Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • my ind. 46
  • Izindonga ZaseJeriko

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Izindonga ZaseJeriko
  • INcwadi Yami Yezindaba ZeBhayibheli
  • Indaba Ethi Ayifane
  • URahabi Wafihla Izinhloli
    Masifunde Ezindabeni EziseBhayibhelini
  • Yeka Indlela Elibabazeka Ngayo Igama LikaJehova!
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1986
  • URahabi Ufihla Izinhloli
    INcwadi Yami Yezindaba ZeBhayibheli
  • URahabi Wayenokholo KuJehova
    Fundisa Izingane Zakho
Bheka Okunye
INcwadi Yami Yezindaba ZeBhayibheli
my ind. 46
UJoshuwa uhola ama-Israyeli njengoba ememeza eshaya amacilongo awo lapho izindonga zaseJeriko ziwa

INdaba 46

Izindonga ZaseJeriko

YINI ediliza lezi zindonga zaseJeriko? Kubonakala sengathi zishaywe yibhomu enkulu. Kodwa kulezo zinsuku babengenawo amabhomu; babengenazo ngisho nezibhamu. Esinye isimangaliso sikaJehova! Ake sizwe ukuthi kwenzeka kanjani.

Lalela ukuthi uJehova uthini kuJoshuwa: ‘Wena namadoda empi kufanele nizungeze umuzi. Mashani niwuzungeze kanye ngosuku izinsuku eziyi-6. Thwalani umphongolo wesivumelwano kanye nani. Abapristi abayisikhombisa bahambe phambi kwawo bashaye amacilongo.’

‘Ngosuku lwesikhombisa niyowuzungeza kasikhombisa umuzi. Bese nikhalisa kakhulu amacilongo, wonke umuntu amemeze ngokukhamuluka okukhulu kwempi. Izindonga ziyodilika!’

Izindonga zaseJeriko zawa ngaphandle kwekhaya likaRahabi lapho kwakulenga khona intambo ebomvu

UJoshuwa nabantu benza okushiwo uJehova. Lapho behamba bezungeza, bonke bathulile. Akekho nothi vu. Kuzwakala nje umsindo wamacilongo nokuhamba kwezinyawo. Izitha zabantu bakaJehova eJeriko kufanele ukuba zazithuthumela. Uyayibona leya ntambo ebomvu elenga ewindini? Elikabani leliya windi? Yebo, uRahabi wenze lokho izinhloli ezimbili ezamtshela ukuba akwenze. Wonke umkhaya wakhe ungaphakathi uyabuka.

Ekugcineni, ngosuku lwesikhombisa, ngemva kokujikeleza umuzi kasikhombisa, kuba nomsindo wamacilongo, amadoda empi amemeze, izindonga ziwe. UJoshuwa abesethi: ‘Bulalani wonke umuntu emzini niwushise. Shisani konke. Sindisani isiliva, igolide, ithusi nensimbi kuphela, nikunikele etendeni likaJehova.’

Ezinhlolini ezimbili, uJoshuwa uthi: ‘Ngenani endlini kaRahabi, nimkhiphe nawo wonke umkhaya wakubo.’ URahabi nomkhaya wakhe bayasindiswa, njengoba nje izinhloli zazimthembisile.

Joshuwa 6:1-25.

Imibuzo Yokufunda

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela