Siza Ofunda Nabo IBhayibheli Babe Abamemezeli Bezindaba Ezinhle ZoMbuso
1 Wawufinyelela kude ngempela umyalo uJesu awunikeza abafundi bakhe otholakala kuMathewu 28:19, 20. Abafundi bakaKristu bayalwa ukuba benze abafundi abengeziwe, ngokuhamba kwesikhathi ababeyoqhubeka nomsebenzi wokwenza abafundi. Lokhu kwakuyobeka isisekelo sokushunyayelwa kokugcina kwezindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu emhlabeni wonke phakathi nenkathi yesiphelo ephawulekayo, esizithola siphila kuyo.—Math. 24:14.
2 Abantu esifunda nabo iBhayibheli kungaba yizingane zethu noma abathile abazimisele ukulifunda nathi. Sifuna ngobuqotho ukubasiza abanjalo ukuba ngamunye wabo amukele umthwalo wemfanelo wokusiza abanye ukuba babe abafundi bakaJesu Kristu.—Luka 6:40.
3 Basize Ukuba Bashumayele: Khuthaza labo ofunda nabo ukuba bakuhlanganyele nabanye lokho abakufundayo. Batshele ngokuhlangenwe nakho okukhuthazayo kwasenkonzweni. Ziqeqeshe zisencane izingane zakho ukuba zihlanganyele enkonzweni yasensimini ngendlela ephumelelayo ngokwalokho ezingakufeza. (IHu. 148:12, 13) Bonisa ukwazisa kwakho inkonzo ngamazwi nangezenzo.—1 Thim. 1:12.
4 UJehova usebenzisa kuphela labo abamukela futhi baphile ngezindinganiso zakhe ezilungile. Kuyiqiniso, abamemezeli abasanda kuqala abanakho okuhlangenwe nakho okufana nokwezikhonzi zoMbuso ezizinikezele futhi ezibhapathiziwe, kodwa kufanele bazikholwe izimfundiso eziyisisekelo zeBhayibheli futhi bakwazi ukuzichaza. (Bheka ethi Ukuhlelelwa, amakhasi 79-82.) Ngemva kokuzihlukanisa “neBhabhiloni Elikhulu” nazo zonke ezombusazwe, kufanele babe khona njalo emihlanganweni yebandla.—IsAm. 18:2, 4; Joh. 17:16; Heb. 10:24, 25.
5 Ngokushesha nje lapho usubona ukuthi othile kulabo ofunda nabo iBhayibheli uyakufanelekela ukuba ummemezeli ongabhapathiziwe, kufanele umbonisi owengamele aziswe ngalokhu. Uyohlela ukuba abadala ababili bahlale phansi nawe kanye nesifundo sakho seBhayibheli ukuze banqume ukuthi siyafaneleka yini ukuba ummemezeli ongabhapathiziwe wezindaba ezinhle zoMbuso ohlanganyela nebandla. Uyoba nelungelo lokuqhubeka uqeqesha lowo ofunda naye iBhayibheli njengoba ehamba nawe enkonzweni yasensimini.