IMIBIKO EVELELE YONYAKA ODLULE
Inguganaboya YeBhayibheli
OFAKAZI BAKAJEHOVA bathanda iBhayibheli ngaphezu kwanoma iyiphi incwadi. Silifunda njalo futhi silisebenzisela ukufundisa abanye izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu. (Math. 24:14) Ngakho abafowethu benza konke okusemandleni ukuze baqiniseke ukuthi izinto ezasetshenziswa lapho kwenziwa INguqulo Yezwe Elisha YemiBhalo Engcwele yesiNgisi ka-2013 zilenza likhange futhi lingasheshi ukuguga.
Lapho abafowethu abasebenza endaweni yokunyathelisa eWallkill, eNew York, e-U.S.A., bexoxa ngendlela okungase kuklanywe ngayo iBhayibheli elisha nomongameli wenkampani eyenza izincwadi, wathi, “Ngeke nikwazi ukulenza leli Bhayibheli enilifunayo.” Wanezela, “Kuyadabukisa kodwa kuyiqiniso ukuthi iningi lamaBhayibheli lenzelwe ukuhlobisa—hhayi ukuba ahlale isikhathi eside.”
Ezinye zezinguqulo zokuqala ze-Nguqulo Yezwe Elisha zazishesha ukuguga. Ngakho, abafowethu basendaweni yokunyathelisa eWallkill bahlola ngokucophelela izinto zokwenza isembozo, okokunamathelisa nezindlela zokuhlanganisa ukuze benze iBhayibheli elingasetshenziswa njalo kungakhathaliseki ukuthi isimo sezulu sinjani. Ngokwalokho abakuthola lapho behlola, banyathelisa amasampula amaBhayibheli, bawathumela koFakazi emazweni amaningana anesimo sezulu esishisayo nesibanda kakhulu ukuze bawahlole ensimini.
Ngemva kwezinyanga eziyisithupha, abuyiswa amaBhayibheli, futhi abazalwane bawathuthukisa base bethumela amasha ensimini ukuze ahlolwe. Esewonke, angaphezu kuka-1 690 amaBhayibheli ahlolwa ensimini. Ambalwa awo onakala ngephutha. Ngokwesibonelo, elinye lagaywa imoto, elinye lanethwa ubusuku bonke kanti elinye lalicwile emanzini ezikhukhula.
Ngo-2011, ngesikhathi ukuhlola amaBhayibheli kusaqhubeka, kwathengwa imishini emisha yokuhlanganisa izincwadi enesivinini esiphezulu ezosetshenziswa ezindaweni zokunyathelisa eWallkill nase-Ebina, eJapane. Kwakungadingeki nje kuphela ukuba kunyatheliswe amaBhayibheli anele ukuze bonke bawathole lapho likhululwa kodwa kwakunanesidingo sokunyathelisa amaBhayibheli afanayo kuzo zombili lezi zindawo zokunyathelisa.
Izembozo Ezigobekayo
Ekuqaleni izembozo zazipheqeka
Ekuqaleni kuka-2012, kulezi zindawo zombili kwaqala ukunyatheliswa INguqulo Yezwe Elisha ka-1984 kusetshenziswa ezinye zezinto ezintsha zokwenza izembozo. Nokho, imishini emisha yokuhlanganisa izincwadi yayisebenzisa ingcina nephepha lokwenza isembozo okwakungahlolwanga ensimini futhi izembozo zagoba kakhulu. Ngakho bayeka ukuwanyathelisa.
Abenzi bomunye wemikhiqizo bavuma ukuthi le nkinga yokupheqeka kwesembozo ivamile embonini yokuhlanganisa izincwadi, ngakho bathi le nkinga ayinakuxazululwa. Kunokuba abafowethu benze iBhayibheli elinoqwembe oluqinile, babezimisele ukunyathelisa iBhayibheli elinesembozo esithambile, esingasheshi ukuguga nesihle. Ngemva kwezinyanga cishe ezine behlola izinhlobonhlobo zengcina nephepha lokwenza isembozo, bathola indlela eyayizosetshenziswa ukuze baqhubeke nokunyathelisa amaBhayibheli anesembozo esithambile esasingeke sipheqeke.
Indawo yokuhlanganisa izincwadi eWallkill
Ngo-October 5, 2013, kwakhululwa INguqulo Yezwe Elisha ebukeziwe emhlanganweni waminyaka yonke we-Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania. Izindawo zokunyathelisa zathola amafayela eBhayibheli eseliqediwe akuyi-computer ngoLwesihlanu ngo-August 9, 2013, futhi baqala ukunyathelisa ngakusasa. IBhayibheli lokuqala laqedwa ngo-August 15. Emasontweni angu-7 alandela, izindawo zokunyathelisa eWallkill nase-Ebina zasebenza imini nobusuku kunyatheliswa futhi kuthunyelwa amaBhayibheli angaphezu kuka-1 600 000, ayezotholwa yibo bonke ababezoba khona emhlanganweni waminyaka yonke.
Nakuba leli Bhayibheli lilihle futhi lingagugi ngokushesha, umyalezo okulo onikeza ukuphila muhle nakakhulu. Ngemva kokuba ethole iBhayibheli lakhe elisha, udade wase-United States wabhala: “Njengoba sesinale nguqulo entsha, sengikuthola kulula ukuqonda iBhayibheli.”