Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • mrt isihloko 117
  • Udlame Lwezepolitiki—Lithini IBhayibheli?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Udlame Lwezepolitiki—Lithini IBhayibheli?
  • Izihloko Ezengeziwe
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukuhlukana kwemibono ngokwezepolitiki kwakubikezelwe
  • Ukuphela kodlame lwezepolitiki
  • Ukuthula Emhlabeni—Kuyofika Kanjani?
    Imibuzo YeBhayibheli Iyaphendulwa
  • Ubudlova—Ukuphela Kuseduze!
    I-Phaphama!—1989
  • UMBONO WEBHAYIBHELI
    I-Phaphama!—2015
  • Ukuqedwa Kobudlova Phakade—Kanjani?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1996
Bheka Okunye
Izihloko Ezengeziwe
mrt isihloko 117
Isibhamu esikhulu esinemibhobho emibili sikhombe isibukeli.

Rui Almeida Fotografia/Moment via Getty Images

HLALANI NILINDILE!

Udlame Lwezepolitiki—Lithini IBhayibheli?

Igagasi lodlame lwezepolitiki lithe chithi saka emhlabeni wonke.

  • Ukubulawa kosopolitiki abangu-39 eMexico, okuyinani ebelingakaze libonwe, kanye nolunye udlame lwezepolitiki kwethuse futhi kwaphazamisa abantu phakathi nokhetho luka-2023 no-2024.

  • Muva nje eYurophu kuye kwaba nezigameko zodlame lwezepolitiki eziningi, ezihlanganisa nokuzama ukubulala undunankulu waseSlovakia ngoMeyi 15, 2024.

  • I-United States ithuswe isigameko sesibili sokuzama ukubulala owayengumongameli wakhona uDonald Trump ngoSepthemba 15, 2024.

Kungani kunodlame oluningi kangaka lwezepolitiki? Ingabe luyoke luphele? Lithini iBhayibheli?

Ukuhlukana kwemibono ngokwezepolitiki kwakubikezelwe

IBhayibheli labikezela ukuthi esikhathini sethu, esibizwa ngokuthi ‘izinsuku zokugcina,’ abantu abaningi babezoba nobudlova futhi bangavumelani.

  • “Ezinsukwini zokugcina kuyofika izikhathi ezibucayi okunzima ukubhekana nazo. Ngoba abantu bayokuba . . . abangabongi, abangathembekile, . . . abangafuni sivumelwano, . . . abanolaka, . . . abakhapheli, abanenkani, abakhukhumele.”—2 Thimothewu 3:1-4.

IBhayibheli laphinde labikezela ngeziyaluyalu ezifana nokuvukelwa kwemibuso nezinxushunxushu zezepolitiki esikhathini sethu. (Luka 21:9) Nokho, udlame lwezepolitiki nokuhlukana kwemibono ngokwezepolitiki angeke kuhlale kukhona.

Ukuphela kodlame lwezepolitiki

IBhayibheli lisitshela ukuthi uNkulunkulu uzoqeda ohulumeni babantu esikhundleni sabo amise uhulumeni wakhe wasezulwini.

  • ‘UNkulunkulu wezulu uyomisa umbuso . . . oyophihliza yonke le mibuso [eminye] uyiqede, wona wodwa ume kuze kube phakade.’—Daniyeli 2:44.

UMbuso KaNkulunkulu uzokwenza abantu babe nobunye futhi kube nokuthula emhlabeni wonke.

  • UMbusi walo hulumeni, uJesu Kristu, ubizwa ngokuthi “iSikhulu Sokuthula,” futhi uzoqinisekisa ukuthi ‘ukuthula ngeke kuphele’ emhlabeni.—Isaya 9:6, 7.

  • Ngisho kwamanje, ababuswa yilo Mbuso bafunda ukuphila ngokuthula. Yingakho iBhayibheli lithi: ‘Bayokhanda izinkemba zabo zibe ngamageja nemikhonto yabo ibe ngocelemba. Izizwe ngeke ziphakamiselane inkemba, ngeke zisayifunda impi.’—Isaya 2:3, 4.

Ukuze uthole okwengeziwe, funda isihloko esithi, “Yini Eyofezwa UMbuso KaNkulunkulu?” ubuke nale vidiyo ethi Uyini UMbuso KaNkulunkulu?

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela