Umhlangano Wesigodi “Wabadumisi Abajabulayo” Ka-1995
1 Sinezizathu ezingaki zokujabula? Cishe bambalwa kithi abake bazama ukuzibala zonke. Naphezu kokuba siphila ezweni lezinxushunxushu nokungaqiniseki, sinezizathu eziningi kakhulu zokujabula. Njengoba kwamenyezelwa kuyi-Nqabayokulinda ka-May 1, 1995, esithi “Abadumisi Abajabulayo” siyisihloko esikhuthazayo semihlangano yesigodi ka-1995.
2 Sidumisa uJehova ngoba usifundise iqiniso. (Isaya 54:13; Joh. 8:32) Ngenjabulo sibuye sihlanganyele iqiniso nabo bonke abafuna ukulondeka nenjabulo. (Hez. 9:4; IzE. 20:35) Ubuzalwane bethu bobuKristu nabo businika injabulo. Umkhaya ongokomoya onothando uletha ukwaneliseka nenjabulo. Lezi zimane ziyizizathu ezimbalwa zokujabula ezisishukumisela ekudumiseni uJehova. Izinkulumo zomhlangano nemiboniso kuyodonsela ukunakekela kwethu kwezinye izizathu ezingokomBhalo zokujabula kulezi zinsuku zokugcina ezinezinkathazo.
3 Umhlangano Wezinsuku Ezintathu: Ingabe usuwenzile amalungiselelo nomqashi wakho okuba uthole isikhathi sokuba khona ngazo zonke izinsuku ezintathu zomhlangano? Ukuphi umhlangano oseduze nawe? INkonzo Yethu YoMbuso ka-May yanikeza izinsuku nezindawo zayo yonke imihlangano engu-30 esensimini yegatsha laseNingizimu Afrika. Kumelwe ukube manje unobhala webandla usenazisile ngemininingwane ethinta ibandla lakini. Ngaphandle kwesiNgisi, kuyoba nemihlangano ngesiBhunu, isiKwanyama, isiPutukezi, iSipedi, isiSuthu, isiTsonga, isiTswana, isiVenda, isiXhosa, isiZulu, noLimi Lwezandla.
4 Ngosuku lokuqala isimiso siyoqala ngo-9:40 ekuseni futhi ngosuku lokugcina siphele cishe ngo-3:50 ntambama. Ngosuku lwesibili nolwesithathu, isimiso siyoqala ngo-9:30 ekuseni. Iminyango iyovulwa ngo-8:00 ekuseni. Yilabo abanezabelo zemisebenzi ethile kuphela abayovunyelwa ukuba basheshe bangene.
5 Ingabe Uyoba Khona?: Sinxuswa ukuba sibe khona ngazo zontathu izinsuku zomhlangano. Ngani? UJehova ufuna sibe khona. Namuhla ukholo lwethu nempilo yethu engokomoya kuhlaselwa ngamandla. UPawulu waluleka mayelana ‘nokungayeki ukubuthana kwethu ndawonye’ ngesikhathi amaKristu aseJudiya ebhekene nokucindezelwa okukhulu. (Heb. 3:12, 13; 10:25) AbaseFilipi babephila “phakathi kwesizukulwane esigwegwile nesisontekile.” Nakuba kunjalo, ‘babekhanya njengezinkanyiso ezweni.’ (Fil. 2:15) Kungani lamaKristu ekhulu lokuqala ayehlukile? Kungenxa yokuthi ngokuthobeka ayelandela ukuhola komoya ongcwele owawuwaqondisa ukuba ahlangane ndawonye ‘ukuze avuselelane othandweni nasemisebenzini emihle.’—Heb. 10:24.
6 Izwe lingasithonya ngendlela ephambene, lisenze sibe buthakathaka isifiso sethu sokuhlangana nabafowethu futhi sidumise uJehova. Kuleli hlobo sinxuswa ukuba sizithobe emoyeni kaJehova futhi sijabulele zonke izinsuku ezintathu zomhlangano. Ingabe sizimisele ukuba khona nemikhaya yethu yonke? Kudingeka siqinise uthando nokholo lwethu zikhathi zonke. UJehova uye walungiselela imihlangano yaminyaka yonke ukuba isisize ngokuphathelene nalokhu.
7 Phindela Ekhaya Nengcebo: Ungazuza kanjani ngokugcwele emhlanganweni? Ngelilodwa nje, “ngokugxilisa ingqondo.” Akulula lokhu emphakathini wanamuhla ongahlaliseki, nomatasa. Intsha esagcwele ubungqabavu ingase ikuthole kunzima ukugxilisa ingqondo, kodwa kuyinselele sonke esibhekana nayo lapho sisemhlanganweni wesigodi. Siyokuthola kulula ukugxilisa ingqondo uma sihlela kusengaphambili. Zibuze, ‘Sithini isihloko somhlangano?’ Zindla ngaso! ‘Ngiyelani, futhi yini engizobe ngiyenza kulezi zinsuku ezintathu? Ingabe ngiyobe ngizijabulisa ngezikhathi zakusihlwa, noma ingabe ngiye ngahlela isikhathi esanele sokuphumula nokubukeza amaphuzu avelele omhlangano?’
8 Isihloko se-Nqabayokulinda ka-July 15, 1984, esithi “Ingabe Uyazindla Noma Umane Uphuphe?” sanikeza ukusikisela okuningana okumayelana nendlela esingazuza ngayo ngokugcwele emhlanganweni sabe sesiphetha kanje: “Ukuqeqesha ingqondo mhlawumbe kuyisici esibaluleke ngokwengeziwe.” Lapho isikhulumi siqala, ngokuvamile siyalalelisisa, kodwa mhlawumbe lapho sesiphakathi nenkulumo, sivumela izingqondo zethu zizule. Singakuvimbela kanjani lokhu?
9 Ukusikisela okwanikezwa esikhathini esidlule kuyakufanelekela ukuphindwa ngoba kuyasebenza. Uma kungase kwenzeke, zama ukuphumula ngokwanele ubusuku ngabunye. Lokhu akulula ngaso sonke isikhathi ngoba kungenzeka kuhileleke nokuhamba ibanga elide, futhi uma uhlala endaweni eqashiswayo, ungase ungakwazi ukusheshe ulale noma uphumule kahle njengasekhaya. Ukuhlela okuhle ngokuvamile kuyokwenza ukwazi ukuthola ukuphumula okudingekayo.
10 Ukubhala amaphuzu kafushane kuye kwabonakala kuwusizo ekugxiliseni ingqondo. Uma uzama ukubhala ukwaziswa okuningi kakhulu, ungase ulahlekelwe ngokuphelele amanye amaphuzu abalulekile. Ukusikisela kuwukuthi bhala amaphuzu ngenjongo yokunikeza umfundi weBhayibheli noma othile ovaleleke endlini isimiso esifushanisiwe. Ngisho noma kungase kungabi bikho muntu ocabanga ngaye ngokukhethekile, uyoba nenjongo ekubhaleni amaphuzu, futhi ngemva komhlangano ungase uthole izikhathi zokukhuluma ngamaphuzu avelele esimiso lapho ufakaza ngokwethukela emalungwini omkhaya angakholwa. Ngokubhala amaphuzu nangokuhlanganyela nabanye lokho okuzwile, ngeke usheshe ukukhohlwe ukwaziswa. Ukukhuluma ngokuthile kukwenza kuhlale engqondweni.
11 Nakuba kungeke kusalungiselelwa ukudla, zisenkulu kakhulu izindleko ezihilelekile ekuqasheni indawo yomhlangano, ngokuvamile zihlanganisa nezindleko ezithé xaxa zemibhobho yokukhuluma neningi, njalonjalo. Kuhlangatshezwana kanjani nalezi zindleko? Ngeminikelo yethu yokuzithandela, engaba ukheshi noma isheke elithunyelwa ku-“Watch Tower Convention.” Lokhu kuvumelana neHubo 96:8 neyesi-2 IziKronike 31:12.
12 Abadumisi Abajabulayo Badumisa UJehova Ngokuziphatha Kokuhlonipha UNkulunkulu: Ngonyaka odlule e-United States kwatholakala ukukhulumela okukhuthazayo nokuhle okumayelana nokuziphatha kwethu okwakuvela ezisebenzini zasemahhotela nezasezindaweni zemihlangano. Omunye umphathi wehhotela wathi: “Kuhlale kuyinjabulo ukunikeza oFakazi indawo ngoba bayabekezela futhi bayabambisana futhi bayazibhasobha izingane zabo.” Omunye umqondisi wehhotela wathi oFakazi babonakala bejabule kakhulu futhi behleleke kangcono kakhulu kunamanye amaqembu. Nakuba umhlangano wethu wawungomkhulu kakhulu kulendawo, wathi: “Sithola izikhalo nobunzima obumbalwa kunangamanye amaqembu amancane kakhulu kunabo.”
13 Esinye isisebenzi sasehhotela sadalula ukuthi emhlanganweni owawusanda kuba khona ngaphambi kowethu kwaba nomonakalo omkhulu, kanye nokweba, nakuba izisebenzi zalendawo zazikhona ngothi lwazo. Kodwa ngokuphathelene nomhlangano wethu, saqhubeka sathi: “Akudingeki sikhathazeke ngalokho ngoFakazi. . . . Uma belapha, kudingeka sibe nomuntu oyedwa noma ababili abalungisa izinto futhi nakhona abazolungisa kuphela izinkinga ezincane zemishini.”
14 Sifisa sengathi ngabe yonke imibiko esiyitholayo injalo, kodwa kuyadabukisa ukuthi akunjalo. Omunye usihlalo womhlangano waphawula: “Ngemva kwezimiso, iningi lentsha libuthana libe inqwaba emaphasishi [amahhotela] ebusuku, lihleke kakhulu futhi limemeze. Lokhu kuphazamisa ezinye izivakashi . . . , ezivele zicasuke. Ezinye izingane ezincane zigijima emaphasishi, zibhaklaze izicabha njengoba zivakashelana ezindlini futhi zikhulumela phezulu.”
15 Enye inkinga ebilokhu iqhubeka eminyakeni edlule eyenani elikhulu labazalwane abaxoxa emaphasishi nangaphandle kwenkundla phakathi nesimiso. Komunye umhlangano ngonyaka odlule, kwatholakala incwajana ebhokisini leminikelo evela kumfundi weBhayibheli. Yayifundeka kanje: “Angikaze ngimangale futhi ngishaqeke ngendlela engishaqeke ngayo ngenxa yomsindo, ukukhwishiza, ukukhuluma, nokuziphatha ngokungafanele emaphasishi phakathi nezinkulumo . . . Angikabi uFakazi, ngisafundelwa futhi ngisafunda nokwesaba kokuhlonipha uNkulunkulu.” Ngokuqinisekile, akekho kithi ongathanda ukushiya umbono wokuthi asinakho ukwazisa ngamalungiselelo kaJehova.
16 Ngazo zonke izikhathi kufanele sizibuze: ‘Ngimelela bani, futhi ngizeleni kulomhlangano?’ Ingokomoya lethu nokuzinikela kokuhlonipha uNkulunkulu kubonakala enkulumweni yethu, ekuziphatheni, nasekwaziseni amalungiselelo angokomoya. (Jak. 3:13; 1 Pet. 2:2, 3, 12) Abafowethu abaye bakhuthazelela iminyaka eminingi yokuvinjelwa ngokuvamile babonakala belalelisise kakhudlwana futhi behlonipha emihlanganweni, behlezi ezihlalweni zabo, izingqondo zigxile ezinkulumweni nasemibonisweni.
17 Indlela Ogqoka Futhi Uzilungise Ngayo Isho Okuthile Ngawe: Kweyoku-1 Samuweli 16:7, sikhunjuzwa ukuthi “umuntu ubheka okusemehlweni, kepha uJehova ubheka okusenhliziyweni.” Ngakho, ngokuvamile abantu basehlulela ngokwendlela esibukeka ngayo. Ukugqoka nokuzilungisa kwethu kuyabhekisiswa, ikakhulukazi lapho sisemhlanganweni wokukhulekela nokufundiswa ngokuphila kobuKristu. Uma ungumuntu osemusha osafunda noma uma umsebenzi wakho wokuziphilisa ukusondeza nabantu abalandela izitayela zezwe, kungase kube inselele ukunamathela ezindinganisweni zobuKristu zezingubo ezinesizotha.
18 Izindinganiso zokugqoka nokuzilungisa ziyahlukahluka emhlabeni wonke. Kulindeleke ukuba amaKristu agqoke izingubo ezinesizotha, nezilungiswe kahle. Ubani okufanele asho ukuthi zinjalo? Abazali kufanele baqikelele ukuthi izingane zabo ezevé eshumini nambili azigqoki njengentsha yezwe esesikoleni. Kuye kwalungiselelwa iziqondiso ezakhayo zokusisiza ukuba senze izinqumo ezinengqondo kulesi sici esibucayi. Sikhuthaza ukuba kubukezwe isihloko se-Phaphama! ka-February 8, 1987, esithi “Izingubo Zokugqoka Zisho Ukuthini Kuwe?” Yini eyaphawuleka kweminye yemihlangano yethu ngonyaka odlule?
19 Ngemva komunye weMihlangano Yesigodi ‘Yokwesaba UNkulunkulu,’ sathola lokhu kuphawula: “Kulonyaka abazalwane nodade bathuthuke ngokuphawulekayo endleleni yabo yokugqoka, ukuzilungisa, nokuziphatha emhlanganweni. . . . Nokho, kusenezimo nemikhuba ethile esadinga ukuthuthukiswa ngokwengeziwe.” Ngemva komunye umhlangano kwabikwa ukuthi ukugqoka ngendlela engenasizotha kwakuphawuleke kakhulu. Umbiko wathi indlela yabanye yokugqoka yayibanenga abanye. Abanye babantu bangaphandle ababekhona bayiphawula lendlela yokugqoka engenasizotha. Izingubo zabanye zaziveza kakhulu umzimba futhi zibampintsha impela.
20 Iningi labazalwane nodade ligqoka izingubo ezinesizotha, ezihloniphekile lapho lisendaweni yomhlangano. Nokho, kamuva, emahhotela noma ezindaweni zokudlela, abanye abazalwane nodade, besafake amabheji abo, bagqoka “izikibha ezingenamkhono, obhogadi abagugile, izikhindi ezimfushane, . . . nezingubo ezisemfashinini ezingabafanele abantu bakaNkulunkulu.” Uma abadala bebona ukuthi abanye bathambekele ekugqokeni ngalendlela phakathi nesikhathi sokungcebeleka, kuyofaneleka ukuba ngaphambi komhlangano babanikeze iseluleko esiqinile kodwa ngomusa sokuthi izingubo ezinjalo azifaneleki, ikakhulukazi ezihambelini ezize emhlanganweni wobuKristu. Sicela nibukeze nenifunda nabo iBhayibheli abazobe besemhlanganweni iziqondiso zokuziphatha nokugqoka ezihlelwe ngenhla.
21 Amahhotela: Unyaka ngamunye kwenziwa umzamo omkhulu wokulungiselela indawo yokuhlala ngemali ephansi ukuze kungathweswa muntu umthwalo ongokwezimali. Sizani nikhumbule ukuba ababekezelayo nabanomusa lapho nisebenzelana nezisebenzi zasemahhotela. Kungenzeka ukuthi sikhathele ngenxa yendlela futhi kungenzeka benze kancane, kodwa ukubekezela kwakho ngeke kungaphawuleki. Kufanele sikhumbule nesidingo sokunikeza ithiphu ngendlela efanele.—I-Phaphama! yesiNgisi ka-June 22, 1986.
22 Amakhamera Nemishini Yokuqopha: Kuyafaneleka ukunikeza izikhumbuzo zomusa ngokuphathelene namakhamera nemishini yokuqopha. Siza ukhumbule, uma uhlela ukusebenzisa amakhamera, ama-camcorder, noma yiluphi olunye uhlobo lomshini wokuqopha, bacabangele labo abaseduze kwakho. Ukuzulazula phakathi nesimiso ngisho nokuqopha usesihlalweni sakho kungabaphazamisa abanye. Akukho mishini yokuqopha yanoma iluphi uhlobo okufanele ixhunywe ezimisweni zikagesi noma ze-sound, futhi akufanele kube khona imishini evimbe emaphasishi. Ukuthi ukhetha ukuthatha izithombe noma ukuqopha izingxenye zesimiso nge-camcorder noma ngomshini wokuqopha kuyindaba yomuntu siqu. Izithombe nokuqoshiwe kungabuyisa izinkumbulo ezinhle lapho kubukwa kamuva. Yonke imishini enjalo kufanele isetshenziswe ngokulinganisela, ngendlela engabaphazamisi abanye noma ikuvimbele ekutholeni inzuzo enkulu esimisweni. Lapho uphindela ekhaya, siyoba khona yini isikhathi sokubuka nokulalela okuqoshiwe? Ungase uthole ukuthi ukubhala amaphuzu kuyokwanela.
23 Izindawo Zokuhlala: EMhlanganweni Wesigodi “Wokwesaba UNkulunkulu” Ka-1994, ingabe wayiphawula intuthuko endabeni yokugcina izihlalo? Ikhona intuthuko ethile eyenziwe, kodwa kusadingeka sisiqaphele lesi sikhumbuzo: IZIHLALO ZINGAGCINELWA KUPHELA AMALUNGU OMKHAYA WAKHO ASEDUZE KANYE NANOMA UBANI OKUNGENZEKA UHAMBA NANI EMOTWENI. Sisuke silapho njengezimenywa zeNhlangano. Imali yokuqasha indawo yomhlangano isuke ikhokhwe ngeminikelo yokuzithandela. Ingabe bekungaba ukubonisa uthando nokucabangela yini ukugcina indawo yokuhlala esingaqiniseki ukuthi kuzohlalwa kuyo? Siyadabuka ngokuthi ngeke sikwazi ukwamukela izicelo zezindawo ezingazodwa noma amakamelo zalabo abanezinkinga ngendawo ezungezile, njengesifo sokusabela kabi kokuthile (allergy).
24 Umhlangano ngamunye wenza ilungiselelo lalabo abanezidingo ezikhethekile, njengasebekhulile nabakhubazekile. Siza uqikelele ukuthi awuhlali kwenye yalezi zingxenye uma ungafaneleki. Futhi kuphaphamele ukusiza labo abanezidingo ezikhethekile ukuba bathole indawo yokuhlala uma bengahambi nothile onomthwalo wemfanelo wokubanakekela.
25 Ukunakekela Izidingo Zakho Zokudla Emhlanganweni: Njengoba wazi, INkonzo Yethu YoMbuso ka-July 1995 yamemezela: “Kusukela ngemihlangano yesifunda neyosuku olulodwa noMhlangano Wesigodi ‘Wabadumisi Abajabulayo’ ezoba sekupheleni konyaka, ngeke kube khona ukudla. Ngamunye kufanele afike nokwakhe ukudla neziphuzo.” Isenezelo se-Nkonzo Yethu YoMbuso ka-September 1995 sabe sesichaza isizathu sokwenziwa kwalokhu kulungisa futhi sanikeza ukusikisela okuhle kwendlela wonk’ umuntu anganakekela ngayo izidingo zakhe zokudla nokuphuzwayo emhlanganweni. Kuyoba kuhle ngathi sonke ukuba singasibukezi nje kuphela leso senezelo kodwa futhi sisifunde nesifunda nabo iBhayibheli lapho belungiselela ukuba khona emhlanganweni. Kubalulekile ukuba esifunda nabo iBhayibheli batshelwe ukuthi bonke abayoba khona kufanele baziphathele okwabo siqu ukudla nokuphuzwayo emhlanganweni.
26 Ukuze sigcizelele amaphuzu athile, siza ukhumbule lezi zinto okusikiselwa ukuthi ungaziphathela ikhefu lasemini: ukudla okulula, okunomsoco kwangekhefu okufana nalokho abantu abavame ukukuphatha emsebenzini wokuziphilisa, njengamasemishi, izithelo ezomisiwe, amantongomane, izinto ezibhakiwe, nezithelo. Okuphuzwayo kungahlanganisa ikhofi, onemenayidi, ojusi bezithelo, noma amanzi asebhodleleni, esitsheni esingafi noma efulaskini. Uma kudingeka ama-cooler bag amancane, ayamukeleka uma eyokwanela ngaphansi kwesihlalo sakho. Nokho, akufanele kulethwe ama-cooler box omkhaya amakhulu okuya epikinikini, iziphuzo ezidakayo, noma izitsha ezifayo endaweni yomhlangano. Kufanele kugwenywe ukudla phakathi nesimiso. Lokhu kuyobonisa ukudelela ukudla okungokomoya esiphakelwa khona.
27 Esinye isixwayiso siwukuthi akumelwe kuphekwe emakilasini esikole ngaphandle uma likhona ikhishana laleyo njongo. Kuhle ukucabanga ngokuthi isikhathi sekhefu lasemini siklanyelwe ukuba sidle ukudla okulula bese sijabulela ukuhlangana okungokwasezulwini nabafowethu nodade. Njengabantu bakaJehova, siyaqaphela ukuthi ukudla okungokomoya okusemihlanganweni kubaluleke kakhulu uma kuqhathaniswa nezinto ezibonakalayo, futhi kufanele sihlele ngokuvumelana nalokho.
28 Ngo-November 24, 1995, kuzoqala owokuqala weMihlangano Yesigodi ‘Yabadumisi Abajabulayo.’ Ingabe usuwaqedile amalungiselelo, futhi usukulungele manje ukujabulela izinsuku ezintathu zobudlelwane obujabulisayo nezinto ezinhle ezingokomoya? Umthandazo wethu oqotho uwukuthi uJehova abusise imizamo yakho yokuba khona emhlanganweni wangalonyaka nabafowenu nodadewenu njengoba sigxilise ukunakekela endleleni esingaba ngayo abadumisi bakaJehova abajabulayo.
[Ibhokisi ekhasini 10]
Esikukhunjuzwa NgoMhlangano Wesigodi
Ubhapathizo: Abazobhapathizwa kufanele babe sezindaweni zabo zokuhlala endaweni elungiselelwe lokho ngaphambi kokuba isimiso siqale ngosuku lwesibili. Kuye kwaphawuleka ukuthi abanye bagqoka izingubo ezingahloniphekile futhi ezilulaza lesi senzakalo. Ngamunye ohlela ukubhapathizwa kufanele eze nengubo yokungena emanzini enesizotha nethawula. Ngemva kwenkulumo yobhapathizo nomthandazo wesikhulumi, usihlalo wesimiso uyonikeza abazobhapathizwa iziyalezo ezimfushane abese esho ingoma. Ngemva komugqa wokugcina, abalindi bayoqondisa abayobhapathizwa endaweni yokucwiliswa. Njengoba ubhapathizo luyisibonakaliso sokuzinikezela komuntu, luyindaba engathi sína neyomuntu siqu phakathi kwakhe noJehova, alikho ilungiselelo lalokho okuthiwa ubhapathizo lwabangane lapho ababili noma ngaphezulu abazobhapathizwa begaxana khona noma babambane ngezandla ngesikhathi bebhapathizwa.
Amabheji: Siza ufake ibheji lika-1995 emhlanganweni lapho uya futhi ubuya endaweni yomhlangano. Lokhu ngokuvamile kusenza sikwazi ukunikeza ubufakazi obuhle lapho sisendleleni. Amabheji nezembozo kufanele atholwe ngebandla lakini, ngoba ngeke atholakale emhlanganweni. Ukhumbule ukuphatha ikhadi lakho lamuva i-Advance Medical Directive/Release. Amalungu omkhaya waseBethel namaphayona kufanele aphathe amakhadi awo esibonakaliso.
Izindawo Zokulala: Sicela ukubambisana kwawo wonke umuntu osebenzisa izindawo zokulala ezilungiselelwa umhlangano. Onobhala bamabandla kufanele baqikelele ukuthi amafomu eSicelo Sendawo Yokulala athunyelwa ngokushesha ekhelini lomhlangano elifanele. Uma ungeke usayidinga indawo yokulala ehlelwe uMnyango Wezindawo Zokulala, kufanele ngokushesha wazise umnikazi wendawo noma ihhotela noMnyango Wezindawo Zokulala womhlangano ukuze leyo ndawo yabelwe omunye. Sikhuthaza bonke abazalwane emadolobheni amakhulu namancane okuzoqhutshelwa kuwo imihlangano ukuba bamukele izihambeli eziningi ngangokunokwenzeka emakhaya abo. Kweminye imihlangano kuya kuba nzima ukutholela izihambeli eziningi zomhlangano indawo yokulala. Siyaqaphela ukuthi imizi eminingi ayinayo indawo, nakuba kunjalo sikhuthaza imikhaya ukuba ivulele izihambeli amakhaya ayo.
Izinqola Zabantwana (Ama-pram): Kwezinye izindawo, izinqola zabantwana ngeke zikwazi ukusetshenziswa ezindaweni zokubuthanela umphakathi. UMnyango Wezomlilo utusa ukuba zingalethwa endaweni yomhlangano bese zimiswa emaphasishi noma phakathi kwezihlalo. Njengoba izixuku ezinkulu zingase zibangele ukuminyana, izinqola zabantwana ngeke zibe yingozi kumntwana nje kuphela kodwa nakunoma ubani ezingase zimkhube. Ngakho sicela ukuba ungezi nazo endaweni yomhlangano. Nokho, izihlalo zabantwana noma zasemotweni zivunyelwe, ngoba zingabekwa ngokulondeka ezihlalweni eziseduze kwabazali. Ukubambisana kwenu kulendaba kuyokwaziswa.
Inkonzo Yezisebenzi Zokuzithandela: Ingabe ungakwazi ukubekela eceleni isikhathi esithile emhlanganweni sokuba usize komunye weminyango? Ukukhonza abafowethu, noma ngabe amahora ambalwa nje, kungaba wusizo kakhulu futhi kukulethele ukwaneliseka okukhulu. Uma ungase ukwazi ukusiza, siza ubikele uMnyango Wenkonzo Yezisebenzi Zokuzithandela emhlanganweni. Izingane ezingaphansi kweminyaka engu-16 nazo zingenza umnikelo omuhle ngokuthi zisebenze ngaphansi kokuqondisa komzali noma omunye umuntu omdala othembekile.
Isixwayiso: Ngokuhlala siphaphamele izinkinga ezingavela, singagwema izinkinga ezingadingekile. Ngokuvamile amasela nabantu abayimidlwembe bagebenga abantu abakude namakhaya abo. Qikelela ukuthi imoto yakho ikhiyiwe ngazo zonke izikhathi, futhi ungalokothi ushiye noma yini isobala ngaphakathi engayenga othile ukuba ayigqekeze. Amasela nabakhuthuzi bagxila emibuthanweni emikhulu. Ngeke kube ukuhlakanipha ukushiya izinto ezibalulekile esihlalweni. Ngeke uqiniseke ngokuthi wonk’ umuntu okhona ungumKristu. Kungani-ke ubafaka esilingweni? Kuye kwatholwa imibiko yabantu bangaphandle abazama ukuyengela kude izingane. NGAZO ZONKE IZIKHATHI ZAZI IZINGANE ZAKHO UKUTHI ZIKUPHI.
Amathelevishini atholakala kwezinye izindawo zokulala ngokuvamile aveza amafilimu angcolile, anezithombe zobulili ezingcolile. Ziqapheleni lezi zingibe, futhi ningazivumeli izingane ukuba zibukele ithelevishini kulezi zindawo ngaphandle kokuqondiswa.
Siza ungabashayeli ucingo abaphathi behholo lomhlangano ufuna ukwaziswa nganoma yiluphi udaba lomhlangano. Uma ukwaziswa kungatholakali kubadala, siza ubhalele iKomiti Yomhlangano ngemva kokuthola ikheli kunobhala webandla.