ULwesithathu, Julayi 30
Ngeke siyeke ukukhuluma ngezinto esizibonile nesizizwile.—IzE. 4:20.
Singabalingisa abafundi ngokuqhubeka sishumayela ngisho noma iziphathimandla zithi asiyeke. Singaqiniseka ukuthi uJehova uzosisiza sifeze inkonzo yethu. Ngakho thandazela isibindi nokuhlakanipha ucele uJehova akusize ukuze ubhekane nezinkinga. Abaningi kithi bayagula, banezinkinga ezingokomzwelo, bashonelwe umuntu abamthandayo, banezinkinga zemindeni, bayashushiswa, noma banezinye izinkinga. Izinto ezifana nobhubhane nezimpi zenze kwaba nzima nakakhulu ukubhekana neziningi zalezi zinkinga. Thulula isifuba sakho kuJehova. Mtshele izinto obhekene nazo ngendlela obungatshela ngayo umngani oseduze. Qiniseka ukuthi uJehova ‘uzokusiza.’ (IHu. 37:3, 5) Ukuphikelela emthandazweni kuzosisiza ‘sikhuthazele osizini.’ (Roma 12:12) UJehova uyazi ukuthi abantu abamkhonzayo babhekene nani—“uyakuzwa ukukhalela kwabo usizo.”—IHu. 145:18, 19. w23.05 5-6 ¶12-15
ULwesine, Julayi 31
Qhubekani niqinisekisa ukuthi yini eyamukelekayo eNkosini.—Efe. 5:10.
Lapho kudingeka senze izinqumo ezibalulekile, kudingeka siqonde “ukuthi iyini intando kaJehova” bese senza ngokuvumelana nayo. (Efe. 5:17) Lapho sikwazi ukubona izimiso zeBhayibheli ezisebenza esimweni esibhekene naso, empeleni sisuke sifuna ukuthola ukuthi uNkulunkulu ucabangani ngaleyo ndaba. Njengoba sisuke sisebenzisa izimiso zakhe, cishe siyokwenza izinqumo ezihlakaniphile. “Omubi,” isitha sethu uSathane, angathanda ukusigcina simatasa ngezinto zaleli zwe size singabi naso isikhathi sokukhonza uNkulunkulu. (1 Joh. 5:19) UmKristu angase aqale ukugxila ekwenzeni imali, emfundweni yezwe noma emsebenzini kunokuba agxile ezindleleni eziningi angakhonza ngazo uJehova. Uma lokho kwenzeka, kuyosho ukuthi useqala ukuthonywa ukucabanga kwezwe. Yiqiniso, lezi zinto azizimbi, kodwa akufanele neze zize kuqala ekuphileni kwethu. w24.03 24 ¶16-17
ULwesihlanu, Agasti 1
Ziningi izinhlupheko zolungile, kodwa uJehova umkhulula kuzo zonke.—IHu. 34:19.
Phawula izinto ezimbili ezibalulekile ezikuleli hubo: (1) Abantu abalungile bayaba nezinkinga. (2) UJehova uyasikhulula lapho sivivinywa. Usikhulula kanjani? Enye indlela akwenza ngayo lokhu ukusisiza sibe nombono ofanele ngokuphila kuleli zwe elibi. Yize uJehova esithembisa ukuthi sizothola injabulo uma simkhonza, akasho ukuthi ngeke sibe nazo izinkinga okwamanje. (Isaya 66:14) Usikhuthaza ukuba sigxile esikhathini esizayo—lapho siyojabulela khona ukuphila phakade ngendlela afuna siphile ngayo. (2 Kor. 4:16-18) Okwamanje uyasisiza siqhubeke simkhonza usuku nosuku. (IsiL. 3:22-24) Singafundani ezibonelweni zabantu abathembekile ababekhonza uJehova ezikhathini zeBhayibheli nabamkhonza namuhla? Singase sehlelwe izinkinga esingazilindele. Kodwa uma sincika kuJehova, akasoze nanini ahluleka ukusisiza.—IHu. 55:22. w23.04 14-15 ¶3-4