Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • fy isahl. 16 kk. 183-191
  • Lungiselela Umkhaya Wakho Ikusasa Elihlala Njalo

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Lungiselela Umkhaya Wakho Ikusasa Elihlala Njalo
  • Imfihlo Yenjabulo Yomkhaya
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • UKUBALULEKA KOKUZITHIBA
  • UMBONO OFANELE NGOBUNHLOKO
  • ‘SHESHA NGOKUPHATHELENE NOKUZWA’
  • INDIMA EBALULEKILE YOTHANDO
  • UMKHAYA OWENZA INTANDO KANKULUNKULU
  • UMKHAYA NEKUSASA LAKHO
  • Phishekela Ukuthula Kokuhlonipha UNkulunkulu Ekuphileni Komkhaya
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1997
  • Izihluthulelo Ezimbili Zomshado Ohlala Njalo
    Imfihlo Yenjabulo Yomkhaya
  • Ukwenza Ukuphila Komkhaya Kube Yimpumelelo
    Ungaphila Phakade EPharadesi Emhlabeni
  • Bonisa Ukuzinikela Kokuhlonipha UNkulunkulu Ekhaya
    Khulekela Okuwukuphela KukaNkulunkulu Weqiniso
Bheka Okunye
Imfihlo Yenjabulo Yomkhaya
fy isahl. 16 kk. 183-191

Isahluko Seshumi Nesithupha

Lungiselela Umkhaya Wakho Ikusasa Elihlala Njalo

1. Yayiyini injongo kaJehova ngelungiselelo lomkhaya?

LAPHO uJehova ehlanganisa u-Adamu no-Eva ngomshado, u-Adamu waveza injabulo yakhe ngokusho inkondlo engeyokuqala yesiHeberu eyalotshwa. (Genesise 2:22, 23) Nokho, uMdali wayecabanga ngokungaphezu kokulethela izingane zakhe ezingabantu injabulo. Wayefuna ukuba imibhangqwana eshadile nemikhaya yenze intando yakhe. Watshela abantu bokuqala ababili: “Zalani, nande, nigcwalise umhlaba, niwunqobe, nibuse phezu kwezinhlanzi zolwandle, nezinyoni zezulu, nezilwanyana ezinwabuzelayo emhlabeni.” (Genesise 1:28) Yeka ukuthi kwakuyisabelo esihle nesinomvuzo kangakanani leso! Yeka indlela ababeyojabula ngayo o-Adamu no-Eva, nezingane ababezoba nazo ukube babenzé intando kaJehova balalela ngokuphelele!

2, 3. Imikhaya ingayithola kanjani injabulo enkulu kakhulu namuhla?

2 Nanamuhla, imikhaya ijabula kakhulu uma ibambisene ekwenzeni intando kaNkulunkulu. Umphostoli uPawulu wabhala: “Ukuzinikela kokuhlonipha uNkulunkulu kunenzuzo ezintweni zonke, njengoba kunesithembiso sokuphila kwamanje nalokho okuzayo.” (1 Thimothewu 4:8) Umkhaya ophila ngokuzinikela kokuhlonipha uNkulunkulu nolandela isiqondiso sikaJehova njengoba siseBhayibhelini uyothola injabulo ‘ekuphileni kwamanje.’ (IHubo 1:1-3; 119:105; 2 Thimothewu 3:16) Ngisho noma lilinye ilungu lomkhaya elisebenzisa izimiso zeBhayibheli, kuba ngcono kunalapho kungekho muntu ozisebenzisayo.

3 Lencwadi iye yakhuluma ngezimiso zeBhayibheli eziningi ezenza umkhaya ujabule. Cishe uye waphawula ukuthi ezinye zazo zivela ngokuphindaphindiwe kuyo yonke lencwadi. Kungani? Kungoba zimelela amaqiniso anamandla ayinzuzo kuwo wonke umuntu ezicini ezihlukahlukene zokuphila komkhaya. Umkhaya olwela ukusebenzisa lezi zimiso zeBhayibheli uthola ukuthi ukuzinikela kokuhlonipha uNkulunkulu ngempela “kunesithembiso sokuphila kwamanje.” Ake siphinde sihlole ezine zalezi zimiso ezibalulekile.

UKUBALULEKA KOKUZITHIBA

4. Kungani ukuzithiba kubalulekile emshadweni?

4 INkosi uSolomoni yathi: “Njengomuzi odiliziweyo ungenalugange, unjalo umuntu omoya wakhe ungenakubanjwa.” (IzAga 25:28; 29:11) ‘Ukubamba umoya wakho,’ ukuzithiba, kubalulekile kulabo abafuna umshado ojabulisayo. Ukuvumela imizwelo elimazayo, njengentukuthelo noma inkanuko yokuziphatha okubi, kuyobanga umonakalo oyothatha iminyaka ukuba ulungiseke—uma uyoke ulungiseke.

5. Umuntu ongaphelele angakuhlakulela kanjani ukuzithiba, futhi kunaziphi izinzuzo?

5 Yiqiniso, ayikho inzalo ka-Adamu engayilawula ngokuphelele inyama yayo engaphelele. (Roma 7:21, 22) Nakuba kunjalo, ukuzithiba kuyisithelo somoya. (Galathiya 5:22, 23) Ngakho-ke, umoya kaNkulunkulu uyosenza sibe nokuzithiba uma siyithandazela lemfanelo, uma sisebenzisa iseluleko esifanele esisemiBhalweni, noma uma sizihlanganisa nabanye abakubonisayo futhi sigwema labo abangakubonisi. (IHubo 119:100, 101, 130; IzAga 13:20; 1 Petru 4:7) Inkambo enjalo iyosisiza ukuba ‘sibalekele ubufebe,’ ngisho noma silingwa. (1 Korinte 6:18) Siyobenqaba ubudlova futhi sigweme noma sinqobe ukuba umlutha wotshwala. Siyokusingatha ngokuthula ukuchukuluzwa nezimo ezinzima. Kwangathi sonke—kuhlanganise nezingane—singafunda ukuhlakulela lesi sithelo esibalulekile somoya.—IHubo 119:1, 2.

UMBONO OFANELE NGOBUNHLOKO

6. (a) Yiliphi ilungiselelo lobunhloko elimiswe ngokwaphezulu? (b) Yini okumelwe indoda iyikhumbule ukuze ubunhloko bayo bulethele umkhaya wayo injabulo?

6 Isimiso sesibili esibalulekile siwukuqaphela ubunhloko. UPawulu wachaza ukulandelana kwezinto ngokuhleleka okufanele lapho ethi: “Ngifuna ukuba nazi ukuthi inhloko yawo wonke amadoda uKristu; nenhloko yowesifazane indoda; nenhloko kaKristu uNkulunkulu.” (1 Korinte 11:3) Lokhu kusho ukuthi indoda iyahola emkhayeni, umkayo uyisekela ngokwethembeka, nezingane zilalela abazali bazo. (Efesu 5:22-25, 28-33; 6:1-4) Kodwa phawula ukuthi ubunhloko buletha injabulo kuphela uma busetshenziswa ngendlela efanele. Amadoda aphila ngokuzinikela kokuhlonipha uNkulunkulu ayazi ukuthi ubunhloko abusho ukuba umashiqela. Alingisa uJesu, iNhloko yawo. Nakuba uJesu ayezoba “inhloko phezu kwazo zonke izinto,” ‘akezelanga ukukhonzwa, kodwa ukukhonza.’ (Efesu 1:22; Mathewu 20:28) Ngendlela efanayo, indoda engumKristu isebenzisa ubunhloko ukuze inakekele izithakazelo zomkayo nezingane, hhayi ukuba izizuzise yona.—1 Korinte 13:4, 5.

7. Yiziphi izimiso ezingokomBhalo eziyosiza inkosikazi ukuba ifeze indima yayo eyinikwe uNkulunkulu emkhayeni?

7 Ngasohlangothini lwayo, inkosikazi ephila ngokuzinikela kokuhlonipha uNkulunkulu ayincintisani nomyeni wayo noma ifune ukumbusa. Iyakujabulela ukumsekela nokubambisana naye. Ngezinye izikhathi iBhayibheli likhuluma ngendoda ‘njengengumnikazi’ womkayo, okungashiyi kungabaza ngokuthi indoda iyinhloko yakhe. (Genesise 20:3, qhathanisa ne-NW.) Ngokushada iba ngaphansi ‘komthetho womyeni wayo.’ (Roma 7:2) Ngesikhathi esifanayo, iBhayibheli liyibiza ‘ngomsizi’ nangokuthi “umphelelisi.” (Genesise 2:20, qhathanisa ne-NW.) Igcwalisela ngezimfanelo namakhono antulwa umyeni wayo, futhi imnikeza ukusekelwa okudingekayo. (IzAga 31:10-31) IBhayibheli lithi futhi inkosikazi ‘ingumngane,’ umuntu osebenzisana nowakwakhe. (Malaki 2:14) Lezi zimiso ezingokomBhalo zisiza indoda nenkosikazi ukuba baqonde indima yomunye nomunye futhi baphathane ngenhlonipho nangesizotha esifanele.

‘SHESHA NGOKUPHATHELENE NOKUZWA’

8, 9. Chaza ezinye izimiso eziyobasiza bonke emkhayeni ukuba bathuthukise amakhono abo okukhulumisana.

8 Kulencwadi kuqokonyiswa ngokuphindaphindiwe isidingo sokukhulumisana. Kungani? Kungoba izinto ziba lula uma abantu bekhulumisana futhi belalelana ngempela. Kugcizelelwe ngokuphindaphindiwe ukuthi ukuxoxa kuwumgwaqo ozindlela-mbili. Umfundi uJakobe wakubeka ngalendlela: “Wonke umuntu kumelwe asheshe ngokuphathelene nokuzwa, ephuze ngokuphathelene nokukhuluma.”—Jakobe 1:19.

9 Kubalulekile nokuqaphela ukuthi sikhuluma kanjani. Amazwi okuphahluka, axabanisayo, noma agxeka kabuhlungu awakwenzi ukukhulumisana kuphumelele. (IzAga 15:1; 21:9; 29:11, 20) Ngisho nalapho kulungile esikushoyo, uma kushiwo ngendlela yonya, yokuzazisa, noma engenazwela, cishe kuyokwenza umonakalo omkhulu kunokuba kwenze okuhle. Esikukhulumayo kufanele kunambitheke, ‘kuyoliswe ngosawoti.’ (Kolose 4:6) Amazwi ethu kufanele abe ‘njengama-apula asezitsheni zesiliva.’ (IzAga 25:11) Imikhaya efunda ukukhulumisana kahle ithathe igxathu elikhulu eliyisa enjabulweni.

INDIMA EBALULEKILE YOTHANDO

10. Hlobo luni lothando olubalulekile emshadweni?

10 Igama elithi “uthando” livela njalo kuyo yonke lencwadi. Uyalukhumbula uhlobo lothando okukhulunywe ngalo ngokuyinhloko? Kuyiqiniso ukuthi uthando lwabantu ababili bobulili obuhlukile (ngesiGreki, eʹros) lufeza indima ebalulekile emshadweni, futhi emishadweni ephumelelayo, uthando lomzwelo olujulile nobungane (ngesiGreki, phi·liʹa) kuyakhula phakathi kwendoda nenkosikazi. Kodwa olubaluleke nakakhulu uthando oluchazwa igama lesiGreki elithi a·gaʹpe. Yilolu thando esiluhlakulela ngoJehova, ngoJesu, nangomakhelwane bethu. (Mathewu 22:37-39) Uthando uJehova alubonisa isintu. (Johane 3:16) Yeka ukuthi kuhle kanjani ukuthi esishade nabo nezingane zethu singababonisa uhlobo olufanayo lothando!—1 Johane 4:19.

11. Uthando luwuzuzisa kanjani umshado?

11 Emshadweni lolu thando oluphakeme ngempela “luyisibopho esiphelele sobunye.” (Kolose 3:14) Lubopha umbhangqwana ndawonye futhi luwenze ufune ukwenzelana okuhle kodwa, wona nezingane zawo. Lapho imikhaya ibhekana nezimo ezinzima, uthando luyisiza ukuba ikwazi ukusingatha izinto ngobunye. Njengoba umbhangqwana ukhula, uthando luwusiza ukuba usekelane futhi uqhubeke wazisana. “Uthando . . . aluzifuneli izinzuzo zalo siqu. . . . Lubekezelela zonke izinto, lukholelwa yizo zonke izinto, luthemba zonke izinto, lukhuthazelela zonke izinto. Uthando alupheli nanini.”—1 Korinte 13:4-8.

12. Kungani uthando umbhangqwana oshadile onalo ngoNkulunkulu luwuqinisa umshado?

12 Isibopho somshado siqine ngokukhethekile uma singakhonkwanga nje uthando oluphakathi kwabashadile kuphela kodwa uma ngokuyinhloko kuwuthando ngoJehova. (UmShumayeli 4:9-12) Ngani? Umphostoli uJohane wabhala: “Yilokhu okushiwo uthando ngoNkulunkulu, ukuba sigcine imiyalo yakhe.” (1 Johane 5:3) Ngakho, umbhangqwana kufanele uqeqeshe izingane zawo ngokuzinikela kokuhlonipha uNkulunkulu hhayi nje ngoba uzithanda ngokujulile izingane zawo kodwa ngoba kuwumyalo kaJehova. (Duteronomi 6:6, 7) Kufanele ugweme ukuziphatha okubi hhayi nje ngoba uthandana wona wodwa kodwa ngokuyinhloko ngoba uthanda uJehova, ‘oyokwahlulela izifebe neziphingi.’ (Heberu 13:4) Ngisho noma kungumuntu oyedwa odala izinkinga ezinzima emshadweni, uthando ngoJehova luyoshukumisela omunye umngane womshado ukuba aqhubeke elandela izimiso zeBhayibheli. Iyajabula ngempela leyo mikhaya lapho uthando ngomunye nomunye luqiniswa khona uthando ngoJehova!

UMKHAYA OWENZA INTANDO KANKULUNKULU

13. Ukuzimisela kwabantu ukwenza intando kaNkulunkulu kuyobasiza kanjani ukuba bagxile ezintweni ezibaluleke ngempela?

13 Konke ukuphila komKristu kugxile ekwenzeni intando kaNkulunkulu. (IHubo 143:10) Yilokhu-ke okushiwo ukuzinikela kokuhlonipha uNkulunkulu. Ukwenza intando kaNkulunkulu kusiza imikhaya ukuba igxile ezintweni ezibaluleke ngempela. (Filipi 1:9, 10) Ngokwesibonelo, uJesu waxwayisa: “Ngeza ukubangela ukuhlukana, kumuntu noyise, nendodakazi nonina, nomfazi osemusha noninazala. Ngempela, izitha zomuntu kuyoba abantu bendlu yakhe siqu.” (Mathewu 10:35, 36) Ngokuvumelana nesixwayiso sikaJesu, abalandeli bakhe abaningi baye bashushiswa amalungu omkhaya. Yeka isimo esidabukisayo nesibuhlungu! Nakuba kunjalo, izibopho zomkhaya akufanele zibaluleke ngaphezu kothando lwethu ngoJehova uNkulunkulu noJesu Kristu. (Mathewu 10:37-39) Uma umuntu ekhuthazela naphezu kokuphikisa komkhaya, abaphikisi bangase bashintshe lapho bebona imiphumela emihle yokuzinikela kokuhlonipha uNkulunkulu. (1 Korinte 7:12-16; 1 Petru 3:1, 2) Ngisho noma kungenzeki lokho, awuzuzi lutho ngokuyeka ukukhonza uNkulunkulu ngenxa yokuphikiswa.

14. Isifiso sokwenza intando kaNkulunkulu siyobasiza kanjani abazali ukuba bathathe isinyathelo esiyozuzisa izingane zabo?

14 Ukwenza intando kaNkulunkulu kusiza abazali benze izinqumo ezilungile. Ngokwesibonelo, kweminye imiphakathi abazali bathambekela ekubhekeni izingane njengempahla abazozuza ngayo kamuva, futhi bathembela ezinganeni zabo ukuba zibanakekele lapho sebegugile. Nakuba kulungile futhi kufaneleka ukuba izingane ezikhulile zinakekele abazali bazo abagugile, ukucabangela okunjalo akufanele kwenze abazali bathonye izingane zabo ukuba ziphishekele indlela yokuphila yokuthanda izinto ezibonakalayo. Abazali abazisizi ngalutho izingane zabo uma bezikhulisela ukuba zithande izinto ezibonakalayo ngaphezu kwezingokomoya.—1 Thimothewu 6:9.

15. Unina kaThimothewu, u-Evnike, waba kanjani isibonelo esihle somzali owenza intando kaNkulunkulu?

15 Isibonelo esihle kulokhu u-Evnike, unina kamngane kaPawulu osemusha uThimothewu. (2 Thimothewu 1:5) Nakuba ayeshade nomuntu ongakholwa, u-Evnike, kanye noninakhulu kaThimothewu uLowisi, bamkhulisa ngempumelelo uThimothewu ukuba aphishekele ukuzinikela kokuhlonipha uNkulunkulu. (2 Thimothewu 3:14, 15) Lapho uThimothewu esekhule ngokwanele, u-Evnike wamvumela ukuba ahambe ekhaya ayoqala umsebenzi wokushumayela ngoMbuso njengomngane kaPawulu oyisithunywa sevangeli. (IzEnzo 16:1-5) Yeka indlela okumelwe ukuba wajabula ngayo lapho indodana yakhe iba isithunywa sevangeli esivelele! Ukuzinikela kwakhe kokuhlonipha uNkulunkulu njengomuntu omdala kwabonisa ukuthi wayeqeqeshwe kahle esemncane. Ngempela, u-Evnike wathola ukwaneliseka nenjabulo lapho ezwa imibiko yenkonzo kaThimothewu yokwethembeka, nakuba mhlawumbe ayemkhumbula.—Filipi 2:19, 20.

UMKHAYA NEKUSASA LAKHO

16. Njengendodana, yikuphi ukukhathalela okufanele uJesu akubonisa, kodwa wawuyini umgomo wakhe oyinhloko?

16 UJesu wakhuliswa emkhayeni ohlonipha uNkulunkulu, futhi lapho esemdala, wabonisa ukumkhathalela okufanele unina njengendodana. (Luka 2:51, 52; Johane 19:26) Nokho, umgomo kaJesu oyinhloko wawuwukufeza intando kaNkulunkulu, futhi lokhu kwakuhlanganisa ukuba avulele abantu indlela yokujabulela ukuphila okuphakade. Lokhu wakwenza lapho enikela ngokuphila kwakhe kobuntu okuphelele njengesihlengo sesintu esinesono.—Marku 10:45; Johane 5:28, 29.

17. Inkambo kaJesu yokwethembeka yabanikeza maphi amathemba akhazimulayo labo abenza intando kaNkulunkulu?

17 Ngemva kokufa kukaJesu, uJehova wamphakamisela ekuphileni kwasezulwini wamnika igunya elikhulu, ekugcineni wammisa njengeNkosi eMbusweni wasezulwini. (Mathewu 28:18; Roma 14:9; IsAmbulo 11:15) Umhlatshelo kaJesu wenza ukuba abanye abantu bakhethelwe ukubusa naye kulowo Mbuso. Kwabuye kwavulela sonke isintu esiqotho indlela yokujabulela ukuphila okuphelele emhlabeni obuyiselwe ezimweni zepharadesi. (IsAmbulo 5:9, 10; 14:1, 4; 21:3-5; 22:1-4) Elinye lamalungelo amakhulu esinawo namuhla elokutshela omakhelwane bethu lezi zindaba ezinhle ezikhazimulayo.—Mathewu 24:14.

18. Yisiphi isikhumbuzo nesikhuthazo esinikezwa imikhaya nabantu ngabanye?

18 Njengoba umphostoli uPawulu abonisa, ukuphila ukuphila kokuzinikela kokuhlonipha uNkulunkulu kunesithembiso sokuthi abantu bangazizuza lezo zibusiso ekuphileni ‘okuzayo.’ Ngokuqinisekile, lena indlela enhle kunazo zonke yokuthola injabulo! Khumbula, “izwe liyadlula kanjalo nesifiso salo, kodwa lowo owenza intando kaNkulunkulu uhlala kuze kube phakade.” (1 Johane 2:17) Ngakho, kungakhathaliseki ukuthi uyingane noma ungumzali, indoda noma inkosikazi, noma ungumuntu omdala ongashadile onezingane noma ongenazo, lwela ukwenza intando kaNkulunkulu. Ngisho nalapho ucindezelekile noma ubhekene nobunzima obungaphezu kwamandla, ungalokothi ukhohlwe ukuthi uyisikhonzi sikaNkulunkulu ophilayo. Kwangathi-ke izenzo zakho zinganikeza uJehova intokozo. (IzAga 27:11) Futhi kwangathi ukuziphatha kwakho kungakulethela injabulo manje nokuphila okuphakade ezweni elisha elizayo!

LEZI ZIMISO ZEBHAYIBHELI ZINGAWUSIZA KANJANI . . . UMKHAYA WAKHO UKUBA UJABULE?

Ukuzithiba kungahlakulelwa.—Galathiya 5:22, 23.

Benombono ofanele ngobunhloko, indoda nenkosikazi bafunela umkhaya izithakazelo ezinhle kakhulu.—Efesu 5:22-25, 28-33; 6:4.

Ukukhulumisana kuhlanganisa nokulalela.—Jakobe 1:19.

Uthando ngoJehova luyokwenza umshado uqine.—1 Johane 5:3.

Ukwenza intando kaNkulunkulu kuwumgomo womkhaya obaluleke kunayo yonke.—IHubo 143:10; 1 Thimothewu 4:8.

[Ibhokisi ekhasini 188]

ISIPHO SOKUNGASHADI

Akubona bonke abantu abashadayo. Futhi akuyona yonke imibhangqwana eshadile ekhetha ukuba nezingane. UJesu wayengashadile, futhi wakhuluma ngokungashadi njengesipho uma ‘kungenxa yombuso wamazulu.’ (Mathewu 19:11, 12) Umphostoli uPawulu naye wakhetha ukungashadi. Wakhuluma ngakho kokubili ukushada nokungashadi ‘njengezipho.’ (1 Korinte 7:7, 8, 25-28) Ngakho, nakuba lencwadi iye yaxoxa kakhulu ngezinto eziphathelene nomshado nokukhulisa izingane, akufanele sikhohlwe izibusiso nemivuzo engatholakala ngokuhlala ungashadile noma ngokushada kodwa ungabi nazingane.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela