Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • ijwyp isihloko 43
  • Ngingasebenzelana Kanjani Nabazali Bami?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ngingasebenzelana Kanjani Nabazali Bami?
  • Intsha Iyabuza
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Isivivinyo
  • Okwenza kube nengxabano
  • Ongakwenza
  • Yini Okufanele Ngiyenze Uma Abazali Bami Bexabana?
    Intsha Iyabuza Izimpendulo Ezisebenzayo—Umqulu 2
  • Ngingabazi Kanjani Kangcono Abazali Bami?
    I-Phaphama!—2009
  • Kungani Kunemi-Thetho Eminingi Kangaka?
    Intsha Iyabuza Izimpendulo Ezisebenzayo—Umqulu 2
  • Xoxa Nengane Yakho—Ungaphikisani Nayo
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2013
Bheka Okunye
Intsha Iyabuza
ijwyp isihloko 43
Izingane ezijabule zixoxa kamnandi nabazali bazo njengoba behamba hamba epaki

INTSHA IYABUZA

Ngingasebenzelana Kanjani Nabazali Bami?

  • Isivivinyo

  • Okwenza kube nengxabano

  • Ongakwenza

  • Okushiwo ontanga yakho

Isivivinyo

  • Yimuphi kubazali bakho ovame ukuxabana naye?

    • Ubaba

    • Umama

  • Uvame kangakanani ukuxabana naye?

    • Kuyethukela

    • Ngezinye izikhathi

    • Kaningi

  • Ivame ukushuba kangakanani ingxabano?

    • Ixazululeka ngokushesha nangokuthula.

    • Iyaxazululeka kodwa ngemva kokuqagulisana.

    • Ayixazululeki—ngisho nangemva kokuqagulisana okukhulu.

Uma kubukeka sengathi awukwazi ukuphilisana nabazali bakho, ungase ucabange ukuthi kumelwe benze okuthile ukuze kuthuthukiswe isimo. Nokho njengoba sizobona, kunezinyathelo wena ongazithatha ukuze kuncishiswe izikhathi enixabana ngazo kudanjiswe nezinga lokushuba kwezingxabano. Okokuqala, cabanga ngalokhu . . .

Okwenza kube nengxabano

  • Ikhono lokucabanga. Njengoba ukhula, uqala ukucabanga ngokujulile ngezinto kunalapho usengumntwana. Uqala nokuba nemibono eqinile—eminye yayo engqubuzana neyabazali bakho. Noma kunjalo, iBhayibheli lithi: “Hlonipha uyihlo nonyoko.”—Eksodusi 20:12.

    Iqiniso elingenakuphikwa: Kudingeka ukuvuthwa nekhono ukuze uveze umbono ohlukile ngaphandle kokuthi kube nengxabano.

  • Ukuzimela. Njengoba ukhula, abazali bakho bangase bakunike inkululeko eyengeziwe. Inkinga iwukuthi ingase ingafiki ezingeni olifunayo noma ngesikhathi oyifuna ngaso—futhi lokho kungaholela engxabanweni. Noma kunjalo, iBhayibheli lithi: “Lalelani abazali benu.”—Efesu 6:1.

    Iqiniso elingenakuphikwa: Ngokuvamile, ukuthi abazali bakho bakunika inkululeko engakanani, kuncike ekutheni uyisebenzisa kanjani inkululeko osunayo kakade.

Ongakwenza

  • Gxila kweyakho indima. Esikhundleni sokusola abazali bakho ngengxabano, cabanga ngalokho wena ongakwenza ukuze wenze ukuthula. Insizwa egama layo linguJeffrey ithi: “Esikhathini esiningi, kusuke kungezona izinto ezishiwo abazali bakho ezenza kube nengxabano, kodwa kuba indlela osabela ngayo kwabakushoyo. Ukukhuluma ngomoya ophansi kuhamba ibanga elide ekulungiseni izinto.”

    IBhayibheli lithi: “Uma kungenzeka, ngokusemandleni enu, yibani nokuthula.”—Roma 12:18.

  • Lalela. USamantha oneminyaka engu-17 uyavuma, “Lokhu ngikuthole kuyinto enzima kakhulu ukuyenza. Kodwa ngithole nokuthi uma abazali bebona ukuthi ulalele nabo bazokulalela.”

    IBhayibheli lithi: ‘Shesha ukuzwa, wephuze ukukhuluma.’—Jakobe 1:19.

    1. Kuthungeleka ipani eliphezu kwesitofu; 2. Umlilo uyabhebhetheka

    Ingxabano injengomlilo​—uma inganqandwa ingabhebhetheka

  • Cabanga unomgomo wokubambisana. Singatha ingxabano ngendlela obuyokwenza ngayo ukube bewudlala umdlalo ofana nebhola lomphebezo. Bheka abazali bakho njengabadlali okanye nabo eqenjini—hhayi njengezitha. Insizwa okuthiwa u-Adam ithi: “Lapho kunengxabano, abazali basuke beyifunela lokho abacabanga ukuthi kungcono ingane yabo, nayo isuke izifunela lokho ecabanga ukuthi kungcono. Ngakho, ngomqondo othile, bonke basuke benomgomo ofanayo.”

    IBhayibheli lithi: ‘Phishekela izinto ezibangela ukuthula.’—Roma 14:19.

  • Yiba oqondayo. Osemusha okuthiwa uSarah uthi, “Ngikuthola kuzuzisa ukukhumbula ukuthi abazali banezinkinga zabo nabo ezibahluphayo njengathi.” Intokazi ebizwa ngokuthi uCarla iyenezela: “Ngizama ukuzifaka ezicathulweni zabazali bami ngokuzibuza, ‘Bengizozizwa kanjani ukube bekuyimina okhulisa ingane futhi ngibhekene nesimo esifanayo? Yikuphi obekuyoyizuzisa kangcono ingane yami?’”

    IBhayibheli lithi: “Ningakhathaleli nje kuphela izindaba zenu siqu, kodwa futhi nikhathalele nezabanye.”—Filipi 2:4.

  • Lalela. Ekugcineni, yilokho iBhayibheli elifuna ukwenze. (Kolose 3:20) Izinto ziyoba lula nakakhulu uma uzivumelanisa nezimo. Intokazi okuthiwa uKaren ithi, “Impilo yami iba lula kakhulu lapho ngenza lokho okufunwa abazali bami. Kakade, kuningi abakudelile ngenxa yami, into engatheni engingababonga ngayo, ukubalalela.” Ukulalela kuyikhambi elingcono kakhulu lokuqeda ingxabano!

    IBhayibheli lithi: “Lapho kungekho zinkuni umlilo uyacima.”—IzAga 26:20.

Icebiso. Uma ukuthola kunzima ukuxoxisana, zama ukuveza imizwa yakho ngokubhala umyalezo esiqeshaneni sephepha noma ngomakhalekhukhwini. Osemusha okuthiwa u-Alyssa uthi, “Lokho ngikwenza uma ngingekho esimweni esihle sokukhuluma. Kungisiza ukuba ngiveze imizwa yami ngaphandle kokumemeza noma kokusho into engizobuye ngizisole ngayo.”

OKUSHIWO ONTANGA YAKHO

UMarilyn

“Uma wonke umuntu ekhathele, inkinga ivele ishube kakhulu. Ngezinye izikhathi kuhle ukumane niyiyeke, nangane, bese niyolala. Izinto ziba ngcono ngakusasa ekuseni.”—UMarilyn.

UDevin

“Ukubekezela kuyimfanelo engakusiza kunoma yisiphi isimo. Uma sekuzoqhuma ingxabano, hlehla, udonse umoya bese uyacabanga. Izinkinga eziningi, zivela lapho senza noma sisho izinto singazicabanganga.”—UDevin.

UMackenzie

“Ngokuqinisekile angifuni ukuthi lapho ngibheka emuva ngizisole ngokuthi angizange ngibaphathe ngendlela efanele abazali bami. Ukucabanga ngalokho kuyangisiza ekutheni ngilalele futhi ngingathatheli izinto phezulu.”​—UMackenzie.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela