AspctStyle/stock.adobe.com
UJesu Uzoqeda Izimpi
Ngesikhathi esemhlabeni, uJesu wabonisa ukuthi ubathanda kakhulu abantu, waze wanikela ngokuphila kwakhe ngenxa yabo. (Mathewu 20:28; Johane 15:13) Maduze, uzophinde abonise ukuthi ubathanda kangakanani abantu ngokusebenzisa igunya lakhe njengeNkosi yoMbuso kaNkulunkulu ukuze aqede “izimpi emhlabeni wonke.”—IHubo 46:9.
Phawula indlela iBhayibheli elichaza ngayo lokho iNkosi uJesu ezokwenza:
“Iyokhulula ompofu okhalela usizo, nohluphekile nanoma ubani ongenamsizi. Iyohawukela ophansi noswele, iyosindisa ukuphila kwabampofu. Iyobakhulula ekucindezelweni nasebudloveni.”—IHubo 72:12-14.
Yini esingayenza ukuze sibonise ukuthi siyabonga ngakho konke uJesu asenzele kona nalokho asazosenzela kona? Enye indlela iwukufunda okwengeziwe ‘ngezindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu,’ okungumyalezo awushumayela. (Luka 4:43) Funda isihloko esithi “Uyini uMbuso kaNkulunkulu?”