UMgqibelo, Okthoba 25
UShafani wayifunda phambi kwenkosi.—2 IziKr. 34:18.
Ngesikhathi iNkosi uJosiya isikhulile, yayala ukuba kulungiswe ithempeli. Phakathi nalowo msebenzi, ‘kwatholakala incwadi yoMthetho kaJehova owanikezwa ngoMose.’ Lapho inkosi izwa kufundwa le ncwadi, yathatha isinyathelo yenza okwakubhalwe kuyo. (2 IziKr. 34:14, 19-21) Ungathanda yini ukufunda iBhayibheli nsuku zonke? Uma kuwukuthi usuqalile, kuhamba kanjani? Ingabe uyawaphawula amavesi angase akusize? Lapho uJosiya esezohlanganisa iminyaka engu-39, wenza iphutha elaholela ekufeni kwakhe. Wazethemba yena kunokuba acele isiqondiso kuJehova. (2 IziKr. 35:20-25) Kunesifundo esisifundayo lapha. Kungakhathaliseki ukuthi sibadala kangakanani noma sesinesikhathi esingakanani sitadisha iBhayibheli, kumele siqhubeke sifuna uJehova. Lokho kuhilela ukuthandaza njalo sicele isiqondiso sakhe, ukutadisha iBhayibheli nokulalela izeluleko zamaKristu avuthiwe. Uma senza kanjalo, ayoba mancane amathuba okuba senze amaphutha amakhulu, futhi ayoba makhulu awokuba sijabule.—Jak. 1:25. w23.09 12 ¶15-16
ISonto, Okthoba 26
UNkulunkulu umelana nabaziphakamisayo, kodwa abathobekile ubapha umusa omkhulu.—Jak. 4:6.
IBhayibheli likhuluma ngabesifazane abaningi abayizibonelo ezinhle, ababethanda uJehova futhi bemkhonza. ‘Babelinganisela,’ ‘bethembeke ezintweni zonke.’ (1 Thim. 3:11) Ngaphezu kwalokho, odade bangabathola emabandleni abo abesifazane abangamaKristu avuthiwe abangabalingisa. Bodade abasebasha, bakhona yini abesifazane abangamaKristu avuthiwe enibaziyo eningabalingisa? Zinakisise izimfanelo zabo ezinhle; yibe usucabanga ngokuthi ungazilingisa kanjani. Ukuthobeka kubalulekile ukuze ube umKristu ovuthiwe. Uma owesifazane ethobekile, uzoba nobuhlobo obuhle noJehova nabanye. Ngokwesibonelo, owesifazane othanda uJehova ngokuthobeka ukhetha ukusekela izimiso zobunhloko ezibekwe uBaba wakhe osezulwini. (1 Kor. 11:3) Lezi zimiso zinendima yazo ebandleni nasemndenini. w23.12 18-19 ¶3-5
UMsombuluko, Okthoba 27
Amadoda kufanele athande omkawo njengemizimba yawo siqu.—Efe. 5:28.
UJehova ulindele ukuba indoda ithande umkayo, imnikeze izinto azidingayo, inakekele izidingo zakhe ezingokomzwelo futhi imsize ahlale esondelene noJehova. Ukuba nekhono lokucabanga, ukuhlonipha abantu besifazane nokuba nokwethenjelwa, kuyokusiza ube umyeni okahle. Ngemva kokushada, ungase ube ubaba. Yini ongayifunda kuJehova ngokuba ubaba okahle? (Efe. 6:4) UJehova akabanga namahloni okutshela iNdodana yakhe, uJesu, ukuthi uyayithanda futhi uyayamukela. (Math. 3:17) Uma uba ngubaba, qiniseka ukuthi uziqinisekisa njalo izingane zakho ukuthi uyazithanda. Zincome njalo lapho zenza izinto ezinhle. Obaba abalingisa isibonelo sikaJehova basiza izingane zabo ukuba zibe amadoda nabesifazane abangamaKristu avuthiwe. Ungazilungiselela manje ukufeza leyo ndima ngokunakekela abanye emndenini wakini nasebandleni nangokufunda ukubatshela ukuthi uyabathanda nokuthi uyabazisa.—Joh. 15:9. w23.12 28-29 ¶17-18