Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • ijwfq isihloko 20
  • Ingabe OFakazi BakaJehova Bayakwamukela Ukwelashwa Odokotela?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ingabe OFakazi BakaJehova Bayakwamukela Ukwelashwa Odokotela?
  • Imibuzo Evame Ukubuzwa
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Imibuzo Evela Kubafundi Balo Magazini . . .
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2011
  • Ingabe Kunendaba Ukuthi Yikuphi Ukwelashwa Okukhethayo?
    I-Phaphama!—2001
  • Ingabe Uyazindela?
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2008
  • Ingabe Usilungele Isimo Esiphuthumayo Esisongela Ukuphila?
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2012
Bheka Okunye
Imibuzo Evame Ukubuzwa
ijwfq isihloko 20

Ingabe OFakazi BakaJehova Bayakwamukela Ukwelashwa Odokotela?

Yebo, oFakazi BakaJehova bayayamukela imithi kanye nokwelashwa odokotela. Nakuba sizama ukuyinakekela imizimba yethu futhi sizigcina sinempilo enhle, ngezinye izikhathi ‘sidinga udokotela.’ (Luka 5:31) Empeleni njengoLuka, umKristu wangekhulu lokuqala, oFakazi BakaJehova abathile nabo bangodokotela.—Kolose 4:14.

Nokho, ezinye izindlela zokwelapha ziyangqubuzana nezimiso zeBhayibheli futhi siyazenqaba. Ngokwesibonelo, asikwamukeli ukumpontshelwa igazi ngoba iBhayibheli liyakwenqabela ukudla igazi. (IzEnzo 15:20) Ngendlela efanayo, iBhayibheli limelene nezinqubo zokwelapha ezihlanganisa ukusetshenziswa kwemimoya.—Galathiya 5:19-21.

Nokho, izindlela eziningi zokwelapha azingqubuzani nezimiso zeBhayibheli. Ngakho umuntu uyozenzela isinqumo. Omunye uFakazi angase akhethe ukwamukela umuthi othile noma indlela ethile yokwelashwa, omunye akwenqabe.—Galathiya 6:5.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela