Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • ijwfq isihloko 25
  • Ingabe OFakazi BakaJehova Bayakwenqabela Ukuzijabulisa Okuthile?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ingabe OFakazi BakaJehova Bayakwenqabela Ukuzijabulisa Okuthile?
  • Imibuzo Evame Ukubuzwa
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Khetha Izinto Zokuzijabulisa Ezithokozisa UJehova
    Phila Kuze Kube Phakade!—Izifundo ZeBhayibheli
  • Indlela Yokukhetha Ezokuzijabulisa Ezakhayo
    “Zigcineni Othandweni LukaNkulunkulu”
  • Kukhethe Ngokuhlakanipha Ozozijabulisa Ngakho
    INcwajana YoMhlangano Wokuphila KobuKristu Nenkonzo Yethu—2019
  • Cophelela Ekukhetheni Ezokuzijabulisa
    I-Phaphama!—1998
Bheka Okunye
Imibuzo Evame Ukubuzwa
ijwfq isihloko 25

Ingabe OFakazi BakaJehova Bayakwenqabela Ukuzijabulisa Okuthile?

Cha. Inhlangano yethu ayiwahloli amabhayisikobho, izincwadi noma izingoma ezithile ukuze inqume ukuthi yikuphi okufanele amalungu ayo akugweme. Ngani?

IBhayibheli likhuthaza umuntu ngamunye ukuba aqeqeshe ‘amandla akhe okuqonda’ ukuze akwazi ukuhlukanisa phakathi kokulungile nokungalungile.—Hebheru 5:14.

ImiBhalo inezimiso eziyisisekelo umKristu angase azisebenzise lapho ekhetha ezokuzijabulisa.a Njengakuzo zonke izici zokuphila, umgomo wethu ‘uwukuqhubeka siqinisekisa ukuthi kuyini okwamukelekayo eNkosini.’—Efesu 5:10.

IBhayibheli lifundisa ukuthi izinhloko zemikhaya zinesilinganiso esithile segunya, ngakho zingakhetha ukukwenqabela ukuzijabulisa okuthile emikhayeni yazo. (1 Korinte 11:3; Efesu 6:1-4) Kodwa ngaphandle komkhaya, akekho onegunya lokwenqabela amabhayisikobho, izingoma noma abaculi abathile njengabangakufanelekeli ukubukelwa nokulalelwa amalungu ebandla.—Galathiya 6:5.

a Ngokwesibonelo, iBhayibheli lilahla noma yini ekhuthaza ukusebenzelana nemimoya, ukuziphatha okubi ngokobulili noma ubudlova.—Duteronomi 18:10-13; Efesu 5:3; Kolose 3:8.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela