ULwesihlanu, Okthoba 24
Ngaphezu kwakho konke, thandanani kakhulu, ngoba uthando lumboza izono eziningi.—1 Pet. 4:8.
Igama umphostoli uPetru alisebenzisa elisho ukuthi “kakhulu” ngokwezwi nezwi lisho “ukunweba.” Ingxenye yesibili yaleli vesi ichaza umphumela ukuthandana kakhulu okungaba nawo. Uthando lumboza izono zabafowethu. Singakufanekisa ngale ndlela: Sibamba uthando lwethu ngezandla zombili, njengokungathi luyindwangu enwebekayo, silunwebe silunwebe kuze kube yilapho lumboza “izono eziningi,” hhayi nje esisodwa noma ezimbili. Ukumboza kusho ukuthethelela. Njengoba nje nendwangu ingamboza ibala elingcolile, nothando lungamboza ubuthaka namaphutha abanye. Uthando lwethu ngabanye kufanele luqine kangangokuba sikwazi ukuthethelela amaphutha abo—ngisho noma lokho kunzima kakhulu ngezinye izikhathi. (Kol. 3:13) Uma sikwazi ukuthethelela abanye, sibonisa ukuthi uthando lwethu luqinile nokuthi sifuna ukujabulisa uJehova. w23.11 10-11 ¶13-15
UMgqibelo, Okthoba 25
UShafani wayifunda phambi kwenkosi.—2 IziKr. 34:18.
Ngesikhathi iNkosi uJosiya isikhulile, yayala ukuba kulungiswe ithempeli. Phakathi nalowo msebenzi, ‘kwatholakala incwadi yoMthetho kaJehova owanikezwa ngoMose.’ Lapho inkosi izwa kufundwa le ncwadi, yathatha isinyathelo yenza okwakubhalwe kuyo. (2 IziKr. 34:14, 19-21) Ungathanda yini ukufunda iBhayibheli nsuku zonke? Uma kuwukuthi usuqalile, kuhamba kanjani? Ingabe uyawaphawula amavesi angase akusize? Lapho uJosiya esezohlanganisa iminyaka engu-39, wenza iphutha elaholela ekufeni kwakhe. Wazethemba yena kunokuba acele isiqondiso kuJehova. (2 IziKr. 35:20-25) Kunesifundo esisifundayo lapha. Kungakhathaliseki ukuthi sibadala kangakanani noma sesinesikhathi esingakanani sitadisha iBhayibheli, kumele siqhubeke sifuna uJehova. Lokho kuhilela ukuthandaza njalo sicele isiqondiso sakhe, ukutadisha iBhayibheli nokulalela izeluleko zamaKristu avuthiwe. Uma senza kanjalo, ayoba mancane amathuba okuba senze amaphutha amakhulu, futhi ayoba makhulu awokuba sijabule.—Jak. 1:25. w23.09 12 ¶15-16
ISonto, Okthoba 26
UNkulunkulu umelana nabaziphakamisayo, kodwa abathobekile ubapha umusa omkhulu.—Jak. 4:6.
IBhayibheli likhuluma ngabesifazane abaningi abayizibonelo ezinhle, ababethanda uJehova futhi bemkhonza. ‘Babelinganisela,’ ‘bethembeke ezintweni zonke.’ (1 Thim. 3:11) Ngaphezu kwalokho, odade bangabathola emabandleni abo abesifazane abangamaKristu avuthiwe abangabalingisa. Bodade abasebasha, bakhona yini abesifazane abangamaKristu avuthiwe enibaziyo eningabalingisa? Zinakisise izimfanelo zabo ezinhle; yibe usucabanga ngokuthi ungazilingisa kanjani. Ukuthobeka kubalulekile ukuze ube umKristu ovuthiwe. Uma owesifazane ethobekile, uzoba nobuhlobo obuhle noJehova nabanye. Ngokwesibonelo, owesifazane othanda uJehova ngokuthobeka ukhetha ukusekela izimiso zobunhloko ezibekwe uBaba wakhe osezulwini. (1 Kor. 11:3) Lezi zimiso zinendima yazo ebandleni nasemndenini. w23.12 18-19 ¶3-5