Ukushumayela Izindaba Ezinhle—Ngokuhambisa INqabayokulinda
1 IBhayibheli ngokunamandla linxusa isintu ukuba sifune ulwazi ngoNkulunkulu nangeNdodana yakhe, uJesu Kristu. Lolulwazi luyigugu kakhulu kunegolide noma isiliva. (IzAga 8:10) Ngani? Ngenxa yokuthi ulwazi oluqondile olunjalo luholela ekuphileni okuphakade. (Joh. 17:3) Nokho, ulwazi oluqondile alutholakali noma lugcinwe ngaphandle komzamo omkhulu womuntu siqu. Akumangalisi ukuthi uSolomoni wathi: “Uma ukufuna . . . , khona uyakuqonda ukumesaba uJehova, ufumane ukumazi uNkulunkulu.”—IzAga 1:7; 2:4, 5.
2 Izwe lesintu lisebumnyameni ngokuqondene nezinjongo zikaNkulunkulu, kodwa ulwazi oluyigugu ngoJehova luza kithi ngezihloko eziyigugu nezikhishwa ngesikhathi ezikuNqabayokulinda. (Isaya 60:2) Yeka ilungelo esinalo ekuhlanganyeleni lokhu kwaziswa okubalulekile nabanye! Phakathi noApril noMay, kuyokhishwa uchungechunge lwezihloko eziyobe zikhuluma ngokudalulwa kweBabiloni Elikhulu nokwahlulelwa kwalo.
YINI ESINGAYIQOKOMISA?
3 Omagazini baka-April beNqabayokulinda bazohlaziya ukuthi lingubani “iBabiloni Elikhulu, unina wezifebe.” (IsAm. 17:5) Ngemva kokuzethula, vusa isithakazelo somninikhaya sokufuna ukwazi ngomagazini ka-April 1 ngokuthi, “Kusukela ekhulwini lokuqala, abantu baye bahlatshwa umxhwele imibono nezimpawu kwencwadi yeBhayibheli yesAmbulo. Olunye lwezifihlakele kakhulu lwalezimpawu luyisifebe esikhulu iBabiloni Elikhulu, esichazwe kusAmbulo izahluko 17 no-18. LeliBabiloni lifanekiselani? Ngosizo lwalesihloko esithi ‘Imfihlakalo—Ubani Oyisifebe IBabiloni Elikhulu?’ uzoyithola impendulo.” Ngokushiya umbuzo ungaphenduliwe, ungase uthole ukunaka komninikhaya.
4 KuyiNqabayokulinda ka-April 15, isihloko esithi “IBabiloni Elikhulu Liyisifebe” sichaza lokho okushiwo ubufebe ngomqondo ongokomoya. Inkulumo yomhlangano wesigodi ethi “Isifebe Esinyanyekayo” neZwi Lesinqumo nakho kukhona. Futhi, singase sibuze umbuzo ocabangisayo onjengalo: Liwubani leliBabiloni Elikhulu? Kungani lahlulelwa kanzima kangaka eBhayibhelini? Ukubhujiswa kwalo kusithinta kanjani isizukulwane sethu nekusasa lakho? Khumbula ukuba ugcine intshumayelo ilula ngokuqonda ngqó ephuzwini, wenza kanjalo ngemizuzwana engama-30 kuya kwengama-60.
HLELA KUSENGAPHAMBILI
5 Nakuba ngokuvamile siyaye sigcizelele uMgqibelo wesibili nowesine njengezinsuku zikamagazini inyanga ngayinye, kuyoba kuhle ukugcizelela iMigqibelo yomihlanu phakathi noApril njengoba sinalabomagazini ababalulekile bokuba sibahambise. Ngosuku lukamagazini, gxila ekwenzeni intshumayelo emfushane engengaphezulu kwemizuzwana eyi-60. Ukuhanjiswa okubanzi kwalezihloko ezifike ngesikhathi zikamagazini kuyadingeka ukuze kuzwakaliswe isixwayiso kubo bonke ukuze bezwe.—Isaya 61:2; IsAm. 18:4, 5.
6 UApril uqalisa umkhankaso omusha wesikhokhelo seNqabayokulinda. Ngo-kungafani nentshumayelo emfushane etuselwa usuku lukamagazini lwamasonto onke, siyofuna ukusebenzisa iSihloko Sengxoxo lapho sihambisa isikhokhelo. Labo abangathandi ukuba nesikhokhelo sikamagazini kumelwe bakhuthazwe ukuba bathole izihloko zamuva zikamagazini INqabayokulinda nePhaphama! ngo-Rl,00.
7 Ingabe ukwazisa ngokugcwele ukuba yigugu kakhulu kweNqabayokulinda? Iyithuluzi elibalulekile lokufundisa isintu ngezindlela zikaJehova zokulunga. (Math. 5:6) Ekuhambiseni leliphephabhuku elivelele, sinelungelo lokuxwayisa izizwe ngembhubhiso esondelayo yeBabiloni Elikhulu.