ilbusca/E+ via Getty Images
HLALANI NILINDILE!
Kungani Abantu Kubehlula Ukuphila Ngokuthula?—Lithini IBhayibheli?
Abaholi nezinhlangano zomhlaba wonke kuyabehlula ukwenza abantu baphile ngokuthula. Namuhla, kunodlame olungakaze lube khona kusukela ngeMpi Yezwe Yesibili. Abantu abangaba yizigidi eziyizinkulungwane ezimbili—okungamaphesenti angu-25 kubantu abasemhlabeni—baphila ezindaweni ezigcwele lezo zinxushuxhushu.
Kungani abantu bengakwazi ukuphila ngokuthula? Lithini iBhayibheli?
Izizathu ezintathu ezenza abantu bangaphili ngokuthula
1. Indlela abantu abacabanga ngayo yenza bangakwazi ngisho nokuzama nje ukwenza ukuthula. Nakhu iBhayibheli elathi kuyokwenzeka ngesikhathi sethu: “Abantu bayokuba abazithandayo, abathanda imali, abaqhoshayo, abazazisayo, . . . abangathembekile, . . . abangafuni sivumelwano, . . . abangakwazi ukuzithiba, abanolaka, . . . abanenkani, abakhukhumele.”—2 Thimothewu 3:2-4.
2. Umuntu eyedwa noma beyiqembu, akakwazi ukuxazulula izinkinga ngaphandle kosizo loMdali wabantu, uJehovaa uNkulunkulu. IBhayibheli lithi “umuntu akalinikiwe igunya ngisho nelokuqondisa isinyathelo sakhe.”—Jeremiya 10:23.
3. Izwe lilawulwa umbusi onamandla futhi okhohlakele, uSathane uDeveli, “odukisa umhlaba wonke owakhiwe.” (IsAmbulo 12:9) Uma nje “lonke izwe lisemandleni omubi,” kuyohlale kunezimpi nezinxushunxushu.—1 Johane 5:19.
Ubani ongenza kube nokuthula?
IBhayibheli lisitshela ukuthi ukuthula kuzoba khona, ngeke kulethwe imizamo yabantu, kodwa kuzolethwa uNkulunkulu.
“‘Ngoba ngikwazi kahle engikucabangayo ngani,’ kusho uJehova, ‘ngizoninika ukuthula, hhayi inhlekelele, ukuze nibe nekusasa elihle nethemba.”—Jeremiya 29:11.
UNkulunkulu uzosifeza kanjani leso sithembiso? “UNkulunkulu onika ukuthula . . . uzomchoboza . . . uSathane.” (Roma 16:20) UNkulunkulu uzosebenzisa uhulumeni wasezulwini, iBhayibheli eliwubiza ngokuthi “uMbuso KaNkulunkulu,” ukuze enze kube nokuthula emhlabeni wonke. (Luka 4:43) Lapho sekubusa uJesu Kristu emhlabeni, oyiNkosi yalowo Mbuso, abantu bayofundiswa ukuthi bangaphila kanjani ngokuthula.—Isaya 9:6, 7.
Ukuze uthole okwengeziwe, funda isihloko esithi “Yini UMbuso KaNkulunkulu Ozoyenza?”
a Elithi Jehova igama likaNkulunkulu.—IHubo 83:18.