Ingabe Ukukholelwa KuNkulunkulu Kunengqondo?
INGABE wake wazibuza ukuthi kungani zonke izinto kusukela ezinhlayiyeni zama-athomu kuye endaweni yonke ebanzi zilawulwa yimithetho yezibalo? Ingabe uke wacabanga nje ngokuphila—izinhlobo ezihlukahlukene zako, ukuba yinkimbinkimbi kwako kuhlanganise nomklamo wako? Abantu abaningi bathi indawo yonke nokuphila okukuyo kwavela ngengozi nangokuziphendukela kwemvelo. Abanye bathi kwadalwa uMklami ohlakaniphile. Imuphi umbono ozwakala unengqondo kuwe?
Iqiniso liwukuthi yomibili le mibono ihilela ukholo. Ukukholelwa kuNkulunkulu kuxhomeke okholweni. Njengoba nje iBhayibheli lisho, “akekho umuntu oye wabona uNkulunkulu noma nini.” (Johane 1:18) Ngokufanayo, akekho umuntu owabona ukwakheka kwendawo yonke noma isiqalo sokuphila. Akekho futhi umuntu owake wabona noma yiluphi uhlobo lokuphila lushintshela kolungcono kakhulu noma luba olunye uhlobo. Umlando wemivubukulo ubonisa ukuthi amaqembu amakhulu ezilwane aba khona futhi abelokhu enjalo awakaze ashintshe.a Ngakho-ke umbuzo oyinhloko uthi: Yiluphi ukholo olunesisekelo esiqinile—olusekelwe ekuziphendukeleni kwemvelo noma olusekelwe kuMdali?
Ingabe Ukholo Lwakho Lusekelwe Ebufakazini Obuqinile?
IBhayibheli lithi, “ukholo” lwangempela ‘luwukuboniswa okusobala kwezinto ezingokoqobo nakuba zingabonakali.’ (Hebheru 11:1) I-New English Bible ilibeka ngale ndlela leli vesi: “Ukholo . . . lusenza siqiniseke ngezinto ezingokoqobo esingaziboni.” Akungabazeki ukuthi ziningi izinto ezingokoqobo ongakaze uzibone kodwa okholelwayo ukuthi zikhona.
Ngokwesibonelo: Izazi-mlando eziningi ezihlonishwayo zikholelwa ukuthi u-Alexander Omkhulu, uJulius Caesar kanye noJesu Kristu bake baphila. Ingabe ukholo lwalezi zazi-mlando lunengqondo? Yebo, ngoba lusekelwe ebufakazini obungokomlando obunokwethenjelwa.
Nososayensi bayakholelwa ezintweni ezingokoqobo ezingabonakali ngenxa ‘yokuboniswa okusobala’ kokuthi lezo zinto zikhona. Ngokwesibonelo, usokhemisi ongumRussia wangekhulu le-19, uDmitry Mendeleyev wahlatshwa umxhwele ukubona ubuhlobo okukhona phakathi kwezakhi, okuyizona eziyisisekelo sendawo yonke. Waqaphela ukuthi kwakunezinto ezazifana ngazo futhi zazingahlanganiswa ndawonye ngama-atomic weight nezakhi ezithile zamakhemikhali. Ngenxa yokholo lwakhe ekuhlelekeni kwala maqembu, wadweba ishadi lesikhathi salezi zakhi futhi wabikezela ngokunembile inani eliqondile lezakhi ezazikhona kodwa zingakaziwa ngaleso sikhathi.
Abavubukuli baye bafinyelela iziphetho ngempucuko yangesikhathi esidlule, ngokuvamile ngezinto ebezilokhu zigqibekile izinkulungwane zeminyaka. Ngokwesibonelo, ake ucabange ngomvubukuli othole inqwaba yamatshe alinganayo asikwe kahle ayesebekwa kahle, elinye phezu kwelinye. La matshe aklanywe ngendlela efana ncamashi futhi engeyona engokwemvelo. Ubengaphetha ngokuthini lo mvubukuli? Ingabe ubengaphetha ngokuthi lokhu akutholile kwavele nje kwazenzakalela? Lutho neze. Kunalokho, ubengabheka lokhu njengobufakazi bemisebenzi yabantu abake baphila, futhi lokhu bekungaba isiphetho esinengqondo.
Ukuze sinembe, akufanele yini sisebenzise indlela yokucabanga efanayo emklamweni obonakala emhlabeni? Abantu abaningi izinto bazibheka ngale ndlela, kuhlanganise nososayensi abahlonishwayo.
Kwenzeka Ngephutha Noma Kwaklanywa?
Eminyakeni eminingi edlule, uSir James Jeans waseBrithani oyisazi sezibalo nesezinkanyezi noyisazi sesayensi yezinto zemvelo wabhala ukuthi ngokolwazi lwezesayensi oluya lukhanya, “indawo yonke isiqala ukubonakala iwumphumela wokuhlakanipha okukhulu kunokuba umshini nje omangalisayo.” Waphinde wathi “indawo yonke ibonakala iklanywe isazi sezibalo sangempela” futhi lokho kunikeza “ubufakazi bamandla okuklama noma okulawula afanayo ngandlela-thile nendlela yethu yokucabanga.”
Kusukela ngenkathi uJeans abhala ngayo la mazwi, abanye ososayensi baye bafinyelela isiphetho esifanayo. UPaul Davies oyisazi sesayensi yezinto zemvelo wabhala: “Kwabaningi abayizazi zezinkanyezi namuhla, ukuhleleka kwendawo yonke kuye kwasikisela ukuba khona komklamo othile. Esinye sezazi ezidumile zesayensi yezinto zemvelo nenkakha yezibalo, u-Albert Einstein, sabhala: “Iqiniso lokuthi [umhlaba ongokwemvelo] uyaqondakala liyisimangaliso.” Emehlweni abaningi, leso simangaliso sihlanganisa nokuphila, kusukela ekwakhekeni kwakho kuze kufinyelele ebuchoshweni bomuntu obumangalisayo.
I-DNA Nobuchopho Bomuntu
I-DNA iyizakhi zofuzo zawo wonke amangqamuzana omzimba futhi iyisisekelo sofuzo.b Le asidi eyinkimbinkimbi iye yafaniswa nohlu lweziqondiso zokwenza into, ngoba i-DNA iwukwaziswa okubhalwe ngamakhemikhali futhi kwabekwa endaweni yezinhlayiya ezincane ekwaziyo ukukuqonda futhi ilandele iziqondiso zakho ngokufanele. Kungakanani ukwaziswa okuqukethwe yi-DNA? Uma izakhi eziyisisekelo ezibizwa ngokuthi ama-nucleotide, bezingaguqulwa zenziwe izinhlamvu zamagama, “bezingagcwala amakhasi angaphezu kwesigidi encwadi evamile,” kusho omunye umthombo.
Ezintweni eziningi eziphilayo, i-DNA iyimicwana eminingi eyiqoqo ebizwa ngokuthi ama-chromosome, egcinwe ngokuphepha ngaphakathi kuyi-nucleus yengqamuzana ngalinye. Kanti i-nuclei, inesilinganiso sobubanzi esingaba ama-micrometer ayisihlanu. Cabanga ngalokhu—konke ukwaziswa okwenza umzimba wakho wehluka kweminye kutholakala ezinhlayiyeni ezincane ezibonakala ngesibona-khulu! Njengoba esinye isazi sesayensi sasho, kufanele ukuba izinto eziphilayo “zinendawo enesimiso sokugcina noma sokuthola ukwaziswa efaneleka kunazo zonke ezaziwayo.” Lokhu kuyamangalisa uma ucabanga ngokwaziswa okungagcinwa ama-chip e-computer, ama-DVD nezinye izinto ezifana nazo! Ngaphezu kwalokho, kusenokuningi esingakakwazi nge-DNA. Umagazini i-New Scientist uthi: “Ukutholakala kwento entsha kwembula enye inkimbinkimbi.”c
Ingabe kunengqondo ukuthi umklamo ongenaphutha futhi ohleleke ngale ndlela wavela ngengozi? Uma ubungathola incwadi yeziqondiso enamakhasi ayizigidi ebhalwe futhi yaklanywa kahle, ingabe ubungaphetha ngokuthi ngandlela-thile le ncwadi yazibhala yona? Kuthiwani uma le ncwadi incane kangangokuba udinga isibona-khulu esinamandla ukuze uyifunde? Kuthiwani uma ineziqondiso ezinembile ezivela kumenzi womshini okwazi ukuzilungisa, ukuzikhiqiza wona ngokwawo kuhlanganise nezigidi zezigidi zezakhi zawo, zonke okudingeka zihlanganiswe ngokucophelela ngesikhathi esifanele futhi nangendlela efanele? Ngokuqinisekile, umbono wokuthi incwadi enjalo yavele nje yaba khona awufiki nhlobo engqondweni.
Ngemva kokuhlola ucwaningo lwamuva ngokwenzeka ngaphakathi engqamzaneni, isazi sefilosofi saseBrithani u-Antony Flew, owake waba umshisekeli ohamba phambili wenkolelo yokuthi uNkulunkulu akekho, waphawula: “Ubunkimbinkimbi obungakholeki bokuhleleka okudingekayo ukuze kube (nokuphila), [bubonisa] ukuthi kufanele ukuba kunokuhlakanipha okuhilelekile.” UFlew ukholelwa ukuthi “kufanele kulandelelwe le ndlela yokucabanga kungakhathaliseki ukuthi iholelaphi.” Kuyena, lokhu kwaholela ekubeni ashintshe indlela yokucabanga, kangangokuba manje useyakholelwa kuNkulunkulu.
Ubuchopho bomuntu nabo bushiya ososayensi bekhexile. Njengoba buwumkhiqizo we-DNA, ubuchopho buye bachazwa ngokuthi “buyinto eyinkimbinkimbi kunazo zonke endaweni yonke.” Ngisho ne-computer enamandla kunawo wonke ibonakala iwubala uma iqhathaniswa nesigaxa esibomvwana esinesisindo esingamakilogermu angu-13 sezinzwa nezinye izakhi. Ngokombono wesinye isazi sokusebenza kwezinzwa, lapho ososayensi befunda okwengeziwe ngobuchopho nengqondo, “buvele bube yisimanga futhi bangabuqondi nakakhulu.”
Cabanga ngalokhu: Ingqondo yenza umuntu akwazi ukuphefumula, ukuhleka, ukukhala, ukudlala imidlalo eyiziphicaphicwano, ukwakha ama-computer, ukugibela ibhayisekili, ukubhala izinkondlo nokubheka isibhakabhaka ehlabeke umxhwele. Ingabe kunengqondo—futhi kuyavumelana—ukuthi wonke la makhono avela emandleni okuziphendukela kwemvelo?
Ukukholelwa Entweni Enobufakazi
Ukuze siziqonde, ingabe kufanele sibheke kokuthile okuphansi njengezinkawu nezinye izilwane, njengoba abantu abakholelwa ekuziphendukeleni kwemvelo benza? Noma ingabe kufanele sibheke kuNkulunkulu ukuze sithole izimpendulo? Kuyavunywa, kunezinto ezithile esifana ngazo nezilwane. Ngokwesibonelo, kudingeka sidle, siphuze, silale, futhi siyakwazi nokuzala. Noma kunjalo, sihluke ngezindlela eziningi. Imbangela yalokhu ukuthi izici zethu zobuntu ezisenza sehluke zivela kuMuntu ophakeme kunathi—okungukuthi zivela kuNkulunkulu. IBhayibheli likusho ngokunembile ukuthi uNkulunkulu wenza abantu “ngomfanekiso wakhe” ngokokuziphatha nangokomoya. (Genesise 1:27) Kungakho kufanele sicabangisise ngezimfanelo zikaNkulunkulu ezinye zazo ezilotshwe kuDuteronomi 32:4; uJakobe 3:17, 18; no-1 Johane 4:7, 8.
UMdali wethu usinikeze “amandla engqondo” ukuze sihlole umhlaba osizungezile futhi sithole izimpendulo ezigculisayo zemibuzo yethu. (1 Johane 5:20) Ngokuqondene nalokhu, isazi sesayensi yezinto zemvelo nesathola umklomelo kaNobel uWilliam D. Phillips sabhala: “Lapho ngihlola ukuhleleka, ukungaqondakali nobuhle bendawo yonke, kungenza ngiphethe ngokuthi kukhona ukuhlakanipha okuphakeme okuklame lokhu engikubonayo. Ukwazisa kwami indalo ngokwesayensi ngenxa yokuvumelana kwayo nokuqondakala kalula kwesayensi yezinto zemvelo kuqinise ukholo lwami kuNkulunkulu.”
Eminyakeni eyizinkulungwane ezimbili edlule, isibukeli esinokuqonda semvelo nomhlaba sabhala: “Izimfanelo [zikaNkulunkulu] ezingabonakali zibonakala ngokucacile kusukela ekudalweni kwezwe kuye phambili, ngoba ziqondakala ngezinto ezenziwe, ngisho namandla akhe angunaphakade nobuNkulunkulu bakhe.” (Roma 1:20) Umlobi wala mazwi —umphostoli ongumKristu uPawulu—wayeyindoda ehlakaniphile futhi eyayifundiswe uMthetho KaMose. Ukholo lwakhe olwalusekelwe ekuqondeni lwenza uNkulunkulu waba ngokoqobo kuye, kanti ukuqonda kwakhe okunembile umthetho kwamshukumisela ukuba adumise uNkulunkulu ngemisebenzi yakhe yokudala.
Kuyithemba lethu eliqotho ukuthi nawe uzobona ukuthi akukhona okungenangqondo ukukholelwa kuNkulunkulu. Eqinisweni, njengoPawulu, sengathi ungenza okungaphezu kokumane ukholelwe ukuthi uNkulunkulu ukhona. Sengathi ukwazisa kwakho kungakhula—njengoba kakade sekunjalo ezigidini zabantu—ukuthi uJehova uNkulunkulu ungumuntu womoya onezimfanelo ezithandekayo ezikhona enhliziyweni yomuntu futhi ezisenza sisondele kuye.—IHubo 83:18; Johane 6:44; Jakobe 4:8.
[Imibhalo yaphansi]
a Bheka isihloko esithi “Ingabe Ukuziphendukela Kwemvelo Kuyiqiniso?” kuyi-Phaphama! ka-September 2006.
b Elithi DNA limelele igama elithi deoxyribonucleic acid.
c Lapho uCharles Darwin ebhala ngombono wakhe wokuziphendukela kwemvelo, wayengazi lutho ngobunkimbinkimbi bengqamuzana eliphilayo.
[Ibhokisi ekhasini 24]
INGABE UBUBI BENKOLO BUYIBHAXA LOKUNGAKHOLELWA KUNKULUNKULU?
Abantu abaningi abakholelwa kuMdali ngenxa yonya nokukhohlakala okwaziwayo okugcwele kuwo wonke umlando wezinkolo eziningi. Ingabe lokho kuyisizathu esinengqondo sokungakholelwa kuNkulunkulu? Cha. Esandulelweni sencwadi ka-Antony Flew ethi There Is a God, uRoy Abraham Varghese uthi: “Ukweqisa nonya lwenkolo ehleliwe akuhlangene ngalutho nokuba khona kukaNkulunkulu, njengoba nje nosongo lwempi yenuzi lungahlangene ngalutho nokuthi u-E=mc2.”d
[Umbhalo waphansi]
d Amandla alingana nesisindo ngokuphinda kabili ijubane lokukhanya.
[Izithombe ekhasini 23]
Uma umklamo wasendulo kuthiwa wenziwa abantu, sithi ngubani owaklama indalo?
[Isithombe ekhasini 23]
U-Albert Einstein
[Izithombe ekhasini 24, 25]
I-DNA injengencwadi encane ongakwazi ukuyibona ngesibona-khulu eneziqondiso ezinembile ngokuphila okuhlakaniphile
[Izithombe ekhasini 25]
Ubuchopho buye bachazwa ngokuthi “buyinto eyinkimbinkimbi kunazo zonke endaweni yonke”
[Umthombo Wesithombe ekhasini 22]
© The Print Collector/age fotostock