Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • ijwyp isihloko 68
  • Ingabe Ulindele Ukuba Yonke Into Ingabi Naphutha?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ingabe Ulindele Ukuba Yonke Into Ingabi Naphutha?
  • Intsha Iyabuza
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Yini embi ngokuhlale ulindele ukuba yonke into ingabi naphutha?
  • Yini engcono ongayenza?
  • Kungani Nginomuzwa Wokuthi Akufanele Ngenze Amaphutha?
    I-Phaphama!—2003
  • Kungani Nginomuzwa Wokuthi Akufanele Ngenze Amaphutha?
    Intsha Iyabuza Izimpendulo Ezisebenzayo—Umqulu 2
  • Kungani Kufanele Unqobe Isimo Sokulindela Ukuphelela?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka—2000
  • Ngingayeka Kanjani Ukuzama Ukungabi Naphutha?
    I-Phaphama!—2003
Bheka Okunye
Intsha Iyabuza
ijwyp isihloko 68
Umfana uzama kaningi ukudweba ihhashi

INTSHA IYABUZA

Ingabe Ulindele Ukuba Yonke Into Ingabi Naphutha?

Uma

  • uhlale ulindele ukuthola amamaki aphezulu kuzo zonke izifundo

  • ugwema ukwenza izinto ezintsha ngoba usaba ukuthi uzohluleka

  • lapho welulekwa uvele ubone sengathi uyagxekwa

. . . , impendulo yombuzo ongenhla ingathi ‘yebo’. Kubi yini ukulindela ukuba yonke into oyenzayo ingabi naphutha?

  • Yini embi ngokuhlale ulindele ukuba yonke into ingabi naphutha?

  • Ikhona yini indlela engcono ongenza ngayo?

  • Okushiwo ontanga yakho

Yini embi ngokuhlale ulindele ukuba yonke into ingabi naphutha?

Ayikho into embi ngokuzama ukwenza izinto kahle. Noma kunjalo, incwadi i-Perfectionism​—What’s Bad About Being Too Good? ithi, “Kunomahluko omkhulu phakathi kokuzama ukwenza into kahle nokuzama ukwenza into engaphezu kwamandla akho.” Iyanezela: “Ukulindela ukuba yonke into ingabi naphutha kuwukuzithwesa umthwalo osindayo, ngoba empeleni akekho umuntu ongawenzi amaphutha.”

IBhayibheli liyavumelana nalokho. Lithi: “Akekho umuntu olungileyo emhlabeni oqhubeka enza okuhle futhi angoni.” (UmShumayeli 7:20) Ngenxa yokuthi unamaphutha, okwenzayo ngeke kube kuhle ngaso sonke isikhathi.

Kunzima yini ukukwamukela lokho? Uma kunzima, cabanga ngale miphumela emine engemihle yokulindela ukuba yonke into ingabi naphutha.

  1. Indlela ozibheka ngayo. Abantu abahlale belindele ukuba yonke into abayenzayo ingabi naphutha bavame ukuphoxeka. “Iqiniso liwukuthi ngeke senze yonke into kahle, futhi uma sihlale sizithukuthelela siyophelelwa ukuzethemba. Lokho kungasicindezela.”​—U-Alicia.

  2. Indlela obheka ngayo iseluleko. Abantu abahlale belindele ukuba yonke into abayenzayo ingabi naphutha bavame ukubheka iseluleko abasitholayo njengesehlisa idumela labo. Insizwa okuthiwa uJeremy ithi, “Uma ngelulekwa ngiphatheka kabi.” Uyanezela, “Ukuhlale ulindele ukuba yonke into oyenzayo ingabi naphutha, kwenza ungaboni ukuthi awukwazi ukukwenza konke nokuthi uyaludinga usizo lwabanye.”

  3. Indlela obheka ngayo abanye. Abantu abahlale belindele ukuba yonke into ingabi naphutha bavame ukugxeka abanye, futhi kulula ukubona ukuthi kungani kunjalo. U-Anna oneminyaka engu-18 uthi, “Uma ungakulindele ukubona iphutha kuwe ngeke ulilindele nakwabanye. Uphatheka kabi lapho behluleka ukwenza lokho obukulindele.”

  4. Indlela abanye abakubheka ngayo. Uma uhlale ulindele ukuba abanye bangawenzi amaphutha, ungathuki uma beqala ukukugwema! Intombazane okuthiwa uBeth ithi, “Ukuzama ukujabulisa umuntu olindele ukuba yonke into oyenzayo ingabi naphutha kuqeda amandla. Akekho umuntu ofuna ukuba seduze nomuntu onjalo!”

Yini engcono ongayenza?

IBhayibheli lithi: “Ukucabangela kwenu makwaziwe yibo bonke abantu.” (Filipi 4:5) Abantu abacabangelayo abalindeli okungaphezu kwamandla, kubo nakwabanye.

“Vele ukuphila kunezinkinga. Kungani unezela kulezo zinkinga ngokulindela ukuba yonke into oyenzayo ingabi naphutha? Kuzoba nzima ukukuthwala konke!”​—UNyla.

IBhayibheli lithi: ‘Yiba nesizotha ekuhambeni noNkulunkulu wakho.’ (Mika 6:8) Abantu abanesizotha bayazi ukuthi ngeke bakwenze konke. Abenzi izinto ezingaphezu kwamandla abo, noma bachithe isikhathi esiningi ngokungadingekile entweni eyodwa.

“Ukuze umsebenzi wami ngiwenze kahle, angenzi okuningi. Ngenza kuphela lokho enginamandla okukwenza.”​—UHailey.

IBhayibheli lithi: “Konke isandla sakho esikutholayo ukuba sikwenze, kwenze ngawo wonke amandla akho.” (UmShumayeli 9:10) Lokhu kusho ukuthi into engakusiza kule nkinga akukona ukuvilapha, kodwa ukusebenza kanzima ngesikhathi esifanayo ube umuntu ocabangelayo nonesizotha.

“Ngizama ngokusemandleni ami ukwenza umsebenzi wami kahle. Ngiyazi ukuthi ngizowenza amaphutha, kodwa kuyangijabulisa ukwazi ukuthi ngenze konke okusemandleni.”​—UJoshua.

Okushiwo ontanga yakho

USierra

“Ukungalindeli amaphutha kungakucindezela futhi kungakwenza uzizwe kabi lapho abanye bekunika iseluleko. Ngithole ukuthi lapho ngenze iphutha akufanele ngicabange ukuthi ngiyisehluleki, kodwa kufanele ngifunde kulo.”​—USierra.

UBo

“Kuyayiqeda injabulo ukuhlale ulindele ukuthi yonke into ingabi naphutha. Ungase wenze nabangane bakho bangakhululeki uma benawe, babe nomuzwa wokuthi uhlale ubagadile futhi abasoze bakwazi ukwenza into engakujabulisa.”​—UBo.

USarina

“Angu-24 kuphela amahora esinawo osukwini ukuze senze imisebenzi yethu. Ngakho uma sichitha isikhathi esiningi ezintweni ezincane, singagcina singasazenzi izinto ezibalulekile ezinjengokudla nokulala.”​—USarina.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela