Isibonakaliso Sothando, Ukholo Nokulalela
EKUSENI ngo-May 16, 2005, lalibalele futhi kuphole kamnandi e-Watchtower Farms eWallkill, eNew York. Utshani obugundwe kahle nezimbali kwakubenyezela ngenxa yemvula eyayine entathakusa. Idada lalintweza emanzini azolile namachwane alo angu-8 ngasonqenqemeni lwechibi. Izihambeli zazibabaza ubuhle. Zazikhulumela phansi sengathi azifuni ukuphazamisa ukuthula kwasekuseni.
Lezi zihambeli zazingoFakazi BakaJehova ababevela emazweni angu-48 emhlabeni wonke. Kodwa zazingezele ukuzobuka amagceke. Zazinesithakazelo kulokho okwenzeka ngaphakathi esakhiweni esikhulu sezitini ezibomvu, esenezelwe muva nje eBethel yase-United States, eWallkill. Zaphinde zababaza lapho sezingaphakathi kuleso sakhiwo, nakuba lapha kwakungekho kuthula nakuzola.
Zisendaweni ephakeme, izihambeli zabuka uxhaxha lwemishini. Phansi, endaweni ekhonkiwe yabenyezeliswa elingana nezinkundla zikanobhutshuzwayo eziyisithupha kwakunezinkunzimalanga zemishini yokunyathelisa emihlanu. Anyatheliswa lapha amaBhayibheli, izincwadi nomagazini. Izinsindansinda zephepha, ngalinye elingamakhilogremu angu-1 700, ziphenduphenduka njengamasondo eloli eligijimayo. Ibhande ngalinye lephepha elingamakhilomitha angu-23 ubude liyasombuluka lingene emshinini liphele ngemizuzu engu-25 nje kuphela. Kuleso sikhathi, umshini ufaka uyinki, uwomise futhi upholise iphepha ukuze ligoqwe libe omagazini abagijima ngamabhande phezulu bayofakwa emabhokisini bese bethunyelwa emabandleni. Eminye imishini inyathelisa izingxenye zezincwadi, ezithathwa ngokushesha ziyogcinwa kuze kube yilapho zithunyelwa emshinini wokuzihlanganisa. Lo msebenzi wobunyoninco osandlamu uqondiswa i-computer.
Izihambeli zaphuma endaweni yokunyathelisa zayobuka eyokuhlanganisa izincwadi. Lapha, imishini yenza amakhophi angafika ku-50 000 ngosuku ezincwadi ezinesembozo esiqinile namaBhayibheli esikhumba. Izingxenye zezincwadi zibekwa ngokulandelana, zihlanganiswe bese zincwelwa. Kube sekufakwa izembozo. Izinqwaba zezincwadi esezenziwe zifakwa emabhokisini. Lawo mabhokisi ayavalwa, afakwe ipheshana elichazayo ngomshini abese ebekwa emapulangweni azohanjiswa ngawo. Ngaphezu kwalokho, umshini wokuhlanganisa izincwadi ezinesembozo esithambile uhlanganisa izincwadi ezingafika ku-100 000 ngosuku. Nalona uyinxanxathela yemishini emincane—izinjini eziningi, amabhande, amagiya namasondo—yonke entininiza ngejubane eliyisimanga, igaya izincwadi zeBhayibheli.
Njengoba isebenza ngobunyoninco obunjengobewashi eliphambili, le mishini yesimanje enejubane elikhulu iyisimangaliso sobuchwepheshe banamuhla. Njengoba sizobona, iphinde ibe isibonakaliso sothando, ukholo nokulalela kwabantu bakaNkulunkulu. Nokho, kungani umsebenzi wokunyathelisa wasuswa eBrooklyn, eNew York, wayiswa eWallkill?
Injongo eyinhloko kwakuwukuba kwenziwe lula umsebenzi wokunyathelisa nokuthumela izincwadi ngokwenzela yonke imisebenzi endaweni eyodwa. Kwase kuyiminyaka imisebenzi yokunyathelisa izincwadi nokuzithumela yenzelwa eBrooklyn, eyokunyathelisa omagazini nokubathumela yona yenzelwa eWallkill. Ukuhlanganisa le misebenzi kwakuzonciphisa inani labantu abasebenzayo futhi kwenze ukuba iminikelo isetshenziswe kangcono. Ngaphezu kwalokho, njengoba imishini yaseBrooklyn yayisimidala kakhulu, kwa-odwa imishini yokunyathelisa emibili emisha yohlobo lwe-MAN Roland Lithoman eJalimane. Le mishini yayimikhulu kakhulu ukuba yanele endaweni yokunyathelisa yaseBrooklyn.
UJehova Uyawusekela Umsebenzi
Selokhu kwathi nhló, injongo yokunyathelisa iwukusakaza izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu. Kusukela ekuqaleni, kuye kwaba sobala ukuthi uJehova uyawubusisa lo msebenzi. Kusukela ngo-1879 kuya ku-1922, sasinyatheliselwa izinkampani zangaphandle. Ngo-1922, kwaqashwa isakhiwo esinezitezi eziyisithupha ku-18 Concord Street eBrooklyn kwathengwa nemishini yokunyathelisa izincwadi. Ngaleso sikhathi, abanye babengabaza ukuthi abazalwane bangawenza lo msebenzi.
Omunye walabo bantu ababengabaza kwakungumongameli wenkampani eyayisinyathelisele eziningi zezincwadi zethu. Lapho evakashele eConcord Street, wathi: “Awubheke, ninemishini yokunyathelisa yezinga eliphezulu, kodwa akekho noyedwa owaziyo ukuthi isetshenziswa kanjani. Ezinyangeni eziyisithupha, yonke le mishini izobe isiyimikhehlekhehle; niyobona ukuthi abantu okufanele baninyathelisele yilabo osekukudala beninyathelisela vele, abantu okuwumsebenzi wabo lona.”
Umbonisi wendawo yokunyathelisa wangaleso sikhathi, uRobert J. Martin, wathi: “Kona kwakuzwakala kunengqondo, kodwa kwakuwukucabanga okungayifaki iNkosi; futhi yayilokhu inathi. . . . Akubanga isikhathi esingakanani, sabe sesizenza izincwadi.” Phakathi neminyaka engu-80 eyalandela, oFakazi BakaJehova banyathelisa izigidigidi zezincwadi emishinini yabo.
Kwabe sekuthi ngo-October 5, 2002, emhlanganweni waminyaka yonke we-Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania, kwamenyezelwa ukuthi iNdikimba Ebusayo igunyaze ukuba umsebenzi wokunyathelisa wegatsha lase-United States uye eWallkill. Kwaku-odwe imishini emibili emisha, eyayizofika ngo-February 2004. Abazalwane kwakuzodingeka baklame futhi banwebe indawo yokunyathelisa, ngezinyanga ezingu-15 ibe isikulungele ukufika kwemishini emisha. Ngemva kwalokho, kwakuzodingeka ukuba kufakwe umshini omusha wokuhlanganisa izincwadi kuhlelwe nomnyango wokuzithumela kungakapheli izinyanga ezingu-9. Kungenzeka abanye babengabaza lapho bezwa izikhathi ezibekiwe—kwakubonakala kuwumsebenzi omkhulu kakhulu. Nokho, abazalwane babazi ukuthi ngesibusiso sikaJehova, kwakungenzeka.
‘Umoya Omuhle Wokubambisana’
Bazi ukuthi abantu bakaJehova babeyozinikela ngokuzithandela, abazalwane bawuqala umsebenzi. (IHubo 110:3) Ngenxa yobukhulu bawo, kwakudingeka izisebenzi ezingaphezu kwalezo ezaziseminyangweni yokwakha yaseBethel. Abazalwane nodade abanamakhono okwakha abangaphezu kwenkulungwane base-United States naseCanada bavolontiya ukukhonza isikhathi esisuka esontweni elilodwa kuya ezinyangeni ezintathu elungiselelweni lamavolontiya esikhashana. Kwabizwa nabanye abayizisebenzi namavolontiya omhlaba wonke ukuba bazosiza kulo msebenzi. NamaKomiti Okwakha Ezifunda asiza kakhulu.
Kwabaningi, ukuvolontiya ukuzosiza eWallkill kwahilela izindleko ezinkulu zokuhamba nokungayi emsebenzini wokuziphilisa. Nokho, bazidela ngenjabulo. Ukuhlalisa nokuphekela la mavolontiya engeziwe amaningi kangaka kwanikeza umkhaya waseBethel amathuba okuzikhandla ekusekeleni lo msebenzi. Amalungu omkhaya waseBethel angaphezu kuka-535 aseBrooklyn, ePatterson naseWallkill avolontiya ukusebenza esakhiweni ngeMigqibelo, ngaphezu kwezabelo zawo ezivamile zaphakathi nesonto. Yinye kuphela into eyenza abantu bakaNkulunkulu bakwazi ukuwusekela ngobuningi lo msebenzi oyingqopha-mlando: uJehova wayewusekela.
Abanye basekela ngezimali. Ngokwesibonelo, abazalwane bathola incwadi evela ku-Abby oneminyaka engu-9. Wabhala: “Muhle kakhulu umsebenzi eniwenzayo—zonke lezi zincwadi ezinhle enizenzayo. Mhlawumbe ngizonivakashela maduze. Ubaba uthi kuzoba ngonyaka ozayo! Ngizofaka ibheji ‘khona nizongibona. Nanka ama-dollar angu-20 [u-R140] omshini omusha wokunyathelisa! Yimali engiyiphiwe abazali bami; nginipha yona bazalwane.”
Omunye udade wabhala: “Ngicela namukele isipho sami sezigqoko engizikhiloshe ngezandlana zami. Ngingathanda ukuba lezi zigqoko zinikezwe izisebenzi zasesakhiweni saseWallkill. Isibikezelo sezulu sithi kuzobanda kakhulu kulobu busika. Angazi ukuthi siqinisile yini. Engikwaziyo ukuthi umsebenzi omningi waseWallkill uzokwenzelwa phandle, futhi ngifuna ukuqiniseka ukuthi abafowethu nodadewethu abagodoli emakhanda. Alikho ikhono enginalo kulawa abazalwane abawafunayo, kodwa ngiyakwazi ukukhilosha, ngakho nginqume ukusebenzisa leli khono ukuze nginikele ngalokho enginganikela ngakho.” Leyo ncwadi yayihambisana nezigqoko ezikhiloshiwe ezingu-106!
Indawo yokunyathelisa yaqedwa ngesikhathi esasimisiwe. UJohn Larson, umbonisi wayo, wathi: “Bekunomoya omuhle kakhulu wokubambisana. Ubani nje obengangabaza ukuthi uJehova uyawubusisa lo msebenzi? Konke kwenzeke ngokushesha okukhulu. Ngikhumbula ngimi odakeni ngo-May 2003 ngibuka abazalwane bebeka isisekelo sesakhiwo. Ungakapheli unyaka, ngama kuyo leyo ndawo ngabuka umshini wokunyathelisa usebenza.”
Isimiso Sokunikezela
Isimiso sokunikezela indawo entsha yokunyathelisa, kanye nezakhiwo ezintathu zokuhlala, saqhutshelwa eWallkill ngoMsombuluko, ngo-May 16, 2005. Amalungu omkhaya asePatterson naseBrooklyn, kanye nomkhaya waseCanada, axhunywa nge-video. Bangu-6 049 sebebonke abajabulela lesi simiso. Usihlalo kwakunguTheodore Jaracz, oyilungu leNdikimba Ebusayo YoFakazi BakaJehova, futhi waxoxa umlando omfushane womsebenzi wokunyathelisa. Ngezingxoxo nangama-video, amalungu eKomiti Yegatsha uJohn Larson noJohn Kikot babukeza umlando womsebenzi wokwakha nowokunyathelisa e-United States. UJohn Barr weNdikimba Ebusayo wanikeza inkulumo yokuphetha, wayinikezela kuJehova uNkulunkulu le ndawo entsha yokunyathelisa nezindawo ezintathu zokuhlala.
Phakathi nesonto elalandela, izikhonzi zaseBethel zasePatterson nezaseBrooklyn zanikezwa ithuba lokubuka lezi zindawo ezintsha. Bangu-5 920 abeza bezobuka indawo ngaleso sikhathi.
Siyibheka Kanjani Le Ndawo Yokunyathelisa?
Enkulumweni yokunikezela, uMfoweth’ uBarr wakhumbuza izilaleli zakhe ukuthi nakuba le ndawo yokunyathelisa ingase ihlabe umxhwele, into ephambili kuyo akuyona imishini. Ngabantu. Izincwadi esizinyathelisayo zinethonya elikhulu ekuphileni kwabantu.
Umshini omusha ngamunye unganyathelisa amapheshana ayisigidi ngesikhathi esingaphezudlwana kwehora! Nokho, ipheshana elilodwa nje lingakuthonya kakhulu ukuphila komuntu. Ngokwesibonelo, ngo-1921 iqembu lamadoda alungisa ujantshi eNingizimu Afrika lalisebenza kujantshi othile. Enye indoda okuthiwa uChristiaan, yabona iphepha elalibambeke ngaphansi kukajantshi. Kwakungelinye lamapheshana ethu. UChristiaan walifunda ngesasasa elikhulu. Wagijima waya kumkhwenyana wakwakhe, wamemeza ejabule: “Ngilitholile iqiniso namhlanje!” Ngokushesha ngemva kwalokho, babhala becela ukwaziswa okwengeziwe. Igatsha laseNingizimu Afrika labathumelela izincwadi zeBhayibheli ezengeziwe. Lawo madoda amabili afundelwa, abhapathizwa futhi axoxela abanye iqiniso leBhayibheli. Ngenxa yalokho, abaningi bamukela iqiniso. Empeleni, ekuqaleni kwawo-1990, ozalweni lwawo kwakunoFakazi BakaJehova abangaphezu kwekhulu—ngenxa yokuthola komuntu oyedwa ipheshana elilodwa kujantshi wesitimela!
UMfoweth’ uBarr wathi izincwadi esizinyathelisayo ziletha abantu eqinisweni, zibagcine beseqinisweni, zibashukumisele ukuba bashiseke ngokwengeziwe futhi zakha ubunye ebuzalwaneni bethu. Ngaphezu kwakho konke, lezi zincwadi sonke esinengxenye ekuzisakazeni, zikhazimulisa uNkulunkulu wethu, uJehova!
UJehova Uyibheka Kanjani Le Ndawo Yokunyathelisa?
UMfoweth’ uBarr wabuye wacela izilaleli ukuba zicabange ngokuthi uJehova uyibheka kanjani le ndawo yokunyathelisa. Akancikile neze kuyo. Angenza ngisho namatshe ashumayele izindaba ezinhle! (Luka 19:40) Ngaphezu kwalokho, abumhlabi umxhwele ubunkimbinkimbi, ubukhulu, ijubane lale mishini noma izinto ekwazi ukuzenza. Ingani yena wadala amazulu nomhlaba! (IHubo 147:10, 11) UJehova wazi izindlela ezithuthukile kunalezi zokukhiqiza izincwadi, izindlela abantu abangakaze bazisungule noma bazicabange ngisho nokuzicabanga. Ngakho, yini uJehova ayazisa ngempela kulokho akubonayo? Ngokuqinisekile, kule ndawo yokunyathelisa ubona izimfanelo eziyigugu zabantu bakhe—uthando, ukholo nokulalela kwabo.
Kwenziwa umfanekiso mayelana nemfanelo yothando: Intombazane ibhakela abazali bayo ikhekhe. Cishe abazali bazojabula. Yebo, noma ngabe liphuma linjani lelo khekhe, okuthinta abazali uthando lwengane yabo, olubonakala ngesenzo sayo sokupha. Ngokufanayo, lapho uJehova ebuka le ndawo entsha yokunyathelisa, ubona okungaphezu kwesakhiwo nemishini. Ngokuyinhloko, uyibheka njengesibonakaliso sothando ngegama lakhe.—Hebheru 6:10.
Ngaphezu kwalokho, njengoba nje uJehova ayebheka umkhumbi njengesibonakaliso sokholo lukaNowa, nale ndawo yokunyathelisa uyibheka njengobufakazi obungokoqobo bokholo lwethu. Ukholo lwani? UNowa wayenokholo lokuthi lokho uJehova ayekubikezele kwakuyofezeka. Thina sinokholo lokuthi siphila ezinsukwini zokugcina, lokuthi izindaba ezinhle ziwumyalezo obaluleke kakhulu kwemenyezelwa emhlabeni nokuthi kubaluleke kakhulu ukuba abantu bazizwe. Siyazi ukuthi isigijimi seBhayibheli singasindisa ukuphila kwabantu.—Roma 10:13, 14.
Ngokungangabazeki, kule ndawo yokunyathelisa, uJehova ubona nesibonakaliso sokulalela kwethu. Njengoba sazi, kuyintando yakhe ukuba izindaba ezinhle zishunyayelwe emhlabeni wonke ngaphambi kokuba kufike ukuphela. (Mathewu 24:14) Le ndawo yokunyathelisa, kanye nalezo ezikwamanye amazwe emhlabeni, izoba neqhaza ekufezeni lowo msebenzi.
Yebo, uthando, ukholo nokulalela okubonakala ekusekeleni ngezimali, ekwakheni nasekusebenzeni kwalezi zindawo kuyabonakala nasemsebenzini wentshiseko wabantu bakaJehova yonke indawo njengoba beqhubeka bememezela iqiniso kubo bonke abathandayo ukulizwa.
[Ibhokisi/Izithombe ekhasini 11]
UKWANDA KOMSEBENZI WOKUNYATHELISA E-UNITED STATES
1920: Omagazini babenyatheliswa ngomshini wokuqala wohlobo lwe-rotary ku-35 Myrtle Avenue, eBrooklyn.
1922: Umsebenzi wokunyathelisa wayiswa esakhiweni esinezitezi eziyisithupha ku-18 Concord Street. Manje kwaqala ukunyatheliswa kwezincwadi.
1927: Umsebenzi wokunyathelisa wayiswa esakhiweni esisha esakhiwa ku-117 Adams Street.
1949: Kwanezelwa isakhiwo esinezitezi ezingu-9 okwenza indawo yokunyathelisa yaphindeka kabili ngobukhulu.
1956: Indawo yokunyathelisa yase-Adams Street yaphinde yaphindeka kabili lapho kwakhiwa isakhiwo esisha ku-77 Sands Street.
1967: Kwakhiwa isakhiwo esinezitezi eziyishumi, okwenza ukuba indawo yokunyathelisa ikwazi ukuhlanganiswa futhi ibe nkulu ngokuphindwe kayishumi kunesakhiwo sokuqala.
1973: Kwakhiwa indawo yokunyathelisa yokuthasisela eWallkill, ngokuyinhloko eyayinyathelisa omagazini.
2004: Wonke umsebenzi wase-United States wokunyathelisa, wokuhlanganisa izincwadi nowokuzithumela wenzelwa endaweni eyodwa eWallkill.