IBhayibheli Liyakushintsha Ukuphila
Yini eyashukumisela owesifazane owayeshushumbisa amadayimane futhi ebela umqashi wakhe ukuba abe isisebenzi esithembekile? Yini eyasiza owesifazane owayesezame ukuzibulala kabili ukuba athole injongo ekuphileni? Umlutha wotshwala nezidakamizwa wakwazi kanjani ukuba namandla okugqashula emikhubeni yawo ebhubhisayo? Cabangela lokho abakushoyo.
UMLANDO WAKHE OMFUSHANE
IGAMA: MARGARET DEBRUYN
UBUDALA: 45
IZWE: IBOTSWANA
AKWENZA: WAYENGUMSHUSHUMBISI NESELA
UKUPHILA KWAMI KWANGAPHAMBILI: Ubaba wayedabuka eJalimane kodwa wayeseba yisakhamuzi saseNingizimu-Ntshonalanga Afrika (manje eyiNamibia). Umama wayengowaseBotswana, engowesizwe samaMangologa. Ngazalelwa eGobabis, eNamibia.
Ngawo-1970, uhulumeni waseNingizimu Afrika wayilawula kakhulu iNamibia futhi waphoqelela imithetho yobandlululo kuwo wonke amadolobha namadolobhana. Ngenxa yokuthi umshado wabazali bami wawuxube izinhlanga, banxuswa ukuba bahlale ngokwehlukana. Ngakho umama wathatha mina nabafowethu nodadewethu, sabuyela eGhansi eBotswana.
Ngo-1979, ngathuthela eLobatse, eBotswana, ngafike ngahlala nabazali bokutholwa ngisaqedela isikole. Kamuva ngathola umsebenzi wokuba umabhalane egalaji. Ngakhula ngikholelwa ukuthi uNkulunkulu akabondli abantu, nokuthi kufanele wenze noma yini, okulungile noma okungalungile, ukuze uzondle wena nomkhaya wakho.
Njengoba nganginesikhundlana emsebenzini, ngasebenzisa leli thuba ukuba ngebe izinsimbi zezimoto. Njalo lapho kudlula isitimela edolobheni ebusuku, mina nozakwethu saseba noma yini esingakwazi ukuyeba. Ngahileleka nasekushushumbiseni amadayimane, igolide, nethusi. Ngaqala ukudla izidakamizwa, ngaba nobudlova, futhi ngaba namasoka amaningi.
Ngo-1993, ngabanjwa ngintshontsha emsebenzini futhi ngaxoshwa. Bangilahla “abangane” bami, besaba ukuthi nabo bazobanjwa. Lokhu kwangiphatha kabi, futhi nganquma ukuba ngingabe ngisethemba muntu.
INDLELA IBHAYIBHELI ELAKUSHINTSHA NGAYO UKUPHILA KWAMI: Ngo-1994, ngahlangana noTim noVirginia, izithunywa zevangeli ezingoFakazi BakaJehova. Baxoxa nami emsebenzini omusha engase ngiwutholile, bangisiza ukuba ngifunde iBhayibheli phakathi nesikhathi sekhefu. Kamuva, lapho sengibethemba, ngabavumela ukuba bafike ekhaya sizofunda.
Ngokushesha ngaqonda ukuthi uma ngifuna ukujabulisa uNkulunkulu, kuzodingeka ngenze ushintsho oluthile ekuphileni kwami. Ngokwesibonelo, kweyoku-1 Korinte 6:9, 10 ngafunda ukuthi “izifebe, . . amasela, abantu abahahayo, izidakwa, izithuki, noma abaphangi ngeke balizuze ifa lombuso kaNkulunkulu.” Kancane kancane, ngayishiya imikhuba yami emibi. Ngayeka ukweba. Ngazihlukanisa nezigilamkhuba engangikhule nazo. Ngamandla kaJehova, ngawala wonke amasoka ami.
INDLELA ENGIZUZE NGAYO: Ngomzamo omkhulu, ngiye ngafunda ukulawula ulaka lwami nokukhakhabisa izingane zami uma zonile. (Efesu 4:31) Ngiyazama ukulungisa izinto ngokuthula. Le ndlela iletha imiphumela emihle futhi isenza sisondelane njengomkhaya.
Abangane bami bakudala ngisho nomakhelwane sebefundile ukuthi bangangethemba. Sengingumuntu othembekile, oyisisebenzi esinokwethenjelwa okwazi ukunakekela imali nempahla ngokwethembeka. Ngakho, ngiyakwazi ukuzinakekela njengoba ngichitha isikhathi sami esiningi ngisiza abanye ukuba bafunde iBhayibheli. Ngivumelana ngokusuka enhliziyweni namazwi ezAga 10:22: “Isibusiso sikaJehova—yiso esicebisayo, futhi akenezeli ubuhlungu kanye naso.”
UMLANDO WAKHE OMFUSHANE
NAME: GLORIA ELIZARRARÁS DE CHOPERENA
UBUDALA: 37
IZWE: IMEXICO
AKWENZA: WAZAMA UKUZIBULALA
UKUPHILA KWAMI KWANGAPHAMBILI: Ngakhulela endaweni yezicebi yaseNaucalpan, eMexico State. Kusukela ngisemncane, ngangiyihlongandlebe futhi ngithanda amaphathi. Ngaqala ukubhema ngineminyaka engu-12, ukuphuza ngineminyaka engu-14, nokudla izidakamizwa ngineminyaka engu-16. Eminyakeni embalwa eyalandela, ngahamba ekhaya. Abangane bami abaningi babevela emikhayeni enezinkinga, behlukunyezwa ngokomzimba noma ngokukhakhabiswa. Ukuphila kwakubonakala kungenathemba kimi kangangokuba ngazama kabili ukuzibulala.
Lapho ngineminyaka engu-19, ngaqala ukusebenza njengomkhangisi wezingubo. Ngaleyo ndlela, ngajwayelana nabantu abakwezombusazwe nakwezokuzijabulisa. Ngagcina ngishadile ngaba nabantwana, kodwa kwakukhala esami isicathulo kwami. Ngaqhubeka nokubhema nokuphuza, futhi ngangiphila ukuphila okumatasa kokuzijabulisa. Ngangihlale ngithuka inhlamba, ngithanda namahlaya angcolile. Nganginesififane.
Iningi labantu engangijwayelene nalo laliziphatha ngendlela efanayo. Kubona, ngangibonakala nginakho konke. Kodwa ukuphila kwami kwaqhubeka kungenanjongo.
INDLELA IBHAYIBHELI ELAKUSHINTSHA NGAYO UKUPHILA KWAMI: Ngaqala ukutadisha iBhayibheli noFakazi BakaJehova ngo-1998. IBhayibheli langifundisa ukuthi ukuphila kunenjongo. Ngafunda ukuthi uJehova uNkulunkulu uhlose ukubuyisela izimo zePharadesi emhlabeni, nokuthi uyovusa abafile, futhi nami ngingaphila ngaphansi kwalezo zimo.
Ngafunda nokuthi indlela yokubonisa ukuthi uyamthanda uNkulunkulu iwukumlalela. Lokhu kwaqala kwaba yinselele kimi ngoba ngangingakaze ngamukele isiqondiso kunoma ubani. Kodwa, ngokuhamba kwesikhathi ngavuma ukuthi anginakuqhubeka ngiqondisa ukuphila kwami. (Jeremiya 10:23) Ngathandaza kuJehova ngamcela ukuba angiqondise. Ngamcela ukuba angisize ngivumelanise ukuphila kwami nezindinganiso zakhe futhi ngifundise izingane zami ukuphila ngendlela ehlukile kwengangiyiphila.
Kwakunzima kimi ukwenza ushintsho oludingekayo, kodwa ngaqala ukusebenzisa iseluleko esikweyabase-Efesu 4:22-24: “Kufanele nilahle ubuntu obudala obuvumelana nenkambo yenu yokuziphatha yangaphambili . . . futhi nigqoke ubuntu obusha obadalwa ngokwentando kaNkulunkulu ngokulunga kweqiniso nokuthembeka.” Kimi, ukugqoka ubuntu obusha kwakusho ukulahla imikhuba engcolisayo enjengokubhema, kwadingeka ukuba ngifunde nendlela entsha yokukhuluma, engenayo inhlamba. Kwangithatha cishe iminyaka emithathu ukwenza ushintsho oludingekayo ukuze ngibhapathizwe ngibe omunye woFakazi BakaJehova.
Ngaphezu kwalokho, ngaqala ukuqaphela indima yami njengomfazi nomama. Ngaqala ukusebenzisa iseluleko esikweyoku-1 Petru 3:1, 2: “Ngendlela efanayo, nani bafazi, zithobeni kubayeni benu, ukuze kuthi, uma bekhona abangalilaleli izwi, bazuzwe ngaphandle kwezwi ngokuziphatha kwabafazi babo, ngoba beye baba ofakazi bokuzibonela bokuziphatha kwenu okumsulwa kanye nenhlonipho ejulile.”
INDLELA ENGIZUZE NGAYO: Ngimbonga kakhulu uJehova ngoba manje sengiyazi ukuthi ukuphila kunenjongo. Ngicabanga ukuthi sengingumuntu ongcono futhi ngiyakwazi ukukhulisa kahle izingane zami. Ngezikhathi ezithile, inhliziyo yami iyangilahla ngenxa yezenzo zami zangaphambili, kodwa uJehova uyayazi. (1 Johane 3:19, 20) Ngokungangabazeki, ukuphila ngezindinganiso zeBhayibheli kuye kwangivikela ezingozini kwanginikeza ukuthula kwangaphakathi.
UMLANDO WAKHE OMFUSHANE
IGAMA: JAILSON CORREA DE OLIVEIRA
UBUDALA: 33
IZWE: IBRAZIL
AKWENZA: WAYEYISIDAKWA ESEBENZISA KABI NEZIDAKAMIZWA
UMLANDO: Ngazalelwa eBagé, edolobheni laseBrazil elinabantu abangaba ngu-100 000 eduze nomngcele ophakathi kweBrazil ne-Uruguay. Ukulima nokufuya izinkomo yilona bhizinisi elaliphambili. Ngakhulela esigodini esimpofu okwakudlange kuso izigila-mkhuba, futhi ukusetshenziswa kabi kotshwala nezidakamizwa kuyinto evamile entsheni.
Ngemva kokuqeda isikole, ngaqala ukuphuza, ukubhema insangu, nokulalela umculo we-rock. Ngangingakholelwa kuNkulunkulu. Ngaba nomuzwa wokuthi konke ukuhlupheka nezinxushunxushu ezisemhlabeni ziwubufakazi bokuthi uNkulunkulu akekho.
Ngangingumdlali wesiginci nomqambi wezingoma futhi ngokuvamile ngangikhuthazwa incwadi yeBhayibheli yesAmbulo. Iqembu lami lomculo alizange liphumelele ngendlela engangicabanga ngayo, ngakho ngaqala ukusebenzisa izidakamizwa kancane kancane. Ngangingenandaba nokuthi zingangibulala uma ngizisebenzisa ngokweqile. Abaningi babaculi engangibathanda babephelele lapho.
Ngangiboleka imali kugogo owangikhulisa, ukuze ngiyothenga izidakamizwa. Ngangiqamba amanga uma engibuza ukuthi ngiyifunelani. Okubi nakakhulu ukuthi ngahileleka ekusebenzelaneni nemimoya. Yayingihlaba umxhwele imilingo ehambisana nemimoya, ngangicabanga ukuthi iyongisiza lapho ngiqamba izingoma zami.
INDLELA IBHAYIBHELI ELAKUSHINTSHA NGAYO UKUPHILA KWAMI: Ngemva kokuba sengiqale ukutadisha iBhayibheli nokuya emihlanganweni yoFakazi BakaJehova indlela yami yokucabanga yaqala ukushintsha. Kancane kancane ngaba nesifiso sokuphila nokujabula. Ngenxa yesimo sami sengqondo esisha, nganquma ukugunda izinwele zami ezinde. Ngangiziyekile zakhula ukuze ngibonise ukuthi anginelisekile futhi ngiyavukela. Ngabe sengiqaphela ukuthi uma ngifuna ukwamukeleka kuNkulunkulu, kuzofanele ngihlukane nokudakwa, ukusebenzisa izidakamizwa nokubhema. Ngaphinde ngasibona nesidingo sokuwushintsha umculo engiwulalelayo.
Ngosuku lokuqala engaya ngalo emhlanganweni woFakazi BakaJehova, ngaphawula umBhalo weBhayibheli owawusodongeni. Kwakucashunwe izAga 3: 5, 6 ezithi: “Thembela kuJehova ngayo yonke inhliziyo yakho, ungenciki kokwakho ukuqonda. Mqaphele kuzo zonke izindlela zakho, yena uyokwenza izindlela zakho ziqonde.” Ukucabanga ngalowo mBhalo kwangiqinisekisa ukuthi uJehova angangisiza ngiphinde ngilungise ukuphila kwami uma nje ngimvumela.
Nakuba kunjalo, ukushintsha indlela yami yokuphila eyase igxilile nokuyeka ukuba umlutha kwakuyinto enzima njengokunquma isandla sami. (Mathewu 18:8, 9) Ngangingeke ngikwazi ukuziyeka zonke lezi zinto kancane kancane. Ngangazi ukuthi leyo ndlela ngeke isebenze kimi. Ngavele ngayiyeka yonke imikhuba emibi ngesikhathi esisodwa. Ngagwema ukuya kuzo zonke izindawo nakubantu ababengase bangiyengele ezindleleni zami zakudala ezilimazayo.
Ngafunda ukuziqhenya ngengangikufinyelela usuku nosuku, ngangagxila ezikhathini zokudumazeka. Nganginomuzwa wokuthi kuwudumo emehlweni kaJehova ukuhlanzeka ngokomoya, ngokomzimba nangokokuziphatha. Ngathandazela ukusekelwa uJehova futhi ngakuthola ukuze ngingabe ngisalokotha ngibuyele ezindleleni zami zakudala kunalokho ngibheke phambili. Ngezinye izikhathi ngangishiyeka. Kodwa noma kunjalo ngaqhubeka nesifundo seBhayibheli nalowo owayengifundisa, ngisho noma ngezinye izikhathi ayengithola nginebhabhalazi.
Ukufunda iqiniso ngoNkulunkulu eBhayibhelini—ukuthi uyasikhathalela ngamunye wethu, ukuthi uzoyibhubhisa inkolo yamanga, nokuthi manje usekela umsebenzi wokushumayela emhlabeni wonke—kwezwakala kunengqondo kimi. (Mathewu 7:21-23; 24:14; 1 Petru 5:6, 7) Lawo maqiniso azwakala enengqondo ngempela futhi ehlobana. Ekugcineni, nganquma ukuzinikezela kuNkulunkulu. Ngangifuna ukubonisa ukwazisa kwami ngakho konke angenzele khona.
INDLELA ENGIZUZE NGAYO: Manje nginomuzwa wokuthi ukuphila kwami kunenjongo. (UmShumayeli 12:13) Esikhundleni sokwebela umkhaya wakithi, manje sengiyakwazi ukuwunika okuthile. Ngahlanganyela izinto ezinhle eziseBhayibhelini nogogo, futhi manje usezinikezele kuJehova. Namanye amalungu omkhaya wakithi kuhlanganise nomunye walabo enganginabo eqenjini lomculo sebenze okufanayo.
Sengishadile manje, futhi mina nomkami sichitha isikhathi sethu esiningi sisiza abanye ukuba bafunde iBhayibheli. Ngizizwa ngibusisekile ngenxa yokuthi ngifunde ‘ukwethembela kuJehova ngayo yonke inhliziyo yami.’
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 29]
“Kancane kancane ngaba nesifiso sokuphila nokujabula”