Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w15 11/15 k. 15
  • Imibuzo Evela Kubafundi

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Imibuzo Evela Kubafundi
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2015
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Impi YaseJeriko—Inganekwane Noma Iqiniso?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1990
  • Yeka Indlela Elibabazeka Ngayo Igama LikaJehova!
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1986
  • Likholeka Kangakanani “ITestamente Elidala”?
    IBhayibheli—Izwi LikaNkulunkulu Noma Elomuntu?
  • Izindonga ZaseJeriko
    INcwadi Yami Yezindaba ZeBhayibheli
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2015
w15 11/15 k. 15
Abapristi bashaya izimpondo zezinqama, uJoshuwa usho isiqubulo sempi, futhi izindonga zaseJeriko ziqala ukuwa

IMIBUZO EVELA KUBAFUNDI

Yini abavubukuli abayitholile ebonisa ukuthi iJeriko lanqotshwa ngesikhathi esifushane?

UJoshuwa 6:​10-15, 20 uthi ibutho lakwa-Israyeli lalimasha lizungeza umuzi waseJeriko kanye ngosuku izinsuku eziyisithupha. Ngosuku lwesikhombisa, lazungeza umuzi izikhathi eziyisikhombisa. UNkulunkulu wabe esewisa izindonga zaseJeriko eziqinile, ama-Israyeli abe esewuthumba umuzi. Ingabe kukhona abavubukuli abakutholile okubonisa ukuthi ukuvinjezelwa kweJeriko kwaba kufushane, njengoba iBhayibheli lisho?

Ezikhathini zasendulo, umuzi wawusuke uvinjezelwe lapho ibutho elihlomile lizungeze izindonga zawo, lilungele ukuwuhlasela. Uma ukuvinjezelwa kwawo kudonsa isikhathi eside, abantu ababesemzini babekudla ukudla okuningi ababesuke bekugcinile. Lapho ekugcineni ibutho seliwunqobile umuzi, lalithatha konke elikufunayo, kuhlanganise nanoma yikuphi ukudla okwakusele. Yingakho abavubukuli beye bathola ukudla okuncane kakhulu noma bangakuthola nhlobo emanxiweni emizi yasePalestina eyahlaselwa ngale ndlela. Kodwa amanxiwa aseJeriko ahlukile. I-Biblical Archaeology Review ithi: “Into eyatholakala iningi kakhulu ngemva kokubhujiswa komuzi, ngaphandle kwezinto zobumba, kwaba okusanhlamvu.” Iyanezela: “Ukuthola okusanhlamvu okuningi kangaka akuvamile.”

IBhayibheli lithi ama-Israyeli awazange athathe kudla eJeriko ngoba uJehova wayewayale kanjalo. (Joshuwa 6:​17, 18) Liphinde lithi ama-Israyeli ahlasela iJeriko entwasahlobo, ngemva nje kokuvuna, lapho kwakunenqwaba yokusanhlamvu emzini. (Joshuwa 3:​15-17; 5:10) Ngakho, iqiniso lokuthi kwakusenenqwaba yokusanhlamvu eJeriko ngemva kokuvinjezelwa kwalo liqinisekisa ukuthi lokho kuvinjezelwa kwaba kufushane, njengoba nje iBhayibheli lisho.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela