Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • hdu isihloko 22
  • Asibakhohliwe Abayizithulu

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Asibakhohliwe Abayizithulu
  • Indlela Iminikelo Yenu Esetshenziswa Ngayo
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Enziwa Kanjani Amavidiyo Olimi Lwezandla?
  • Asakazwa Kanjani Amavidiyo Olimi Lwezandla?
  • ‘UJehova Wenze Ubuso Bakhe Bakhanya Kubo’
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2009
  • Kuphaphamele Ukuthola Abantu Abayizithulu Ensimini Yenu
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2001
  • Indlela UNkulunkulu Azinakekela Ngayo Izithulu
    Izihloko Ezengeziwe
  • Umuntu Wokuqala Oyisithulu Owamukela Iqiniso
    INcwadi Yonyaka YoFakazi BakaJehova Ka-2015
Bheka Okunye
Indlela Iminikelo Yenu Esetshenziswa Ngayo
hdu isihloko 22
Udade ubukela ividiyo yevesi leBhayibheli ngolimi lwezandla kuthebhulethi.

INDLELA IMINIKELO YENU ESETSHENZISWA NGAYO

Asibakhohliwe Abayizithulu

JULAYI 1, 2022

UJehova uNkulunkulu ufuna bonke abantu, kungakhathaliseki ukuthi izimo zabo zinjani, bafunde ngaye nangoMbuso wakhe wasezulwini. (1 Thimothewu 2:3, 4) Yingakho oFakazi BakaJehova bekhiqiza amaBhayibheli nezinsiza kufunda zeBhayibheli bekusabalalisa kubantu abaningi kakhulu, kuhlanganise nabayizithulu. Eqinisweni, inhlangano kaJehova ikhiqize izinkulungwane zezincwadi zolimi lwezandla ezitholakala ngamavidiyo,a ngezilimi zezandla ezingaphezu kwekhulu! Sizikhiqiza futhi sizisakaze kanjani lezi zincwadi? Iyiphi intuthuko esiyenzile?

Enziwa Kanjani Amavidiyo Olimi Lwezandla?

Iqembu labahumushi lolimi lwezandla lisebenza ndawonye ukuhumusha incwadi.

Izincwadi zolimi lwezandla zikhiqizwa amaqembu abahumushi emhlabeni wonke. Amalungu eqembu ngalinye ayihlola ngokucophelela incwadi okudingeka ihunyushwe. Ngemva kwalokho, abe esenquma ukuthi iyiphi indlela engcono angadlulisa ngayo leyo mininingwane ngolimi lwezandla. Abe eseyirikhoda leyo ncwadi ibe ividiyo. Njengamanje, kunamaqembu angu-60 asebenza isikhathi esigcwele ehumusha izinsiza kufunda zeBhayibheli ngolimi lwezandla, bese kuba namanye angu-40 ahumusha ngezikhathi ezithile.

Esikhathini esedlule, kwakubiza ukukhiqiza amavidiyo olimi lwezandla. Amakhamera neminye imishini kwakumba eqolo. Namavidiyo ayerikhodelwa estudiyo naso okwakudingeka sizakhele sona, ngezinye izikhathi lokho sasikwenza ngokulungisa isakhiwo esesikhona kakade. Isiyonke imali eyayidingeka ukuze kumiswe iqembu labahumushi bolimi lwezandla yayingaphezu kwamaRandi angu-478 000.

Ukuze ikwazi ukusebenzisa kahle iminikelo, inhlangano iye yasebenza kanzima ukuze ithuthukise umsebenzi wokuhumusha futhi iwenze ube lula. Manje sesiyakwazi ukusebenzisa imishini yakamuva esebenza kahle futhi engabizi. Kunokuba lisebenze estudiyo, iqembu labahumushi lingasebenzisa udonga noma okuthile okunombala oluhlaza okotshani, lirikhode amavidiyo emahhovisi alo. Uma kudingeka abantu abahlukahlukene abazoqopha, abafowethu nodadewethu bangarikhoda izingxenye zabo besemahhovisi noma emakhaya, akusadingeki baze baye estudiyo.

Iqembu labahumushi lirikhoda incwadi yolimi lwezandla. Osayinayo umi phambi kodonga oluluhlaza okotshani.

Senze ngisho nezinhlelo zekhompyutha ukuze sisize abaqophayo emsebenzini wabo. Le ntuthuko isinciphise kakhulu isikhathi esichithwa abahumushi ukuze bakhiqize incwadi yolimi lwezandla. Abafowethu bayayazisa le ntuthuko. Umzalwan’ u-Alexander uthi: “Amavidiyo olimi lwezandla asekhululwa kaningi manje kunangaphambili. Kungijabulisa kakhulu lokho. Ngiwabuka nsuku zonke.”

Manje, sekubiza imali engaphansi kwamaRandi angu-79 000 ukuhlinzeka iqembu labahumushi. Lokho kwenze sakwazi ukukhiqiza amavidiyo amaningi olimi lwezandla ngezilimi eziningi.

Asakazwa Kanjani Amavidiyo Olimi Lwezandla?

Uma iqembu seliqedile ukurikhoda okuthile kolimi lwezandla, amavidiyo kufanele aye kulabo abawadingayo. Kudala, sasikhiqiza amakhasethi abukwayo nama-DVD, kwakubiza kakhulu, kudla isikhathi esiningi futhi kuwumsebenzi onzima. Okurikhodiwe kwakuthunyelwa enkampanini engaphandle ukuze inyathelise amanye amakhophi. Ekugcineni, la makhasethi nama-DVD kwakuthunyelwa emabandleni. Ngo-2013 nje kuphela, sachitha imali engaphezu kwamaRandi angu-32 000 000 ukukhiqiza ama-DVD olimi lwezandla.

Umshini ophathwayo wokudlala i-DVD nezinye izincwadi zolimi lwezandla eziku-DVD.

Abayizithulu bawazisa kakhulu la malungiselelo. Nokho, kwakungelula ngaso sonke isikhathi ukusebenzisa amavidiyo, ikakhulukazi njengoba amanani amakhasethi nama-DVD ayeya ngokuya anda. Ngezinye izikhathi, kwakudingeka ama-DVD amaningi ukuze kurikhodwe incwadi eyodwa yeBhayibheli. Umzalwane waseBrazil okuthiwa uGilnei uthi: “Njalo lapho sekufanele sifunde umbhalo, kwakudingeka sithole ikhasethi kuqala bese sithola nombhalo. Kwakunzima kakhulu.” Udade okuthiwa uRafayane, owayesebenzisa ama-DVD olimi lwezandla, uthi: “Kwakungelula ukwenza isifundo somuntu siqu. Sasichitha isikhathi esiningi sicinga imibhalo noma izikhombo.” Lapho abafowethu nodadewethu besemsebenzini wokushumayela, babevame ukuphatha ama-DVD namakhasethi abukwayo, ukuze bawadlale ku-TV yomuntu othanda ukufunda iBhayibheli. Abanye abafowethu babeze baphathe eyabo imishini yokudlala ama-DVD. Kungakabiphi, imishini ephathwayo yokudlala ama-DVD yayisitholakala, abafowethu abaningi basebenzisa yona. UBobby, ohlala e-United States, uthi: “Uma usufuna ukuvula omunye umbhalo ngemva kokufunda umbhalo othile, kwakudingeka ushintshele kwenye i-DVD. Lokho kwakudla isikhathi esiningi futhi kwakuba nzima ukusebenzisa iBhayibheli ezingxoxweni.”

Ngo-2013, inhlangano kaJehova yakhulula uhlelo olubizwa nge-JW Library Yolimi Lwezandla, olusiza abafowethu nodadewethu bakwazi ukudawuniloda nokudlala amavidiyo olimi lwezandla emafonini abo nakumathebhulethi. Lolu hlelo lwaqale lwakhululwa ngoLimi Lwezandla LwaseMelika. Kwathi ngo-2017, lwathuthukiswa ukuze lutholakale ngazo zonke izilimi zezandla. Abafowethu nodadewethu emhlabeni wonke babejabule kakhulu. UJuscelino, umfowethu oseBrazil, uthi: “Ngangingakholwa! Ngangilokhu ngicabanga ngendlela iNdikimba Ebusayo esithanda ngayo njengezithulu nangendlela efisa ngayo ukuthi sithuthuke eqinisweni sifane nabanye abantu abangezona izithulu. Ngangijabule kakhulu, lolu hlelo lwangigqugquzela ukuba ngilifunde njalo iBhayibheli.”

Udade usebenzisa “i-JW Library Yolimi Lwezandla” ukuze abukele ividiyo ethi “UDaniyeli: Wabonisa Ukholo Ukuphila Kwakhe Konke—Ingxenye II.”

Ukusebenzisa i-JW Library Yolimi Lwezandla

Namuhla sikhiqiza wonke amavidiyo olimi lwezandla futhi siwasakaze ngewebusayithi yethu nange-JW Library Yolimi Lwezandla. Ngenxa yalokho, ukuhumusha, ukurikhoda kanye nokusakaza izincwadi zolimi lwezandla akusathathi izinyanga noma iminyaka, kodwa sekuthatha izinsuku nje ezimbalwa. Empeleni, izincwadi eziningi zolimi lwezandla sezikhululwa ngesikhathi esifanayo kanye nezezilimi ezikhulunywayo.

Ake uzwe lokho okuphawulwa abanye babafowethu nodadewethu abayizithulu. Udadewethu okuthiwa uKlízia uthi: “Iyiphi nje inhlangano ekhathalela abayizithulu kangangokuba ize izikhandle ukuze sithole ukudla okungokomoya ngezindlela ezilula? Angeke sakuqhathanisa nalutho lokho inhlangano kaJehova esenzela kona.” UVladimir uthi: “La mavidiyo angibonisa ukuthi uJehova ubakhathalela ngempela abantu abayizithulu njengoba ebakhathalela nabangezona izithulu.”

Amavidiyo ethu olimi lwezandla avame ukubhalwa ukuthi: “Le ncwadi iyingxenye yomsebenzi womhlaba wonke wokufundisa ngeBhayibheli osekelwa ngeminikelo yokuzithandela.” Siyazisa kakhulu iminikelo yenu, eminingi yayo eyenziwa ngewebusayithi ethi donate.jw.org. Le minikelo yenza sikwazi ukukhiqiza amaBhayibheli nezinsiza kufunda zeBhayibheli zabo bonke abantu, kuhlanganise nabasebenzisa ulimi lwezandla.

a Njengoba ulimi lwezandla lusebenzisa izinto esizibonayo njengezandla nobuso, izincwadi zolimi lwezandla zikhululwa zibe ngamavidiyo kunokuba zibhalwe phansi ephepheni.

Iminyaka Eyingqopha-mlando Emsebenzini Wolimi Lwezandla

Ngo-1992: Kwakhululwa ikhasethi elibukwayo lokuqala lolimi lwezandla

Ngo-2002: Kwakhululwa i-DVD yokuqala yolimi lwezandla

Ngo-2013: Kwakhululwa i-JW Library Yolimi Lwezandla

Ngo-2017: I-JW Library Yolimi Lwezandla yathuthukiswa ukuze itholakale ngazo zonke izilimi zezandla

Ngo-2020: Kwakhululwa iBhayibheli lokuqala eliphelele lolimi lwezandla, i-Nguqulo Yezwe Elisha Yolimi Lwezandla LwaseMelika

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela