ULwesine, Okthoba 30
Ngezinga esesithuthuke ngalo, masiqhubeke sihamba ngokuhlelekile ngalo mzila ofanayo.—Fil. 3:16.
UJehova ngeke akubheke njengesehluleki ngoba wehlulekile ukufinyelela umgomo ongaphezu kwamandla akho. (2 Kor. 8:12) Funda eziphazamisweni eziba khona. Ungayikhohlwa imigomo osuyifinyelele kakade. IBhayibheli lithi “uNkulunkulu akayena ongalungile ukuba akhohlwe umsebenzi wenu.” (Heb. 6:10) Nawe akufanele ukukhohlwe osukufezile. Cabanga ngemigomo osuyifinyelele—kungaba ukuba umngani noJehova, ukukhuluma ngaye kwabanye noma ukubhapathizwa. Njengoba nje uye wathuthuka waze wayifinyelela imigomo ekusondeza kuJehova, usengathuthuka uze uwufinyelele umgomo wakho wamanje. Ngosizo lukaJehova, ungakwazi ukufinyelela umgomo wakho. Njengoba uqhubeka usebenzela ukufinyelela umgomo wakho, ungakhohlwa ukubona indlela uJehova akusiza nakubusisa ngayo. (2 Kor. 4:7) Uma ungapheli amandla, uyothola izibusiso ezinkulu nakakhulu.—Gal. 6:9. w23.05 31 ¶16-18
ULwesihlanu, Okthoba 31
UBaba ngokwakhe uyanithanda, ngoba niye nangithanda futhi nakholwa ukuthi ngeza njengommeleli kaNkulunkulu.—Joh. 16:27.
UJehova uyathanda ukubonisa ukuthi uyabamukela labo abathandayo. ImiBhalo ikhuluma ngezenzakalo ezimbili lapho uJehova atshela khona uJesu ukuthi uyiNdodana yakhe ethandekayo ayamukele. (Math. 3:17; 17:5) Ungathanda yini ukuzwa uJehova ekuqinisekisa ngokuthi uyakwamukela? UJehova akakhulumi nathi ngokuqondile, kodwa ukhuluma nathi esebenzisa iZwi lakhe. Lapho sifunda amazwi kaJesu emaVangelini kuba njengokungathi “sizwa” uJehova ethi uyasamukela. UJesu wabulingisa ngokuphelele ubuntu bukaYise. Ngakho lapho sifunda ukuthi uJesu wathi uyabamukela abalandeli bakhe abanesono kodwa abathembekile, singambona ngeso lengqondo noJehova esho lawo mazwi kithi. (Joh. 15:9, 15) Uma sivivinywa lokho akusho ukuthi uNkulunkulu akasasamukeli. Kunalokho, kusinika amathuba okubonisa ukuthi simthanda kangakanani uNkulunkulu futhi siyamethemba.—Jak. 1:12. w24.03 28 ¶10-11
UMgqibelo, Novemba 1
Ubangele ukuba imilomo yezingane nezinsana ikudumise.—Math. 21:16.
Uma ungumzali, siza izingane zakho zilungiselele izimpendulo ezifanelana neminyaka yazo. Ngezinye izikhathi, emhlanganweni kukhulunywa ngezindaba ezibucayi, njengezinkinga zasemshadweni nezindaba eziphathelene nokuziphatha, kodwa cishe siyoba khona isigaba esisodwa noma ezimbili ingane engaphendula kuso. Siza izingane zakho ziqonde nokuthi cishe ngeke zikhonjwe njalo lapho ziphakamisile. Ukuzichazela lokho kuyozenza zingadumali lapho kukhonjwa abanye esikhundleni sazo. (1 Thim. 6:18) Sonke singazilungiselela izimpendulo ezakhayo, ezidumisa uJehova, zikhuthaze namanye amaKristu. (IzAga 25:11) Nakuba ngezinye izikhathi singase sikusho okuye kwenzeka kithi, kufanele sigweme ukukhuluma kakhulu ngathi. (IzAga 27:2; 2 Kor. 10:18) Kunalokho, sizama ukugxila kuJehova, eZwini lakhe nakubantu bakhe bebonke.—IsAm. 4:11. w23.04 24-25 ¶17-18