Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • ijwfq isihloko 7
  • Ingabe OFakazi BakaJehova BangamaKristu?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ingabe OFakazi BakaJehova BangamaKristu?
  • Imibuzo Evame Ukubuzwa
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Yini OFakazi BakaJehova Abayikholelwayo?
    Yini OFakazi BakaJehova Abayikholelwayo?
  • Amaqiniso NgoFakazi BakaJehova
    I-Phaphama!—2016
  • Ingabe Ofakazi BakaJehova Bayakholelwa KuJesu?
    Imibuzo Evame Ukubuzwa
  • Ingabe OFakazi BakaJehova Bakholelwa Ukuthi Yibo Kuphela Abayosinda?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2008
Bheka Okunye
Imibuzo Evame Ukubuzwa
ijwfq isihloko 7
Owesifazane utadisha iBhayibheli

Ingabe OFakazi BakaJehova BangamaKristu?

Yebo. SingamaKristu ngenxa yezizathu ezilandelayo:

  • Sizama ukulandela eduze izimfundiso nokuziphatha kukaJesu Kristu.—1 Petru 2:21.

  • Sikholelwa ukuthi uJesu uyisihluthulelo sensindiso, ukuthi “alikho elinye igama phansi kwezulu elinikwe ukuba libe phakathi kwabantu okumelwe sisindiswe ngalo.”—IzEnzo 4:12.

  • Lapho abantu beba oFakazi BakaJehova, babhapathizwa egameni likaJesu.—Mathewu 28:18, 19.

  • Sithandaza ngegama likaJesu.—Johane 15:16.

  • Sikholelwa ukuthi uJesu uyiNhloko, noma umiswe waba negunya phezu kwawo wonke umuntu.—1 Korinte 11:3.

Nokho, ngezindlela eziningi, sihlukile kwamanye amaqembu ezinkolo okuthiwa awobuKristu. Ngokwesibonelo, sikholelwa ukuthi iBhayibheli lifundisa ukuthi uJesu uyiNdodana kaNkulunkulu, hhayi ingxenye kaZiqu-zintathu. (Marku 12:29) Asikholelwa ukuthi umphefumulo awufi, ukuthi kukhona eBhayibhelini ukuthi uNkulunkulu ushisa abantu esihogweni phakade, noma ukuthi labo abaholayo ebandleni kufanele babe neziqu ezibaphakamisayo phezu kwabanye.—UmShumayeli 9:5; Hezekeli 18:4; Mathewu 23:8-10.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela