Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • pe isahl. 15 kk. 127-133
  • Ukuba Yisikhonzi Sikahulumeni KaNkulunkulu

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukuba Yisikhonzi Sikahulumeni KaNkulunkulu
  • Ungaphila Phakade EPharadesi Emhlabeni
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • ULWAZI LUYADINGEKA
  • UKUZIPHATHA OKULUNGILEYO KUYADINGEKA
  • UKUTHEMBEKA KUHULUMENI KANKULUNKULU
  • Uhulumeni KaNkulunkulu Wokuthula
    Ungaphila Phakade EPharadesi Emhlabeni
  • Indlela Izidingo Zethu Eziyogcwaliswa Ngayo
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1983
  • Uyini UMbuso KaNkulunkulu?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1983
  • Uyini UMbuso KaNkulunkulu?
    Imibuzo YeBhayibheli Iyaphendulwa
Ungaphila Phakade EPharadesi Emhlabeni
pe isahl. 15 kk. 127-133

Isahluko 15

Ukuba Yisikhonzi Sikahulumeni KaNkulunkulu

1, 2. Yini edingekayo ukuze ube isikhonzi sikahulumeni kaNkulunkulu?

INGABE ufuna ukuphila phakade emhlabeni ngaphansi kukahulumeni kaNkulunkulu? Noma imuphi umuntu onengqondo ephilile uyophendula ngokuthi, Yebo! Kunezinzuzo ezimangalisayo eziyojatshulelwa. Kodwa ukuze uzamukele awunakumane nje uphakamise isandla bese uthi: ‘Ngifuna ukuba yisikhonzi sikahulumeni kaNkulunkulu.’ Kudingeka okwengeziwe.

2 Ngokwesibonelo, ake sithi ufuna ukuba yisakhamuzi sakwelinye izwe. Ukuze kube njalo, kungadingeka uhlangabezane nezimfuneko ezibekwe ababusi bakahulumeni walelozwe. Kodwa ngaphambi kokuba wenze lokhu, kungadingeka ufunde ukuthi lezozimfuneko ziyini. Ngendlela efanayo, kudingeka ufunde ukuthi uNkulunkulu ufunani kulabo abafuna ukuba yizikhonzi zikahulumeni wakhe. Khona-ke kudingeka uhlangabezane nalezozimfuneko.

ULWAZI LUYADINGEKA

3. Iyiphi imfuneko eyodwa yokuba isikhonzi sikahulumeni kaNkulunkulu?

3 Imfuneko ebaluleke kakhulu yokuba yisikhonzi sikahulumeni kaNkulunkulu iwukuzuza ulwazi “lolimi” lwawo. Ngokuqinisekile lokhu kunengqondo. Nabanye ohulumeni babantu badinga ukuba izakhamuzi ezintsha zikwazi ukukhuluma ulimi lwalelozwe. Khona-ke, iluphi “ulimi” okumelwe lufundwe yilabo abafuna ukwamukela ukuphila ngaphansi kukahulumeni kaNkulunkulu?

4. Iluphi “ulimi oluhlanzekileyo” abantu bakaNkulunkulu okumelwe balufunde?

4 Phawula ukuthi uJehova uthini ngalokhu eZwini lakhe iBhayibheli: “Ngokuba lapho ngiyakunika abantu [ulimi oluhlanzekileyo, NW], ukuze bonke babize igama likaJehova, bamkhonze ngahliziyonye.” (Zefaniya 3:9) Lolu“limi oluhlanzekileyo” luyiqiniso likaNkulunkulu elitholakala eBhayibhelini. Ngokukhethekile, luyiqiniso ngohulumeni woMbuso kaNkulunkulu. Ngakho-ke ukuze ube yisikhonzi sikahulumeni kaNkulunkulu, kumelwe ufunde lolu“limi” ngokungenisa ulwazi ngoJehova nelungiselelo loMbuso wakhe.—Kolose 1:9, 10; IzAga 2:1-5.

5. (a) Yini okumelwe siyazi ngohulumeni kaNkulunkulu? (b) Yiluphi ulwazi esiludingayo ukuze sizuze ukuphila okuphakade?

5 Namuhla abanye ohulumeni babantu bafuna ukuba labo ababamukela njengezakhamuzi zabo bazi okuthile ngomlando kahulumeni wabo, kanye futhi namaqiniso athile ngokusebenza kwawo. Ngokufanayo, kumelwe wazi izinto ezinjalo ngohulumeni kaNkulunkulu uma uzoba isikhonzi sawo. Lolulwazi lungaholela ekuphileni okuphakade. Lapho ethandaza kuYise, uJesu wathi: “Ukuphila okuphakade yilokhu ukuba bazi wena-Nkulunkulu wedwa oqinisileyo, nomthumileyo, uJesu Kristu.”—Johane 17:3.

6. (a) Yimiphi eminye imibuzo izikhonzi zikahulumeni kaNkulunkulu okumelwe zikwazi ukuyiphendula? (b) Ungayiphendula?

6 Uma usuye wafunda izahluko ezandulelayo zalencwadi, kumelwe ukuba njengamanje usuye wangenisa oluningi lwalolulwazi olubalulekile. Akunjalo? Ungabonisa yini ukuthi kunjalo, ngokuphendula imibuzo enjengalena elandelayo: Kunini lapho uNkulunkulu aphawula khona okokuqala ngenjongo yakhe ngohulumeni woMbuso? Obani abanye ababeyizinceku zikaNkulunkulu ababebheke phambili ekubeni babe yizikhonzi zasemhlabeni? Bangaki ababusi, noma amakhosi, uhulumeni kaNkulunkulu oyoba nabo? Lamakhosi ayobusa ekuphi? Obani ababengabokuqala abakhethwa ukuba babe ngamakhosi kuhulumeni kaNkulunkulu? UJesu wabonisa kanjani ukuthi uyoba inkosi elungileyo? Nokho, ukuze ube yisikhonzi sikahulumeni kaNkulunkulu, kudingeka okwengeziwe kunokumane ube nolwazi nje ngokuqondene nawo.

UKUZIPHATHA OKULUNGILEYO KUYADINGEKA

7. Ngokuqondene nohulumeni babantu, izimfuneko zokuba isakhamuzi zihlukana kanjani?

7 Ohulumeni namuhla badinga ukuba izakhamuzi zabo zihlangabezane nezindinganiso ezithile zokuziphatha. Ngokwesibonelo, bangase bathi indoda ingaba nomfazi oyedwa kuphela futhi nowesifazane abe nendoda eyodwa kuphela. Nokho abanye ohulumeni banemithetho ehlukile. Bavumela izakhamuzi zabo ukuba zibe nomngane womshado ongaphezu koyedwa. Yikuphi ukuziphatha okulindeleke kubantu abafuna ukuba yizikhonzi zikahulumeni kaNkulunkulu? UNkulunkulu uthi ikuphi okulungile ngokuqondene nomshado?

8. (a) Iyini indinganiso kaNkulunkulu yomshado? (b) Kuyini ukuphinga, futhi uNkulunkulu uthini ngakho?

8 Ekuqaleni uJehova wabeka indinganiso yomshado lapho enika uAdamu umfazi oyedwa kuphela. UNkulunkulu wathi: “Ngalokho indoda iyakushiya uyise nonina, inamathele kumkayo; bayakuba-nyamanye.” (Genesise 2:21-24) UJesu wachaza ukuthi lena indinganiso efanele ngamaKristu. (Mathewu 19:4-6) Njengoba abashadile sebeye baba “nyamanye,” bayawungcolisa umshado uma beba nobuhlobo bobulili nomunye umuntu. Lesisenzo sibizwa ngokuthi ukuphinga, futhi uNkulunkulu uthi uyobajezisa abayiziphingi.—Heberu 13:4; Malaki 3:5.

9. (a) Uyini umbono kaNkulunkulu ngabantu ababa nobuhlobo bobulili bengakashadi? (b) Buyini ubufebe?

9 Ngakolunye uhlangothi, imibhangqwana eminingi ihlala ndawonye futhi ibe nobuhlobo bobulili, kodwa ayishadi. Nokho, uNkulunkulu wayengaqondile ukuba lobuhlobo obuseduze phakathi kwendoda nowesifazane bube obokuhlolana nje. Ngakho ukuhlala ndawonye ngaphandle kokushada kuyisono kuNkulunkulu, okunguyena owenza ilungiselelo lomshado. Sibizwa ngokuthi ubufebe. Ubufebe buwukuba nobuhlobo bobulili nanoma imuphi umuntu ongashadile naye. Futhi iBhayibheli lithi: “Lokhu kuyintando kaNkulunkulu, . . . ukuba nidede ebufebeni.” (1 Thesalonika 4:3-5) Ngakho-ke, ngomuntu ongashadile ukuba abe nobuhlobo bobulili nanoma ubani akulungile.

10. Imiphi eminye imikhuba yobulili emelene nemithetho kaNkulunkulu?

10 Amadoda amaningi nabesifazane namuhla baba nobuhlobo bobulili nabantu bobulili obufanayo nobabo—amadoda namanye amadoda nabesifazane nabanye besifazane. Abantu abanjalo babizwa ngokuthi ongqingili. Bakhona nongqingili babesifazane. Kodwa iZwi likaNkulunkulu lithi lokho abakwenzayo akulungile, lithi “kuyichilo.” (Roma 1:26, 27) Kuphambene futhi nomthetho kaNkulunkulu ngomuntu ukuba nobuhlobo bobulili nesilwane. (Levitikusi 18:23) Noma ubani ofuna ukuphila ngaphansi kukahulumeni kaNkulunkulu kudingeka azilinde emikhubeni enjalo yokuziphatha okubi.

11. (a) Uyini umbono kaNkulunkulu ngokusebenzisa uphuzo oludakayo? (b) Labo abafuna ukuba izikhonzi zikahulumeni kaNkulunkulu kumelwe bazilinde kumiphi imikhuba elimazayo empilweni?

11 Ukuphuza iwayini nobunye utshwala ngokusesilinganisweni akumelene nomthetho kaNkulunkulu. Eqinisweni, iBhayibheli libonisa ukuthi iwayini eliyingcosana liyilungele impilo yomuntu. (AmaHubo 104:15; 1 Thimothewu 5:23) Kodwa kumelene nomthetho kaNkulunkulu ukudakwa, noma ukuhlanganyela emicimbini yokuzijabulisa lapho abantu beqhuba ukuziphatha okubi. (Efesu 5:18; 1 Petru 4:3, 4) Ngaphandle kokusebenzisa uphuzo oludakayo ukuze badakwe, abantu abaningi namhlanje basebenzisa imilaliso ehlukahlukene ngenxa yenjongo efanayo. Futhi, ukuze bazijabulise bangase babheme insangu noma ugwayi, kanti abanye bangase bahlafune ibetel nut noma amahlamvu ecoca. Kodwa lezizinto zenza imizimba yabo ingabi ngehlanzekile futhi zilimaze impilo yabo. Ngakho-ke uma ufuna ukuba yisikhonzi sikahulumeni kaNkulunkulu, kumelwe uzilinde kulezizinto ezilimazayo.—2 Korinte 7:1.

12. (a) Imiphi eminye imikhuba yokungathembeki emelene nemithetho kaNkulunkulu? (b) Umuntu owenza lemikhuba angawuzuza kanjani umusa kaNkulunkulu?

12 Kusobala ukuthi ohulumeni babantu abazifuni izigebengu njengezakhamuzi zabo ezintsha. UJehova unezindinganiso eziphakeme kunalokho. Ufuna ukuba siziphathe “kahle ezintweni zonke.” (Heberu 13:18) Uma abantu bengayigcini imithetho kaNkulunkulu, ngeke bavunyelwe ukuba baphile ngaphansi kombuso wakhe. Namuhla abantu ngokuvamile bazenza abathembekile, kodwa baphula imithetho eminingi. Nokho, uNkulunkulu angabona zonke izinto. Akekho umuntu ongamkhohlisa. (Heberu 4:13; IzAga 15:3; Galathiya 6:7, 8) Ngakho uJehova uyoqiniseka ukuthi abantu abaphula imithetho yakhe, njengemithetho emelene nokuqamba amanga nokweba, ngeke babe yizikhonzi zikahulumeni wakhe. (Efesu 4:25, 28; IsAmbulo 21:8) Nokho uNkulunkulu uyabekezela futhi uyathethelela. Ngakho-ke uma umoni eyeka ukwenza imikhuba emibi aguqukele ekwenzeni okulungileyo, uNkulunkulu uyomamukela.—Isaya 55:7.

13. Imuphi umbono izinceku zikaNkulunkulu okumelwe zibe nawo ngasemithethweni yohulumeni babantu?

13 Kodwa kuthiwani ngokugcina imithetho yohulumeni babantu? Uma nje ohulumeni babantu besekhona, uNkulunkulu ufuna ukuba izinceku zakhe zizithobe kula“mandla ombuso.” Kumelwe bakhokhelwe intela, ngisho nakuba intela yabo iphakeme futhi umuntu engase angavumelani nendlela imali yentela esetshenziswa ngayo. Futhi, imithetho kahulumeni kumelwe ilalelwe. (Roma 13:1, 7; Thithu 3:1) Okuwukuphela kwalapho lokhu kungasebenzi khona kungaba yilapho ukulalela umthetho kungabangela umuntu ukuba aphule umthetho kaNkulunkulu. Esimweni esinjalo, njengoba uPetru nabanye abaphostoli basho, “Simelwe ukulalela uNkulunkulu kunabantu.”—IzEnzo 5:29.

14. Singabonisa kanjani ukuthi sihlanganyela umbono kaNkulunkulu ngokubaluleka kokuphila?

14 UNkulunkulu ukubheka njengokuyinani eliphakeme ukuphila. Labo abafuna ukuba izikhonzi zikahulumeni wakhe kumelwe bakuqonde lokhu. Ngokusobala, ukubulala kumelene nomthetho kaNkulunkulu. Kodwa inzondo ngokuvamile iholela ekubulaleni, futhi ngisho noma othile eqhubeka ezonda omunye umuntu akanakuba isikhonzi sikahulumeni kaNkulunkulu. (1 Johane 3:15) Ngakho-ke, kubalulekile ukuba sisebenzise lokho okushiwo eBhayibhelini kuIsaya 2:4 ngokuphathelene nokuba singathathi izikhali zokubulala omakhelwane bethu. IZwi likaNkulunkulu libonisa ukuthi ngisho nokuphila komntwana ongakazalwa esibelethweni sikanina kuyigugu kuJehova. (Eksodusi 21:22, 23; AmaHubo 127:3) Nokho ukukhishwa kwezisu okuyizigidi kuyenziwa unyaka ngamunye. Lokhu kubulawa kokuphila kuphambene nomthetho kaNkulunkulu, ngoba lokho okungaphakathi kunina kungumuntu ophilayo ngakho akumelwe kubulawe.

15. Imiphi imiyalo yeNkosi kaJehova zonke izikhonzi zoMbuso okumelwe ziyilalele?

15 Nokho, kulabo abafuna ukuba yizikhonzi zikahulumeni kaNkulunkulu kudingeka okwengeziwe kunokumane bangakwenzi okungalungile noma ukuziphatha okubi. Kumelwe futhi benze umzamo wangempela wokwenza izinto zokubonisa umusa nokungabi nabugovu kwabanye. Kumelwe baphile ngomthetho wokulunga owanikezwa iNkosi, uJesu Kristu: “Ngakho-ke konke nokungakanani enifuna ukuba abantu bakwenze kini, kwenzeni nani kanjalo kubo.” (Mathewu 7:12) UKristu wabeka isibonelo ekuboniseni uthando ngabanye. Waze wanikela ngisho nangokuphila kwakhe ngenxa yesintu, futhi wayala abalandeli bakhe: “Nithandane; njengalokho nginithandile.” (Johane 13:34; 1 Johane 3:16) Yiloluhlobo lothando olungenabugovu nokukhathalela ngabanye oluyokwenza ukuphila ngaphansi kokubusa kombuso kaNkulunkulu kube yinjabulo ngempela.—Jakobe 2:8.

16, 17. (a) Yiziphi izizathu ezinhle ezikhona zokwenza izinguquko ekuphileni kwethu ukuze sihlangabezane nezimfuneko zikaNkulunkulu? (b) Kungani singase siqiniseke ngokuthi singazenza noma iziphi izinguquko ezidingekile?

16 IBhayibheli libonisa ukuthi abantu kumelwe bashintshe ekuphileni kwabo ukuze bahlangabezane nezimfuneko zokuba izikhonzi zikahulumeni kaNkulunkulu. (Efesu 4:20-24) Ingabe usebenzela ukwenza lezozinguquko? Ngokuqinisekile kufanele noma yimuphi umzamo ukwenza kanjalo! Ngani? Ngeke kusho ukuthi uyomane nje ube nokuphila okungcono iminyaka emibalwa ngaphansi kohlobo oluthile lukahulumeni wabantu. Cha, kodwa uyokwamukela ukuphila okuphakade ngempilo ephelele emhlabeni oyipharadesi ngaphansi kukahulumeni wombuso kaNkulunkulu!

17 Ngisho kwamanje, ngokuhlangabezana nezimfuneko zikaNkulunkulu, uyojabulela ukuphila okujabulisayo. Kodwa ungase udinge ukwenza izinguquko. Nokho, abantu abaningi ababenenzondo noma benobugovu baye bashintsha. Ngokufanayo, izifebe, iziphingi, ongqingili, izidakwa, ababulali, amasela, imihuqa yemilaliso nababhemayo baye bashintsha indlela yabo yokuphila. Baye benza kanjalo ngomzamo woqobo nangosizo lukaNkulunkulu. (1 Korinte 6:9-11; Kolose 3:5-9) Ngakho-ke uma kunezinguquko ezinkulu okumelwe uzenze ukuze uhlangabezane nezimfuneko zikaNkulunkulu, ungapheli amandla. Ungakwazi ukuzenza!

UKUTHEMBEKA KUHULUMENI KANKULUNKULU

18. Kungayiphi indlela ekhethekile uNkulunkulu asilindele ukuba sibonise ngayo ukusekela kwethu kokwethembeka umbuso wakhe?

18 Iqiniso lokuthi uJehova uNkulunkulu uyofuna izikhonzi zakhe ukuba zisekele uhulumeni woMbuso wakhe akumelwe lisimangaze. Ohulumeni babantu bafuna okufanayo kuzakhamuzi zabo. Kodwa kungayiphi indlela ekhethekile uNkulunkulu alindele ukuba ukusekela kokwethembeka kwenziwe ngayo? Ingabe kuwukuba izikhonzi zakhe zithathe izikhali zilwele umbuso wakhe? Cha. Kunalokho, njengoJesu Kristu nabalandeli bakhe bokuqala, kumelwe zibe abakhulumeli noma abamemezeli abathembekile bombuso kaNkulunkulu. (Mathewu 4:17; 10:5-7; 24:14) Kuyintando kaJehova ukuba wonke umuntu azi ukuthi umbuso wakhe uyini nokuthi uyozixazulula kanjani izinkinga zesintu. Ingabe lezizinto ozifundile eZwini likaNkulunkulu usuye wazixoxela izihlobo, abangani nabanye? Kuyintando kaNkulunkulu ukuba wenze kanjalo.—Roma 10:10; 1 Petru 3:15.

19. (a) Kungani singalindela ukuphikiswa uma sikhuluma nabanye ngombuso kaNkulunkulu? (b) Yimiphi imibuzo okumelwe uyiphendule?

19 UKristu nabalandeli bakhe bakuqala babedinga isibindi ukuze bakhulume nabanye ngoMbuso, ngoba ngokuvamile babehlangabezana nokuphikiswa. (IzEnzo 5:41, 42) Kungokufanayo futhi nanamuhla. Lelizwe elibuswa uDeveli alifuni ukuba izindaba ezinhle zoMbuso zishunyayelwe. Ngakho-ke imibuzo yilena: Umi kuphi wena? Ingabe uyowusekela umbuso kaNkulunkulu ngokwethembeka? Intando yakhe iwukuba kunikezwe ubufakazi obukhulu boMbuso ngaphambi kokuba kufike ukuphela. Ingabe uyohlanganyela ekubunikezeni?

[Isithombe ekhasini 128]

Labo ababa yizikhonzi zikahulumeni kaNkulunkulu kumelwe babe nolwazi ngawo

[Izithombe ekhasini 131]

Izikhonzi zikahulumeni kaNkulunkulu kumelwe zigweme izenzo uNkulunkulu azilahlayo

[Isithombe ekhasini 133]

Izikhonzi zikahulumeni kaNkulunkulu kumelwe zitshele abanye ngawo

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela