Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • ijwbq isihloko 123
  • Ingabe UNkulunkulu Ukuyo Yonke Indawo?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ingabe UNkulunkulu Ukuyo Yonke Indawo?
  • Imibuzo YeBhayibheli Iyaphendulwa
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Impendulo YeBhayibheli
  • Ingabe UNkulunkulu Uhlala Endaweni Eyodwa?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2011
  • Ingabe UNkulunkulu Ukuyo Yonke Indawo?
    I-Phaphama!—2005
  • Ingabe UNkulunkulu Ukuyo Yonke Indawo?
    I-Phaphama!—2011
  • Isimo SikaNkulunkulu
    I-Phaphama!—2013
Bheka Okunye
Imibuzo YeBhayibheli Iyaphendulwa
ijwbq isihloko 123
Umkhathi onezinkanyezi nelanga eseliyoshona

Ingabe UNkulunkulu Ukuyo Yonke Indawo?

Impendulo YeBhayibheli

UNkulunkulu uyakwazi ukubona konke futhi athathe isinyathelo noma ngabe ukuphi. (IzAga 15:3; Hebheru 4:13) Nokho, iBhayibheli alifundisi ukuthi uNkulunkulu ukuyo yonke indawo, ukuzo zonke izinto. Kunalokho, libonisa ukuthi ungumuntu onendawo yokuhlala.

  • Lokho uNkulunkulu ayikho: UNkulunkulu ungumuntu womoya. (Johane 4:24) Abantu abakwazi ukumbona. (Johane 1:18) Lapho uNkulunkulu enza abantu ukuba babone imibono ngaye njengoba ilotshwe eBhayibhelini, uvezwa njengomuntu onendawo eqondile yokuhlala. Akwenzeki avezwe njengokuyo yonke indawo.​—Isaya 6:1, 2; IsAmbulo 4:2, 3, 8.

  • Indawo kaNkulunkulu yokuhlala: UNkulunkulu uhlala endaweni yomoya, engafani nezinto ezibonakalayo ezidaliwe. Kuleyo ndawo yomoya, uNkulunkulu ‘unendawo yakhe yokuhlala, emazulwini.’ (1 AmaKhosi 8:30) IBhayibheli likhuluma ngesikhathi lapho izingelosi ‘zingena ukuze zime phambi kukaJehova,’a okubonisa ukuthi ngomqondo othile unendawo yokuhlala.—Jobe 1:6.

Uma uNkulunkulu engekho kuyo yonke indawo, angakwazi ngempela ukungisiza?

Yebo. UNkulunkulu ubakhathalela ngokujulile abantu. Nakuba esendaweni yomoya, uNkulunkulu uyababona labo abasemhlabeni abafuna ukumjabulisa bese ebasiza. (1 AmaKhosi 8:39; 2 IziKronike 16:9) Cabanga ngezindlela uJehova abonisa ngazo ukuzikhathalela izinceku zakhe eziqotho:

  • Lapho uthandaza: UJehova angawuzwa ngaso leso sikhathi umthandazo wakho.​—2 IziKronike 18:31.

  • Lapho ucindezelekile: “UJehova useduze nalabo abaphukile enhliziyweni; futhi uyabasindisa abanomoya ochobozekile.”—IHubo 34:18.

  • Lapho udinga isiqondiso: UJehova ‘uzokwenza ube nokuqondisisa akufundise’ ngeZwi lakhe iBhayibheli.—IHubo 32:8.

Imibono eyiphutha mayelana nokuba khona kuyo yonke indawo

Umbono oyiphutha: UNkulunkulu ukuyo yonke indawo endalweni.

Okuyiqiniso: UNkulunkulu akahlali emhlabeni noma kwenye indawo emkhathini obonakalayo. (1 AmaKhosi 8:27) Kuyiqiniso ukuthi izinkanyezi nazo zonke izinto ezidaliwe ‘kumemezela inkazimulo kaNkulunkulu.’ (IHubo 19:1) Nokho, uNkulunkulu akahlali ezintweni azidalile njengoba nomdwebi engahlali esithombeni asidwebile. Nakuba kunjalo, umdwebo usitshela okuthile ngomdwebi. Ngokufanayo, izinto uNkulunkulu azidalile esizibonayo zisitshela ‘ngezimfanelo zakhe ezingabonakali,’ njengamandla, ukuhlakanipha nothando.​—Roma 1:20.

Umbono oyiphutha: UNkulunkulu kufanele abe kuyo yonke indawo ukuze azi konke futhi abe nawo wonke amandla.

Okuyiqiniso: Umoya ongcwele kaNkulunkulu ungamandla akhe asebenzayo. Ngawo, uNkulunkulu angabona futhi enze noma yini, kungakhathaliseki ukuthi ukuphi, noma ngabe kunini, ngaphandle kokuba abe kuleyo ndawo.​—IHubo 139:7.

Umbono oyiphutha: IHubo 139:8 lifundisa ukuthi uNkulunkulu ukuyo yonke indawo lapho lithi: “Uma bengingakhuphukela ezulwini, ubuyobe ulapho; futhi uma bengingendlala ukhukho lwami eShiyoli, bheka! ubuyobe ulapho.”

Okuyiqiniso: Lo mBhalo awukhulumi ngendawo uNkulunkulu akuyo. Usebenzisa ulimi olusankondlo, ufundisa ukuthi ayikho indawo esingaya kuyo uNkulunkulu angeke akwazi ukusisiza kuyo.

a UJehova yigama likaNkulunkulu njengoba litholakala eBhayibhelini.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela