Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 6/91 kk. 1-4
  • Ukubonisa Isithakazelo Somuntu Siqu Kwabanye

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukubonisa Isithakazelo Somuntu Siqu Kwabanye
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1991
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • UMKHAYA NABANGANE
  • ABANJENGEZIMVU ENSIMINI
  • Umuntu Ubonisiwe Isithakazelo
    Zuza Emfundweni YeSikole Senkonzo Esingokwasezulwini
  • Yiba Nesithakazelo Somuntu Siqu Kwabanye
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1989
  • Uyasibona Yini Isidingo Sokuqeqesha Abanye?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2016 (Efundwayo)
  • Ukuthuthukisa Amakhono Ethu Enkonzweni—Ukubonisa Isithakazelo Kumuntu Ngamunye
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2014
Bheka Okunye
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1991
km 6/91 kk. 1-4

Ukubonisa Isithakazelo Somuntu Siqu Kwabanye

1 Isithakazelo sikaJehova kwabanye sisobala kakhulu. Akazange yini alungiselele ngokuphana izidingo ezingokwenyama zendalo yakhe? (Gen. 1:29, 30; 2:16, 17; Math. 5:45; qhathanisa noLuka 6:35.) Okubaluleke kakhulu, akazange yini abonise isithakazelo somuntu siqu kithi ngokulungiselela ukukhululwa kwethu esonweni nasekufeni?—Joh. 3:16.

2 Ngenkathi uJesu esemhlabeni, walingisa isibonelo sikaYise esiphelele sokubonisa isithakazelo somuntu siqu kwabanye. (Math. 11:28-30; 1 Pet. 2:21) Lapho indoda eyayigcwele uchoko ithi kuJesu, “Nkosi, uma uthanda, ungangihlambulula,” uJesu waphendula, “Ngiyathanda,” futhi wayiphulukisa lendoda. (Math. 8:2, 3) Lapho esondela emzini waseNayini, uJesu wahlangana nodwendwe lomngcwabo luthwele insizwa ethile, ukuphela kwendodana kanina ongumfelokazi, futhi eshukunyiswa isihawu, uJesu wayibuyisela ekuphileni. (Luka 7:11-15) Engacelwanga, uJesu wabonisa isithakazelo somuntu siqu kwabanye. Ngisho nabantwana abancane babebhekwa njengabasifanele isikhathi sakhe nokunaka, futhi wayengematasa neze kakhulu ukuba aduduze futhi akhuthaze abanye.—Math. 20:31-34; Marku 10:13-16.

UMKHAYA NABANGANE

3 Kufanele silwele ukuba njengoJehova noJesu Kristu ekufuneni izindlela zokubonisa isithakazelo somuntu siqu kwabanye. Ngakho-ke, ake sicabangele amanye amathuba okwenza lokho.

4 Esinye sezidingo ezinkulu kakhulu esokuba abazalwane babe nesithakazelo esiqotho somuntu siqu emalungwini omkhaya wabo siqu futhi bangasishalazeli isimo somkhaya esingokomoya. Lokhu kuhlanganisa ukutadisha njalo nomkhaya. Esifundweni sakho somkhaya, ingabe ucabangela ukwaziswa ngendlela yokuba kuthakazelise futhi kube nosizo olungokoqobo? Ingabe futhi uyalandelela ngokusebenza njalo enkonzweni yasensimini nelungu ngalinye lomkhaya wakho? Lapho wenza lokho, ingabe kuba yisikhathi esijabulisayo? Ingabe wakha kubantwana bakho isifiso sokusiza abanye abantu, ngaleyondlela babonise uthando lobuKristu ngomakhelwane? Uma ushadile futhi bengekho abantwana ekhaya, ingabe noma kunjalo unaso isifundo somkhaya?

5 Sifuna ukunikeza usizo olungokomoya kubo bonke esingalunikeza kubo. Kodwa ekuphileni kwethu okumatasa, ingabe siyakhohlwa ukubonisa isithakazelo somuntu siqu emalungwini ebandla anezidingo ezikhethekile? (IzAga 3:27; Gal. 6:10) Ebandleni lobuKristu, kunezintandane, abagugile, abafelokazi, ababuthakathaka, abacindezelekile, abakhubazekile, nabanye abanezidingo ezikhethekile. Ekulingiseni uJehova neNdodana yakhe, uJesu Kristu, akufanele singakunaki ukubonisa isithakazelo somuntu siqu kubo bonke abafowethu nodade.—1 Kor. 10:24; Fil. 2:4; Heb. 13:16.

ABANJENGEZIMVU ENSIMINI

6 Singasibonisa kanjani isithakazelo somuntu siqu kubantu abanezifundo zeBhayibheli zasekhaya? Abaningi balaba baye basibona isidingo sokunqamula ubudlelwane nabangane bezwe. Ngisho nakuba simatasa, ingabe sibonisa isithakazelo somuntu siqu kulabobafundi futhi senze labo asebeye benza izinguquko bazizwe bamukelekile njengabangane bethu abasha? Ingabe siwumthombo wesikhuthazo kubo ngisho nakuba singebona abafunda nabo?—Qhathanisa noMarku 10:28-30.

7 Ingabe ungaba nengxenye enkulu ngokwengeziwe ekuboniseni isithakazelo esiqotho somuntu siqu kubantu abazimisele ukulalela izindaba ezinhle? Ingabe uyozama ukubasiza ukuba bahlangabezane nezidingo zabo ezingokomoya? Wena siqu, yini ongayenza ukuze ube nengxenye enkulu ngokwengeziwe enkonzweni yasensimini? Ungahlehli uma njengamanje usesimweni sokuhlanganyela ngokugcwele ngokwengeziwe.—Luka 9:60-62.

8 Kumelwe silingise uJehova noJesu ekuboniseni isithakazelo somuntu siqu kwabanye. Sidinga ukuba nozwela futhi silwele ukusiza, njengoba uJesu enza endabeni yaleyandoda eyayigcwele uchoko. Yebo, ngaso sonke isikhathi kumelwe siqaphele izindlela esingabonisa ngazo isithakazelo somuntu siqu kwabanye.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela