I-INDONESIA
Wayeyisikhulu Sezigebengu Manje Useyisakhamuzi Esihloniphekile
UHisar Sormin
UNYAKA AZALWA NGAWO 1911
UNYAKA ABHAPATHIZWA NGAWO 1952
UMLANDO WAKHE OMFUSHANE Wayeyisikhulu seqembu lezigilamkhuba wagcina eseyilungu leKomiti Yegatsha.
NGELINYE ilanga uMfoweth’ uSormin wabizwa iSikhulu Samaphoyisa ehhovisi lommeli.
Sathi: “Wena ungowokuzalwa kuleli zwe, ungangifihleli lutho. Bafunani ngempela la oFakazi BakaJehova?”
UMfoweth’ uSormin wathi: “Ake ngikuxoxele okuthile. Mina ngangiphethe iqembu lezigilamkhuba kodwa manje ngifundisa abantu iBhayibheli. Yilokho oFakazi BakaJehova abakwenzayo lapha—bathatha abantu abayinkinga njengami babashintshe babe izakhamuzi ezinhle!”
Kamuva lesi Sikhulu Samaphoyisa sathi: “Ngihlale ngizwa izikhalo eziningi ngoFakazi BakaJehova. Kodwa sengiyazi ukuthi bayinkolo ekahle ngoba basiza uMnumzane uSormin washintsha.”