Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • ijwbq isihloko 148
  • Ingabe Isidumbu SikaJesu Sasisongwe NgeNdwangu YaseTurin?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ingabe Isidumbu SikaJesu Sasisongwe NgeNdwangu YaseTurin?
  • Imibuzo YeBhayibheli Iyaphendulwa
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Impendulo yeBhayibheli
  • Ingabe iNdwangu YaseTurin kufanele ihlonishwe?
  • INdwanguYaseTurin—Ingabe Iyindwangu UJesu Angcwatshwa Ngayo?
    I-Phaphama!—1998
  • Ukuqondisisa Izindaba
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1989
  • IMilan NeTurin—Amadolobha Okuthakazelisayo Ukuwavakashela
    I-Phaphama!—2001
  • Kuze Kube Yilapho Uvuko Lwenzeka Ngempela
    INcwajana YoMhlangano Wokuphila KobuKristu Nenkonzo Yethu—2022
Bheka Okunye
Imibuzo YeBhayibheli Iyaphendulwa
ijwbq isihloko 148
Abafundi balinde ukusonga umzimba kaJesu ngezindwangu zelineni

Ingabe Isidumbu SikaJesu Sasisongwe NgeNdwangu YaseTurin?

Impendulo yeBhayibheli

IBhayibheli alikhulumi ngeNdwangu YaseTurin. Abantu abaningi bacabanga ukuthi yayiyindwangu yelineni okwasongwa ngayo isidumbu sikaJesu Kristu. Ngenxa yalokho, abanye babheka le ndwangu njengengcwele nebaluleke kakhulu emlandweni wenkolo yobuKristu. Le ndwangu igcinwe endaweni evikelekile esontweni lamaKatolika eliseTurin, e-Italy.

Ingabe iBhayibheli liyayisekela inkolelo yokuthi isidumbu sikaJesu sasisongwe ngale ndwangu? Cha.

Cabanga ngezindlela ezintathu le ndwangu ehluke ngayo kulokho okushiwo iBhayibheli.

  1. INdwangu YaseTurin ingamasentimitha angu-442 ubude, namasentimitha angu-113 ububanzi, kwabe sekuxhunywa enye indwangu eceleni engamasentimitha angu-8.

    Okushiwo iBhayibheli: Isidumbu sikaJesu asizange sisongwe ngendwangu eyodwa yelineni, kodwa sasongwa ngezindwangu eziningi. Ikhanda lakhe lalisongwe ngendwangu ehlukile. Lapho uJesu esevusiwe, omunye wabaphostoli bakhe wafika ethutheni lakhe “wabona amabhandeshi ephansi.” IBhayibheli liqhubeka lithi: ‘Indwangu eyayisekhanda lakhe yayingekho kanye namabhandeshi kodwa yayigoqwe yodwa eceleni.’​—Johane 20:6, 7.

  2. INdwangu YaseTurin inamabala okukholelwa ukuthi awegazi elalisemzimbeni kaJesu.

    Okushiwo iBhayibheli: Ngemva kokuba uJesu esefile, abafundi bakhe balungisa isidumbu sakhe “ngayo kanye indlela yamaJuda yokulungiselela ukungcwaba.” (Johane 19:39-​42) Le ndlela yokulungiselela ukungcwaba yayihlanganisa ukugezwa kwesidumbu, nokusigcoba ngamafutha nangeziqholo ngaphambi kokuba singcwatshwe. (Mathewu 26:12; IzEnzo 9:​37) Ngakho, abafundi bakaJesu babengeke basonge isidumbu sakhe bengasigezanga.

  3. Ngokusho kwe-Encyclopædia Britannica, iNdwangu YaseTurin, inesithombe sendoda “ebekwe phezu kohhafu wale ndwangu, kwase kuthi omunye uhhafu wamboza yonke ingxenye engaphezulu yomzimba wayo.”

    Okushiwo iBhayibheli: Abalandeli bakaJesu baxoxa ngokufa kwakhe, ngethuna lakhe abalifica lingenamuntu, nangobufakazi obanikezwa abesifazane ababona ‘umbono ongaphezu kowemvelo wezingelosi, ezathi [uJesu] uyaphila.’ (Luka 24:15-​24) Ukube iNdwangu YaseTurin yayikhona ethuneni likaJesu, akungabazeki ukuthi abafundi bakhe babezoxoxa nangayo, nangezithombe ezikule ndwangu. Nokho, iBhayibheli alikhulumi ngokuthi baxoxa ngalokho.

Ingabe iNdwangu YaseTurin kufanele ihlonishwe?

Cha. Noma ngabe le ndwangu yayikade isonge isidumbu sikaJesu ngempela, ukuyihlonipha bekungaba yinto embi. IBhayibheli linikeza izizathu zokuba ukwenza kanjalo kube kubi.

  1. Isenzo esinjalo asidingekile. UJesu wachaza lokhu ngoNkulunkulu: “UNkulunkulu unguMoya, futhi abamkhulekelayo kumelwe bakhulekele ngomoya nangeqiniso.” (Johane 4:24) Ukukhonza uNkulunkulu ngobuqotho akusho ukuhlonipha izinto ezithile ezihlotshaniswa nenkolo.

  2. UNkulunkulu uyakwenqabela. IMiyalo Eyishumi iyakwenqabela ukukhothamela izithombe. (Duteronomi 5:6-10) Ngendlela efanayo, iBhayibheli liyala amaKristu: “Ziqapheni ezithombeni.” (1 Johane 5:​21) Abanye bangase bathi bona abayibheki iNdwangu YaseTurin njengesithombe, kodwa imane iwuphawu olubalulekile lwenkolo yabo. Nokho, noma yini umuntu ayibheka njengento ebalulekile nedinga ukuhlonishwa ingaba njengesithombe asikhothamelayo.a Ngakho, noma ubani ofuna ukujabulisa uNkulunkulu ngeke azinikele entweni ethile noma ayibonise inhlonipho leyo nto, kuhlanganise nayo iNdwangu YaseTurin.

Umphumela ongokwesayensi otholwe yilabo ababehlola iNdwangu YaseTurin

Kusukela ngeminyaka yawo-1800, abacwaningi baye basebenzisa izindlela ezingokwesayensi ukuze bathole ukuthi le ndwangu yayisonge isidumbu sikaJesu ngempela yini. Eminye imiphumela abayithola ayizange inikeze impendulo ecacile. Nokho, ngo-1998, isonto leVatican lathatha izicucu ezincane zeNdwangu YaseTurin laziyisa ezindaweni ezintathu zokwenza ucwaningo emazweni angafani. Lezi zindawo zontathu zathola ukuthi le ndwangu eyaseminyakeni yakamuva, yawo-1200 kuya ku-1300.

a Isithombe kungaba umfanekiso, umdwebo, noma yini enye umuntu ayibheka njengebalulekile nazinikele kuyo.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela