Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • ijwbq isihloko 143
  • Ingabe Ukubhema Kuyisono?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ingabe Ukubhema Kuyisono?
  • Imibuzo YeBhayibheli Iyaphendulwa
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Impendulo yeBhayibheli
  • Kukhona yini iBhayibheli elikushoyo ngokuzijabulisa ngokusebenzisa insangu noma ezinye izidakamizwa?
  • Ugwayi—Ingabe Uyawenqaba?
    I-Phaphama!—1996
  • Yini Okufanele Ngiyazi Ngokubhema?
    Intsha Iyabuza—Izimpendulo Ezisebenzayo, Umqulu 1
  • Ingabe UNkulunkulu Unendaba Nokuthi Ngiyabhema?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2012
  • Uyini Umbono KaNkulunkulu Ngokubhema?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2014
Bheka Okunye
Imibuzo YeBhayibheli Iyaphendulwa
ijwbq isihloko 143
Ukubhema ugwayi

Ingabe Ukubhema Kuyisono?

Impendulo yeBhayibheli

IBhayibheli alikhulumi ngokubhemaa noma ngezinye izindlela zokusebenzisa ugwayi. Nokho, ikhona imiBhalo ebonisa ukuthi uNkulunkulu akayamukeli imikhuba engahlanzekile nelimaza impilo, okwenza sibheke ukubhema njengesono.

  • Ukuhlonipha ukuphila. “UNkulunkulu . . . unika bonke abantu ukuphila nomoya.” (IzEnzo 17:24, 25) Njengoba ukuphila kuyisipho esivela kuNkulunkulu, akufanele senze noma yini engenza siphile isikhathi esifushane, njengokubhema. Ukubhema kungenye yezinto eziyimbangela yokufa kwabantu obekungagwenywa emhlabeni wonke.

  • Ukuthanda umakhelwane. “Kumelwe uthande umakhelwane wakho njengoba uzithanda wena.” (Mathewu 22:39) Ukubhema phakathi kwabantu akubonisi uthando. Abantu abangabhemi kodwa abahogela intuthu esuke ibhenywa abanye, basemathubeni amaningi kakhulu okuthola izifo ezitholwa abantu ababhemayo.

  • Isidingo sokuba ngcwele. ‘Nikelani imizimba yenu ingumhlatshelo ophilayo, ongcwele, owamukelekayo kuNkulunkulu.’ (Roma 12:1) “Masizihlanze kukho konke ukungcola kwenyama nokomoya, siphelelisa ubungcwele ngokwesaba uNkulunkulu.” (2 Korinte 7:1) Ukubhema akukho ngokwemvelo futhi akuhambisani nokuba ngcwele, okusho ukuhlanzeka nokuba msulwa, ngoba abantu ababhemayo balimaza imizimba yabo ngamabomu.

Kukhona yini iBhayibheli elikushoyo ngokuzijabulisa ngokusebenzisa insangu noma ezinye izidakamizwa?

IBhayibheli alizisho ngamagama izidakamizwa ezifana nensangu nezinye. Kodwa ikhona imiBhalo esenza sibone ukuthi akulungile ukuzijabulisa ngokusebenzisa izidakamizwa. Ngaphezu kwemiBhalo esesixoxe ngayo, nansi neminye okufanele sicabange ngayo:

  • Isidingo sokulawula indlela esicabanga ngayo. “Kumelwe uthande uJehova uNkulunkulu wakho ngayo yonke . . . ingqondo yakho.” (Mathewu 22:37, 38) “Hlalani nisanguluké ngokuphelele.” (1 Petru 1:13) Umuntu osebenzisa izidakamizwa akakwazi ukulawula ingqondo yakhe, kanti abanye bagcina sebengakwazi ukuphila ngaphandle kwazo. Kunokucabanga izinto ezakhayo, ukuphela kwento abacabanga ngayo izidakamizwa.—Filipi 4:8.

  • Ukulalela imithetho yezwe. ‘Lalelani ohulumeni neziphathimandla.’ (Thithu 3:1) Kwamanye amazwe kunemithetho elawula indlela yokusetshenziswa kwezinye izidakamizwa. Uma sifuna ukujabulisa uJehova, kufanele siyilalele imithetho yezwe.—Roma 13:1.

Ugwayi Nempilo Yakho

I-World Health Organization ilinganisela ukuthi unyaka ngamunye abantu abangaba ngu-6000000 babulawa izifo ezibangelwa ugwayi, okuhlanganisa nabantu abangaphezu kwabangu-600000 abangabhemi kodwa abahogela intuthu kagwayi. Cabanga ngendlela ugwayi olimaza ngayo izimpilo zalabo abawusebenzisayo nezalabo abahogela intuthu yawo.

Umdlavuza. Intuthu kagwayi inamakhemikhali angaphezu kwangu-50 angabangela umdlavuza. Ngokusho kwe-Encyclopædia Britannica, kukholelwa ukuthi “abantu abangamaphesenti angu-90 abaphethwe umdlavuza wamaphaphu, kungenxa yokuhogela intuthu kagwayi.” Intuthu kagwayi ingabangela umdlavuza nakwezinye izingxenye zomzimba, njengasemlonyeni, emphinjeni, esibindini nasesinyeni.

Izinkinga zokuphefumula. Intuthu kagwayi iyawandisa amathuba okuba nezinkinga zokuphefumula ezifana ne-pneumonia kanye negciwane elibangela umkhuhlane. Izingane ezihlale zihogela intuthu kagwayi zisemathubeni amaningi okuphathwa i-asthma nokukhwehlela okungapheli, futhi amaphaphu azo avame ukungakhuli kahle nokungasebenzi kahle.

Isifo senhliziyo. Abantu ababhemayo basengozini enkulu yokushaywa uhlangothi nokuphathwa isifo senhliziyo. Umoya ongcolile osentuthwini kagwayi, i-carbon monoxide, ungena kalula emaphashini bese uya emithanjeni lapho ofike uvimbe khona umoya-mpilo. Uma kuncipha umoya-mpilo egazini, inhliziyo isebenza kanzima ukuze iwuyise emzimbeni.

Izingozi kowesifazane okhulelwe. Abesifazane ababhemayo ngesikhathi bekhulelwe, bandisa amathuba okuba izingane zabo zizalwe ngaphambi kwesikhathi, zizalwe zinesisindo esiphansi, noma zinokunye ukukhubazeka. Izingane ezinjalo zingase zibe nenkinga yokungakwazi ukuphefumula kahle noma zife ziseyizinsana.

a Ukubhema okukhulunywa ngakho kulesi sihloko kubhekisela ekuhogeleni ngamabomu intuthu kagwayi, yesigazu, yenqawe noma ye-hubbly bubbly. Nokho, imiBhalo ekulesi sihloko iyasebenza nalapho umuntu ehlafuna ugwayi, ebhema isinemfu, ugwayi osebenza ngogesi one-nicotine nezinye izinhlobo zezidakamizwa ezifana nalezi.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela