” Ngenxa yalokho, imizi yabanye abafowethu nodade iye yaseshwa futhi kwathathwa izincwadi zabo zeBhayibheli.
Ngo-April 25, 2010, edolobheni laseQazax, oFakazi BakaJehova ababalelwa ku-250 ababesemabhasini amahlanu nekhumbi eyodwa babebuya emhlanganweni eGeorgia. Emngceleni, abakwasidlodlo babaphuca izincwadi zeBhayibheli ezihlanganisa namaBhayibheli angu-33. Abaningi kubo, ngisho nasebekhulile nabagulayo, balindiswa emngceleni amahora angu-8 ngaphambi kokuba badedelwe. Ukuze kuvinjwe izinto ezinje futhi kuqinisekwe ukuthi abafowethu e-Azerbaijan bayaqhubeka bethola ukudla kwabo okungokomoya, le ndaba seyibikwe eNkantolo YaseYurophu Yamalungelo Abantu.
EBelarus
Ngo-November 6, 2009, uDmitry Smyk, ongomunye woFakazi BakaJehova, wahlawuliswa ama-dollar ase-United States angu-1 154 ngoba enqaba ukuya empini. “Ngizama ukwethembeka eBhayibhelini kukho konke engikwenzayo,” kusho uMfoweth’ uSmyk, “futhi ngiyakwenza elikushoyo. Lokhu kuhlanganisa nokukholelwa ukuthi umuntu akufanele afundiswe ukulwa noma alwe.”—Isaya 2:1-4.
Nakuba uMthetho-sisekelo waseBelarus uqinisekisa ilungelo lokukhetha ukwenza inkonzo yomphakathi kunokuya empini, awukho umthetho othi umuntu angakwenza lokho. “Ephepheni kubonakala sengathi nginalo ilungelo lokukhetha ukwenza inkonzo yomphakathi,” kuchaza uMfoweth’ uSmyk, “kodwa angikwazi ukulisebenzisa lelo lungelo.”
Ukuze kulungiswe leli phutha, ngo-February 18, 2010, umongameli waseBelarus wamisa ikhomishane ezobhala isiphakamiso sokukhetha ukwenza inkonzo yomphakathi. Ngokushesha ngemva kwalokho, inkantolo yathi uMfoweth’ uSmyk akanacala futhi yangabe isamhlawulisa leya nhlawulo enkulu. Ngenxa yokuthi nabanye oFakazi abasebasha babhekene nenkinga efanayo eBelarus futhi abafuni ukuya empini, kwethenjwa ukuthi maduze nje uhulumeni uzokwenza ilungiselelo lokuba kwenziwe inkonzo yomphakathi esikhundleni sokuya empini.
EBelgium
Isakhiwo saseBethel eBrussels, eBelgium, besilokhu singatheliswa kwaze kwaba u-1993, njengoba bekunjalo nangezinye izakhiwo zamasonto eBelgium. Kepha ngo-1993 abezentela bashintsha bathi kufanele iBethel ikhokhe intela ethile. Bathi iBethel ayisetshenziselwa ezenkolo kuphela, bathi enye yezinjongo zayo ukwenza imali, futhi izikhonzi zakhona azenzi umsebenzi wenkolo isikhathi esigcwele. Leli cala laqulwa ngo-2008 enkantolo encane, kodwa ijaji lavuna abezentela. Isinqumo sadluliselwa enkantolo yamacala adlulisiwe, futhi ngo-May 4, 2010, leyo nkantolo yabalahla ngecala abezentela. Isinqumo samajaji amathathu sasithi: “Ukuphila kwaseBethel koFakazi abahlala khona kuhambisana nokuzinikela okujulile enkolweni okudinga ukuzinikela ngokuphelele enkonzweni kaNkulunkulu. . . . Zonke lezi zikhonzi zingamalungu oHlelo Lomhlaba Wonke Lwezinceku Ezisenkonzweni Ekhethekile Yesikhathi Esigcwele, futhi bahlala, bathandaze, bacule futhi batadishe ndawonye iBhayibheli. Babuye bahlanganyele nasekukhulekeleni kwasekuseni.”
E-Eritrea
OFakazi BakaJehova e-Eritrea basalokhu bekhuthazelela ubunzima obukhulu njengoba bezama ukukhonza uNkulunkulu ngokwethembeka. Njengamanje bangu-58 oFakazi abasejele, bahlanganisa nomame nabantwana. Ngenxa yemingcele ecindezelayo kahulumeni nokwesatshiswa ngokuboshwa njalo, kunzima ukuzwa okuthile ngababoshiwe. Sekuyiminyaka oFakazi BakaJehova bezama ukusiza abakhulekeli abakanye nabo abahluphekayo base-Eritrea ngemigudu ethile. OFakazi baye bazikhalela ezikhulwini zomnyango wase-United States obizwa ngokuthi iDepartment of State, kuyi-European Union nakwamanye amanxusa. Baye bahlangana nezinye izikhulu eziningi ezikuyiHorn of Africa, njengabameleli be-African Union. Muva nje oFakazi BakaJehova baye bathumela incwadi nohlu lweziboshwa ezisencane emanxuseni ase-Eritrea angu-18 emhlabeni wonke. Le ncwadi yayinxusa uMongameli u-Afewerki ukuba adedele zonke iziboshwa ezingakafiki eminyakeni yokungenela ezempi, ezihlanganisa abantwana nasebekhulile. Kuze kube manje uhulumeni awukaphenduli.
EGreece
Ngo-January 15, 2010, inkantolo ephakeme kunazo zonke eGreece, uMkhandlu WoMbuso, yathola ukuthi u-Evangelos Delis, omunye woFakazi BakaJehova, wayenelungelo lokwenqaba ukuba yisosha elisebenza ngezikhathi ezithile. UMfoweth’ uDelis wayeyisosha engakabi uFakazi KaJehova, kodwa lapho ebizelwa ukuzoqeqeshelwa ukuba isosha langezikhathi ezithile, unembeza wakhe oqeqeshwe ngeBhayibheli wamenza wenqaba. Nakuba iNkantolo yenqaba ukuba abhekwe njengonqaba ngenxa kanembeza, uMkhandlu WoMbuso wacaphuna izihloko zoMhlangano WaseYurophu Wamalungelo Abantu, wathi umuntu unelungelo lokushintsha inkolo yakhe ngisho noma ayekwezempi ngaphambili nelokubhekwa njengonqaba ngenxa kanembeza ngenxa yezinkolelo zenkolo yakhe entsha. Lesi sinqumo esihle senkantolo ephakeme kunazo zonke eGreece sizobasiza nakanjani labo abenqaba ngenxa kanembeza eGreece nakwamanye amazwe anjenge-Armenia, i-Azerbaijan, iNingizimu Korea neTurkey.
EPortugal
Ngo-September 25, 2009, uMnyango Wobulungisa wathi iNhlangano YoFakazi BakaJehova yamukelwa njengeNkolo Yomphakathi Enesikhathi Eside Ikhona. OFakazi BakaJehova ePortugal sebebekwe esigabeni esiphakeme kakhulu kwezomthetho nakwezenkolo, okuzobasiza ekwenzeni inkonzo yabo. Lokhu kuqashelwa kwabo kuzobanikeza izinzuzo ezinkulu abantu bakaJehova. Bazoba nezikhonzi ezigunyazwe ukuba zishadise ngokomthetho emaHholo OMbuso kanye negunya lokuya ezibhedlela nasemajele bayonikeza usizo olungokomoya kwabalucelayo.
EPuerto Rico
Ngo-January 27, 2010, iNkantolo Ephakeme YasePuerto Rico yenza isinqumo esiyingqopha-mlando ngokusekela ilungelo lomuntu omdala lokuba enqabe ukwelashwa ngendlela ethile. Le Nkantolo yaqaphela nelungelo lesiguli lokubhala isiqondiso esithile futhi sikhethe othile ozosimela lapho siqulekile. UVictor Hernandez, omunye woFakazi BakaJehova, wabhala isiqondiso engakayi esibhedlela. Inkantolo encane yayikade yenqabile ukwamukela isinqumo sakhe ayesibhale kulesi siqondiso nendlela yokwelashwa ayifunayo nesekelwa umuntu ommele. INkantolo Ephakeme yasishintsha leso sinqumo ngoba iqaphela “ilungelo lomuntu eliyisisekelo lokuba azenzele isinqumo esingeke sishintshwe muntu ngomzimba wakhe.” Lokhu kunqoba akugcini nje ngokuzuzisa oFakazi BakaJehova abangaphezu kuka-25 000 ePuerto Rico kodwa futhi kuzuzisa nazo zonke iziguli kuso sonke lesi siqhingi.
ERussia
Umsebenzi wabantu bakaJehova oqondiswa umoya uye wasongelwa ngendlela okungakaze kwenzeke ngayo selokhu kwawa iSoviet Union. Ngo-December 8, 2009, iNkantolo Ephakeme YaseRussia yasekela isinqumo senkantolo encane eRostov esaphumela ekuvalweni kwenhlangano yenkolo eTaganrog, ekuthathweni kweHholo layo LoMbuso nasekuchazweni kwezincwadi zethu ezingu-34 ngokuthi ziyeqisa, njengezithi Lifundisani Ngempela IBhayibheli?, INcwadi Yami Yezindaba ZeBhayibheli nethi “Woza Ube Ngumlandeli Wami.”
Ngemva kwamasonto ambalwa, iNkantolo Ephakeme YaseRepublic Yase-Altay, eningizimu yeRussia, yenza isinqumo esifanayo ngokuqondene nezinhlangano zenkolo edolobheni laseGorno-Altaysk, okwaphumela ekutheni nezinye izincwadi ezingu-18 zichazwe njengezeqisayo. Izinqumo zalezi zinkantolo zenze ukuba okwamanje bangakwazi ukuthola lezi zincwadi ngesiRashiya zivela kwamanye amazwe. Ngaphezu kwalokho, ziye zanika izitha zikaKristu isibindi sokuba zisongele futhi zihlasele abalandeli bakhe abanokuthula emadolobheni ahlukahlukene. Kusukela esinqumweni sango-December 8, kube nezigigaba ezingaphezu kuka-300 ezibikiwe zokuseshwa, ukuboshwa, ukupeqululwa kwemizi nezinye izenzo eziphazamisa ukukhulekela.
Ngenxa yalolu songo olwandayo, iNdikimba Ebusayo yagunyaza ukusakazwa kwamakhophi ayizigidi ezingu-12 epheshana elikhethekile elithi Could It Happen Again? A Question for the Citizens of Russia [Kungaphinde Kwenzeke Yini? Umbuzo Wezakhamuzi ZaseRussia]. Leli pheshana laveza ukufana okucacile phakathi kokuhlukunyezwa koFakazi BakaJehova ngaphansi kobuKhomanisi nezinkinga ababhekene nazo manje. OFakazi BakaJehova basakaza leli pheshana kulo lonke elaseRussia phakathi kuka-February 26 no-28, 2010. Naphezu kwamakhaza ashubisa umnkantsha (-40°C), amabandla amaningi asakaza wonke amapheshana ngezinsuku ezimbili nje kuphela.
Ngo-April 26, 2010, inhlangano ebizwa ngokuthi iFederal Service for the Oversight of Communications nebizwa ngokuthi i-Information Technology and Mass Communications (Roskomnadzor) zaziphindiselela ngokuhoxisa ilayisense yethu yokuthola INqabayokulinda ne-Phaphama! kwamanye amazwe.
Noma kunjalo, “isandla sikaJehova asizange sibe sifushane kangangokuba singakwazi ukusindisa.” (Isaya 59:1) Ngo-June 10, 2010, iNkantolo YaseYurophu Yamalungelo Abantu yakhipha isinqumo esiyingqopha-mlando, yalahla iRussia ngecala yavuna izithakazelo zoMbuso. Isinqumo kuleli cala elaliphakathi koFakazi BakaJehova BaseMoscow NeRussia, sathi ukuvalwa nokuvinjelwa kwemisebenzi yoMphakathi WoFakazi BakaJehova BaseMoscow kwakungekho emthethweni futhi kwephula amalungelo abantu enkululeko yokucabanga, kanembeza nengokwenkolo. Abafowethu bebelokhu bevinjelwe eMoscow kusukela ngo-March 26, 2004, okwaphumela ekwandeni kokuhlukunyezwa nokuhlushwa kwabo. Lesi sahlulelo sisho ngokucacile ukuthi uhulumeni waseRussia “unesibopho esingokomthetho . . . sokuqeda ukuhlushwa [koFakazi] nokulungisa umonakalo owenzekile.”
Lesi sinqumo sihlobana kahle nezinye ezingu-9 zezinkantolo eziphakeme ezatholwa oFakazi BakaJehova eCanada, eJapane, eNingizimu Afrika, eRussia, eSpain, e-United Kingdom nase-United States, sihlobana kahle futhi nezinye izinqumo ezingu-8 ezakhishwa i-ECHR ezivuna oFakazi BakaJehova. Ngokukhipha isinqumo esinje, inkantolo igcizelele ukuthi i-ECHR iyaqhubeka ikholelwa ukuthi la macala angaphambili ayehlulelwe ngendlela efanele. Ithathela kokwadingidwa eMhlanganweni WaseYurophu Wamalungelo Abantu nasezinqumweni ezidlule, inkantolo yathi oFakazi BakaJehova abanacala ezintweni ababemangalelwe ngazo yiziphathimandla zaseRussia.
Inkantolo yathi: “Umphakathi woFakazi BakaJehova ubukhona futhi usebenza ngokusemthethweni eMoscow iminyaka engaphezu kuka-12, kusukela ngo-1992 kuya ku-2004. Phakathi naso sonke isikhathi ukhona, abadala bakhona namalungu ngamanye abakaze batholakale benecala lobugebengu noma bephule umthetho kahulumeni.” Ngenxa yalokho, inkantolo yanquma ukuthi amalungelo oFakazi BakaJehova ayephuliwe futhi “uMbuso unesibopho esingokomthetho . . . sokukhetha . . . izinyathelo ozozithatha ukuze kuqedwe ukuhlushwa [koFakazi] okutholwe iNkantolo.”
Ngo-September 9, 2010, uhulumeni waseRussia wacela ukuba lolu daba ludluliselwe eMkhandlwini Omkhulu wenkantolo, cishe okuyiqhinga lokubambezela ukuba wenze okushiwo isinqumo. Kungakhathaliseki ukuthi intando kaJehova iyakuvumela yini ukuba uMkhandlu Omkhulu ulibukeze leli cala noma cha, singaqiniseka ukuthi ubufakazi obukhulu buzoqhubeka bunikezwa.
ESerbia
Ngemva komshuduliswano nabezomthetho owaqhubeka cishe iminyaka emine, uMnyango Wezenkolo WaseSerbia wagcina ubafakile “OFakazi BakaJehova—Umphakathi Ongokwenkolo WamaKristu” encwadini ebizwa ngokuthi iNcwadi Yamasonto Nemiphakathi Engokwenkolo ESerbia. Ngaphambi kwalokho, lo mnyango wawuzenqabile izicelo ezintathu zokuba babhaliswe, yize amaqembu abizwa ngokuthi i-International Bible Students, njengoba babaziwa kanjalo oFakazi BakaJehova, abelokhu ekhona kule ndawo kusukela ekuqaleni kwawo-1920. Ngemva kokuba iNkantolo Ephakeme YaseSerbia ikhiphe izinqumo ezimbili ezisivunayo, uMnyango Wezenkolo wasamukela isicelo sokuba sibhaliswe.
Esikhathini esidlule, izitha—zisizwa abezindaba—zazizama njalo ukwenza oFakazi BakaJehova babukeke njengabayihlelo eliyingozi. Akubangabazeki ukuthi ukubhaliswa kwabo njengabawumphakathi wezenkolo osemthethweni kuzosiza abantu abaqotho baseSerbia ukuba babone ukuthi oFakazi BakaJehova bayizakhamuzi ezikahle ezihlonipha umthetho futhi abalona usongo emphakathini. Umphumela wokuqala omuhle walokhu kubhaliswa ukuthi izincwadi zeBhayibheli nezinye izinto ezisetshenziswa emihlanganweni nasekushumayeleni sezingatholakala zivela kwamanye amazwe ngaphandle kokukhokha intela.
ESlovenia
Ngo-November 27, 2009, “OFakazi BakaJehova—Umphakathi Ongokwenkolo WamaKristu” bafakwa encwadini okubhalwa kuyo amasonto neminye imiphakathi engokwenkolo egcinwa uhulumeni weRepublic YaseSlovenia. Umphathi wehhovisi likahulumeni elibizwa ngokuthi iHhovisi Lemiphakathi Engokwenkolo watshela abameleli bethu ukuthi ezinkolweni ezingu-40 eSlovenia, “OFakazi BakaJehova—Umphakathi Ongokwenkolo WamaKristu” babengabesi-8 ukuphinde babhaliswe ngempumelelo ngaphansi koMthetho omusha Wenkululeko Engokwenkolo. Lokhu kubhaliswa kuzokwenza ukuba izikhonzi zesikhathi esigcwele zithole izinzuzo ezithile uhulumeni azinikeza bonke abenza imisebenzi yenkolo isikhathi esigcwele.
ETurkey
Kwase kuyiminyaka engaba ngu-20 oFakazi BakaJehova eMersin besebenzisa iHholo labo LoMbuso. Kwathi ngo-August 2003, iziphathimandla zalivala zithi kwephulwe umthetho endleleni elakhiwe ngayo nelisetshenziswa ngayo. Naphezu kwemizamo yabafowethu yokuxazulula lolu daba ngokuya ezinkantolo, ngo-December 30, 2009, inkantolo ephakeme kunazo zonke eTurkey yasichitha isikhalo sabo yavuna ihhovisi lombusi waseMersin. Leli cala selidluliselwe kuyi-ECHR.
IZENZO ZOTHANDO LOBUZALWANE EHAITI
Ngo-January 12, 2010, ukuzamazama komhlaba okunamandla kwacekela phansi inhloko-dolobha yaseHaiti, iPort-au-Prince, nezindawo ezingakhona. Kwafa inqwaba yabantu, abaningi basuka ezindaweni zabo. OFakazi BakaJehova abaningi balahlekelwa imizi, abangu-154 bashona. Abanye abaningi balimala kabi noma basinda ngokulambisa.
U-Acloque wayesekhaya ngesikhathi kuzamazama. Izindonga zadilika, wambozwa amabhulokisi nophahla lwangaphakathi olwalubhidlikile. Akalimalanga kakhulu nokho, futhi wabe esephumputha ebumnyameni. Uyakhumbula: “Ngezwa ukuthi kunebhakede lamanzi. Lalinganyakazi, kodwa ngangikwazi ukucobhoza iminwe emanzini ngiyilethe emlonyeni namaconsi amanzi. Ngathola netshe engenza ngalo umsindo nginethemba lokuthi kukhona ozongizwa.” Wathandazela usizo futhi waqhubeka eshaya ngetshe phansi futhi walinda.
Uthi: “Ngangingenawashi ngakho ngangingazi ukuthi isikhathi sini. Ngaqale ngakhala ngicela uJehova ukuba angihlenge. Kodwa njengoba isikhathi sihamba, imithandazo yami yashintsha. Ngathi: ‘Ngiyazi ukuthi uzongivusa. Kodwa ngisemncane! Uma ngisinda, ngingaqhubeka ngikukhonza.’”
U-Acloque wezwa amandla ephela kancane kancane, wagcina engasakwazi kwakushaya ngetshe phansi. Wayesequleka.
Lapho ephaphama, abahlengi abangoFakazi babebhodloza bezama ukumtakula. Uyalandisa: “Ukhonkolo wawela eduze komlenze wami. Ngabona ukuthi sengizoshayeka idolo, ngalunguza ngembobo ngabamba ingalo yomhlengi.” Ngokushesha u-Acloque wayesekhululekile. Kwase kuyizinsuku ezine egqitshwe imfucumfucu.
IMIZAMO ESHESHAYO YOKUNIKEZA USIZO
Engakapheli amahora angu-24 umhlaba uzamazamile, kwafika udokotela wokuqala onguFakazi evela egatsheni laseDominican Republic. Walandelwa inqwaba yezisebenzi zokwelapha nezinikeza usizo ezingoFakazi, kanye nezimpahla ezinikelwe. Ngokushesha kwamiswa isibhedlela egatsheni, lapho kwelashwa khona oFakazi nabantu abangebona oFakazi abangaphezu kwenkulungwane.
Phakathi kweziguli kwakunezintombi ezimbili ezazinqamuke izingalo zesokudla. UMylène oyisisebenzi sokuzithandela egatsheni uyakhumbula: “Njengazo zonke iziguli ezilahlekelwe isitho esithile, lezi zintombi zazikhathazeke ngokuthi ngeke ziphinde zishade noma zibe nomkhaya.” Ngakho uMylène wathinta udade ayemazi eFrance owayenqamuke ingalo esemncane engozini yemoto, wamcela ukuba akhuthaze lezi zintombi ezimbili. Udade waseFrance wathumela izithombe zakhe nomyeni wakhe nezingane ezimbili ezinhle. Lezi ziguli ezimbili zaduduzeka lapho zibona lezi zithombe, futhi seziyasijwayela isimo sazo esisha.
Ngaphandle kokudla, izingubo nemithi, ababesindile babedinga izindlu ngokuphuthumayo. Izisebenzi zokuzithandela ezingoFakazi zaseHaiti nakwamanye amazwe zaklama futhi zakha izindlu zesikhashana ezingaphezu kuka-1 700 ukuze imikhaya yoFakazi emizi yayo yayikhukhulekile ithole indawo yokukhosela futhi ivikeleke. Ngo-June amaqembu anikeza usizo ayeseqalile ukwakha amaHholo OMbuso esikhashana, kwathi ngo-July iziphathimandla zakhipha izimvume zokuqala zokwakha amaHholo OMbuso.
UKWELASHWA EMZIMBENI, NGOKOMZWELO NANGOKOMOYA
Ngo-March udokotela onguFakazi owelapha ukucindezeleka wahlangana nabadala bamabandla angu-115 athinteka ekuzamazameni komhlaba. Wanikeza abadala ukusikisela okuwusizo mayelana nokusekela ngokomoya amalungu amabandla abo ahlukumezekile. Ngemva kwalokho, lo dokotela wabonana nabazalwane nodade abangaphezu kwekhulu ababedinga usizo olukhethekile, ngamunye ngesikhathi.
Ngemva nje kokuzamazama, uDavid Splane weNdikimba Ebusayo waya eHaiti eyobaduduza futhi abakhuthaze. UMfoweth’ uSplane, osikhulumayo isiFulentshi, wakhuluma nabafowethu emhlanganweni wesifunda futhi wahlangana nomkhaya waseBethel, izithunywa zevangeli kanye nababonisi abajikelezayo. Bonke bakwazisa kakhulu ukukhathalela kwakhe kothando nesisa seNdikimba Ebusayo.
Naphezu kwalokho okungabonakala kuyizithiyo ezinganqobeki, i-Nguqulo Yezwe Elisha YemiBhalo YamaKristu YesiGreki ngesiCreole saseHaiti yaqedwa, yanyatheliswa futhi yathunyelwa egatsheni. La maBhayibheli amasha afika sekusele amahora ambalwa nje akhululwe emhlanganweni wesigodi ngo-July. Phakathi nezigigaba zika-2010, kusukela lapho kuqalwa ukunikeza usizo kuze kube manje, bonke abaye baba nesandla basibonile futhi basizwa isiqondiso nokusekela kukaJehova ngezindlela ezincane nezinkulu. Izimpahla, izinto zokuhamba nezisebenzi ezazidingeka konke kwakutholakala ngesikhathi esifanele nangezindlela ezimangaza kangangokuthi ngeke kube ukuthi kwaziqondanela nje. Omunye osenesikhathi eside eyisithunywa sevangeli wathi, “Kwakudingeka ube la ukuze ubone indlela isandla sikaJehova esasibonakala ngokucace ngayo.”
UKUNIKEZELWA KWAMAGATSHA KUKHAZIMULISA UNKULUNKULU
U-February 13, 2010, wawuwusuku abangasoze balulibala oFakazi BakaJehova eSolomon Islands. UStephen Lett weNdikimba Ebusayo wanikeza inkulumo yokunikezela izakhiwo ezintsha zegatsha khona. Phakathi kwabangu-368 ababekhona kwakukhona noFakazi wokuqala kule ndawo, uClement Fa’abasua. Kusasele inyanga, kwamenywa uwonk’ uwonke ukuba azobuka izakhiwo ezintsha, kwafika abangu-273. Esinye isivakashi esingumdwebi wamapulani sabhala ephephandabeni lezwe elithengwa kakhulu: “Sidl’ ubhedu lesi sakhiwo. Sibonisa umphakathi waseSolomon Islands lokho okungenziwa lapha kungakhathaliseki ukuthi kuzosetshenziswa ubani. Singasho sithi umklami, izisebenzi nabaphathi bale ndawo bakhe isakhiwo esihle ngendlela ekhethekile.”
Isimiso sokunikezela esingeke silibaleke saba segatsheni lase-Estonia ngoMgqibelo, ngo-April 3, 2010. Ababekhona abangu-438 basijabulela kakhulu isimiso esasihlanganisa inkulumo yokunikezela eyabekwa uChristian Muntean wasegatsheni laseGreece. Isakhiwo esinezitezi ezimbili esisendaweni encikene negatsha sathengwa enkampanini yamanzi. Lesi sakhiwo esilungisiwe sinendawo yokuqophela izinto ezinjengama-CD nama-video kanye nekilasi okuqhutshelwa kulo izikole, njengeSikole SeBhayibheli Sabazalwane Abangashadile.
Isimiso sokunikezela igatsha laseLatvia saba ngo-April 10, 2010. Ngemva kokuba izindaba ezinhle zishunyayelwe okokuqala eLatvia ngo-1918, umsebenzi wethu waphikiswa kakhulu iminyaka eminingi. Kepha manje umsebenzi wokushumayela uyachuma kuleli, futhi kwakukhona izihambeli ezingu-248 zivela emazweni angu-9 kanye nabazalwane nodade bendawo bezolalela inkulumo kaChristian Muntean yokunikezela igatsha.
NgoMgqibelo, ngo-May 8, 2010, abantu abangaphezu kuka-2 200 bajabulela inkulumo yokunikezela igatsha uGerrit Lösch weNdikimba Ebusayo ayinikeza egatsheni laseParaguay. Kwakhiwa isakhiwo sokuhlala esinamagumbi angu-32 namahhovisi, isakhiwo esikhona manje salungiswa. Ngaphezu kwalokho, kwakhiwa ithange lamanzi elimumatha amanzi angamalitha angu-40 000 ngaphansi komhlaba. Kusukela ekuqaleni, iziphathimandla zazilithanda izinga lomsebenzi wezisebenzi zokuzithandela zakwamanye amazwe nezalapha. Esinye isikhulu sathi kwakuye kwaba nezingqinamba eziningi ngezakhiwo zamasonto kodwa oFakazi BakaJehova banedumela lokwenza yonke into ngendlela efanele. Ngenxa yalokho, akuzange kube nzima ukuthola imvume yokwakha isakhiwo segatsha.
NgoMgqibelo, ngo-May 29, 2010, abazalwane nodade ababalelwa ku-500 bevela emazweni angu-12 babuthana egatsheni lasePapua New Guinea bezolalela inkulumo yokunikezela eyayibekwa uWinston Payne wasegatsheni lase-Australia. Izakhiwo zegatsha ezandisiwe zihlanganisa isakhiwo esinezitezi ezine esinamakamelo, igumbi lokudlela, ikhishi nelondolo, isakhiwo esineHholo LoMbuso nehhovisi labahumushi elikhulu. Phakathi kwababekhona kwakunoFakazi ababehambe izinsuku eziyisithupha ezintabeni beze kulo mcimbi. Babevunule ngezingubo zesi-Orokaiva futhi bamukela izivakashi ngomdanso nezingoma. Ehlengezela izinyembezi, omunye udade osekhulile waveza imizwa yabaningi lapho ethi, “Ungathi sengisePharadesi!”
‘QHUBEKANI NITHELA IZITHELO EZININGI’
Akungabazeki ukuthi imizamo ebumbene yoFakazi BakaJehova iyaqhubeka ikhazimulisa uNkulunkulu. UJesu wathi: “UBaba uyakhazinyuliswa ngalokhu, ukuba niqhubeke nithela izithelo eziningi futhi nizibonakalise ningabafundi bami.” (Joh. 15:8) Ngesibusiso sikaJehova nesiqondiso sothando, bazozama ‘ukuhamba ngokufanele uJehova ngenjongo yokumjabulisa ngokugcwele njengoba beqhubeka bethela izithelo kuyo yonke imisebenzi emihle futhi lwanda ulwazi lwabo olunembile ngoNkulunkulu, benziwa babe namandla ngawo wonke amandla kuze kube sezingeni lamandla akhe akhazimulayo ukuze bakhuthazele ngokugcwele futhi babe ababekezela ngenjabulo.’—Kol. 1:10, 11.
[Isithombe ekhasini 8]
UNatsue waqala kabusha wafundelwa
[Izithombe ekhasini 11]
Abacwaningi bakuqinisekisa ngokucophelela ukwaziswa
[Isithombe ekhasini 13]
EKorea
[Isithombe ekhasini 14]
EMexico
[Izithombe ekhasini 14]
ENingizimu Afrika
[Isithombe ekhasini 15]
UStephen Lett komunye wemihlangano yezizwe eHawaii
[Isithombe ekhasini 22]
UDmitry Smyk
[Isithombe ekhasini 25]
U-Evangelos Delis
[Isithombe ekhasini 25]
Isitifiketi esakhishwa uMnyango Wobulungisa
[Isithombe ekhasini 33]
Izisebenzi zokwelapha ezingoFakazi zafika ngokushesha nje ngemva kokuzamazama
[Isithombe ekhasini 33]
Izisebenzi zokuzithandela ezingoFakazi eHaiti nakwamanye amazwe zaklama futhi zakha izindawo zokuhlala zesikhashana ezingaphezu kuka-1 700
[Isithombe ekhasini 34]
“INguqulo Yezwe Elisha YemiBhalo YamaKristu YesiGreki” yakhululwa ngesiCreole saseHaiti
[Isithombe ekhasini 36]
Isakhiwo segatsha lase-Estonia esandisiwe
[Isithombe ekhasini 37]
Igatsha laseParaguay
[Izithombe ekhasini 37]
UWinston Payne wethula inkulumo yokunikezela igatsha lasePapua New Guinea