Ukwandisa Izakhiwo EBethel Kuyaqhubeka
1 Lapha e-Afrika eseningizimu, njengakwezinye izindawo emhlabeni, umsebenzi wokushumayela ngoMbuso uyaqhubeka ukhula. UJehova obangela lokhu kwanda, njengoba umphostoli uPawulu achaza: “Mina ngatshala‚ uApholo wanisela‚ kepha uNkulunkulu wakhulisa.” (1 Kor. 3:6) Ngakho lonke udumo lokusheshiswa komsebenzi luya kuBaba wethu, uJehova.—Isaya 60:22.
2 Ukwanda kuye kwaba kukhulu kangangokuba igatsha lethu linomsebenzi onzima wokubhekana nokwanda okuqhubekayo. Njengoba ungabona ezithombeni ezisemakhasini aphakathi nendawo alesisenezelo, siye sandisa isakhiwo sokuhlala sakha neshede elisha elikhulu lokugcina impahla ngenxa yokwanda kwezinto ezithunyelwa kwamanye amagatsha. Kodwa lokhu kumane nje kuyisiqalo somsebenzi wokwakha. Kusadingeka okuningi.
3 Ngakho iNdikimba Ebusayo iye yasinikeza imvume yokwenezela ezinye izakhiwo ezimbili zokuhlala ngasinye sibe namakamelo angu-64; sandise isakhiwo samahhovisi ngezitezi ezimbili; sandise nendlu yethu yokudlela, ikhishi, kanye nelondolo. Indlu yokudlela izokwazi ukuhlalisa abantu abayinkulungwane. Lokhu kuzosiza kulokhu kwanda okusheshayo komkhaya waseBethel. Indawo yokunyathelisa nayo izokwandiswa okungenani ngamaphesenti angu-50.
4 Kungani kudingeka ukuba kwandiswe izakhiwo kangaka? Igatsha laseNingizimu Afrika lifeza indima ebalulekile ekwandeni komsebenzi. Ukunyatheliswa komagazini, izincwajana ezingangomagazini, amapheshana, kanye namafomu awo wonke amagatsha ase-Afrika eseningizimu, ngisho nawamanye ase-Afrika ephakathi, kwenziwa lapha. Lapho izakhiwo ezintsha zegatsha zinikezelwa ngo-March ka-1987, kwakunyatheliswa omagazini abahlukahlukene abangu-29 ngenyanga. Manje kunyatheliswa omagazini abahlukahlukene abangu-51 ngenyanga. Izibalo zokunyatheliswa komagazini ziye zanda kusukela nje ngaphezu kwezigidi ezingu-8 kuya cishe ezigidini ezingu-11,5 ngonyaka. Sesiqale nokukhipha bonke omagazini be-Nqabayokulinda bezilimi zabomdabu ngesikhathi esifanayo nesiNgisi. Uma kuhlanganiswa nomagazini, ingqikithi yesibalo sezinto esizinyathelisayo singaphezu kwezigidi ezintathu inyanga ngayinye! Eminyakeni yamuva izincwadi ezintsha ziye zakhishwa kanyekanye zonke emihlanganweni. Ngokwesibonelo, eMihlanganweni ‘Yokufundisa Kwaphezulu’ incwadi ethi Abamemezeli yakhishwa ngezilimi eziyisikhombisa ngaphandle kwesiNgisi. Lona kwakuwumsebenzi omkhulu wokusebenza amahora engeziwe ebusuku nangezimpelasonto. Ngaphezu kwalokho, i-New World Translation ihunyushelwa ezilimini eziningana zendawo. Konke lokhu kuye kwabangela ukuba uMnyango wethu Wabahumushi wande kusukela kubahumushi abangu-40 ngo-1987 kuye kwabangaphezu kwekhulu manje. Empeleni, okwamanje sinoMnyango Wokuhumusha omkhulu kunayo yonke emhlabeni. Zonke lezizici zidinga ukuba sandise izakhiwo zethu.
5 Ngaphezu kwalokhu osekushiwo ngenhla, igatsha laseNingizimu Afrika lisiza amagatsha aseduze ngezakhiwo zawo. IMozambique neMadagascar okwamanje akha amagatsha awo amasha. Maduzane kuzoqala iZimbabwe, iZaire, neKenya. Kufanele kuthengwe izinto zokwakha futhi zithunyelwe ngandlela-thile noma zithunyelwe ngomkhumbi kulamazwe. Ngakho-ke, kudingeka iMinyango emikhulu yokuThenga Nokuthumela Kwamanye Amazwe. Kusetshenziswa amaloli amakhulu ayisihlanu ukuze kuthunyelwe izinto kwamanye amagatsha.
6 Yini ongayenza ukuze usize? Konke lokhu kwandiswa kwezakhiwo kusho ukuthi kunomsebenzi omkhulu ongaphambi kwethu. Sinomgomo wokuqeda wonke lomsebenzi phakathi neminyaka emine noma emihlanu ezayo, futhi ngesibusiso sikaJehova singakwenza. Singasiza kanjani sonke?
7 Abantu abanamakhono akhethekile: Ingabe unekhono lokusebenzisa imishini emikhulu, ukufaka ukhaphethi, ubuciko bokuthela ukhonkolo nokuwulolonga, ukufaka ama-ceramic tile, ukufaka uphahla lwensimbi, umsebenzi kagesi, ukufaka usilingi (i-suspended-ceiling), ukwenza umsebenzi we-sheet-metal, ukubopha ama-rebar, ukushisela, ukubaza, ukufaka amapayipi amanzi, ukufaka i-insulation emapayipini, ukupenda, ukufaka nokulungisa amapayipi, kanye nokufaka i-drywall?
8 Uma kunjalo, futhi ungakwazi ukuzenza utholakale isikhathi esingangesonto, inyanga, unyaka, noma ngaphezulu, siza-ke ubhale ngokushesha ucele ifomu lesicelo lasesakhiweni.
9 Ingabe ungumzalwane osemusha owumqemane? Khona-ke faka isicelo. Uma lingekho ikhono onalo uzolifundiswa. Abanye babazalwane abasebasha abasesakhiweni baye bafunda ikhono lokwakha. UJehova wathembisa ukuthi izinsizwa ziyakuzinikela ngokuzithandela kulesisikhathi sokuphela. (IHu. 110:3) Kusadingeka izinsizwa ezengeziwe zokusheshisa umsebenzi.
10 Abantu abafaka izicelo kufanele kube abantu abangokomoya, osekuphele okungenani unyaka bezinikezele futhi babhapathizwa, abaphakathi kweminyaka engu-19 nengu-55 ubudala, futhi abazimisele ukusebenza kanzima. Kutuswa ukuba kube yilabo abasenkonzweni yokuphayona noma labo abangabadala noma izinceku ezikhonzayo. Uma ufaneleka futhi ungazinikela ngokuzithandela, bhala ngokushesha ucele ifomu lokufaka isicelo sasesakhiweni.
11 Ukusekela ngokwezimali nangezinye izindlela: Abazalwane baseNingizimu Afrika namazwe angomakhelwane kumelwe batuswe ngendlela abasekela ngayo isakhiwo esisanda kusiqeda. Abaningi babethumela iminikelo yabo ngokwethembeka nyanga zonke, futhi basakwenza lokho. UJehova uyababusisa labo ababonisa umoya onjalo wokungabi nabugovu.
12 Ukwandisa isakhiwo kuzobiza izigidi zamarandi. INdikimba Ebusayo iyaqaphela ukuthi abazalwane balapha abanakukwazi ukuzihlanganisa zonke lezozindleko, ngakho ithembisa ukuthi izosiza kodwa izwakalise ukuba nethemba lokuthi sizowusekela ngokugcwele lomsebenzi. Uma sonke silandela iseluleko sikamphostoli uPawulu esikweyoku-1 Korinte 16:2 (NW) ‘sokubeka eceleni okuthile’ isonto noma inyanga ngayinye, ‘kuye ngokuchuma komuntu,’ siyaqiniseka ukuthi khona lapha kwelakithi kuyokwenziwa umnikelo omkhulu kulomsebenzi obalulekile wokwakha.
13 Lawomabandla aseduze neBethel nawo angasisiza kakhulu ngokusekela kwawo ngokugcwele isikhathi ngasinye ibandla limenyelwa ukuba lizosiza ngokwelungiselelo lokusebenza ngoMgqibelo.
14 Sibheke phambili ekusebenzeni nabaningi benu. Isikhathi sincane kanti isivuno sikhulu. Sizani nithandazele isibusiso sikaJehova ukuba sibe kulomsebenzi ukuze sikwazi ukuqhubeka sikhonza izidingo zensimu.