Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • ijwbq isihloko 62
  • Ngingazivikela Kanjani Ekuhlukunyezweni Ngokocansi?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ngingazivikela Kanjani Ekuhlukunyezweni Ngokocansi?
  • Imibuzo YeBhayibheli Iyaphendulwa
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Impendulo YeBhayibheli
  • Ngingabhekana Kanjani Nokuhlukunyezwa Ngokobulili?
    I-Phaphama!—2000
  • Ukuhlukunyezwa Ngokobulili—Indlela Ongazivikela Ngayo
    I-Phaphama!—1996
  • Ngingabhekana Kanjani Nokuhlukunyezwa Ngokobulili?
    Intsha Iyabuza
  • Ukuhlukunyezwa Ngokobulili—Inkinga Yembulunga Yonke
    I-Phaphama!—1996
Bheka Okunye
Imibuzo YeBhayibheli Iyaphendulwa
ijwbq isihloko 62

Ngingazivikela Kanjani Ekuhlukunyezweni Ngokocansi?

Impendulo YeBhayibheli

Nanka amacebiso awusizo asekelwe ekuhlakanipheni okuseBhayibhelini:

  1. Gxila kuphela ezintweni ezithinta umsebenzi. Yiba umuntu okahle futhi uhloniphe osebenza nabo, kodwa gwema ukuba nobungane obeqile obungenza abanye bacabange ukuthi ungakujabulela ukuya nabo ocansini.​—Mathewu 10:16; Kolose 4:6.

  2. Gqoka ngesizotha. Ukugqoka izingubo eziveza umzimba kudlulisela umyalezo ongafanele. IBhayibheli likhuthaza ukugqoka “ngesizotha nangokuhluzeka kwengqondo”—1 Thimothewu 2:9.

  3. Khetha abangane bakho ngokuhlakanipha. Uma uchitha isikhathi nalabo okungabahluphi noma abaze bakwamukele ukudlala ngothando noma ukweshelwa, cishe nawe uyophathwa ngendlela efanayo.—IzAga 13:20.

  4. Yenqabe inkulumo eyihlazo. Sukuma uhambe lapho sekukhulunywa ngezindaba ezingcolile, “inkulumo yobuwula noma ukuntela okuyichilo.”​—Efesu 5:4.

  5. Gwema izimo ezingakufaka engozini. Ngokwesibonelo, qaphela izimemo zokuba uhlale emsebenzini ngemva komsebenzi ngaphandle kwesizathu esizwakalayo.​—IzAga 22:3.

  6. Qina futhi ungagwegwesi. Uma uhlukunyezwa ngokocansi, mtshele ngokuqondile okuhlukumezayo ukuthi awukuthandi lokho akwenzayo. (1 Korinte 14:9) Ngokwesibonelo, ungase uthi: “Ngibona ulokhu uzisondeza kakhulu kimi, angiyithandi leyonto. Ngifuna uyiyeke.” Ungase umbhalele incwadi okuhlukumezayo umchazele okwenzekile, indlela ozizwa ngayo nalokho ofuna kwenzeke esikhathini esizayo. Kwenze kucace ukuthi ukuziphatha kwakho kusekelwe ezinkolelweni zakho ezisekelwe eBhayibhelini.​—1 Thesalonika 4:3-5.

  7. Thola usizo. Uma ukuhlukumezeka kuqhubeka, tshela umngane omethembayo, ilungu lomndeni, noma umuntu osebenza naye noma othile onolwazi lokusiza abantu abahlukunyezwayo. (IzAga 27:9) Izisulu eziningi ezihlukunyezwa ngokocansi ziye zaduduzwa umthandazo. Ngisho noma ungakaze uthandaze ngaphambili, ungalubukeli phansi usizo ongaluthola kuJehova ‘uNkulunkulu wenduduzo yonke.’—2 Korinte 1:3.

Ukuhlukunyezwa ngokocansi kubangela usizi ezigidini zezisebenzi, kodwa iBhayibheli lingasiza.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela