Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g05 3/8 k. 20-k. 21
  • Ingabe UNkulunkulu Ukuyo Yonke Indawo?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ingabe UNkulunkulu Ukuyo Yonke Indawo?
  • I-Phaphama!—2005
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Uhlala Kuphi UNkulunkulu?
  • UNkulunkulu Ungumuntu
  • Umoya Ongcwele KaNkulunkulu Ofinyelela Kuyo Yonke Indawo
  • Ungaba Umngane KaNkulunkulu
  • Ingabe UNkulunkulu Uhlala Endaweni Eyodwa?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2011
  • Ingabe UNkulunkulu Ukuyo Yonke Indawo?
    Imibuzo YeBhayibheli Iyaphendulwa
  • Ingabe UNkulunkulu Ukuyo Yonke Indawo?
    I-Phaphama!—2011
  • Ingabe UNkulunkulu Ungumuntu Ongokoqobo?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2009
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2005
g05 3/8 k. 20-k. 21

Umbono WeBhayibheli

Ingabe UNkulunkulu Ukuyo Yonke Indawo?

UNKULUNKULU uchazwa kahle ngokuthi ungumninimandla onke nangokuthi wazi konke. Nokho, lapho bezama ukubuchaza ngokwengeziwe ubukhulu bukaNkulunkulu, abanye abantu bathi uNkulunkulu ukuyo yonke indawo ngasikhathi sinye.

ImiBhalo iyakusekela ukuthi uNkulunkulu ungumninimandla onke nokuthi wazi konke. (Genesise 17:1; Hebheru 4:13; IsAmbulo 11:17) Ngempela, uNkulunkulu ungumninimandla onke futhi wazi konke ngomqondo wokuthi akukho okufihlekile emehlweni akhe. Kodwa-ke, ingabe uNkulunkulu ukuyo yonke indawo noma unendawo eqondile ahlala kuyo?

Uhlala Kuphi UNkulunkulu?

Emavesini amaningana eBhayibheli, ‘amazulu’ kuthiwa ‘ayindawo’ kaNkulunkulu ‘yokuhlala.’ (1 AmaKhosi 8:39, 43, 49; 2 IziKronike 6:33, 39) Nokho, okunye ukulandisa kweBhayibheli kuchaza ubukhulu bukaJehova uNkulunkulu ngale ndlela: “Ingabe ngempela uNkulunkulu uyohlala nesintu emhlabeni? Bheka! Izulu, yebo, izulu lamazulu ngokwawo, alikwazi ukukuthwala.”—2 IziKronike 6:18.

IBhayibheli lithi “uNkulunkulu unguMoya.” (Johane 4:24) Ngakho-ke uhlala endaweni yomoya engahlangene nomhlaba namazulu abonakalayo. Lapho iBhayibheli lithi ‘amazulu’ ayindawo kaNkulunkulu yokuhlala, lisuke liveza ubukhulu bendawo yakhe yokuhlala uma iqhathaniswa nendawo ebonakalayo esihlala kuyo. Nokho okubaluleke kakhulu, iBhayibheli lifundisa ukuthi indawo kaNkulunkulu yokuhlala kanye nendawo yonke ebonakalayo kuyizindawo ezimbili ezihlukene ngokuphelele, kodwa ngesikhathi esifanayo lithi le ndawo kaNkulunkulu iyindawo eqondile ahlala kuyo.—Jobe 2:1, 2.

UNkulunkulu Ungumuntu

UJesu wakhuluma ngendawo kaJehova yokuhlala lapho ekhuluma nabafundi bakhe ethi: “Endlini kaBaba kukhona izindawo zokuhlala eziningi. . . . Ngiyahamba ngiyonilungisela indawo.” (Johane 14:2) UJesu waya kuphi? Ekugcineni, “wangena ezulwini ngokwalo, manje ukuba abonakale phambi kukaNkulunkulu ngenxa yethu.” (Hebheru 9:24) Lokhu kulandisa kusifundisa izinto ezimbili ezibalulekile ngoJehova uNkulunkulu. Okokuqala kusifundisa ukuthi unendawo yakhe engokoqobo ahlala kuyo, kanti okwesibili kusifundisa ukuthi ungumuntu, hhayi umoya nje ongenakuchazwa ohlala kuyo yonke indawo.

Kungenxa yalesi sizathu-ke uJesu afundisa abalandeli bakhe ukuba bathandaze ngale ndlela: “Baba wethu osemazulwini,” ethi kumelwe bathandaze kuJehova, umuntu ohlala endaweni ethile engamazulu angokomoya. (Mathewu 6:9; 12:50) Le mfundiso iyavumelana nendlela abantu bakaNkulunkulu abebefundiswe ukuba bathandaze ngayo iminyaka engaphezu kwengu-1 500. ImiBhalo emidala kunayo yonke ephefumulelwe uNkulunkulu inalo mthandazo olandelayo: “Siza ubheke phansi usendaweni yakho engcwele, amazulu, ubusise abantu bakho.”—Duteronomi 26:15.

Umoya Ongcwele KaNkulunkulu Ofinyelela Kuyo Yonke Indawo

Nakuba iBhayibheli ngaso sonke isikhathi lithi uNkulunkulu unendawo yakhe eqondile ahlala kuyo, ngokuvamile lithi umoya wakhe ongcwele ukuyo yonke indawo. Umhubi uDavide wabuza: “Ngingayaphi ngisuka emoyeni wakho, futhi ngingabubalekela ngiye kuphi ubuso bakho?” (IHubo 139:7) Kungenzeka ukuthi imibhalo enjengalona iye yabadida abanye abantu baphetha ngokuthi uNkulunkulu ukuyo yonke indawo. Kodwa lapho sicabangela umongo walo mbhalo neminye, kuba sobala ukuthi uJehova angathi esendaweni yakhe eqondile yokuhlala athumele umoya wakhe ongcwele—noma amandla akhe asebenzayo—noma kuphi endaweni yonke.

Njengobaba olulela isandla sakhe ezinganeni zakhe ukuze aziduduze, isandla sikaJehova—noma umoya wakhe ongcwele—singafinyelela kunoma iyiphi indawo engabonakali noma ebonakalayo ukuze sifeze injongo kaJehova. Kungakho umhubi ayengathi: “Ukube bengingathatha amaphiko okuntwela kokusa, ukuze ngiyohlala olwandle olukude kakhulu, nalapho futhi, isandla sakho besiyongihola nesandla sakho sokunene besiyongibamba.”—IHubo 139:9, 10.

Ungaba Umngane KaNkulunkulu

Ngothando nangokuzithoba, uJehova uNkulunkulu uye wavumela ukuba kusetshenziswe izici zabantu lapho echazwa yena nendawo ahlala kuyo ukuze okungenani sikwazi ukuqonda ukuthi ungumuntu onjani. Ngale ndlela nangezinye, kunjengokungathi “uyazehlisa ukuze abuke ezulwini nasemhlabeni.” (IHubo 113:6) Kodwa empeleni kungaphezu kwamandla ethu thina bantu ukuqonda ngokuphelele ukuthi uNkulunkulu ungumuntu onjani.

UJehova muhle kakhulu, futhi mkhulu kakhulu ukuba angachazwa ngokuphelele ngezici zabantu. Ngakho nakuba imiBhalo ithi indawo kaNkulunkulu eqondile ahlala kuyo isemazulwini, akunakwenzeka nje ngathi thina bantu ukuba siyiqonde ngokugcwele le ndawo yakhe engokomoya esemazulwini.—IHubo 139:6.

Nakuba kunjalo, kuyaduduza ukuqonda ngesilinganiso esithile ukuthi uJehova unjani ngempela, siqaphela ukuthi akawona amandla athile angenakuchazwa futhi angewona umuntu, akuyo yonke indawo. Kunalokho, ungumuntu, kanti futhi unendawo eqondile ahlala kuyo kanye nezimfanelo eziwuthando nesisa. Lolu lwazi lusivulela ithuba elihle kunawo wonke esingawathola thina bantu—ithuba lokuba nobuhlobo obuseduze futhi obuhlala njalo noMbusi wendawo yonke, onguMninimandla onke.—Jakobe 4:8.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela