Imibuzo Evela Kubafundi Balo Magazini . . .
Ingabe UNkulunkulu Unendaba Nokuthi Ngiyabhema?
▪ Umuntu oqotho angase abuze lo mbuzo, kwazise awukho umthetho eBhayibhelini okhuluma ngogwayi. Ingabe lokho kusho ukuthi ngeke sakwazi ukuthola ukuthi uNkulunkulu uyibheka kanjani le ndaba? Lutho neze.
IBhayibheli lithi “yonke imiBhalo iphefumulelwe uNkulunkulu.” (2 Thimothewu 3:16) ImiBhalo iqukethe izimiso namazwi acacile embula indlela uNkulunkulu afuna siyinakekele ngayo impilo yethu. Okokuqala, ake sibukeze lokho okuye kwatholwa abacwaningi ngomonakalo owenziwa ugwayi empilweni yomuntu. Siyobe sesihlola ukuthi izimiso zeBhayibheli zivumelana kanjani nalokho.
Ugwayi wonakalisa impilo yalowo owubhemayo futhi uyimbangela ehamba phambili yokufa obekungagwenywa. E-United States, ugwayi unesandla ekufeni komuntu oyedwa kwabahlanu. Umbiko wakuleli zwe ovela kuyi-National Institute on Drug Abuse, uthi ugwayi ubulala abantu abaningi unyaka ngamunye ukwedlula “utshwala, ukudla izidakamizwa, ukubulala, ukuzibulala, izingozi zezimoto nengculaza kuhlangene.”
Abantu ababhemayo balimaza abanye. Kungakhathaliseki ukuthi incane noma iningi, intuthu kagwayi iyalimaza. Abantu abangabhemi abahogela intuthu kagwayi basethubeni elikhulu lokuba nomdlavuza wamaphaphu nesifo senhliziyo ngamaphesenti acela ku-30. Eminyakeni yamuva nje, odokotela baye baphawula enye ingozi yokuhogela iphunga likagwayi. Lokhu kwenzeka lapho kusala ikhemikhali ezimpahleni, kokhaphethi nakwezinye izindawo, eqhubeka ikhona ngisho nangemva kokuba intuthu ebonakalayo isishabalele. Lawo makhemikhali anobuthi alimaza ngokukhethekile impilo yezingane futhi angathiya ikhono lazo lokufunda.
Ugwayi uyalutha. Wenza obhemayo abe yisigqila somkhuba olimazayo. Eqinisweni, abacwaningi bakholelwa ukuthi ukuluthwa i-nicotine, ikhemikhali eyinhloko kagwayi, kuyinto enzima kunazo zonke ukugqashula kuyo.
Izimiso zeBhayibheli zivumelana kanjani nala maqiniso? Nakhu ezikushoyo:
UNkulunkulu ufuna sihloniphe ukuphila. EMthethweni uNkulunkulu awunika isizwe sama-Israyeli, wabonisa ukuthi labo abafuna ukumjabulisa kumelwe bahloniphe ukuphila komuntu. (Duteronomi 5:17) Ama-Israyeli kwakufanele akhe uthango luzungeze uphahla lwemizi yawo. Kungani? Uphahla lwalwendlalekile futhi lusetshenziswa njengendawo yokuhlala. Uthango lwaluvikela umndeni nabanye ukuba bangawi bese belimala noma bafe. (Duteronomi 22:8) Ngaphezu kwalokho, ama-Israyeli kwakufanele aqiniseke ukuthi izilwane zawo azilimazi abanye. (Eksodusi 21:28, 29) Umuntu obhemayo usuke ephula izimiso okusekelwe kuzo le mithetho. Ulimaza ngamabomu impilo yakhe. Futhi ubeka ukuphila kwabantu abaseduze naye engozini.
UNkulunkulu ulindele ukuba simthande futhi sithande nomakhelwane. UJesu Kristu watshela abalandeli bakhe ukuthi kufanele balalele imithetho emibili emikhulu. Kumelwe bathande uNkulunkulu ngenhliziyo yabo yonke, umphefumulo, ingqondo namandla futhi bathande umakhelwane njengoba bezithanda bona. (Marku 12:28-31) Njengoba ukuphila kuyisipho esivela kuNkulunkulu, umuntu obhemayo ubonisa ukusedelela leso sipho okusho ukuntula uthando ngoNkulunkulu. (IzEnzo 17:26-28) Umkhuba walo muntu ungase udale umonakalo omkhulu kwabanye, ngakho usuke engakhulumi iqiniso uma ethi uyamthanda umakhelwane wakhe.
UNkulunkulu ufuna sigweme imikhuba engahlanzekile. IBhayibheli liyala amaKristu ukuba azihlanze “kukho konke ukungcola kwenyama nokomoya.” (2 Korinte 7:1) Akubuzwa, ukubhema kuyamngcolisa umuntu. Labo abafuna ukuyeka ukubhema ukuze bajabulise uNkulunkulu babhekene nenselele enkulu. Kodwa ngosizo lukaNkulunkulu bangagqashula kulo mkhuba ongcolisayo.