Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 9/94 k. 1
  • Abakugwemanga Ukufakaza

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Abakugwemanga Ukufakaza
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1994
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ungalokothi Ukhohlwe Ukuthi UnguFakazi!
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1985
  • Ukubonisa Ukwazisa Ngezenzo Ezimbili Ezinkulu Kakhulu Zothando
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1987
  • Khuluma Ngenkazimulo Yobukhosi BukaNkulunkulu
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1987
  • Ukushumayela Izindaba Ezinhle—Kusihlwa
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1991
Bheka Okunye
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1994
km 9/94 k. 1

Abakugwemanga Ukufakaza

1 Igama lethu, elithi oFakazi BakaJehova, liyasehlukanisa futhi lichaze lokho esikwenzayo. Sinikeza ubufakazi ngobuhle bukaNkulunkulu wethu, uJehova. (Isaya 43:10, 12) Umuntu ofuna ukuba ilungu lebandla kufanele ahlanganyele ekunikezeni lobubufakazi. Ukufakaza kwenziwa ngokuyinhloko ngenkonzo yethu yasobala, ehlanganisa ukuhambela indlu nendlu, ukwenza umsebenzi wasemgwaqweni, izimpindelo, nokuqhuba izifundo zeBhayibheli. Sonke sikhuthazwa ngokufanelekile ukuba silwele ukuba nengxenye egcwele.—1 Kor. 15:58.

2 Nokho, amanye amalungu ebandla alinganiselwe kulokho angase akwazi ukukwenza. Ukugula okungathi sína noma ubuthakathaka kungawagcina evalelekile. Izihlobo eziphikisayo zingase zibe izithiyo ezinkulu. Umuntu osemusha angase enqatshelwe umzali wakhe ongakholwa. Abantu abahlala ezindaweni ezingazodwa ezingenazo izinto zokuhamba bangase bazizwe bengenakukwazi ukufakaza. Amahloni emvelo angabangela labo abesabayo ukuba babe manqikanqika. Abanye abamemezeli abazithola bekulezizimo noma ezifana nazo bangase babe nomuzwa wokuthi abafaneleki ukuba amaKristu ngenxa yokuthi lokho abakwazi ukukwenza kuncane kakhulu kunalokho abanye abakwenzayo futhi kungaphansi ngisho nokwalokho abafuna ukukwenza ngempela. Asikho isizathu sokuba beye imizamo yabo. (Gal. 6:4) Bangaduduzeka ngokwazi ukuthi uJehova uyajabula lapho benikela okungcono kakhulu kunoma isiphi isimo abazithola bekuso.—Luka 21:1-4.

3 Ukuthola Indlela Yokuba Nengxenye: Kuye kwalandiswa izinkulungwane zokuhlangenwe nakho okubonisa indlela abantu abasezimweni ezinzima abangazange bavumele ngayo izithiyo zibavimbele ukuba bafakaze. Baye basebenzisa izindlela ezihlukahlukene zokufakaza ngokwethukela abazisungelele zona. Labo abavaleleke emakhaya baye basebenzisa ucingo ukuze bavule umnyango omkhulu wokufakaza. Noma isiphi isivakashi sibhekwa njengomuntu ozolalela. Ngisho noma inkosikazi enomkhaya ophikisayo ingase ingakwazi ukufakaza ekhaya, isebenzisa amathuba okukhuluma nomakhelwane noma abanye ehlangana nabo lapho yenza imisebenzi yayo yansuku zonke.

4 Umuntu osemusha angase enqatshelwe umzali ongakholwa ukuba ahlanganyele ekufakazeni kwethu kwasobala. Kunokwamukela lokho njengesithiyo esingenakunqotshwa, angabheka izingane afunda nazo kanye nothisha ‘njengensimu’ yakhe futhi akwazi ukunikeza ubufakazi obuhle futhi mhlawumbe aqhube ngisho nezifundo zeBhayibheli. Abaningi abahlala ezindaweni ezingazodwa baye bakwazi ukuhlanganyela ekufakazeni ngokubhala izincwadi. Labo abashukunyiswa intshiseko yobuKristu bayoyithola njalo indlela yokugwema ukuba babe “ngabavilaphayo nabangenazithelo ekwazini iNkosi yethu uJesu Kristu.”—2 Pet. 1:8.

5 Lapho kuziwa ekuhlanganyeleni kwethu emsebenzini wokufakaza, uJehova sonke usibekele indinganiso efanayo, engukuthi, kufanele siyenze “ngomphefumulo wonke.” (Kol. 3:23, NW) Nakuba isikhathi esisichithayo nalokho esikufezayo kuyohlukahluka, isisusa esiyinhloko siyafana—uthando oluqotho olusuka ‘enhliziyweni epheleleyo.’ (1 IziKr. 28:9; 1 Kor. 16:14) Uma sinikela okungcono kakhulu kwethu, ngeke sibe nesizathu sokuzizwa sintula ukholo noma singelutho njengamalungu ebandla ngenxa yokuthi isilinganiso esikwazi ukusenza sincane. NjengoPawulu, singasho ngeqiniso ukuthi ‘asigwemanga ukubatshela okusizayo nokubafundisa phambi kwabantu.’—IzE. 20:20.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela