Imibuzo Evela Kubafundi Balo Magazini
Kungani OFakazi BakaJehova Bengazisebenzisi Izithombe Ekukhulekeleni Kwabo?
Emhlabeni wonke, amaHindu, amaBuddha, amaKatolika, namalungu eSonto lobu-Orthodox abheka ukusetshenziswa kwezithixo, izithombe, njengengxenye ebalulekile yokukhulekela. Ezingxenyeni ezithile zase-Afrika, abantu bakhulekela imifanekiso yokhuni noma yamatshe abakholelwa ukuthi unkulunkulu noma umoya kankulunkulu uhlala kuyo.
Ngokuphambene, oFakazi BakaJehova abayisebenzisi nhlobo imifanekiso nezithombe ekukhulekeleni kwabo. Uma uvakashela izindawo ababuthanela kuzo, ezaziwa ngokuthi amaHholo OMbuso, ngeke uthole imifanekiso “yosanta” noma kaJesu noma kaMariya.a Kungani? Phawula lokho okushiwo yiBhayibheli ngale ndaba.
Yini UNkulunkulu Ayeyifuna Kuma-Israyeli?
Ngemva kokukhulula ama-Israyeli eGibhithe, uJehova uNkulunkulu wawanika isiqondiso esicacile ngokuphathelene nendlela ayefuna ukukhulekelwa ngayo. Umyalo wesibili eMiyalweni Eyishumi uthi: “Ungazenzeli umfanekiso oqoshiwe noma isimo esinjenganoma yini esemazulwini phezulu noma esemhlabeni ngaphansi noma esemanzini ngaphansi komhlaba. Ungazikhothameli futhi unganxenxelwa ukuba uzikhonze, ngoba mina Jehova uNkulunkulu wakho nginguNkulunkulu ofuna ukuzinikela kimi kuphela.”—Eksodusi 20:4, 5.
Ngesikhathi uNkulunkulu anika ngaso uMose le miyalo, ama-Israyeli ayenza ithole legolide, cishe elingisa ukukhulekela izilwane kwabaseGibhithe. Awazange ethe lesi sithombe ngegama likankulunkulu waseGibhithe. Kunalokho, asihlobanisa nokukhulekela uJehova. (Eksodusi 32:5, 6) Wasabela kanjani uNkulunkulu? Ulaka lwakhe lwabavuthela labo abakhulekela lesi sithombe, futhi uMose wasiphihliza.—Eksodusi 32:9, 10, 19, 20.
Kamuva, uJehova uNkulunkulu wawuchaza kabanzi umyalo wesibili. Esebenzisa uMose, wakhumbuza ama-Israyeli ukuthi kufanele angazenzeli “umfanekiso oqoshiwe, isimo sanoma imuphi umfanekiso, umfanekiso wowesilisa noma wowesifazane, umfanekiso wanoma isiphi isilwane esisemhlabeni, umfanekiso wanoma iyiphi inyoni enamaphiko endiza emazulwini, umfanekiso wanoma yini ehamba emhlabathini, umfanekiso wanoma iyiphi inhlanzi esemanzini ngaphansi komhlaba.” (Duteronomi 4:15-18) Kuyacaca ukuthi ama-Israyeli kwakungafanele asebenzise imifanekiso yanoma iluphi uhlobo ekukhulekeleni uNkulunkulu.
Noma kunjalo, ama-Israyeli kamuva abuyela ekukhulekeleni izithombe. Ukuze awalungise, uJehova wathumela abaprofethi abawaxwayisa ngesijeziso esasisondela ngenxa yokukhulekela kwawo izithombe. (Jeremiya 19:3-5; Amose 2:8) Njengesizwe, ama-Israyeli awasinakanga isixwayiso sikaNkulunkulu. Ngakho, ngo-607 B.C.E., uJehova wavumela abaseBhabhiloni ukuba babhubhise iJerusalema futhi bathumbe lesi sizwe.—2 IziKronike 36:20, 21; Jeremiya 25:11, 12.
Yini AmaKristu Ekhulu Lokuqala Ayeyikholelwa?
Lapho abantu abangewona amaJuda beguqukela ebuKristwini ekhulwini lokuqala, abaqhubekanga nokusebenzisa izithombe ekukhulekeleni uNkulunkulu. Phawula lokho uDemetriyu, umkhandi wesiliva owayenza izithombe e-Efesu akusho ngomsebenzi womphostoli uPawulu wokushumayela: “Madoda, nazi kahle ukuthi sichunyiswa yilo msebenzi. Niyabona futhi niyezwa ukuthi lo Pawulu usithonye kanjani isixuku esikhulu wasiphendulela komunye umbono, ethi labo abenziwe ngezandla ababona onkulunkulu.”—IzEnzo 19:25, 26.
Amazwi kaPawulu afakazela lokho okwashiwo uDemetriyu. Lapho ekhuluma namaGreki ase-Athene, uPawulu wathi: “Akufanele sicabange ukuthi uMuntu Waphezulu unjengegolide noma isiliva noma itshe, njengokuthile okuqoshwe ngobuciko nangomklamo womuntu. Yiqiniso, uNkulunkulu uye wangazinaka izikhathi zokungazi okunjalo, nokho manje utshela isintu ukuba sonke kuyo yonke indawo siphenduke.” (IzEnzo 17:29, 30) Endabeni efanayo, uPawulu wabhalela abaseThesalonika futhi wabancoma ngala mazwi: ‘Nashiya izithombe zenu naphendukela kuNkulunkulu.’—1 Thesalonika 1:9.
Akuyena uPawulu kuphela owaxwayisa amaKristu ngokusebenzisa izithombe ekukhulekeleni kwawo, kodwa nomphostoli uJohane. Ekupheleni kwekhulu lokuqala, uJohane wawatshela ngokuqondile: “Ziqapheni ezithombeni.”—1 Johane 5:21.
OFakazi BakaJehova balalela isiqondiso sikaNkulunkulu esicacile sokuba bangasebenzisi imifanekiso yanoma yiluphi uhlobo lapho bemkhulekela. Bayakukholelwa lokho uJehova uNkulunkulu akushoyo lapho ethi: “NginguJehova. Yilelo igama lami; futhi angisoze nganika muntu omunye inkazimulo yami, noma imifanekiso ebaziwe udumo lwami.”—Isaya 42:8.
[Umbhalo waphansi]
a AmaHholo OMbuso athile anezithombe zabalingiswa beBhayibheli. Kodwa, lezi zithombe ezokuhlobisa futhi azikhulekelwa njengezithixo zenkolo. OFakazi BakaJehova abathandazi kulezi zithombe, futhi abazikhothameli.
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 31]
“NginguJehova. Yilelo igama lami; futhi angisoze nganika muntu omunye inkazimulo yami, noma imifanekiso ebaziwe udumo lwami.”—Isaya 42:8