Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
Zulu Publications (1975-2025)
Phuma
Ngena
Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Siyakwamukela.
Leli yithuluzi lokucwaninga lezincwadi ezinyatheliswa oFakazi BakaJehova ngezilimi ezihlukahlukene.
Uma ufuna ukuzidawuniloda izincwadi, sicela uye ku-jw.org.
Isaziso
Ulimi olusha oselutholakala: Betsileo
  • Namuhla

ULwesithathu, Okthoba 29

Ngizomdumisa uJehova; konke okungaphakathi kimi makudumise igama lakhe elingcwele.—IHu. 103:1.

Ukuthanda uNkulunkulu kwenza abantu abathembekile bafune ukudumisa igama lakhe ngenhliziyo yonke. INkosi uDavide yayazi ukuthi ukudumisa igama likaJehova kufana nokudumisa uJehova. Igama likaJehova lihlanganisa nedumela lakhe, ngakho lisenza sicabange ngazo zonke izimfanelo zakhe ezinhle nezenzo zakhe ezisishiya sibambe ongezansi. UDavide wayefuna ukuliphatha ngobungcwele igama likaBaba wakhe futhi alidumise. Wayefuna ukwenza lokhu ngakho “konke okungaphakathi” kuye—okungukuthi, ngenhliziyo yonke. Ngokufanayo, amaLevi ahola ekudumiseni uJehova. Ngokuthobeka avuma ukuthi awanawo amazwi anele okudumisa igama likaJehova elingcwele. (Neh. 9:5) Asingabazi ukuthi lokhu kuthobeka namazwi okudumisa asuka enhliziyweni kwamjabulisa uJehova. w24.02 9 ¶6

Ukuhlola ImiBhalo Nsuku Zonke—2025

ULwesine, Okthoba 30

Ngezinga esesithuthuke ngalo, masiqhubeke sihamba ngokuhlelekile ngalo mzila ofanayo.—Fil. 3:16.

UJehova ngeke akubheke njengesehluleki ngoba wehlulekile ukufinyelela umgomo ongaphezu kwamandla akho. (2 Kor. 8:12) Funda eziphazamisweni eziba khona. Ungayikhohlwa imigomo osuyifinyelele kakade. IBhayibheli lithi “uNkulunkulu akayena ongalungile ukuba akhohlwe umsebenzi wenu.” (Heb. 6:10) Nawe akufanele ukukhohlwe osukufezile. Cabanga ngemigomo osuyifinyelele—kungaba ukuba umngani noJehova, ukukhuluma ngaye kwabanye noma ukubhapathizwa. Njengoba nje uye wathuthuka waze wayifinyelela imigomo ekusondeza kuJehova, usengathuthuka uze uwufinyelele umgomo wakho wamanje. Ngosizo lukaJehova, ungakwazi ukufinyelela umgomo wakho. Njengoba uqhubeka usebenzela ukufinyelela umgomo wakho, ungakhohlwa ukubona indlela uJehova akusiza nakubusisa ngayo. (2 Kor. 4:7) Uma ungapheli amandla, uyothola izibusiso ezinkulu nakakhulu.—Gal. 6:9. w23.05 31 ¶16-18

Ukuhlola ImiBhalo Nsuku Zonke—2025

ULwesihlanu, Okthoba 31

UBaba ngokwakhe uyanithanda, ngoba niye nangithanda futhi nakholwa ukuthi ngeza njengommeleli kaNkulunkulu.—Joh. 16:27.

UJehova uyathanda ukubonisa ukuthi uyabamukela labo abathandayo. ImiBhalo ikhuluma ngezenzakalo ezimbili lapho uJehova atshela khona uJesu ukuthi uyiNdodana yakhe ethandekayo ayamukele. (Math. 3:17; 17:5) Ungathanda yini ukuzwa uJehova ekuqinisekisa ngokuthi uyakwamukela? UJehova akakhulumi nathi ngokuqondile, kodwa ukhuluma nathi esebenzisa iZwi lakhe. Lapho sifunda amazwi kaJesu emaVangelini kuba njengokungathi “sizwa” uJehova ethi uyasamukela. UJesu wabulingisa ngokuphelele ubuntu bukaYise. Ngakho lapho sifunda ukuthi uJesu wathi uyabamukela abalandeli bakhe abanesono kodwa abathembekile, singambona ngeso lengqondo noJehova esho lawo mazwi kithi. (Joh. 15:​9, 15) Uma sivivinywa lokho akusho ukuthi uNkulunkulu akasasamukeli. Kunalokho, kusinika amathuba okubonisa ukuthi simthanda kangakanani uNkulunkulu futhi siyamethemba.—Jak. 1:12. w24.03 28 ¶10-11

Ukuhlola ImiBhalo Nsuku Zonke—2025
Siyakwamukela.
Leli yithuluzi lokucwaninga lezincwadi ezinyatheliswa oFakazi BakaJehova ngezilimi ezihlukahlukene.
Uma ufuna ukuzidawuniloda izincwadi, sicela uye ku-jw.org.
  • IsiZulu
  • Thumela
  • Okukhethayo
  • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
  • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
  • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
  • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
  • JW.ORG
  • Ngena
Thumela