Inkululeko Yeqiniso Ngaphansi Kokubusa KoMbuso
“Nakho okudaliweyo kuyakukhululwa ebugqilini bokubhubha, kube-ngukukhululeka kwenkazimulo yabantwana bakaNkulunkulu.”—ROMA 8:21.
1. Ubani kuphela ongaletha inkululeko isintu esiyidinga ngokungathi sína, futhi ngani?
ISINTU sikufuna ngamehlo amnyama ukukhululwa ezimweni eziningi ezidabukisayo eziye zavama isikhathi eside. Kodwa, njengoba umlando uye wabonisa, kungaphezu kwamandla omuntu ukuletha inkululeko enjalo. “Kukhona amacebo amaningi enhliziyweni yomuntu, kepha isiluleko sikaJehova siyakuma.” (IzAga 19:21) Leso“siluleko” sikaJehova sithembisa ukuthi “azesule izinyembezi zonke emehlweni abo; ukufa akusayikuba-khona; nokudabuka, nokukhala, nobuhlungu akusayikuba-khona.” (IsAmbulo 21:4) Yeka ithemba elishukumisayo! Yeka ukuthi liyifanela kanjani incazelo yenkululeko engokoqobo iBhayibheli elithi iyovela kuJehova: “Nakho okudaliweyo kuyakukhululwa ebugqileni bokubhubha, kube-ngukukhululeka kwenkazimulo yabantwana bakaNkulunkulu”!—Roma 8:21.
2. Iliphi inxusa uJehova alisebenzisayo ekuletheni inkululeko enjalo?
2 Inxusa eliyoletha inkululeko enjalo emangalisayo liwuhulumeni osungulwe uJehova ukuba ubuse wonke umhlaba, uMbuso wasezulwini kaNkulunkulu. Intando kaNkulunkulu iyokwenziwa ngawo “emhlabeni njengasezulwini.” (Mathewu 6:10) YilowoMbuso ofanayo ngokushesha ozo“choboza, uqede yonke lemibuso [ekhona manje], wona uqobo ume phakade.”—Daniyeli 2:44.
3. Kungani kungamelwe sikhohliswe amacebo abantu okuxazulula lezinkinga zalelizwe?
3 Cha, uNkulunkulu akayikushintsha lelizwe elonakele. Selingaphezu kokuvuselelwa. Ngakho uma kukhona othi uma bekungalandelwa icebo elithile elikhethekile labantu, khona-ke izwe beliyozixazulula izinkinga zalo, ungakukholelwa. Esikhundleni salokho iZwi likaNkulunkulu libonisa ngokuqinisekile ukuthi ukuzama okungasho lutho iminyaka eyizi-6 000 yokubusa komuntu ngaphandle kukaNkulunkulu manje sekungene shí ‘ezinsukwini zakho zokugcina.’—2 Thimothewu 3:1-5, 13.
Uhulumeni Owodwa
4. Uyosho ukuthini uhulumeni owodwa woMbuso esintwini?
4 Ukubusa koMbuso kaNkulunkulu ongokwasezulwini kuyosho ukuba nohulumeni owodwa kuphela wawo wonke umhlaba. UMphathi wawo oyinhloko kuyoba uJesu Kristu, futhi iqembu elincane lezinye izinceku ezithembekile zikaNkulunkulu ezithathwe emhlabeni liyokhonza njengababusi kanye naye. Cabanga ngalokho uhulumeni owodwa, obusa ngemithetho nezimiso zikaNkulunkulu oyokubonisa emhlabeni! Yonke imincele manje ehlukanisa izizwe zibe amaqembu angezwani iyophela. Abantu bayobumbana babe umkhaya owodwa omuhle, bekhululekile ukuya kuwo wonke umhlaba ngaphandle kokuvinjelwa. Kuyobe kungasekho mapasi, izimvume zokungena ezweni noma abalinda imincele.—Filipi 2:9, 10; IsAmbulo 14:4; 20:6.
5. Siye saqashelwa kanjani isidingo sikahulumeni owodwa kuphela kuwo wonke umhlaba?
5 Abanye baye basiqaphela kudala isidingo sikahulumeni owodwa. KuyiBulletin Today, iphephandaba lasePhilippines, umhleli uGwynne Dyer uyalandisa: “U-A. J. P. Taylor, isazimlando esidumile senkathi yethu, muva nje wangitshela ukuthi ukholelwa ukuthi okuyilona themba lokugwema impi yezwe eyinhlekelele engaqeda impucuko ukuba othile adale umbuso wezwe. . . . Ngandlela-thile kumelwe sishiye isimo sethu samanje sokuphila emibusweni ehlukene [engaphezu kwe-150]—yonke ehlome ngokuphelele, futhi yonke engaba izisulu zokubhujiswa ngokufanayo—sibe umbuso owodwa wezwe . . . Futhi kumelwe senze kanjalo ngokushesha. Isimo seZizwe Ezihlangene esibuthaka ngokudabukisayo nesihlukene phakathi ngokungenakulungiseka siyisilinganiso sokuthi kumelwe sizame kanganani . . . Isisho esidala sawo-1950 sisengesifanele: izwe elilodwa, noma lingabibikho.”
6. Hlobo luni lokuphatha loMbuso oyoba yikho?
6 Kuyoba izwe elilodwa, ngaphansi kukahulumeni owodwa kaNkulunkulu. Yeka isibusiso okuyoba yiso ukuba nokuphatha okuyosebenzelana nawo wonke umuntu ngomusa, ngokulunga nangokungabandlululi! Uma Ukhuluma ngeNkosi yasezulwini, uJesu Kristu, iBhayibheli ngokwesiprofetho lithi: “Uyakwahlulela abampofu ngokulunga, anqume ngokufaneleyo abathobileyo bomhlaba.” (Isaya 11:3, 4) Yebo, uKristu uyokwenza okulungile. Wakubonakalisa lokho lapho esemhlabeni, ngoba wakhuluma iqiniso futhi wadalula ubuzenzisi. Wavikela abacindezelwayo futhi akazange athokozise abacebile nabanamandla, nakuba engazange ababandlulule. Ngenxa yaloMphathi obonakalisiwe nonekhono osebenza ngaphansi kokuqondisa kukaJehova, “kuyakuhluma iqiniso emhlabeni, kulunguzele phansi nokulunga kwasezulwini.”—IHubo 85:11, 12.
Ukuthula Kweqiniso Nenala
7. Labo abayolondolozwa bangene oHlelweni Olusha lukaNkulunkulu bayobe sebenzeni kakade?
7 Yeka injabulo okuyoba yiyo lapho ungasaphili ngaphansi kokubusa kwabantu okwehlukene phakathi okunamabutho amaningi ahlomile nezimpi ezingapheli! Umnotho womhlaba ungasachithelwa ekubhujisweni. Esikhundleni salokho, leyominotho iyosetshenziswa ngenjongo yokuthula neyakhayo. Eqinisweni, labo uNkulunkulu ayobasindisa ekupheleni okuzayo kwalesimiso sezinto esikhona bayobe kakade sebesigcwalisile isiprofetho sikaMika 4:3: “Ziyakukhanda izinkemba zazo zibe-ngamakhuba, imikhonto yazo ibe-ngocelemba; isizwe asiyikuphakamisela isizwe inkemba, zingabe zisafunda ukulwa.” Obani, namuhla, phakathi kwabo bonke abantu bomhlaba asebeye bagcwalisa lesosiprofetho kakade? Umbhalo womlando wanamuhla ubonisa ukuthi oFakazi BakaJehova. Bawubufakazi obuphilayo beqiniso lokuthi ukuthula emhlabeni wonke ngaphansi kokubusa kukaNkulunkulu kuyoba okoqobo ngoba ukuthula emhlabeni wonke kakade kungokoqobo phakathi kwabo manje!
8, 9. Ukuthula nenala kuyoba ngakanani ngaphansi kokubusa koMbuso?
8 OHlelweni Olusha lukaNkulunkulu ukuthula kuyokwelulelwa kuzo zonke izingxenye zomhlaba. UIsaya 32:17, 18 ukhuluma ‘ngokuthula nokulondeka kuze kube-phakade,’ enezela: “Abantu bami bayakuhlala ematendeni okuthula, nasezindlini ezilondekayo, nasezindaweni zokuphumula ezinokuthula.” Cabanga ngokulondeka okunjalo kangangoba akuyikudingeka nokuba ukhiye iminyango yakho, nokuthi uyokwazi ukuya kunoma iyiphi indawo nganoma isiphi isikhathi sosuku noma ebusuku ngaphandle kokwesaba izinswelaboya noma abadlwenguli. Kungesizathu esihle ukuthi iBhayibheli lithi: “Bathokoze ngokuthula okukhulu.”—IHubo 37:11.
9 Inala iyohambisana nalokho kuthula, esikhundleni sezigidi ezifa unyaka ngamunye ngenxa yendlala njengoba kunjalo manje. Njengoba uJesu ayenamandla okusuthisa izinkulungwane ngokwandisa ngokuyisimangaliso izinkwa ezimbalwa kuphela nezinhlanzi ezimbalwa, ngaphansi kokuphatha kwakhe koMbuso uyokwazi ukuholela isintu ekugcwalisekeni kweHubo 72:16: “Kuyakuba-khona inala kakolweni ezweni esiqongweni sezintaba.” Futhi njengoba uMbuso kaNkulunkulu uyosusa yonke imigoqo yezombangazwe, kanye nokuhaha kwezentengiselwano nomncintiswano omoshayo, umkhiqizo womhlaba oyinala uyophuphuma ngokwenzuzo yaso sonke isintu, hhayi nje abambalwa. Kanjalo, kuyobe kungasayikuphinde kube khona abantwana abesabekayo njengemingcwi abanezingalo nemilenze engamathambo nezisu ezikhukhumele ngenxa yendlala.
Umsebenzi Ochumayo Nojabulisayo
10. Umsebenzi oHlelweni Olusha uyohluka kanjani kulowo wanamuhla?
10 Namuhla abantu abaningi abajabuli ngenxa yohlobo lomsebenzi okumelwe bawenze ukuze baziphilise. Izigidi zabanye azinawo umsebenzi kwaphela, aziqashiwe. Kodwa oHlelweni Olusha lukaNkulunkulu bayothola injabulo enkulu emsebenzini. Futhi ayiyikuba bikho ingozi yokubona imizamo yabo iba yize ngenxa yezimo ezimbi zezomnotho, ngenhlekelele ethile noma ngempi. “Bayakwakha izindlu, bahlale kuzo; bayakutshala izivini, badle izithelo zazo. Abayikwakha, kuhlale omunye, abayikutshala, kudle omunye, . . . nomsebenzi wezandla zabakhethiweyo bami uyakugugela kubo. Abayikushikashikela ize.”—Isaya 65:21-23.
11. Yini izikhonzi zoMbuso kaNkulunkulu eziyoyifeza mayelana nalomhlaba nokuphilayo okukuwo?
11 Ngenxa yezimo ezinjalo zomsebenzi ezijabulisayo, futhi nabantu benothando oluqotho ngomakhelwane, izikhonzi zalowoMbuso ziyofeza izinto ezimangalisa ngokuphindwe kankulungwane kunanoma yini lelizwe eliye layibona, kube yinzuzo yomhlaba nezinto eziphila kuwo. Kungakho uJesu ayengakhomba ePharadesi elizayo. (Luka 23:43) Njengoba uIsaya ebikezela: “Ugwadule luyohlabelela futhi luhube ngenjabulo; luyoba luhle njengezintaba zaseLebanoni futhi luvunde njengamasimu aseKarmeli naseSharoni. . . . Imifudlana iyogobhoza ogwadule; isihlabathi esishisayo siyokuba ichibi, nezwe elomile ligcwale imithombo. . . . Bayojabula phakade naphakade bekhululekile ebuhlungwini nasosizini.”—Isaya 35:2, 6, 7, 10, Today’s English Version.
Ukugula Nokufa Akusayikuba Khona
12. UJesu wasibonisa kanjani isimiso esihle sokuphulukisa ayosiqondisa emandleni oMbuso?
12 Nokho, kungaba okujabhisayo ukuba nakho konke lokho bese ulahlekelwa yikho ngenxa yokugula, ukuguga nokufa. Kodwa lokho odokotela nososayensi abangakwazi ukukwenza manje, uNkulunkulu uyokwenza ngaphansi kokubusa koMbuso. UNkulunkulu wadala umzimba womuntu, ingqondo nemizwelo. Uyazi ukuthi yini eyomenza abe ngcono, aphelele. Lapho esemhlabeni uJesu wabonisa amandla okuphulukisa ayewanikezwe uNkulunkulu futhi ayowasebenzisa oHlelweni Olusha: “Kwase kusondela kuye izixuku eziningi zinezinyonga, nezimpumputhe, nezimungulu, nezilima, nabanye abaningi, zababeka ngasezinyaweni zakhe; wabaphulukisa, baze bamangala abantu bebona izimungulu zikhuluma, izilima zisindile, izinyonga zihamba, izimpumputhe zibona.” (Mathewu 15:30, 31) Ngokungaphezulu, ngesintu esiyobe silethwe ekupheleleni kobuntu ngaphansi kokubusa koMbuso, ‘ukufa kuyogwinywa phakade.’ (Isaya 25:8) Uthando lukaJehova luyokweluleka, lufinyelele nakulabo okudala bafa, ngoba bayothola ithuba lokuphila oHlelweni Olusha lukaNkulunkulu ngokubuyiselwa ekuphileni ngovuko. Injabulo iyochichima ngokungalinganiseki, kusikhumbuza lapho uJesu evusa intombazane futhi ababebona “bamangala ngokumangala okukhulu.”—Marku 5:41, 42; Johane 5:28, 29.
13. Ziyini izinto abantu abangakhetha ukuzenza oHlelweni Olusha?
13 Cabanga ngalokho ongakwenza oHlelweni Olusha lokulunga nokuthula nenala unengqondo ephelele nomzimba—futhi ungasafi! Yeka ukuthi ziningi kangakanani izinto ofuna ukuzenza, kodwa awunaso isikhathi noma awukwazi ukuzenza! Cabanga ngokuvakashela amazwe nokujabulela izintaba ezinobukhosi, amahlathi aqabulayo, amasimu ahlotshiswe ngezimbali nezingadi, nezilwane ezithakazelisayo, imifudlana egelezayo namachibi angenakungcola, nokudla okumnandi kwabantu abehlukene. Cabanga ngamathalenta lawomadoda nabafazi abayowathuthukisa emisebenzini yobuciko, yokwakha, ekulungiseni izwe, ekuhlobiseni ikhaya, ebungcwetini nasemculweni. Ngokungangabazeki, isintu siyoshukunyiselwa ezimweni ezintsha eziphakeme nobuhle. Cabanga futhi ngokujwayelana kangcono naLowo owenza konke lokhu ukuba kube nokwenzeka, uJehova uNkulunkulu. Ulwazi olwandisiwe ngendawo yonke yakhe emangalisayo nemithala yayo, izinkanyezi nonozungezilanga kuyoba okuheha ngokumangalisayo. Yebo, ngempela, “okudaliweyo kuyakukhululwa ebugqileni bokubhubha, kube-ngukukhululeka kwenkazimulo yabantwana bakaNkulunkulu.”—Roma 8:21.
Ukwamukela Iqiniso
14. Kungani singaba nokuthembela okugcwele kukho konke uJehova akuthembisile?
14 Ungazikholelwa ngempela zonke lezithembiso zikaNkulunkulu? Yebo, ungazikholelwa. Ungazizwa njengoJoshuwa owayesaba uNkulunkulu lapho ethi: “Akuphuthanga nento eyodwa kuzo zonke izinto ezinhle azikhuluma uJehova uNkulunkulu wenu ngani; kwenzeka konke kini, akuphuthanga nento eyodwa kukho.” (Joshuwa 23:14) Ngempela, ungabeka ukuphila kwakho ezithembisweni zikaNkulunkulu ngoba lokho akushoyo kuyiqiniso futhi kuyokwenzeka ngempela.—Isaya 46:9-11.
15. Isiphi isimo salelizwe izinceku zikaNkulunkulu ezisenqabayo?
15 IBhayibheli libonisa ngokukhanyayo ukuthi kuneqiniso, ukuthi liyini, ukuthi likuphi nokuthi obani abanalo. Umbuzo obhekene nathi ngabanye yilo: Ingabe ulifuna ngempela iqiniso? ‘Nokho,’ abanye bangase bathi, ‘kanti abantu abaningi abalifuni yini iqiniso?’ Cha, ngoba uJesu wathi indlela eya ekuphileni okuphakade incane futhi bayingcosana abahamba ngayo. (Mathewu 7:13, 14) Iningi lesintu namuhla lizizwa ngendlela iBhayibheli elichaza ngayo kuJobe 21:14-16: “Suka kithi, asifuni ukwazi izindlela zakho. USomandla uyini ukuba simkhonze na? Siyakuzuzani, uma sikhuleka kuye, na?” Kodwa uJobe uthi, “Icebo lababi malibe-kude nami.” Indlela yabo yokucabanga ayisekelwe eqinisweni kodwa isekelwe emangeni kaSathane okuthi abantu bayoba ngcono ngokushiya uNkulunkulu.
16. Kungani singaqiniseka ukuthi noma ubani olifuna ngokuqinisekile iqiniso uyolithola?
16 Noma imuphi umuntu olifuna ngempela iqiniso, futhi acele uNkulunkulu ukuba amsize alithole, ngokuqinisekile uyoholelwa kulo. Akusho lutho ukuthi uhlala kuphi noma ungaphansi kwaziphi izimo. Kungani kunjalo? Ngoba nakuba uJehova esebenzisa izinceku zakhe ezithembekile emhlabeni ukuba zishumayele izindaba ezinhle zoMbuso ngaphambi kokuba ukuphela kufike, umsebenzi wokufuna abathanda iqiniso akuwona umsebenzi wabantu nje. INkosi yasezulwini uJesu Kristu noquqaba lwamabutho akhe asezulwini anamandla babheke lesisigijimi ukuthi siqhubekela kulo lonke izwe ngamandla akhulayo.—Mathewu 25:31, 32; IsAmbulo 14:6, 7.
17. Uma umuntu elifuna ngempela iqiniso, kumelwe enzeni?
17 Sonke isimiso sezinto sesizofinyelela ekupheleni kwaso. Uma ulifuna ngempela iqiniso futhi ufuna ukuqhubeka uphila, kudingeka ukubonakalise lokhu kuNkulunkulu nakubantu. Ngenisa ulwazi oluqondile lweZwi likaNkulunkulu. Hlanganyela nabantu bakhe. “Funani kuqala umbuso kaNkulunkulu nokulunga kwakhe.”—Mathewu 6:33; Johane 17:3; Heberu 10:24, 25.
18. Iziphi izinzuzo ezivunwa ngisho namanje yilabo abaphila ngeqiniso?
18 Njengoba wenza kanjalo, uyovuna izinzuzo eziningi ngisho namanje. Labo abafunda iqiniso futhi baphile ngalo bathola inkululeko enkulu ngokwengqondo nangokwemizwelo, ngoba bayazi ukuthi kungani izikhathi zizimbi kangaka nokuthi ikusasa liphetheni. Bakhululekile futhi endleleni eyize yokuphila yabantu balelizwe abakhandlekela izinzuzo ezibonakalayo kuphela, kodwa abayolahlekelwa yizo zonke uma lesimiso siphela. (1 Johane 2:15-17) Kunempumuzo emangalisayo yokukhululwa ekudukeni kwenkolo.
19. Yini oyoyenza uma unothando ngeqiniso?
19 Ingabe unalo ngempela uthando ngeqiniso? Khona-ke uyomthanda uNkulunkulu weqiniso. Uyowathanda amaqiniso amangalisayo awembulayo ngokubusa koMbuso wakhe. Uyoyithanda inhlangano yakhe ebonakalayo emhlabeni, eyakhiwe abantu abaqoqayo manje ukuze basindiswe. (Isaya 2:2-4) Awuyikuvumela lutho ezulwini noma emhlabeni lukuvimbele ekukhonzeni ngokwethembeka uNkulunkulu weqiniso ongakukhulula ngeqiniso lakhe.—Johane 8:31, 32.
Ungayiphendula lemibuzo?
□ UJehova uyoyiletha kanjani inkululeko yeqiniso esintwini?
□ Uhulumeni owodwa wezwe uyosho ukuthini kubantu?
□ Ibuphi ubufakazi obuphilayo obukhona bokuthi ukuthula kweqiniso kuyotholakala ngaphansi kokubusa koMbuso?
□ Ikuphi ukungafani okuyoba khona phakathi komsebenzi kulesimiso nasoHlelweni Olusha?
□ Kungani singaqiniseka ukuthi abafuna iqiniso ngobuqotho bayoholelwa kulo?
[Isithombe ekhasini 17]
Labo abayosinda ekupheleni kwalesimiso bayobe kakade ‘sebekhande izinkemba zabo zaba amakhuba’
[Izithombe ekhasini 19]
OHlelweni Olusha lukaNkulunkulu, abantu bayothola injabulo enkulu ezimweni ezijabulisayo zomsebenzi