INgxenye 10
Izwe Elisha Elimangalisayo Elenziwe UNkulunkulu
1, 2. Yini eyokwenzeka ngemva kwempi ehlanzayo yeArmagedoni?
NGEMVA kwempi kaNkulunkulu yokuhlanza yeArmagedoni, kuyokwenzekani? Khona-ke kuyoqalisa inkathi entsha ekhazimulayo. Abasinde eArmagedoni, njengoba kakade bayobe sebekubonisile ukuthembeka kwabo ekubuseni kukaNkulunkulu, bayongeniswa ezweni elisha. Yeka inkathi yomlando entsha evusa amadlingozi okuyoba yiyo njengoba izinzuzo ezimangalisayo zigelezela emkhayeni wesintu zivela kuNkulunkulu!
2 Ngaphansi kokuqondisa koMbuso kaNkulunkulu, abasindile bayoqalisa ukwenza ipharadesi. Amandla abo ayosetshenziselwa izithakazelo ezingesizo ezobugovu eziyozuzisa bonke abayobe bephila ngalesosikhathi. Umhlaba uyoqala ukuguqulelwa ekubeni ikhaya elihle, elinokuthula, elanelisayo lesintu.
Ukulunga Kuthatha Indawo Yobubi
3. Iyiphi impumuzo esheshayo eyozwiwa ngemva nje kweArmagedoni?
3 Konke lokhu kuyokwenziwa kwenzeke ngokubhujiswa kwezwe likaSathane. Ngeke kusaba khona izinkolo zamanga, izimiso zezenhlalo, noma ohulumeni okuhlukanisayo. Ngeke kusaba nenkulumo-ze evela kuSathane yokukhohlisa abantu; wonke amanxusa ayibangelayo ayodlula nesimiso sikaSathane. Cabanga nje: wonke umoya owushevu wezwe likaSathane usususiwe! Yeka indlela lokho okuyoba ngayo impumuzo!
4. Chaza ushintsho oluyoba khona ekufundiseni.
4 Khona-ke imibono elimazayo yokubusa komuntu iyothathelwa indawo imfundiso eyakhayo evela kuNkulunkulu. “Bonke abantwana bakho bayakuba-ngabafundi bakaJehova.” (Isaya 54:13) Ngalemfundo enempilo yaminyaka yonke, “umhlaba uyakugcwala ukumazi uJehova njengamanzi asibekela ulwandle.” (Isaya 11:9) Abantu ngeke besafunda okubi, kodwa ‘abakhileyo bezwe bayofunda ukulunga.’ (Isaya 26:9) Imicabango kanye nezenzo okwakhayo kuyoba isici esivelele.—IzEnzo 17:31; Filipi 4:8.
5. Yini eyokwenzeka ngabo bonke ububi kanye nabantu ababi?
5 Ngaleyondlela, ngeke kusaba khona ukubulala, ubudlova, ukudlwengula, ukuphanga, noma nanoma ibuphi obunye ubugebengu. Akekho okuyodingeka ahlupheke ngenxa yezenzo ezimbi zabanye. IzAga 10:30 zithi: “Olungileyo akayikunyakaziswa kuze kube-phakade, kepha ababi abayikuhlala ezweni.”
Impilo Ephelele Iyabuyiselwa
6, 7. (a) Yiliphi iqiniso elibuhlungu ukubusa koMbuso oyoliqeda? (b) UJesu wakubonisa kanjani lokhu lapho esemhlabeni?
6 Ezweni elisha, kuyolungiswa yonke imiphumela emibi yokuhlubuka kokuqala. Ngokwesibonelo, ukubusa koMbuso kuyoqeda ukugula kanye nokuguga. Namuhla, ngisho nakuba ujabulela isilinganiso esithile sempilo enhle, iqiniso elibuhlungu liwukuthi njengoba ukhula, amehlo akho ayafiphala, amazinyo akho abole, ukuzwa kwakho kuthuntubale, isikhumba sakho sibe nemibimbi, izitho zakho zangaphakathi ziwohloke, kuze kube yilapho ekugcineni ufa.
7 Nokho, leyomiphumela edabukisayo esayizuza ngefa kubazali bethu bokuqala ngokushesha izoba into yesikhathi esidlule. Ingabe uyakhumbula ukuthi yini uJesu ayibonisa ngokuphathelene nempilo lapho esemhlabeni? IBhayibheli liyalandisa: “Kwase kusondela kuye izixuku eziningi zinezinyonga, nezimpumputhe, nezimungulu, nezilima, nabanye abaningi, zababeka ngasezinyaweni zakhe; wabaphulukisa, baze bamangala abantu bebona izimungulu zikhuluma, izilima zisindile, izinyonga zihamba, izimpumputhe zibona.”—Mathewu 15:30, 31.
8, 9. Chaza injabulo eyoba khona ezweni elisha lapho kubuyiselwa impilo ephelele.
8 Yeka injabulo enkulu eyoba khona ezweni elisha lapho konke ukugula kwethu sekuqediwe! Ukuhlushwa impilo engenhle ngeke kuphinde kusikhathaze. “Abakhé khona abayikusho ukuthi: Ngiyagula.” “Khona amehlo ezimpumputhe ayakuvulwa, zivuleke nezindlebe zezithulu. Khona unyonga luyakutshekula njengendluzele, nolimi lwesimungulu luyakuhuba.”—Isaya 33:24; 35:5, 6.
9 Ingabe ngeke kujabulise ukuvuka njalo ekuseni futhi ubone ukuthi manje ujabulela impilo yobungqabavu? Ingabe ngeke kubajabulise abantu abagugile ukwazi ukuthi babuyiselwe ebungqabavwini obugcwele bobusha futhi bazofinyelela ukuphelela uAdamu noEva ababekujabulela ekuqaleni? Isithembiso seBhayibheli siwukuthi: “Inyama yakhe ibentsha kuneyomntwana, abuyele emihleni yobusha bakhe.” (Jobe 33:25) Yeka ukuthi kuyojabulisa kanjani ukuntshinga kude lezozibuko zamehlo, izinsiza-kuzwa, izinduku zokuzimelela, izinqola zabakhubazekile, kanye nemithi! Izibhedlela, odokotela, kanye nodokotela bamazinyo ngeke kuphinde kudingeke.
10. Yini eyokwenzeka ngokufa?
10 Abantu abajabulela impilo enjalo yobungqabavu ngeke bafune ukufa. Futhi ngeke kudingeke bafe, ngoba isintu siyobe singasabanjiwe ukungapheleli kanye nokufa esakuzuza ngefa. UKristu “umelwe ukubusa, aze abeke izitha zonke phansi kwezinyawo zakhe. Isitha sokugcina esiyakuchithwa singukufa.” “Isipho somusa sikaNkulunkulu singukuphila okuphakade.”—1 Korinte 15:25, 26; Roma 6:23; bheka noIsaya 25:8.
11. IsAmbulo sizibeka kanjani ngamafuphi izinzuzo zezwe elisha?
11 Ibeka ngamafuphi izinzuzo eziyogelezela emkhayeni wesintu ePharadesi zivela kuNkulunkulu okhathalelayo, incwadi yokugcina yeBhayibheli ithi: “[UNkulunkulu] azesule izinyembezi zonke emehlweni abo; ukufa akusayikuba-khona; nokudabuka, nokukhala, nobuhlungu akusayikuba-khona; ngokuba okokuqala kudlulile.”—IsAmbulo 21:3, 4.
Abafileyo Bayabuya
12. UJesu wawabonisa kanjani amandla akhe awanikezwe uNkulunkulu okuvusa abafileyo?
12 UJesu wenza okungaphezu kokwelapha abagulayo kanye nokuphulukisa abaxhwalile. Wavusa nabantu abasemathuneni. Ngaleyondlela wabonisa amandla amangalisayo okuvusa abafileyo uNkulunkulu ayemnikeze wona. Ingabe uyasikhumbula isenzakalo lapho uJesu angena endlini yendoda eyayishonelwe indodakazi yayo? UJesu wathi entombazaneni efile: “Ntombazana, ngithi kuwe, vuka!” Kwaba namuphi umphumela? “Yayisivuka masinyane intombazana, yahamba.” Lapho bebona lokhu, abantu ababelapho “bamangala ngokumangala okukhulu.” Babengakwazi ukuyibamba injabulo yabo!—Marku 5:41, 42; bheka noLuka 7:11-16; Johane 11:1-45.
13. Abantu abanjani abayovuswa?
13 Ezweni elisha, “kuyakuba-khona ukuvuka kwabafileyo, okwabalungile nokwabangalungile.” (IzEnzo 24:15) Ngalesosikhathi uJesu uyosebenzisa amandla akhe awanikezwe uNkulunkulu ukuba avuse abafileyo, ngoba njengoba asho, “Mina ngingukuvuka nokuphila; okholwa yimi, noma efa, wophila.” (Johane 11:25) Wathi futhi: “Bonke abasemathuneni okukhunjulwa [enkumbulweni kaNkulunkulu] bayolizwa izwi lakhe [uJesu] futhi baphume.”—Johane 5:28, 29, NW.
14. Ngenxa yokuthi ukufa ngeke kusaba khona, yiziphi izinto eziyopheliswa?
14 Iyoba nkulu injabulo emhlabeni wonke lapho amaqembu ngamaqembu abantu ebuyela ekuphileni ukuze ahlangane nabathandekayo bawo! Ngeke ziphinde zibe khona izinhlu zamaphephandaba zemibiko yabafileyo eziletha usizi kwabasele. Kunalokho, kungase kube khona okuphambene nalokho: izaziso zabasanda kuvuswa ezizoletha injabulo kulabo ababebathanda. Ngakho ngeke iphinde ibe khona imingcwabo, inqwaba yezinkuni yokushisa izidumbu, izindawo okushiselwa kuzo izidumbu, noma amangcwaba!
Izwe Elinokuthula Ngempela
15. Isiprofetho sikaMika siyogcwaliseka kanjani ngomqondo ogcwele?
15 Kuyoba nokuthula kweqiniso kuzo zonke izici zokuphila. Izimpi, abagqugquzeli bezimpi, kanye nokukhiqizwa kwezikhali kuyoba izinto zesikhathi esedlule. Ngani? Ngenxa yokuthi izithakazelo ezehlukanisayo zobuzwe, zezizwe, kanye nezezinhlanga ziyonyamalala. Khona-ke, ngomqondo ogcwele, “isizwe asiyikuphakamisela isizwe inkemba, zingabe zisafunda ukulwa.”—Mika 4:3.
16. UNkulunkulu uyoqikelela kanjani ukuthi izimpi azibibikho?
16 Lokhu kungase kubonakale kumangaza uma kubhekwa umlando wezimpi ezingapheli ogcwele ukuchithwa kwegazi. Kodwa lokho kuye kwenzeka ngenxa yokuthi isintu besingaphansi kokubusa kwabantu nokwamademoni. Ezweni elisha, ngaphansi kokubusa koMbuso, nakhu okuyokwenzeka: “Wozani nibone izenzo zikaJehova, . . . Uphelisa ukulwa kuze kube-semikhawulweni yomhlaba; uyaphula umnsalo, anqume umkhonto, izinqola zempi azishise ngomlilo.”—IHubo 46:8, 9.
17, 18. Ezweni elisha, ibuphi ubuhlobo obuyoba khona phakathi kwabantu nezilwane?
17 Kuyoba khona ukuthula phakathi komuntu nesilwane, njengoba kwakunjalo e-Edene. (Genesise 1:28; 2:19) UNkulunkulu uthi: “Ngalolosuku ngiyakubenzela isivumelwano nezilwane zasendle, nezinyoni zezulu nezilwanyana ezinwabuzelayo emhlabeni, . . . ngibalalise belondekile.”—Hoseya 2:18.
18 Kuyoba kukhulu kangakanani lokho kuthula? “Impisi iyakuhlala newundlu, ingwe ibuthise ndawonye nezinyane lembuzi, ithole nebhongo lengonyama kukhuluphaliswe kanyekanye, nomntwana omncane uyakukuqhuba.” Izilwane ngeke ziphinde zibe usongo kumuntu nakuzo ngokwazo. Ngisho ‘nengonyama idle utshani njengenkabi’!—Isaya 11:6-9; 65:25.
Umhlaba Uyashintshwa Uba IPharadesi
19. Umhlaba uyoshintshwa ube yini?
19 Wonke umhlaba uyoshintshwa ube ikhaya lesintu eliyipharadesi. Yingakho uJesu athembisa indoda eyayikholelwa kuye: “Uzakuba-nami eParadisi.” IBhayibheli lithi: “Kuyakujabula ihlane nogwadule, kuthokoze uqwathule, lukhahlele njengentebe. . . . Ngokuba ehlane kuyakubhoboka amanzi, nemifudlana kwahlongasibi.”—Luka 23:43; Isaya 35:1, 6.
20. Kungani indlala ingeke iphinde isihluphe isintu?
20 Ngaphansi koMbuso kaNkulunkulu, indlala ngeke iphinde ihluphe izigidi. “Kuyakuba-khona inala kakolweni ezweni esiqongweni sezintaba.” “Umuthi osendle uyakuthela izithelo zawo, umhlabathi uthele ukudla kwawo, zihlale zilondekile ezweni lazo.”—IHubo 72:16; Hezekeli 34:27.
21. Yini eyokwenzeka ngokungabi namakhaya, izindlu ezingamafuku, kanye nezindawo ezizungezile ezimbi?
21 Ngeke kuphinde kube khona ubumpofu, abantu abangenamakhaya, izindlu ezingamafuku, noma izindawo ezigcwele ubugebengu. “Bayakwakha izindlu, bahlale kuzo; bayakutshala izivini, badle izithelo zazo. Abayikwakha, kuhlale omunye; abayikutshala, kudle omunye.” “Bayakuhlala, kube-yilowo nalowo phansi komvini wakhe naphansi komkhiwane wakhe; akakho oyakubesabisa.”—Isaya 65:21, 22; Mika 4:4.
22. IBhayibheli lizichaza kanjani izibusiso zokubusa koMbuso?
22 Abantu bayakubusiswa ngazo zonke lezizinto, nangezinye ezengeziwe, ePharadesi. IHubo 145:16 lithi: “Uyavula isandla sakho [Nkulunkulu], usuthise ukufisa kwakho konke okuphilayo.” Kungakho isiprofetho seBhayibheli sithi: “Abathobekileyo bazakulidla ifa lomhlaba, bathokoze ngokuthula okukhulu. . . . Abalungileyo bazakudla ifa lomhlaba, bahlale kuwo njalonjalo.”—IHubo 37:11, 29.
Ukulungisa Izinto Zesikhathi Esedlule
23. UMbuso kaNkulunkulu uyokulungisa kanjani konke ukuhlupheka esiye saba nakho?
23 Ukubusa koMbuso kaNkulunkulu kuyolungisa wonke umonakalo owenziwe emkhayeni wesintu eminyakeni eyizinkulungwane eziyisithupha edlule. Injabulo ngalesosikhathi iyokwedlula kakhulu noma ikuphi ukuhlupheka abantu abaye baba nakho. Ukuphila ngeke kuphazanyiswe yinoma iziphi izinkumbulo ezimbi zokuhlupheka kwangesikhathi esidlule. Imicabango nemisebenzi eyakhayo okuyoba ingxenye yokuphila kwabantu kwansuku zonke kancane kancane kuyokwesula zonke izinkumbulo ezidabukisayo.
24, 25. (a) Yini uIsaya abikezela ukuthi yayizokwenzeka? (b) Kungani singaqiniseka ukuthi izinkumbulo zokuhlupheka kwangesikhathi esidlule ziyoshabalala?
24 UNkulunkulu okhathalelayo uthi: “Ngiyadala izulu elisha [uhulumeni omusha wasezulwini phezu kwesintu] nomhlaba omusha [umphakathi wabantu olungile]; izinto zakuqala aziyikukhunjulwa, zingene enhliziyweni. Kepha jabulani, nethabe kuze kube-phakade ngengikudalayo.” “Wonke umhlaba uyaphumula, usenokuthula; baqhumuka ngokuhlabelela.”—Isaya 14:7; 65:17, 18.
25 Ngakho ngoMbuso wakhe, uNkulunkulu uyosilungisa ngokuphelele isimo esibi esesihlale isikhathi eside kangaka. Kuze kube phakade uyobonisa ukusikhathalela kwakhe okukhulu ngokusehlisela izibusiso eziyokwenza okungaphezulu kakhulu kokusibuyisela nganoma ibuphi ubuhlungu esabhekana nabo esikhathini sethu esedlule. Izinkathazo esaba nazo esikhathini esedlule ziyoshabalala zingakhumbuleki, uma kuyoke kwenzeke sizikhumbule.
26. Kungani uNkulunkulu eyosinxephezela ngenxa yanoma ikuphi ukuhlupheka kwangesikhathi esidlule?
26 Yileyondlela uNkulunkulu ayosinxephezela ngayo ngokuhlupheka okungenzeka siye sakukhuthazelela kulelizwe. Uyazi ukuthi kwakungelona iphutha lethu ukuthi sazalwa singaphelele, ngoba ukungapheleli sakuzuza ngefa kubazali bethu bokuqala. Kwakungelona iphutha lethu ukuthi sazalelwa ezweni likaSathane, ngoba ukuba uAdamu noEva bathembeka, sasiyozalelwa epharadesi. Ngakho ngesihawu esikhulu uNkulunkulu uyokwenza okungaphezu kokusibuyisela ngenxa yobubi besikhathi esedlule obenziwa kithi.
27. Iziphi iziprofetho eziyogcwaliseka ngokumangalisayo ezweni elisha?
27 Ezweni elisha, isintu siyoba nenkululeko eyabikezelwa kweyabaseRoma 8:21, 22: “Nakho okudaliweyo kuyakukhululwa ebugqileni bokubhubha, kube-ngukukhululeka kwenkazimulo yabantwana bakaNkulunkulu. Ngokuba siyazi ukuthi konke okudaliweyo kuyabubula kanyekanye kunezinseka kuze kube-manje.” Abantu ngalesosikhathi bayobona ukugcwaliseka okuphelele komthandazo othi: “Mawufike umbuso wakho; mayenziwe intando yakho emhlabeni njengasezulwini.” (Mathewu 6:10) Izimo ezimangalisayo emhlabeni oyiPharadesi ziyobonisa izimo zasezulwini.
[Izithombe ekhasini 23]
Ezweni elisha, abagugile bayobuyela ebungqabavwini bobusha
[Isithombe ekhasini 24]
Zonke izifo nokuxhwala kuyoqedwa ezweni elisha
[Isithombe ekhasini 25]
Ezweni elisha, abafileyo bayovuselwa ekuphileni
[Isithombe ekhasini 26]
‘Abasayikukufunda ukulwa’
[Izithombe ekhasini 27]
Abantu nezilwane bayoba nokuthula okuphelele ePharadesi
[Isithombe ekhasini 27]
‘UNkulunkulu uyovula isandla sakhe asuthise ukufisa kwakho konke okuphilayo’
[Isithombe ekhasini 28]
UMbuso kaNkulunkulu uyokwenza okungaphezu kokusibuyisela ngenxa yakho konke ukuhlupheka esiye sakukhuthazelela