Ukuphayona—Isibonakaliso Sothando
1 Uthando ngoJehova nangomakhelwane bethu yilona olusishukumisela ukuba sihlanganyele ngokugcwele emsebenzini wokushumayela. Njengoba uthando lwethu ngoJehova nangabantu lukhula, sishukunyiselwa ukuba sihlelele ukuhlanganyela ngisho nakakhudlwana enkonzweni. Uthando lwethu luyakhula njengoba sikhula ‘olwazini oluqondile’ lweZwi likaNkulunkulu. (Fil. 1:9, 10) Lapho sifunda ngokwengeziwe ngentando kaJehova, kuba yilapho sikuqaphela ngokwengeziwe ukuphuthuma kwezikhathi esiphila kuzo. Lokhu kujulisa ukukhathalela kwethu abanye. Abaningi babonakalisa ukukhathalela kwabo kothando ngokungenela inkonzo yamaphayona.
2 Ingabe ungakwenza ukulungisa okudingekayo ukuze ube yiphayona elisizayo noma elivamile? Kuyavunywa, akuthina sonke esikwaziyo ukuba amaphayona. Kodwa ngamunye wethu kufanele ahlolisise izimo zakhe ngomthandazo.
3 Ambalwa amaKristu athola ukuthi anesikhathi esiningi esikhululekile sokuphayona; ngakho-ke, kuba okudingekile ukuba ‘sithengisise isikhathi’ kulezo zinto ezingadingekile okuyizona okwamanje ezidla isikhathi sethu. (Efe. 5:15-17) Uthando lwethu ngoNkulunkulu nangabantu kufanele lusenze sizimisele ukudela ezinye zezifiso zethu siqu kanye nokunethezeka ukuze sibonakalise uthando lwethu ngokugcwele. (Marku 12:33) Eziningi zezinto esiziqongelelayo, futhi mhlawumbe esinomuzwa wokuthi zivamile, zingase zibhekwe njengezokutamasa kwezinye izingxenye zomhlaba.
4 Yini abazali abangayenza ukuze basize izingane zabo zicabange ngalendlela ethambekele kuNkulunkulu? Abazali kufanele babekele abantwana babo imigomo engokwasezulwini kusukela besebancane. Ingabe labo asebezophothula esikoleni bacabanga ngemigomo yezwe noma engokomoya? Ingabe abanakukwenza yini umgomo wabo ukuqalisa inkonzo yamaphayona avamile ngokushesha ngemva kokuqeda isikole? Sifuna ukusiza intsha yethu ukuba ibone izinzuzo ezihlala njalo eziza ngokungenela inkonzo yamaphayona usemncane. Lokhu kuwukuzibekela ingcebo ezulwini. (Math. 6:19-21) Kuyamjabulisa uNkulunkulu futhi kunikeza ubufakazi bokwethembeka kwethu nokuzinikela kuye. Futhi kusindisa ukuphila kwabanye.
5 Kuyintando kaNkulunkulu ukuba “abantu bonke basindiswe.” (1 Thim. 2:4) Ingabe nathi singabonisa ukuthi lokhu kuyisifiso sethu? Singakwenza uma sizimisele ukubeka izithakazelo zoMbuso kuqala. Singakwenza futhi lokhu ngokuqiniseka ukuthi uJehova uyosilungiselela izidingo zokuphila. (Math. 6:31-33) Izimo zezomnotho zingase zibe zimbi kakhulu, kodwa isithembiso sikaJehova sokusinakekela ngeke sishintshe.—IHu. 37:25.
6 Ukuzikhandla ukuze sihlanganyele enkonzweni yasensimini ngezinga izimo zethu ezisivumela ngalo kuyisibonakaliso sothando. Ngabanye lokhu kuyosho ukuba yiphayona elivamile. Kungani ungenzi konke okusemandleni ukuze uqalise ngoSeptember 1, 1992?