Bonisa Inhlonipho Ngendawo KaJehova Yokukhulekela
1 Lapho siyizivakashi endlini yothile, sibonisa inhlonipho ngempahla yalowo muntu ngokuthi singenzi lutho oluzoyonakalisa, futhi asiyiphazamisi inqubo ehlelekile yomkhaya. Yeka ukuthi kufanele siziphathe ngenhlonipho kangakanani-ke lapho siyizivakashi zikaJehova! Kufanele sazi ukuthi kumelwe siziphathe kanjani endlini yakhe. (IHu. 15:1; 1 Thim. 3:15) Kungakhathaliseki ukuthi umhlangano wethu wobuKristu uqhutshelwa eHholo LoMbuso, ekhaya lothile noma endaweni yomphakathi, iningi lethu njalo liye libonise inhlonipho ngendawo yethu yokukhulekela njengokungathi yindlu kaJehova, ‘onkazimulo yakhe iphezu komhlaba nezulu.’—IHu. 148:13.
2 Abanye abafowethu babonisa ukuntula inhlonipho ngemihlangano ngokubanga umsindo noma benze sengathi ukwaziswa okunikezwayo akubalulekile. Abantu abadala abambalwa baba nezingxoxo ezingadingekile ngasemnyango, endlini yangasese noma ngaphandle kweHholo LoMbuso umhlangano usaqhubeka. Lapho ingane endadlana ishiywe ukuba inakekele encane, ngezinye izikhathi zombili ziqala ukudlala zingabe zisazuza esimisweni. Enye intsha iye yabonakala ngaphandle kweHholo LoMbuso ngemva kwemihlangano, idlala, ibanga umsindo ngokweqile, ize idlalisane ngisho nange-karate. Kwezinye izimo iye yaphazamisa omakhelwane noma izimoto endaweni yokupaka noma emgwaqweni.
3 Indlela Yokugwema Ukungahloniphi: Uma siqaphela ukuhlonipheka nokuba ngcwele kokukhulekela kwethu, ngokungangabazeki ngeke sifune ukuphazamisa abanye ngokuhlebelana, ngokudla, ngokuhlafuna intshungama, ngokuhwashazisa amaphepha, ngokuya ngokungadingekile endlini yangasese noma ngokukwenza umkhuba ukufika sekwephuzile emihlanganweni. Abazali abahloniphayo nabanokwazisa abaziyeki izingane zabo zingcolise ukhaphethi, izindwangu zezihlalo noma izindonga zeHholo LoMbuso noma zekhaya okuqhutshelwa kulo isifundo sencwadi. Futhi ngokungangabazeki sonke siyavuma ukuthi ukuziphatha okuyihlazo, inkulumo engasile noma amahlaya ayichilo akufaneleki ngokuqinisekile emihlanganweni yethu.—Efe. 5:4.
4 Uma siyikhumbula njalo injongo yemihlangano yethu yobuKristu, siyoqiniseka ukuthi thina nezingane zethu sibonisa inhlonipho efanele ngokukhulekela kukaJehova endaweni ‘esikhethe ukulinda kuyo.’—IHu. 84:10.